Ukubhubha kwabaseGibithe eLwandle oluBomvu
1UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
2Yisho kwabakwaIsrayeli ukuba babuyele emuva, bamise ngaphambi kwePhi-Hahiroti, ngaphakathi kweMigidoli nolwandle, phambi kweBali-Sefoni; anomisa ngaselwandle, nibhekane nalo.
3UFaro uyakuthi ngabantwana bakwaIsrayeli: Badidekile ezweni, ihlane libavalele.
4Ngiyakuyenza-lukhuni inhliziyo kaFaro, abalandele; ngiyakudunyiswa ngoFaro nangebandla lakhe lonke; abaseGibithe bayakwazi ukuthi nginguJehova. Benze njalo-ke.
5Inkosi yaseGibithe yabikelwa ukuthi abantu sebebalekile; inhliziyo kaFaro neyezinceku zakhe yabaguqukela abantu, bathi: Yini lokhu esikwenzileyo, sabavumela abakwaIsrayeli ukuba bahambe, bangasikhonzi, na?
6Wabophela inqola yakhe, wahamba nabantu bakhe.
7Wathatha izinqola ezingamakhulu ayisithupha ezikhethiweyo, nezinqola zonke zaseGibithe, nezinduna zazo zonke.
8UJehova wayenza-lukhuni inhliziyo kaFaro inkosi yaseGibithe; waxosha abakwaIsrayeli; ngokuba abantwana bakwaIsrayeli baphuma ngesandla esiphakamileyo.
9AbaseGibithe babaxosha, amahashi onke, nezinqola zikaFaro, nabamahashi bakhe, nempi yakhe, babafica bemisé ngaselwandle ngasePhi-Hahiroti ngaphambi kweBali-Sefoni.
10UFaro esesondela, abantwana bakwaIsrayeli baphakamisa amehlo abo; bheka, abaseGibithe babebalandela; base besaba kakhulu; abantwana bakwaIsrayeli bakhala kuJehova.
11Bathi kuMose: Kungokuba kwakungekho-mathuna eGibithe usikhiphile ukuba sifele ehlane na? Usenzeleni lokhu, wasikhipha eGibithe, na?
12Leli alisilo izwi esalikhuluma kuwe eGibithe, sithi: Siyeke, sikhonze abaseGibithe, na? Ngokuba bekuyakuba-ngcono kithi ukubakhonza abaseGibithe kunokuba sifele ehlane.
13UMose wathi kubantu: Ningesabi; qinani, nibone ukusindisa kukaJehova azakunenzela khona namuhla, ngokuba abaseGibithe enibabonile namuhla anisayikubuye nibabone naphakade.
14UJehova uzakunilwela, nothula nina.
15UJehova wayesethi kuMose: Ukhalelani kimi na? Yisho kubantwana bakwaIsrayeli ukuba bahambe.
16Phakamisa wena induku yakho, welule isandla sakho phezu kolwandle, ulwahlukanise; abantwana bakwaIsrayeli bazakuhamba phakathi kolwandle emhlabathini owomileyo.
17Bheka, mina ngiyakuzenza-lukhuni izinhliziyo zabaseGibithe, babalandele; ngizakudunyiswa ngoFaro nangempi yakhe yonke, ngezinqola zakhe nangabamahashi bakhe.
18AbaseGibithe bazakwazi ukuthi nginguJehova, nxa ngidunyisiwe ngoFaro, ngezinqola zakhe nangabamahashi bakhe.
19Ingelosi kaNkulunkulu eyayihambile phambi kwempi kaIsrayeli yasuka yahamba emva kwabo, nensika yefu yasuka phambi kwabo, yema emva kwabo.
20Yafika phakathi kwempi yaseGibithe nempi yakwaIsrayeli; kwakukhona ifu nobumnyama, noma ikhanya ebusuku, ukuze izimpi zingakwazi ukusondelana ubusuku bonke.
21UMose wayeselula isandla sakhe phezu kolwandle; uJehova wamukisa amanzi ngomoya onamandla wasempumalanga ubusuku bonke, waphendula ulwandle lwaba-ngumhlabathi owomileyo, amanzi ahlukana.
22Abantwana bakwaIsrayeli bangena phakathi kolwandle emhlabathini owomileyo; amanzi aba-lugange kubo ngakwesokunene nangakwesokhohlo.
23AbaseGibithe baxosha, bangena emva kwabo ngaphakathi kolwandle, namahashi onke kaFaro, nezinqola zakhe, nabamahashi bakhe.
24Kwathi ngomlindo wokusa uJehova walunguza impi yabaseGibithe, esensikeni yomlilo neyefu, wayidunga impi yabaseGibithe.
25Wawisa amasondo ezinqola ukuba bahambise kalukhuni, baze bathi abaseGibithe: Masibaleke ebusweni bukaIsrayeli, ngokuba uJehova uyabalwela emelene nabaseGibithe.
26Wayesethi uJehova kuMose: Yelula isandla sakho phezu kolwandle ukuba amanzi abuyele phezu kwabaseGibithe, phezu kwezinqola zabo nabamahashi babo.
27UMose wayeselula isandla sakhe phezu kolwandle, ulwandle lwabuyela endaweni yalo ngokufika kokusa; abaseGibithe balubalekela; uJehova wabathuntuthela abaseGibithe phakathi kolwandle.
28Amanzi abuyela, asibekela izinqola, nabamahashi, nayo yonke impi kaFaro eyangena elwandle emva kwazo; akwasala noyedwa kubo.
29Kepha abantwana bakwaIsrayeli bahamba emhlabathini owomileyo phakathi kolwandle; amanzi aba-lugange kubo ngakwesokunene nangakwesokhohlo.
30Kanjalo uJehova wasindisa uIsrayeli esandleni sabaseGibithe; uIsrayeli wababona abaseGibithe befile ogwini lolwandle.
31UIsrayeli wabona umsebenzi omkhulu uJehova awenzile phezu kwabaseGibithe; abantu base bemesaba uJehova, bakholwa nguJehova nenceku yakhe uMose.