USawule uyagcotshwa nguSamuweli, abe-yinkosi
1USamuweli wayesethatha umfuma wamafutha, wawathela ekhanda lakhe, wamanga, wathi: Angithi uJehova ukugcobile ukuba ube-ngumholi wefa lakhe na?
2Nxa usumukile kimi namuhla, uyakufumana abantu ababili ngasethuneni likaRaheli emkhawulweni wakwaBenjamini eSelisa; bayakuthi kuwe: Izimbongolo owawuyé ukuzifuna zitholiwe; bheka, uyihlo uyekile izimbongolo, uyenqena ngani, ethi: Ngiyakwenze-njani ngomntanami na?
3Nxa usukile khona uyé phambili, uyakufika kulo ioki* laseThabori; kuyakuhlangana nawe khona abantu abathathu bekhuphukela kuNkulunkulu eBethele, omunye ephethe amazinyane amathathu ezimbuzi, omunye ephethe izinkwa ezintathu, omunye ephethe imvaba yewayini;
4bayakukubingelela, bakunike izinkwa ezimbili oyakuzamukela ezandleni zabo.
5Emva kwalokho uyakufika entabeni kaNkulunkulu, lapho likhona ikhanda lamaFilisti; kuyakuthi nxa usufikile khona emzini, uhlangane neviyo labaprofethi behla endaweni ephakemeyo benogubhu, nesigubhu, negenkle, nehabhu* phambi kwabo, beprofetha;
6uMoya kaJehova uyakwehlela phezu kwakho, uyakuprofetha kanye nabo, uphenduke omunye umuntu.
7Kuyakuthi lapho lezozibonakaliso sezifikile kuwe, wenze esikufumanayo isandla sakho, ngokuba uNkulunkulu unawe.
8Uyakwehla phambi kwami ukuya eGiligali; bheka, ngiyakwehlela kuwe ukuba nginikele ngeminikelo yokushiswa, ngihlabe imihlatshelo yokuthula; uyakuhlala izinsuku eziyisikhombisa, ngize ngifike kuwe, ngikutshele oyakukwenza.
9Kwathi esefulathela emuka kuSamuweli, uNkulunkulu waphendukisa inhliziyo yakhe yaba-ngenye; zonke lezozibonakaliso zafika ngalona lolosuku.
10Lapho sebefiké khona entabeni, bheka, iviyo labaprofethi lahlangana naye; uMoya kaNkulunkulu wehlela phezu kwakhe, waprofetha phakathi kwabo.
11Kwathi bonke ababemazi kuqala sebebona ukuthi waprofetha nabaprofethi, abantu bathi omunye komunye: Kuyini lokhu okwehlele indodana kaKishi na? Kanti naye uSawule uphakathi kwabaprofethi na?
12Kwaphendula umuntu wakhona, wathi: Ngubani uyise na? Ngalokho kwaba-yisaga ukuthi: Naye uSawule uphakathi kwabaprofethi na?
13Eseqedile ukuprofetha wafika endaweni ephakemeyo.
14Uyisekazi kaSawule wathi kuye nasencekwini yakhe: Niké naya ngaphi na? Wathi: Besiyé kufuna izimbongolo; lapho sesibonile ukuthi azikho, sase siya kuSamuweli.
15Uyisekazi kaSawule wathi: Ake ningitshele: Utheni kini uSamuweli na?
16USawule wathi kuyisekazi: Usitshelé impela ukuthi izimbongolo zitholiwe. Kepha indaba yombuso akhuluma ngayo uSamuweli akamtshelanga yona.
Inkosi ibekwa eMispa
17USamuweli wabizela abantu kuJehova eMispa;
18wathi kubantu bakwaIsrayeli: UJehova uNkulunkulu kaIsrayeli usho kanje, uthi: Ngenyusa uIsrayeli eGibithe, nganophula esandleni sabaseGibithe nasesandleni sayo yonke imibuso eyayinicindezelayo;
19kepha namuhla nimlahlile uNkulunkulu wenu, yena owanisindisa ezingozini zenu zonke nasezinsizini zenu, nishilo nathi: Hayi, kepha beka inkosi phezu kwethu. Ngalokho yimani phambi kukaJehova ngezizwe zenu nangezinkulungwane zenu.
20USamuweli wayesesondeza zonke izizwe zakwaIsrayeli, kwadliwa isizwe sakwaBenjamini.
21Wayesesondeza isizwe sakwaBenjamini ngemindeni yabo, kwadliwa umndeni wakwaMatri; kwadliwa uSawule indodana kaKishi; kepha lapho bebemfuna, akafunyanwanga.
22Babuye babuza uJehova ukuthi: Usezakufika lowomuntu na? UJehova waphendula wathi: Bheka, ucashile empahleni.
23Bagijima, bamlanda khona; wema phakathi kwabantu, wayemude kunabo bonke abantu kusukela emahlombe kuya phezulu.
24USamuweli wathi kubo bonke abantu: Mbhekeni amkhethileyo uJehova ukuthi akakho onjengaye kubantu bonke. Base bekhamuluka abantu bonke, bathi: Mayime njalo inkosi.
25USamuweli wayesebatshela abantu amalungelo ombuso, wawaloba encwadini, wayibeka phambi kukaJehova. USamuweli wamukisa bonke abantu, yilowo nalowo waya ekhaya lakubo.
26Naye uSawule waya ekhaya lakhe eGibeya; kwahamba naye impi ezinhliziyo zayo uNkulunkulu azithintile.
27Kepha abantu ababi bathi: Uyakusisindisa kanjani lowo na? Bamdelela, abamnikanga isipho. Kepha wathula.