Ukumiswa komkhosi wephasika
1UJehova wayesekhuluma kuMose nakuAroni ezweni laseGibithe, ethi:
2Lenyanga iyakuba-kini inhloko yezinyanga, ibe-yinyanga yokuqala emnyakeni kini.
3Khulumani kuyo inhlangano yonke yakwaIsrayeli, nithi: Ngolweshumi lwalenyanga yilowo nalowo makazithathele iwundlu ngokwezindlu zawoyise, kubeyiwundlu ngendlu;
4uma abomuzi bengalaneli iwundlu, wolithatha nomakhelwane wakhe oseduze nomuzi wakhe njengenani labantu; kulelo nalelowundlu anobala inani elithile njengokudla kwalowo nalowomuntu.
5Iwundlu malingabi-nasici, libe-ngeleduna, libe-nomnyaka munye, nilithathe ezimvini noma ezimbuzini;
6niyakuligcina kuze kube-sosukwini lweshumi nane lwaleyonyanga; ibandla lonke lenhlangano yakwaIsrayeli liyakulihlaba ngakusihlwa.
7Bazakuthabatha igazi, balibhece ezinsikeni zombili zomnyango nasekhothameni lomnyango ezindlini abayakulidlela kuzo.
8Bazakuyidla inyama ngalobobusuku, yosiwe ngomlilo; bayakuyidla kanye nesinkwa esingenamvubelo nemifino ebabayo.
9Ningalidli liseluhlaza, noma liphekwé nokuphekwa ngamanzi, kepha losiwe ngomlilo, ikhanda lalo kanye nemilenze yalo nezibilini zalo.
10Ningashiyi-lutho lwalo kuze kubesekuseni; kepha okusele kulo kuze kubesekuseni nizakukushisa ngomlilo.
11Niyakulidla kanje: izinkalo zenu ziboshiwe, izicathulo zenu zisezinyaweni zenu, nezindondolo zenu zisezandleni zenu; niyakulidla ngokushesha; kuyiphasika likaJehova.
12Ngokuba ngiyakudabula izwe laseGibithe ngalobobusuku, ngibulale onke amazibulo ezweni laseGibithe, abantu nezinkomo, ngenze izahlulelo kuzo zonke izithixo zaseGibithe; nginguJehova.
13Igazi liyakuba-luphawu lwenu ezindlini lapho nikhona; nanxa ngibona igazi, ngiyakudlula kini, ningehlelwa yisifo sokunibhubhisa, lapho ngibulala izwe laseGibithe.
14Lolosuku luyakuba-yisikhumbuzo kini, nilugcine lube-ngumkhosi kaJehova; anolugcina izizukulwane ngezizukulwane ngokomthetho waphakade.
15Izinsuku eziyisikhombisa niyakudla isinkwa esingenamvubelo; yebo, ngosuku lokuqala noyikhipha imvubelo ezindlini zenu, ngokuba bonke abadla okuvutshelweyo, kusukela osukwini lokuqala kuze kufike usuku lwesikhombisa, labobantu bayakunqunywa kwaIsrayeli.
16Ngosuku lokuqala niyakuba-nomhlangano ongcwele, nangosuku lwesikhombisa nibe-nomhlangano ongcwele; kungasetshenzwa ngazo, kuphela okudliwa ngabantu bonke; lokhu kodwa makwenziwe yinina.
17Niyakugcina umkhosi wesinkwa esingenamvubelo, ngokuba ngalona lolosuku ngikhiphile amabandla enu ezweni laseGibithe; ngalokho anogcina lolusuku ezizukulwaneni zenu zonke ngokomthetho waphakade.
18Ngenyanga yokuqala ngosuku lweshumi nane ngakusihlwa niyakudla isinkwa esingenamvubelo, kuze kufike usuku lwamashumi amabili nanye lwenyanga ngakusihlwa.
19Izinsuku eziyisikhombisa akuyikutholakala-mvubelo ezindlini zenu, ngokuba yilowo nalowo odlayo okuvutshelweyo yena uyakunqunywa ebandleni lakwaIsrayeli, noma engumfokazi noma engowokuzalwa ezweni.
20Ningadli-lutho oluvutshelweyo; ezindlini zenu zonke anodla isinkwa esingenamvubelo.
21UMose wayesebiza amalunga akwaIsrayeli, wathi kuwo: Hambani nizithathele amawundlu ngokwemindeni yenu, nihlabe iphasika.
22Nothatha isithungu sehisopi*, nisicwilise egazini elisemcengezini, nibhece ikhothamo nezinsika zombili zomnyango ngegazi elisemcengezini; akuyikuphuma-muntu emnyango waleyondlu kuze kube-sekuseni.
23Ngokuba uJehova uyakudabula ukuyoshaya abaseGibithe; nanxa ebona igazi elisekhothameni nasezinsikeni zombili, uJehova uyakudlula kulowomnyango, angamvumeli umbhubhisi ukuba angene ezindlini zenu ukuyobulala.
24Niyakugcina lento ibe-ngumthetho kuwena nakuwo amadodana akho kuze kube-phakade.
25Kuyakuthi lapho senifiké ezweni uJehova azakuninika lona njengesithembiso sakhe, niyakugcina inkonzo yakhe.
26Kuyakuthi nxa abantwana benu besho kini, bethi: Iyini lenkonzo kini na?
27nithi: Kungumhlatshelo wephasika likaJehova owadlula kuzo izindlu zabantwana bakwaIsrayeli mhla ebulala abaseGibithe, ezophula izindlu zethu. Abantu bakhothama, bakhuleka.
28Abantwana bakwaIsrayeli basuka, benze njalo; njengalokho uJehova ebayalile oMose noAroni, benze njalo-ke.
Amazibulo abaseGibithe ayabulawa
29Kwathi phakathi kwamabili uJehova wabulala onke amazibulo ezweni laseGibithe, kusukela kulo izibulo likaFaro owayehlala esihlalweni sakhe sobukhosi kuze kube-kulo izibulo lesiboshwa esasisetilongweni, kanye namazibulo onke ezinkomo.
30UFaro wavuka ebusuku, yena nezinceku zakhe zonke, nabo bonke abaseGibithe; kwaba-khona ukukhala okukhulu eGibithe, ngokuba kwakungekhondlu, lapho kungafanga-muntu khona.
31Wababiza oMose noAroni ebusuku, wathi: Vukani niphume kubantu bami, nina nabantwana bakwaIsrayeli, nihambe niyokhonza uJehova, njengalokho nishilo.
32Thathani izimvu zenu nezinkomo zenu, njengalokho nishilo, nihambe, ningibusise nami.
33AbaseGibithe babebacindezela abantu ukuba babakhiphe ezweni ngokushesha, ngokuba bathi: Thina sonke sifile.
34Abantu base bethatha inhlama yabo ingakavutshelwa, nezingqwembe zabo zokuxova isinkwa, ziboshwé ezingutsheni zabo emahlombe abo.
35Abantwana bakwaIsrayeli benza-ke njengezwi likaMose; bacela kwabaseGibithe izinto zesiliva, nezinto zegolide, nezingubo.
36UJehova wabenzela abantu umusa emehlweni abaseGibithe, babapha lokho abakucelayo. Babaphundla abaseGibithe.
AbakwaIsrayeli basuka eGibithe
37Abantwana bakwaIsrayeli basuka eRamesesi, bafika eSukoti, kungathi abantu abayizinkulungwane ezingamakhulu ayisithupha behamba phansi, bengamadoda ngaphandle kwabantwana.
38Kwenyuka nabo ingxubevange yabantu, nezimvu, nezinkomo, imfuyo eningi kakhulu.
39Ngenhlama abaphuma nayo eGibithe benza amaqebelengwane angenamvubelo, ngokuba yayingavutshelwe, lokhu baxoshwa eGibithe bengenakulibala, futhi bengazilungiselanga-mphako.
40Ukuhlala kwabantwana bakwaIsrayeli abakuhlalayo eGibithe kwakuyiminyaka engamakhulu amane namashumi amathathu.
41Kwathi ekupheleni kweminyaka engamakhulu amane namashumi amathathu, kwathi ngalona lolosuku, amabandla onke kaJehova aphuma ezweni laseGibithe.
42Kungubusuku obuzakugcinelwa uJehova ngokubakhipha kwakhe ezweni laseGibithe, ngubusuku bukaJehova obuzakugcinwa yibo bonke abantwana bakwaIsrayeli ezizukulwaneni zabo.
Umthetho wephasika
43UJehova wayesethi kuMose nakuAroni: Lokhu kungumthetho wephasika: owezizwe makangalidli;
44kepha zonke izigqila ezithengwa ngumuntu ngemali mazilidle, uma zisokiwe.
45Izihambi noqashiweyo mabangalidli.
46Liyakudliwa endlini inye; ungaphumisi-lutho lwenyama ngaphandle kwendlu; ningaphuli-thambo lalo.
47Ibandla lonke lakwaIsrayeli liyakukugcina lokhu.
48Nxa umfokazi ogogobeleyo kuwe ezakumgcinela uJehova iphasika, mabasoke bonke abesilisa bakhe, asondele aligcine, abe-njengowokuzalwa ezweni; kepha malingadliwa-muntu ongasokiwe.
49Mawube-munye umthetho kowokuzalwa ekhaya nakumfokazi ogogobeleyo phakathi kwenu.
50Benza kanjalo bonke abantwana bakwaIsrayeli; njengalokho ebayalile oMose noAroni, benze njalo-ke.
51Kwathi ngalona lolosuku uJehova wakhipha abantwana bakwaIsrayeli ezweni laseGibithe ngamabandla abo.