Inhlupheko yesishiyagalombili: isikhonyane
1UJehova wayesethi kuMose: Ngena kuFaro, ngokuba ngenzé-lukhuni inhliziyo yakhe nenhliziyo yezinceku zakhe ukuba ngizenze lezizibonakaliso zami phakathi kwabo,
2ukuze utshele indodana yakho ezindlebeni nendodana yendodana yakho lokho engikwenzele iGibithe, nezibonakaliso zami engizenzile phakathi kwabo, nize nazi ukuthi nginguJehova.
3OMose noAroni bangena-ke kuFaro, bathi kuye: Usho kanje uJehova, uNkulunkulu wamaHeberu, uthi: Koze kube-nini wenqaba ukuzithoba phambi kwami na? Bavumele abantu bami ukuba bahambe, bangikhonze.
4Ngokuba uma wenqaba ukuba abantu bami bahambe, bheka, ngomuso ngizakuletha isikhonyane ezweni lakho.
5Siyakusibekela ubuso bomhlaba, ukuze kungabe kusabonwa-mhlabathi; siyakudla okuseleyo okusindile, enikushiyelwe yisichotho, sidle yonke imithi enimilelayo endle.
6Izindlu zakho, nezindlu zezinceku zakho zonke, nezindlu zabo bonke abaseGibithe ziyakugcwaliswa yiso, abangazange basibone esinjalo oyihlo nawoyise bawoyihlo, selokhu bafika emhlabeni kuze kube-namuhla. Waphenduka, waphuma kuFaro.
7Kepha izinceku zikaFaro zathi kuye: Lomuntu uzakuba-lugibe kuze kubenini na? Bavumele abantu ukuba bahambe bakhonze uJehova uNkulunkulu wabo. Awukwazi ukuthi iGibithe seliyashabalala na?
8OMose noAroni babuyiselwa kuFaro; wathi kubo: Hambani nimkhonze uJehova uNkulunkulu wenu; kepha ngobani abazakuhamba na?
9UMose wathi: Siyakuhamba nabasha bethu, nabadala bethu, namadodana ethu, namadodakazi ethu, nezimvu zethu, nezinkomo zethu, ngokuba sinomkhosi kaJehova.
10Wayesethi kubo: Makabe-nani-ke uJehova, njengokuba ngizakunivumela ukuba nihambe nezingane zenu; bhekani, ngokuba okubi kuphambi kwenu.
11Kungabi-njalo; hambani nina-madoda nimkhonze uJehova, ngokuba yikho enikufunayo; base bexoshwa ebusweni bukaFaro.
12UJehova wayesethi kuMose: Yelula isandla sakho phezu kwezwe laseGibithe, kufike isikhonyane ukuba senyukele ezweni laseGibithe, sidle imifino yonke, konke okwashiywa yisichotho.
13UMose wayeselula induku yakhe phezu kwezwe laseGibithe; uJehova waletha umoya wasempumalanga ezweni ngalo lonke lolosuku nobusuku bonke; sekusile umoya wasempumalanga waletha isikhonyane.
14Isikhonyane senyukela ezweni lonke laseGibithe, sahlala ezweni lonke laseGibithe, sasinzima kakhulu; ngaphambi kwaso kwakungazange kube-khona isikhonyane esingangaso, nangasemva kwaso asisayikuba-khona esingangaso.
15Ngokuba sasibekela ubuso bonke bomhlaba, laze laba-mnyama izwe; sadla imifino yonke nezithelo zonke zemithi ezishiywé yisichotho; akwasala-lutho oluluhlaza emithini nasemifinweni yasendle ezweni lonke laseGibithe.
16Khona uFaro washesha wababiza oMose noAroni, wathi: Ngonile kuJehova uNkulunkulu wenu nakinina.
17Ngalokho ake nithethelele isono sami ngalesisikhathi esisodwa nje, nincenge uJehova uNkulunkulu wenu ukuba asuse kimi lokhukufa kuphela.
18Waphuma kuFaro, wamncenga uJehova.
19UJehova wayesewuphendula umoya waba-ngowasentshonalanga onamandla amakhulu; wona wasusa isikhonyane, wasilahla eLwandle oluBomvu; akwasala-sikhonyane nesisodwa ezweni lonke laseGibithe.
20Kepha uJehova wayenza-lukhuni inhliziyo kaFaro, kabavumelanga abantwana bakwaIsrayeli ukuba bahambe.
Inhlupheko yesishiyagalolunye: ubumnyama
21UJehova wayesethi kuMose: Yelula isandla sakho ngasezulwini ukuba kube-khona ubumnyama ezweni laseGibithe obuphatheka ngesandla.
22UMose wayeseselula isandla sakhe ngasezulwini; kwaba-khona isigayegaye esinzima ezweni lonke laseGibithe izinsuku ezintathu.
23Ababonananga; akusukanga-muntu endaweni yakhe izinsuku zaze zaba-ntathu; kepha kubo bonke abantwana bakwaIsrayeli kwakukhona ukukhanya emakhaya abo.
24UFaro wambiza uMose, wathi: Hambani nimkhonze uJehova, kusale kuphela izimvu zenu nezinkomo zenu; izingane zenu zingahamba nani.
25Wathi uMose: Wonikela esandleni sethu imihlatshelo neminikelo yokushiswa, ukuze sihlabele uJehova uNkulunkulu wethu.
26Imfuyo yethu nayo iyakuhamba nathi; akuyikusala nanselo, ngokuba siyakuthatha kuyo lokhu esiyakumkhonza ngakho uJehova uNkulunkulu wethu; asikwazi esiyakumkhonza ngakho uJehova, singakafiki khona.
27Kepha uJehova wayenza-lukhuni inhliziyo kaFaro, kabavumelanga ukuba bahambe.
28UFaro wathi kuye: Suka kimi, uqaphele ukuba ungabuboni ubuso bami futhi; ngokuba mhla ubona ubuso bami, uyakufa.
29Wathi uMose: Ukhulumé kahle; angisayikubuye ngibone ubuso bakho.