Idili likaBelishasari
1UBelishasari inkosi wenzela izinduna zakhe eziyinkulungwane idili, waphuza iwayini ngaphambi kwaleyonkulungwane.
2UBelishasari esalinambitha iwayini wayaleza ukuba kulethwe izitsha zegolide nezesiliva, uNebukadinesari uyise ayezikhiphé ethempelini laseJerusalema, ukuba inkosi nezikhulu zayo, nawomkayo, nezancinza zayo baphuze ngazo.
3Base beletha izitsha zegolide ezazikhishwé ethempelini lendlu kaNkulunkulu yaseJerusalema, inkosi, nezikhulu zayo, nawomkayo, nezancinza zayo baphuza ngazo.
4Baphuza iwayini, batusa onkulunkulu begolide, nabesiliva, nabethusi, nabensimbi, nabomuthi, nabetshe.
5Ngasona lesosikhathi kwavela iminwe yesandla somuntu, yaloba maqondana nothi lwezibani kokunamekiweyo kodonga lwendlu yenkosi; inkosi yabona inxenye yesandla esalobayo.
6Kwase kuguquka ukucwebezela kwayo, nemicabango yayo yayesabisa, zaxhega izinyonga zokhalo lwayo, namadolo ayo ashayana.
7Inkosi yamemeza ngamandla ukuba kulethwe abathwebulayo, namaKaledi, nabahlola imihlola. Yayisikhuluma inkosi, yathi kwabahlakaniphileyo baseBabele: Ongafunda lombhalo, angitshele incazo yawo uyakwembathiswa okububende, abe-nomgexo wegolide entanyeni yakhe, abuse engowesithathu embusweni.
8Base bengena bonke abahlakaniphileyo benkosi, kepha behluleka ukuwufunda umbhalo nokwazisa inkosi incazo.
9Khona inkosi uBelishasari yesaba kakhulu, nokucwebezela kwayo kwaguquka kuyo, nezinduna zayo zamangala.
10Ngenxa yamazwi enkosi nawezinduna zayo kwase kungena inkosikazi endlini yedili; inkosikazi yakhuluma yathi: Mana njalo, nkosi; imicabango yakho mayingakwesabisi, kungaguquki ukucwebezela kwakho.
11Kukhona embusweni wakho umuntu okukuye umoya wawonkulunkulu abangcwele; ezinsukwini zikayihlo kwafunyanwa kuye ukukhanya nokuqonda nokuhlakanipha njengokuhlakanipha kwawonkulunkulu; inkosi uNebukadinesari uyihlo yambeka induna yezanusi, neyabathwebulayo, neyamaKaledi, neyabahlola imihlola, yebo, nkosi, uyihlo,
12ngokuba kwafunyanwa umoya odluleleyo, nokwazi, nokuqonda ukuchaza amaphupho, nokubonakalisa izimfumbe, nokuthukulula amafindo kuye uDaniyeli lowo inkosi eyambiza ngokuthi uBeliteshasari; kalokhu makabizwe uDaniyeli, uyakubonakalisa incazo.
13Khona uDaniyeli wangeniswa phambi kwenkosi. Inkosi yakhuluma, yathi kuDaniyeli: Wena unguDaniyeli lowo ongowabathunjwa bakwaJuda, abalethwa yinkosi ubaba, bevela kwaJuda na?
14Ngizwile ngawe ukuthi umoya wawonkulunkulu ukuwe nokuthi kufunyenwe kuwe ukukhanya nokuqonda nokuhlakanipha okudluleleyo.
15Manje-ke kungeniswé phambi kwami abahlakaniphileyo nabathwebulayo ukuba bafunde lombhalo, bangazise incazo yawo, kepha behluleka ukubonakalisa incazo yalendaba.
16Kepha ngizwé ngawe ukuthi ungaveza izincazo, uthukulule amafindo; manje-ke uma ungafunda lombhalo, ungazise incazo yawo, uyakwembathiswa okububende, ube-nomgexo wegolide entanyeni yakho, ubuse ube-ngowesithathu embusweni.
17Wayesephendula uDaniyeli, wathi phambi kwenkosi: Izipho zakho mazibe-kuwe, umuphe omunye imivuzo yakho; nokho ngiyakufundela inkosi umbhalo, ngiyazise incazo.
18E nkosi, uNkulunkulu oPhezukonke wanika uNebukadinesari uyihlo umbuso, nobukhulu, nodumo, nobukhosi;
19ngenxa yobukhulu owamnika bona, bonke abantu, nezizwe, nezilimi bathuthumela, besaba phambi kwakhe; athanda ukumbulala wambulala, athanda ukumyeka wamyeka; athanda ukumphakamisa wamphakamisa, athanda ukumthobisa wamthobisa.
20Kepha lapho inhliziyo yakhe yaziphakamisa, nomoya wakhe waba-lukhuni waze wazidla, wehliswa esihlalweni sakhe sobukhosi, balususa udumo lwakhe kuye;
21waxoshwa kubantwana babantu; inhliziyo yakhe yaba-njengeyezilwane, nenhlalo yakhe yayinezimbongolo zasendle; wadliswa utshani njengezinkabi, nomzimba wakhe wamatiswa ngamazolo ezulu, waze wazi ukuthi uNkulunkulu oPhezukonke ubusa imibuso yabantu, ubeka phezu kwayo amthandayo.
22Nawe-ndodana yakhe, Belishasari, awuthobanga inhliziyo yakho, noma wazi konke lokho,
23kepha uziphakamisile eNkosini yasezulwini; balethé izitsha zendlu yakhe phambi kwakho; wena nezinduna zakho, nawomkakho, nezancinza zakho niphuzile iwayini ngazo, utusile wena onkulunkulu besiliva, nabegolide, nabethusi, nabensimbi, nabomuthi, nabetshe abangaboni, abangezwa, abangazi; kodwa uNkulunkulu omphefumulo wakho usesandleni sakhe, nokungezakhe zonke izindlela zakho awumdumisanga.
24Yayisithunywa lenxenye yesandla ivela kuye, walotshwa lombhalo.
25Yiló umbhalo owalotshwa: mené, mené, tekél, ufarsín.
26Nansi incazo yalento: mené: uNkulunkulu ubalile umbuso wakho, uwuqedile.
27tekél: ulinganisiwe esilinganisweni, ufunyenwe ulula.
28perés: umbuso wakho wahlukene, unikelwe kumaMede namaPheresiya.
29Khona uBelishasari wayaleza, bamembathisa uDaniyeli okububende, bafaka umgexo wegolide entanyeni yakhe, benza isimemezelo ngaye ukuthi ubeyakubusa engowesithathu embusweni.
30Ngalobobusuku uBelishasari inkosi yamaKaledi wabulawa.
31UDariyu umMede wamukela umbuso eneminyaka engamashumi ayisithupha nambili.