Ubukhulu BukaNkulunkulu
1Lowo ophila ungunaphakade udale konke okusemhlabeni; 2uSimakade yena yedwa ulungile, akekho omunye ngaphandle kwakhe. 3Uphethe umhlaba entendeni yesandla sakhe, izinto zonke zilalela intando yakhe, ngokuba ngamandla akhe uyiNkosi yakho konke, ekwahlukanisa konke, okungcwele nokungcolile. 4Akavumelanga noyedwa ukuba amemezele imisebenzi yakhe; ngubani pho ongahlola imisebenzi yakhe yamandla na? 5Ngubani ongalinganisa amandla akhe, noma ongalanda ngokwanele ngesihe sakhe na? 6Akekho onganciphisa noma andise, futhi akekho neze ongaqonda izimangaliso sikaSimakade. 7Lapho umuntu ebethi useqedile, yilapho eqala, kuthi nalapho ema khona, azithole esalokhu ekhungathekile.
Uyini Umuntu
8Uyini umuntu, futhi unamsebenzi muni nje nempela? Yini nje, enhle kuye, futhi yini embi? 9Inani lezinsuku zokuphila kwakhe ziningi uma efinyelele ekhulwini leminyaka. 10Njengethonsi lamanzi olwandle nanjengenhlayiya yesihlabathi, injalo iminyaka embalwa ezinsukwini zaphakade. 11Yingakho nje iNkosi imbekezelela, futhi ithululela isihe sayo phezu kwakhe. 12Iyabona futhi iyaqonda ukuthi isiphetho sakhe singubuhlungu; ngakho iyamthethelela ngokuphindiwe. 13Uzwelo lomuntu lugcina kumakhelwane wakhe kuphela, kodwa olukaSimakade lungolwakho konke okuphilayo. Uyabathethisa, abaqeqeshe abafundise futhi abaphendule kuhle okomalusi enqanda umhlambi wakhe. 14Unozwelo kulabo abemukela ukuqondisa kwakhe nabanentshisekelo ngezimiso zakhe.
Umusa Nesihawu
15Mntanami ungaxubanisi isinengiso nemisebenzi yakho emihle, noma wone isipho sakho ngamazwi anesihluku. 16Ngabe amazolo awalethi ukuphumula elangeni elishisayo na? Ngakho-ke izwi lingcono kunesipho. 17Nembala, ngabe izwi liyasedlula isipho esihle na? Kokubili lokhu kuyatholakala kumuntu olungileyo nonomusa. 18Isithutha asinamusa futhi siyahlukumeza, kanjalo nesipho salowo ophayo ngenhliziyo engakhululekile sifiphaza amehlo.
Ukuzihlola
19Ngaphambi kokuba ukhulume, funda, futhi nangaphambi kokuba ungenwe ngukugula, nakekela impilo yakho. 20Zihlole ngaphambi kokwahlulelwa; uzihlolisise ngesikhathi esifaneleyo, uyothola ukuthethelelwa. 21Ngaphambi kokugula, zithobe; kanjalo nangesikhathi wonile, phenduka. 22Makungabikho lutho olukuvimba ukuba ufeze isifungo sakho ngokushesha futhi ungalindi kuze kube sekufeni ukuze ukhululwe kuso. 23Ngaphambi kokwenza isifungo, zilungiselele; ungabi njengomuntu olinga iNkosi.
24Cabanga ngolaka oluyokwehlela ngezinsuku zokugcina, nangomzuzu wokuphindisela lapho efulathelisa ubuso bakhe kuwe. 25Ngesikhathi senala cabanga ngesikhathi sendlala; ezinsukwini zokunotha cabanga ngobuphofu nangokweswela. 26Kusukela ekuseni kuya ebusuku izimo ziyashintshashintsha; zonke izinto zidlula ngokushesha phambi kweNkosi. 27Umuntu ohlakaniphile uyacophelela ezintweni zonke; nasezinsukwini zokona, uyazilinda ukuba angoni. 28Wonke umuntu okhaliphile uyayazi inhlakanipho, futhi uyamtusa lowo oyitholile. 29Labo abangamaciko okukhuluma, bagcina sebehlakaniphile bakhulume besebenzisa nezaga ezihlakaniphile.
Ukuzithiba
30Ungalandeli ukubatshwa zinkanuko zakho, kodwa zithibe. 31Uma uvumela umphefumulo wakho ukuba uzitike ngezinkanuko ezimbi, lokho kuyokwenza inhlekisa ezitheni zakho. 32Ungazithokozisi ngokwadlulele ngengcebo eningi, funa ube mpofu ngenxa yokubiza kwayo. 33Ungazenzi ube mpofu ngokutamasa ngemali yokwebolekwa ube ungenalutho ephaketheni lakho, uyobe uzimbela umgodi wokuzingcwaba wena uqobo.