USamuweli ulanda indaba yomsebenzi wakhe
1USamuweli wathi kuye wonke uIsrayeli: Bhekani, ngilalele izwi lenu kukho konke enikushiloyo kimi, ngibekile inkosi phezu kwenu.
2Manje bhekani, inkosi iyahamba phambi kwenu; mina sengimdala, ngiyimpunga; nanka amadodana ami akini; ngihambile phambi kwenu kwasebusheni bami kuze kube-namuhla.
3Bhekani, ngilapha: fakazani ngami phambi kukaJehova naphambi kogcotshiweyo wakhe ukuthi ngithathé inkabi kabani, ngithathé imbongolo kabani, ngikhohlisile ubani, ngicindezele ubani, ngamukele umvuzo esandleni sikabani ukuba ngifihle amehlo ami ngawo na? Ngiyakukubuyisela kini.
4Bathi: Awusikhohlisanga, awusicindezelanga, awamukelanga-lutho esandleni samuntu.
5Wayesethi kubo: UJehova ungufakazi ngani, nogcotshiweyo wakhe ungufakazi namuhla ukuthi anifumanangalutho esandleni sami. Bathi: Ungufakazi.
6USamuweli wathi kubantu: NguJehova, yena owabeka oMose noAroni nowakhuphula oyihlo ezweni laseGibithe.
7Kalokhu yimani ukuba ngiphendulane nani phambi kukaJehova ngezenzo zonke ezilungileyo zikaJehova azenza kini nakoyihlo.
8Lapho uJakobe esefikile eGibithe, oyihlo bakhala kuJehova, uJehova wathuma oMose noAroni abakhipha oyihlo eGibithe, babahlalisa kulendawo.
9Kepha bakhohlwa uJehova uNkulunkulu wabo, wathengisa ngabo esandleni sikaSisera induna yempi yaseHasori, nasesandleni samaFilisti, nasesandleni senkosi yakwaMowabi, balwa nabo.
10Bakhala kuJehova, bathi: Sonile, ngokuba simshiyile uJehova, sakhonza oBali noAshitaroti; kodwa kalokhu sophule esandleni sezitha zethu, siyakukukhonza.
11UJehova wayesethuma oJerubali, noBedani, noJefta, noSamuweli, wanophula esandleni sezitha zenu nxazonke, nahlala nalondeka.
12Kepha lapho nabona uNahashi inkosi yabantwana bakwa-Amoni ephuma ukulwa nani, nathi kimi: Hayi, kepha masibuswe yinkosi, ingani uJehova uNkulunkulu wenu wayeyinkosi yenu.
13Manje nansi inkosi eniyikhethileyo neniyicelileyo; bhekani, uJehova ubekile inkosi phezu kwenu.
14Uma nimesaba uJehova, nimkhonze, nilalele izwi lakhe, ningahlubuki esiyalezweni sakhe, khona nina nenkosi yenu ebusa phezu kwenu niyakulandela uJehova uNkulunkulu wenu;
15kepha uma ningalaleli izwi likaJehova, nihlubuke esiyalezweni sikaJehova, khona isandla sikaJehova siyakumelana nani, njengalokho samelana nawoyihlo.
16Ngalokho yimani nibone lento enkulu ayakuyenza uJehova phambi kwamehlo enu.
17Angithi kuyisikhathi sokuvuna ukolweni namuhla na? Ngiyakukhuleka kuJehova ukuba athume ukuduma nemvula, nazi, nibone ukuthi okubi kwenu enikwenzile emehlweni kaJehova ngokucela inkosi kukhulu.
18USamuweli wayesekhuleka kuJehova; uJehova wathuma ukuduma nemvula ngalolosuku; bonke abantu besaba kakhulu oJehova noSamuweli.
19Bonke abantu bathi kuSamuweli: Khulekela izinceku zakho kuJehova uNkulunkulu wakho ukuba singafi, ngokuba senezele kuzo zonke izono zethu ububi bokuzicelela inkosi.
20USamuweli wathi kubantu: Ningesabi; impela nenzile konke lokho okubi; kepha ningaphambuki ekumlandeleni uJehova, kodwa mkhonzeni uJehova ngayo yonke inhliziyo yenu;
21yebo, ningaphambuki ukuba nilandele izinto eziyize ezingenakusiza nezingenakophula, ngokuba ziyize.
22Ngokuba uJehova akayikushiya abantu bakhe ngenxa yegama lakhe elikhulu, lokhu kwakukuhle kuJehova ukuzenzela nina nibe-ngabantu bakhe.
23Futhi nami, makube-kude nami ukuba ngone kuJehova ngokuyeka ukunikhulekela; kakhulu ngiyakunifundisa indlela enhle nelungileyo.
24Yesabani uJehova kuphela, nimkhonze ngeqiniso ngenhliziyo yenu yonke, ngokuba bhekani okukhulu anenzele khona.
25Kodwa uma nisenza okubi, niyakubhubha nina nenkosi yenu.