UEKSODUSI 11
Inhlupheko yeshumi: ukufa kwamazibulo
1UJehova wayesethi kuMose: Ngisezakuletha inhlupheko eyodwa kuFaro nakulo iGibithe; ngasemuva uyakunivumela ukuba nisuke lapha; yebo, nxa eniyeka ukuba nihambe, uzakunixosha nokunixosha lapha.
2Khuluma manje ezindlebeni zabantu ukuba yilowo nalowomlisa acele kumakhelwane wakhe, yilowo nalowowesifazane acele kumakhelwane wakhe izinto zesiliva nezinto zegolide.
3UJehova wabapha abantu umusa emehlweni abaseGibithe. Futhi lowomuntu uMose wayemkhulu kakhulu ezweni laseGibithe emehlweni ezinceku zikaFaro nasemehlweni abantu.
4UMose wathi: Usho kanje uJehova, uthi: Ngaphakathi kwamabili ngizakuphuma, ngiye phakathi kweGibithe;
5amazibulo onke asezweni laseGibithe ayakufa, kusukela kulo izibulo likaFaro ohlala esihlalweni sakhe sobukhosi kuze kube-kulo izibulo lencekukazi engasetsheni lokugaya, kanye namazibulo onke ezinkomo.
6Kuyakuba-khona ukukhala okukhulu ezweni lonke laseGibithe, okungazange kube-khona okungangako, okungasayikuba-khona futhi okungangako.
7Kepha kubo bonke abantwana bakwaIsrayeli akuyikubakho-nanja eyakugwavumela umuntu nenkomo, ukuze nazi ukuthi uJehova uyahlukanisa iGibithe noIsrayeli.
8Zonke lezizinceku zakho ziyakwehla, zifike kimi, zingikhothamele, zithi: Phuma wena nabantu bonke abakulandelayo; emva kwalokho ngizakuphuma. Waphuma kuFaro evutha ulaka.
9Wayesethi uJehova kuMose: UFaro akayikukulalela ukuba izimangaliso zami zande ezweni laseGibithe.
10OMose noAroni bazenza zonke lezizimangaliso ebusweni bukaFaro; uJehova wayenza-lukhuni inhliziyo kaFaro, kabavumelanga abantwana bakwaIsrayeli ukuphuma ezweni lakhe.
© Bible Society of South Africa 1959. Used with permission. All rights reserved.