USirakhi 17
1USimakade wenza umuntu ngomhlabathi, wambuyisela kuwo futhi. 2Wamisa izinsuku zabo bonke abantu futhi wabanika igunya phezu kwakho konke okusemhlabeni. 3Wasebambathisa ngamandla afana nawakhe futhi wabenza ngomfanekiso wakhe. 4Wenza ukuba besatshwe yizo zonke izidalwa, wabanika ukubusa phezu kwezilwane nezinyoni. 5USimakade wabanika isipho sokusebenzisa izinzwa ezinhlanu; wabanikeza isipho sengqondo njengenzwa yesithupha, kanti eyesikhombisa ingeyokuhlaziya lokho umuntu akucabangayo. 6Wabalungisela izilimi, amehlo kanye nezindlebe, wabanika nemiqondo ukuze bacabange. 7Wabagcwalisa ngokuqonda nolwazi, wabakhombisa okuhle nokubi. 8Wafaka ukumesaba ezinhliziyweni zabo ukuze ababonise ubukhosi nokuphakama kwemisebenzi yakhe. 9Wabanikeza ukuba baziqhayise ngezimangaliso zakhe ingunaphakade, futhi bamemezele ubuhle bemisebenzi yakhe.
10Bayakudumisa igama lakhe elingcwele, ukuze kuzwakaliswe imisebenzi yakhe emangalisayo. 11Wabanika ulwazi wayesebambathisa ngomthetho wakhe onikeza ukuphila. 12Wenza nabo isivumelwano saphakade, wabembulela izimiso zaphakade. 13Amehlo abo abona ubukhulu benkazimulo yobukhosi bakhe, izindlebe zabo zezwa udumo lwezwi lakhe. 14Wathi kubo: “Dedani ekwenzeni konke okubi,” wase efundisa yilowo nalowo okufanele akwenze kumakhelwane wakhe.
UNkulunkulu Ungumehluleli
15Ukuziphatha kwabo kusobala ebusweni bakhe njalo, akufihlakele neze emehlweni akhe. 16Indlela yokuziphatha kwabo kwasebusheni itshekela ebubini, futhi kabanakuyiguqula inhliziyo yabo yetshe ibe inhliziyo yenyama. 17Ngokuba ekwahlukaniseni kwakhe izizwe zomhlaba, umisile ababusi baleso naleso sizwe, kodwa u-Israyeli uyisabelo sikaSimakade. 18Njengoba eyizibulo lakhe umkhulise ngobuqotho wamnika isabelo esiwukukhanya kothando lwakhe, akamshiyi neze. 19Konke akwenzayo kusobala njengelanga kuye; amehlo akhe ahlala ebheke izindlela zakhe. 20Izeqo zakhe azifihlekile kuSimakade; ubona zonke izono zakhe.
21Kepha iNkosi uSimakade enesihawu iyazi ukuthi badalwe kanjani, ayibashiyile futhi ayibalahlile, kodwa ibaxolele. 22Umnikelo wendoda enomusa ufana nendandatho yegunya emehlweni kaSimakade, kanti nomuntu owenza isihawu uyigugu kuye. 23Emuva kwalezi zinto iNkosi iyakuphakama ibavuze ababi njengokwemisebenzi yabo, ilethe impindiselo ekhanda labo. 24Nokho iNkosi ishiya intuba yalabo abaphendukayo babuyele kuyo, yembathise nontengezelayo ngamandla okubekezela.
Ukubizelwa Empendukweni
25Buyelani eNkosini nishiye izono; khulekani phambi kwayo ninciphise ukona kwenu. 26Buyelani koPhezukonke, niphenduke kokubi, nikuzonde ngenzondo enkulu lokho akwenyanyayo. 27Ngubani oyakudumisa oPhezukonke eHayidesi noyakuqephuza izibongo zakhe ngaphandle kwabaphilayo na? 28Lapho abafileyo sebedlulile, ukubonga kwabo sekuphelile. Ngabaphilayo kuphela abacula izindumiso kuSimakade.
29Yeka ubukhulu bomusa wakhe kanye nentethelelo yakhe kulabo abaphendukela kuye! 30Akuyibo bonke abantu abanamandla okwenza konke lokhu, ngoba sonke singabafayo. 31Kukhona yini okukhanya ngaphezu kwelanga na? Nakho lokho kuyafiphala; ngakho-ke inyama negazi kunemicabango emibi. 32INkosi ihlola imikhosi yasemazulwini, kanye nesintu sonke, esiluthuli nomlotha.
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.