UNkulunkulu Ujezisa Izoni
1Ungafisi ukuba nabantwana abaningi noma uthokoze ngamadodana angalungile 2uma izingane zanda ungathokozi ngazo, uma zingamesabi uSimakade. 3Ungethembeli ekuphileni kwazo noma wethembele enanini lazo, ngoba ingane eyodwa nje ingedlula eziyinkulungwane; futhi kungcono ukufa ungenabantwana kunokuba nezingane ezingamesabi uNkulunkulu. 4Umuntu oyedwa vo, onomqondo angakha idolobha, kodwa iningi elingenamthetho lingaliphendula ugwadule.
5Iso lami libone okuningi okunjalo, futhi nezindlebe zami zezwa nokukhulu kunalokho. 6Lapho zihlangana izoni, kuyoqubuka umlilo; futhi nasesizweni esingalaleli kokheleke ulaka. 7Zazingenakuthethelelwa nasendulo iziqhwaga, ezaphelelwa ngamandla azo. 8Wayengenakubayekela abakhelwana bakaLoti, ayebazonda ngenxa yokuzikhukhumeza kwabo. 9Akabanga nasihawu esizweni esasibhubha, ngenxa yezono zaso, 10kanjalo akabanga nasihawu nangamabutho ayizinkulungwane ezingamakhulu ayisithupha, ayebuthene ephikisana ngenxa yobulukhuni bezinhliziyo zawo. 11Noma ngabe kwakukhona oyedwa nje onhliziyo elukhuni, kwakungaba isimanga uma ayengaphepha ekujezisweni, ngoba isihawu nentukuthelo kungokukaSimakade: unamandla okuthethelela, nawodambisa intukuthelo.
12Njengalokho isihawu sakhe sisikhulu, kunjalo nokujezisa kwakhe; uyokwahlulela yilowo nalowo muntu ngalokho akwenzileyo. 13Isoni asinakuphunyuka nempango futhi nokubekezela kolungileyo akunakujabhiswa. 14Isihawu sakhe usivulele bonke, futhi wonke umuntu uyakuphathwa ngokufanelene nezenzo zakhe. 15USimakade wamenza lukhuni uFaro ukuze angakwazi ukumbona ukuthi unguSimakade, ukuze nemisebenzi yakhe yaziwe phansi kwezulu.
16Umusa wakhe uwubonakalisile kuyo yonke indalo, futhi unikile abantu imini nobusuku. 17Ungasho ukuthi: “Ngizakumcashela uSimakade, futhi ngubani okhona phezulu ongacabanga ngami na? Akukho muntu ongaziyo phakathi kwabaningi kangaka, ngiyini-ke mina ebubanzini bendalo iyonke na?”
18Bheka izulu uqobo lwalo, izulu lamazulu, isihogo, nomhlaba kuyakuzamazama ngokuza kwakhe; 19kanjalo nezintaba nezisekelo zomhlaba ziyakunyakaziswa okwezihlahla, kuqhaqhazele lapho ekubuka. 20Iyiphi ingqondo yesidalwa engacabanga futhi iziqonde izindlela zakhe na? 21Njengesivunguvungu esingabonwa muntu, kanjalo nemisebenzi yakhe eminingi ifihlakele. 22Ngubani ozakumemezela ngemisebenzi yakhe yokulunga na? Ngubani ozakulindela ngesineke na? Ngokuba ukupheleliswa kwezethembiso zakhe kubonakala kuyinto ekude! 23Lokhu kuyimicabango yengqondo engenakuqonda, okungukuphithana kwengqondo yomuntu oyisiwula.
Ukuhlakanipha KukaNkulunkulu Endalweni Yakhe
24Mntanami, ngilalele ukuze uzuze ulwazi; gcina amazwi ami enhliziyweni yakho. 25Ngizakukunika izeluleko ezinhle, ngikufundise ulwazi oluyilo. 26Ekuqaleni uNkulunkulu wanquma ngemisebenzi yakhe futhi kwathi emva kokuba eseyenzile, wabeka imingcele yayo, 27wayimisa imisebenzi yakhe ngokohlelo lwaphakade, futhi wayimisela izizukulwane zakhe kwasemandulo. Azilambi, azikhathali, futhi azehluleki ukufeza imisebenzi yazo; 28aziqhubukushani, futhi kazisoze zaphambana nezwi lakhe. 29USimakade wawubhekisisa umhlaba owawunalezi zinto futhi wawenelisa ngezinto zakhe ezinhle. 30Wagcwalisa ubuso bomhlaba ngakho konke okuphilayo, futhi konke kufanele kubuyele kuwo.