USawule unqoba abakwa-Amoni
1Kwenyuka uNahashi wakwa-Amoni, wamisa eJabeshi-Gileyadi; bonke abantu baseJabeshi bathi kuNahashi: Yenza isivumelwano nathi, siyakukukhonza.
2UNahashi wakwa-Amoni wathi kubo: Ngiyakusenza nani ngalokhu ukuba kukhishwe onke amehlo enu okunene, ngikubeke kube-yihlazo kuye wonke uIsrayeli.
3Amalunga aseJabeshi athi kuye: Siyeke izinsuku eziyisikhombisa ukuba sithume izithunywa emikhawulweni yonke yakwaIsrayeli; uma kungekho osisindisayo, siyakuphumela kuwe.
4Izithunywa zafika eGibeya likaSawule, zakhuluma lawomazwi ezindlebeni zabantu; bonke abantu badazuluka, bakhala.
5Bheka, uSawule weza elandela izinkabi, evela ensimini; uSawule wathi: Yini ukuba abantu bakhale na? Bamtshela amazwi abantu baseJabeshi.
6UMoya kaNkulunkulu wehlela phezu kukaSawule esezwile lawomazwi; intukuthelo yakhe yavutha kakhulu.
7Wathatha izinkabi ezimbili, wazihlahlela, wazithuma emikhawulweni yonke yakwaIsrayeli ngesandla sezithunywa, ethi: Ongaphumi emva kukaSawule noSamuweli kuyakwenziwa kanjalo kuzo izinkabi zakhe. Ingebhe ngoJehova yehlela phezu kwabantu, baphuma njengomuntu munye.
8Wababala eBezeki; abantwana bakwaIsrayeli babeyizinkulungwane ezingamakhulu amathathu, nabantu bakwaJuda babeyizinkulungwane ezingamashumi amathathu.
9Bathi kuzo izithunywa ezazifikile: Niyakusho kanje kubantu baseJabeshi-Gileyadi, nithi: Kusasa lapho ilanga libalele niyakukhululwa. Izithunywa zafika, zabatshela abantu baseJabeshi; bathokoza.
10Ngalokho abantu baseJabeshi bathi: Kusasa siyakuphumela kini, nenze kithi konke okuhle emehlweni enu.
11Kwathi ngangomuso uSawule waviva abantu ngezigaba ezintathu; bafika phakathi kwekamu* ngomlindo wokusa, babulala abakwa-Amoni, laze lashisa ilanga; kwathi abaseleyo bahlakazeka, akusalanga kubo ababili bendawonye.
12Abantu bathi kuSawule: Ngubani oshilo ukuthi uSawule uyakuba-yinkosi phezu kwethu na? Lethani labobantu ukuba sibabulale.
13USawule wathi: Akuyikubulawamuntu namuhla, ngokuba namuhla uJehova usebenzile ukusindiswa kwaIsrayeli.
14USamuweli wayesethi kubantu: Wozani siye eGiligali, sibuye sivuse umbuso khona.
15Bonke abantu baya eGiligali, bambeka khona uSawule waba-yinkosi phambi kukaJehova eGiligali; bahlaba khona imihlatshelo yeminikelo yokuthula phambi kukaJehova; uSawule nabo bonke abantu bakwaIsrayeli bathokoza kakhulu khona.