Izilo ezine nendodana yomuntu
1Ngomnyaka wokuqala kaBelishasari inkosi yaseBabele uDaniyeli wabona iphupho nemibono yekhanda lakhe embhedeni wakhe, waliloba iphupho, walanda inhloko yezindaba.
2UDaniyeli wathatha wathi: Ngabona embonweni wami ebusuku; bheka, imimoya yomine yezulu yavumbuluka elwandle olukhulu.
3Izilo ezine ezinkulu zakhuphuka elwandle, zahlukile esinye kwesinye.
4Esokuqala sasinjengengonyama, sinamaphiko okhozi; ngabheka aze ahluthwa amaphiko aso, saphakanyiswa emhlabeni, samiswa ngezinyawo ezimbili njengomuntu, sanikwa inhliziyo yomuntu.
5Bheka, esinye isilo, esesibili, sinjengebhere*, samiswa ngolunye uhlangothi, izimbambo ezintathu zisemlonyeni waso phakathi kwamazinyo aso; kwathiwa kuso: Vuka, udle inyama eningi.
6Emva kwalokho ngabona; bheka, esinye, sinjengengwe, sinamaphiko amane enyoni emhlane; isilo sasinamakhanda amane, sanikwa ukubusa.
7Emva kwalokho ngabona emibonweni ebusuku; bheka, isilo sesine, esesabekayo, sinamandla, siqinile kakhulu; sasinamazinyo amakhulu ensimbi, sadla, saphula, sanyathela okuseleyo ngezinyawo zaso; sahlukile kuzo zonke izilo ezazingaphambi kwaso; sasinezimpondo eziyishumi.
8Ngabuka izimpondo; bheka, kwavela phakathi kwazo olunye uphondo, oluncane, okungaphambi kwalo ezintathu zezimpondo zokuqala zasimbulwa; futhi bheka, kulolophondo kwakukhona amehlo anjengamehlo omuntu, nomlomo okhuluma izinto ezinkulu.
9Ngisabheka,
kwabekwa izihlalo zobukhosi,
kwahlala omdala wezinsuku;
izambatho zakhe zazimhlophe njengeqhwa,
izinwele zekhanda lakhe zinjengoboya bezimvu obuhlanzekileyo;
isihlalo sakhe sobukhosi sasingamalangabi omlilo,
amasondo aso engumlilo ovuthayo.
10Umnonjana womlilo wavela, waphuma phambi kwakhe;
izinkulungwane zenkulungwane zazimkhonza,
nezinkulungwane eziyishumi zezinkulungwane eziyishumi zazimi ngaphambi kwakhe;
kwahlala abahluleli, izincwadi zavulwa.
11Ngabheka ngalesosikhathi ngenxa yenhlokomo yamazwi amakhulu akhulunywa luphondo; ngabheka saze sahlatshwa isilo, wachithwa umzimba waso, sanikelwa ukuba sishiswe ngomlilo.
12Kepha ezinye izilo, ukubusa kwazo kwasuswa, kodwa ukuphila kwazo kwelulwa isikhathi nenkathi.
13Ngabona emibonweni ebusuku;
bheka, kwafika namafu ezulu onjengendodana yomuntu;
yafika komdala wezinsuku,
yasondezwa phambi kwakhe.
14Yanikwa ukubusa, nobukhosi, nombuso,
ukuze bonke abantu, nezizwe, nezilimi bayikhonze;
ukubusa kwayo kungukubusa okuphakade okungayikudlula,
nombuso wayo yiwo ongayikuchithwa.
15Mina-Daniyeli, umoya wami wakhathazeka edokodweni lawo, nemibono yekhanda lami yangihlupha.
16Ngasondela komunye wababemi khona, ngabuza kuye iqiniso lakho konke lokhu. Wangitshela, wangazisa incazo yezindaba.
17Lezozilo ezinkulu ezine zingamakhosi amane ayakuvela emhlabeni.
18Kepha abangcwele boPhezukonke bayakwamukeliswa umbuso, umbuso ube-ngowabo kuze kube-phakade, yebo, kuze kube-phakade naphakade.
19Ngase ngifuna ukwazi iqiniso ngesilo sesine esahlukile kuzo zonke zazo, esesabekayo kakhulu, esimazinyo aso ayeyinsimbi, nezinzipho zaso ziyithusi, esasidla, saphula, sanyathela okuseleyo ngezinyawo;
20nangezimpondo eziyishumi ezazisekhanda laso, nolunye olwavelayo, ezawa phambi kwalo ezintathu, lolophondo olwalunamehlo nomlomo owawukhuluma izinto ezinkulu, olukubonakala kwalo kwakukukhulu kunezinye.
21Ngisabheka, lolophondo lwalwa nabangcwele, lwabahlula,
22waze wafika omdala wezinsuku, abangcwele boPhezukonke banikwa ukwahlulelwa, kwafika isikhathi sokuba umbuso ube-ngowabangcwele.
23Wayesethi:
Isilo sesine siyakuba-ngumbuso wesine emhlabeni,
oyakwahluka kuyo yonke imibuso,
udle wonke umhlaba, uwunyathele,
uwaphule.
24Izimpondo eziyishumi-ke,
kulowombuso kuyakuvela amakhosi ayishumi,
kuvele enye emva kwawo;
iyakwahluka kwawokuqala,
ithobise amakhosi amathathu.
25Iyakukhuluma amazwi ngoPhezukonke,
ikhathaze abangcwele boPhezukonke;
iyakuhlosa ukuguqula izikhathi nomthetho;
bayakukhashelwa esandleni sayo
kuze kube-yisikhathi nezikhathi nenxenye yesikhathi.
26Kepha abahluleli bayakuhlala,
basuse ukubusa kwayo
kudliwe, kuchithwe
kuze kube-sekupheleni.
27Umbuso nokubusa nobukhulu bemibuso
phansi kwalo lonke izulu
kuyakunikwa isizwe sabangcwele boPhezukonke;
umbuso wakhe ungumbuso ongunaphakade;
yonke imibuso iyakumkhonza, imlalele.
28Nakhu ukuphela kwendaba. Mina-Daniyeli, imicabango yami yangikhathaza kakhulu, nokucwebezela kwami kwaguquka kimi, kepha ngayigcina indaba enhliziyweni yami.