UAbrahama nomkakhe beseGerari
1UAbrahama wayesesuka lapho, waya ngasezweni laseningizimu, wakha phakathi kweKadeshi neShuri; wagogobala eGerari.
2UAbrahama wathi ngoSara umkakhe: Ungudadewethu. Khona uAbimeleki inkosi yaseGerari wathuma wamthatha uSara.
3Kepha uNkulunkulu weza kuAbimeleki ngephupho ebusuku, wathi kuye: Bheka, uyafa ngenxa yowesifazane omthathileyo; uganile endodeni.
4Kepha uAbimeleki wayengakasondeli kuye; wathi: Nkosi, uyakubhubhisa nesizwe esilungileyo na?
5Akashongo kimi ukuthi: Ungudadewethu, na? Naye uqobo wathi: Ungumnewethu. Ngobuqotho benhliziyo yami nangobumhlophe bezandla zami ngikwenzile lokhu.
6Wayesethi uNkulunkulu kuye ephusheni: Nami ngiyazi ukuthi ukwenzé lokhu ngobuqotho benhliziyo yakho; futhi ngakuvimba ukuba ungoni kimi; ngalokho angikuvumelanga ukuba umthinte.
7Kepha manje wena, buyisa umfazi wendoda, ngokuba ingumprofethi; iyakukukhulekela ukuba uphile; uma ungambuyiseli, yazi ukuthi uyakufa nokufa, wena nabo bonke abakho.
8UAbimeleki wavuka ekuseni, wabiza izinceku zakhe zonke, wakhuluma onke lawamazwi ezindlebeni zazo; amadoda esaba kakhulu.
9UAbimeleki wayesembiza uAbrahama, wathi kuye: Wenzeni kithi na? Ngoneni kuwe ukuba ungilethele mina nombuso wami icala elingaka na? Wenzé kimi okungafanele ukwenziwa.
10UAbimeleki wathi kuAbrahama: Wabonani ukuba wenze lokhu na?
11UAbrahama wathi: Ngokuba bengithi: Impela ukumesaba uNkulunkulu akukho kulendawo; bayakungibulala ngenxa yomkami.
12Futhi impela ungudadewethu, indodakazi kababa, kepha akasiyo indodakazi kamame, waba-ngumkami.
13Kwathi mhla uNkulunkulu engiphumesa endlini kababa, ngathi kuye: Yiló umusa ozakungenzela wona: ezindaweni zonke esiyakufika kuzo, yisho ngami ukuthi: Ungumnewethu.
14UAbimeleki wayesethatha izimvu, nezinkabi, nezinceku, nezincekukazi, wazipha uAbrahama, wambuyisela uSara umkakhe.
15Wathi uAbimeleki: Bheka, izwe lami lisebusweni bakho; yakha lapho uthanda khona.
16Wathi kuSara: Bheka, ngimnikile umnewenu amashekeli* ayinkulungwane esiliva; bheka, lokhu kuyisisibekelo secala phambi kwamehlo abo bonke abanawe; kukho konke usulungisisiwe.
17UAbrahama wakhuleka kuNkulunkulu. UNkulunkulu wamphulukisa uAbimeleki nomkakhe nezincekukazi zakhe, baze bazala.
18Ngokuba uJehova wayevalile nokuvala zonke izizalo zabendlu ka-Abimeleki ngenxa kaSara umka-Abrahama.