UDaniyeli usemphandwini wezingonyama
1Kwaba-kuhle kuDariyu ukubeka phezu kombuso izikhulu eziyikhulu namashumi amabili ebeziyakuba-sembusweni wonke.
2Phezu kwazo wamisa abongameli abathathu, uDaniyeli engomunye wabo, ukuba izikhulu zibike kubo, ukuze inkosi ingalimali ngalutho.
3Khona uDaniyeli lo wabadlula abongameli nezikhulu, ngokuba umoya ophakemeyo wawukuye; inkosi yayicabanga ukummisa phezu kombuso wonke.
4Khona abongameli nezikhulu base befuna ukuthola utho ngoDaniyeli oluqondene nombuso, kepha abatholangalutho nacala kuye, ngokuba wayethembekile; akutholwanga-siphosiso nacala kuye.
5Ayesethi lawamadoda: Asiyikutholalutho ngoDaniyeli, uma singalutholi kokuqondene nomthetho kaNkulunkulu wakhe.
6Base bebuthana labobongameli nezikhulu enkosini, basho kanje kuyo, bathi: Mana njalo, nkosi Dariyu.
7Bonke abongameli bombuso, nababusi, nezikhulu, nabomkhandlu, nezinduna balulekene kanyekanye ukuba kumiswe isimiso senkosi, kumenyezelwe isiyalezo esiqinileyo sokuthi yilowo nalowo ocela isicelo nakumuphi unkulunkulu noma kumuntu ngezinsuku ezingamashumi amathathu, kuphela kuwe-nkosi, uyakuphonswa emphandwini wezingonyama.
8Kalokhu, nkosi, simemezele isiyalezo, ulobe umbhalo ukuba ungaguqulwa ngokomthetho wamaMede namaPheresiya ongenakuguquka.
9Ngokunjalo inkosi uDariyu yayisiloba umbhalo nesiyalezo.
10UDaniyeli esekwazi ukuthi umbhalo ulotshiwe, wangena endlini yakhe — amafasitele ekamelo lakhe ayevulekile ebhekisa eJerusalema — waguqa ngamadolo kathathu ngosuku, wakhuleka, wabonga uNkulunkulu wakhe, njengalokho enzile kuqala.
11Ayesebuthana lawomadoda, amfumana uDaniyeli ekhuleka, enxusa kuNkulunkulu wakhe.
12Asondela, akhuluma phambi kwenkosi ngesiyalezo senkosi, athi: Asithi ulobile isiyalezo sokuthi yilowo nalowo ocelo nakumuphi unkulunkulu noma kumuntu ngezinsuku ezingamashumi amathathu, kuphela kuwe-nkosi, uyakuphonswa emphandwini wezingonyama na? Inkosi yaphendula yathi: Iqinisile leyonto ngokomthetho wamaMede namaPheresiya ongenakuguquka.
13Ayesephendula ethi phambi kwenkosi: UDaniyeli lowo ongowabathunjwa bakwaJuda akakunaki wena-nkosi, nesiyalezo osilobileyo, kepha uyacela isicelo sakhe kathathu ngosuku.
14Lapho inkosi isizwile lawamazwi, yadabuka kakhulu, yayibeka inhliziyo yayo kuDaniyeli ukuba imkhulule, yazama ukumophula kwaze kwaba-sekushoneni kwelanga.
15Ayesebuthana lawomadoda enkosini, athi enkosini: Yazi, nkosi, ukuthi kungumthetho wamaMede namaPheresiya ukuba kungaguqulwa isiyalezo nesimiso esimiswa yinkosi.
16Yayisiyaleza inkosi, walethwa uDaniyeli, waphonswa emphandwini wezingonyama. Inkosi yakhuluma, yathi kuDaniyeli: UNkulunkulu wakho omkhonza njalo uyakukukhulula.
17Kwase kulethwa itshe, labekwa emlonyeni womphandu, inkosi yalinamathelisa ngendandatho yayo nangendandatho yezikhulu zayo, ukuze kungaguqulwalutho maqondana noDaniyeli.
18Inkosi yayisiya endlini yayo yobukhosi, yadlulisa ubusuku izila; izinkenezo zokubethwa azilethwanga kuyo, nobuthongo bayibalekela.
19Inkosi yavuka ekuseni kakhulu, yashesha yaya emphandwini wezingonyama.
20Kwathi isisondele emphandwini kuDaniyeli, yamemeza ngezwi elikhalayo; inkosi yakhuluma, yathi kuDaniyeli: Daniyeli, wena-nceku kaNkulunkulu ophilayo, uNkulunkulu wakho omkhonza njalo angakukhulula kuzo izingonyama na?
21UDaniyeli wathi enkosini: Mana njalo, nkosi.
22UNkulunkulu uthumile ingelosi yakhe, wavimba imilomo yezingonyama, azingilimazanga, ngokuba kwafunyanwa kimi ukungabi-nacala phambi kwakhe; naphambi kwakho, nkosi, angenzanga okubi.
23Yayisijabula kakhulu inkosi, yayaleza ukuba uDaniyeli akhushulwe emphandwini. UDaniyeli wayesekhushulwa emphandwini, akufunyanwanga-mcothu kuye, ngokuba wayemethembile uNkulunkulu wakhe.
24Inkosi yayaleza, alethwa lawomadoda ayemangalele uDaniyeli, aphonswa emphandwini wezingonyama, wona nabantwana bawo, nawomkawo; izingonyama zatheleka phezu kwabo, zachoboza amathambo abo, bengakafinyeleli phansi emphandwini.
25UDariyu inkosi wayeselobela bonke abantu, nezizwe, nezilimi ezikhona emhlabeni wonke ukuthi: Ukuthula makwande kinina.
26Ngenza isiyalezo ukuba ekubuseni konke kombuso wami abantu bathuthumele, besabe phambi kukaNkulunkulu kaDaniyeli, ngokuba
unguNkulunkulu ophilayo,
umi kuze kube-phakade,
nombuso wakhe yiwo ongayikuchithwa,
nokubusa kwakhe kuyakuma kuze kube-sekupheleni.
27Uyakhulula, ophule;
uyenza izibonakaliso nezimangaliso ezulwini nasemhlabeni,
yena omkhululile uDaniyeli emandleni ezingonyama.
28UDaniyeli wayeseqhubeka ngesineke ekubuseni kukaDariyu, nasekubuseni kukaKoresi umPheresiya.