Amazibulo ayahlukaniselwa uJehova
1UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
2Ngahlukanisele onke amazibulo, konke okuvula isizalo phakathi kwabantwana bakwaIsrayeli, kubantu nasezinkomeni; kungokwami.
3UMose wayesethi kubantu: Khumbulani lolusuku eniphumé ngalo eGibithe, indlu yobugqila, ngokuba ngesandla esinamandla uJehova unikhiphile kulendawo: akuyikudliwa-sinkwa esivutshelweyo.
4Namuhla niyaphuma, ngenyanga ka-Abibi.
5Kuyakuthi nxa uJehova ekungenisile ezweni lamaKhanani, nelamaHeti, nelama-Amori, nelamaHivi, nelamaJebusi alifungela koyihlo ukukunika lona, izwe elivama ubisi nezinyosi, uyakugcina lenkonzo kulenyanga.
6Izinsuku eziyisikhombisa uyakudla isinkwa esingenamvubelo, ngolwesikhombisa kube-khona umkhosi kaJehova.
7Isinkwa esingenamvubelo siyakudliwa izinsuku eziyisikhombisa; akuyikubonakala-sinkwa esivutshelweyo kuwe, kungabonwa namvubelo ezweni lakho lonke.
8Uzakutshela indodana yakho ngalolosuku, uthi: Kungenxa yalokho uJehova angenzela khona ekuphumeni kwami eGibithe.
9Kuyakuba-luphawu kuwe esandleni sakho, kube-yisikhumbuzo phakathi kwamehlo akho, ukuze umthetho kaJehova ube-semlonyeni wakho, ngokuba ngesandla esinamandla uJehova wakukhipha eGibithe.
10Ngakho uyakuwugcina lomthetho ngesikhathi sawo iminyaka ngeminyaka.
11Kuyakuthi lapho uJehova esezakukungenisa ezweni lamaKhanani, njengalokho wafunga kuwe nakoyihlo, akuphe lona,
12wodlulisela kuJehova konke okuvula isizalo nawo onke amazibulo ezinkomo onawo; amaduna onke azakuba-ngakaJehova.
13Onke amazibulo ezimbongolo wowahlenga ngewundlu; uma ungawahlengi, wowaphula intamo; amazibulo onke abantu kumadodana akho wowahlenga.
14Kuyakuthi lapho indodana yakho ikubuza ngesikhathi esizayo, ithi: Kuyini lokhu? wothi kuyo: Ngesandla esinamandla uJehova wasikhipha eGibithe, indlu yobugqila.
15Kwathi uFaro evuma kalukhuni ukuba sihambe, uJehova wabulala amazibulo onke asezweni laseGibithe, amazibulo abantu namazibulo ezinkomo; ngalokho ngiyahlabela uJehova konke okuvula isizalo okungamaduna; kepha onke amazibulo amadodana ami ngiyawahlenga.
16Kuyakuba-luphawu esandleni sakho nesikhumbuzo phakathi kwamehlo akho, ngokuba ngesandla esinamandla uJehova wasikhipha eGibithe.
Ukuhamba kwabakwaIsrayeli ukuya eLwandle oluBomvu
17Kwathi uFaro esebavumele abantu ukuba bahambe, uNkulunkulu akabaholanga ngendlela yasezweni lamaFilisti, noma kwakuyiyona eseduze; ngokuba uNkulunkulu wathi: Funa mhlawumbe abantu bazisole, nxa bebona impi, babuyele eGibithe.
18Kepha uNkulunkulu wabagwegwisa abantu ngendlela yasehlane ngaseLwandle oluBomvu; abantwana bakwaIsrayeli bakhuphuka ezweni laseGibithe behlomile.
19UMose wathatha amathambo kaJosefa, wahamba nawo, ngokuba wayebafungisile nokubafungisa abakwaIsrayeli, ethi: Impela uNkulunkulu uyakunihambela nokunihambela, nikhuphule lapha amathambo ami kanye nani.
20Basuka eSukoti; baya bamisa e-Etamu eceleni kwehlane.
21UJehova wahamba phambi kwabo emini ngensika yefu eyobahola endleleni, nasebusuku ngensika yomlilo eyobakhanyisela ukuba bahambe imini nobusuku.
22Insika yefu emini nensika yomlilo ebusuku ayisukanga ebusweni babantu.