Ukuyalezwa kuka-Abrahama kokunikela ngoIsaka
1Kwathi emva kwalezozinto uNkulunkulu wamvivinya uAbrahama, wathi kuye: Abrahama! Yena wathi: Ngilapha.
2Wayesethi: Thatha manje indodana yakho eyodwa oyithandayo, uIsaka, uye ezweni laseMoriya, unikele khona ngaye abe-ngumnikelo wokushiswa entabeni ethile engizakukutshela yona.
3UAbrahama wavuka ekuseni, wabophela imbongolo yakhe, wathatha ezimbili ezincekwini zakhe, noIsaka indodana yakhe; wacanda izinkuni zomnikelo obuzakushiswa, wasuka waya endaweni uNkulunkulu abemtshelé yona.
4Ngosuku lwesithathu uAbrahama waphakamisa amehlo akhe, wayibona indawo isekude.
5UAbrahama wathi ezincekwini zakhe: Hlalani lapha nembongolo; mina nomfana sisaya laphaya, sikhuleke, sibuye size kini.
6UAbrahama wathatha izinkuni zomnikelo obuzakushiswa, wazibeka phezu kukaIsaka indodana yakhe, waphatha esandleni sakhe umlilo nomese; bahamba bobabili kanyekanye.
7UIsaka wathi kuAbrahama uyise: Baba. Wathi yena: Ngilapha, ndodana yami. Wayesethi: Bheka, nanku umlilo nezinkuni, kepha iphi imvu yomnikelo ezakushiswa na?
8UAbrahama wathi: UNkulunkulu uzakuzibonela imvu yomnikelo ezakushiswa, ndodana yami; bahamba bobabili kanyekanye.
9Bafika endaweni uNkulunkulu abemtshelé yona; uAbrahama wakha khona ialtare, walungisa izinkuni, wambopha uIsaka indodana yakhe, wambeka ealtare phezu kwezinkuni.
10UAbrahama waselula isandla sakhe, wathatha umese ukuba ahlabe indodana yakhe.
11Kwase kumemeza kuye ingelosi kaJehova isezulwini, ithi: Abrahama, Abrahama! Yena wathi: Ngilapha.
12Yayisithi: Ungabeki isandla sakho kumfana, ungenzi-lutho kuye, ngokuba ngiyazi manje ukuthi uyamesaba uNkulunkulu, lokhu ungagodlanga kimi nandodana eyodwa yakho.
13UAbrahama waphakamisa amehlo akhe, wabona; bheka, ngemuva yinqama, ibhajiwe esihlahleni ngezimpondo zayo; uAbrahama waya wayithatha inqama, wanikela ngayo umnikelo wokushiswa esikhundleni sendodana yakhe.
14UAbrahama waqamba igama laleyondawo ngokuthi uJehova uyabonelela, njengalokhu kuthiwa nanamuhla: Entabeni kaJehova kuyakubonelelwa.
15Ingelosi kaJehova yayisimemeza kuAbrahama ngokwesibili isezulwini,
16ithi: Ngizifungile, usho uJehova, ukuthi njengokuba ukwenzile lokhu, ungagodlanga indodana yakho eyodwa,
17ngiyakukubusisa nokukubusisa, ngandise nokwandisa inzalo yakho, ibe-ngangezinkanyezi zezulu nangangesihlabathi sasogwini lolwandle, inzalo yakho inqobe isango lezitha zayo,
18nangenzalo yakho ziyakubusiswa izizwe zonke zomhlaba, ngokuba ulalele izwi lami.
19UAbrahama wayesebuyela ezincekwini zakhe; basuka, baya eBeri-Sheba; uAbrahama wakha eBeri-Sheba.
Inzalo kaNahori
20Kwathi emva kwalokho kwabikwa kuAbrahama ukuthi: Bheka, naye uMilka umzalele uNahori umfowenu abantwana:
21ngu-Use izibulo lakhe, noBuzi umfowabo, noKemuweli uyise ka-Aramu,
22noKesede, noHazo, noPilidashe, noJidilafe, noBetuweli;
23uBetuweli wazala uRebeka; laba abayisishiyagalombili uMilka wabazalela uNahori umfowabo ka-Abrahama.
24Nesancinza sakhe esigama laso lalinguRewuma sazala oTheba, noGahamu, noTahashi, noMahakha.