USirakhi 15
1Lowo owesaba uSimakade uyokwenza kanje: uma egogodile emthethweni, ukuhlakanipha koba ngokwakhe. 2Kuyakuphuma kumhlangabeze njengonina, yena akwemukele njengomakoti. 3Kuyakumnika ukuqonda njengesinkwa sakhe, inhlakanipho ibe yisiphuzo sakhe. 4Uyakweyama kukho angawi, encike kukho angatholi ukujabhiswa. 5Kuyakumphakamisa edlule omakhelwane bakhe, kumuphe amazwi lapho ekhuluma emhlanganweni. 6Uyakuqheliswa ngenjabulo nokuphakanyiswa, kumnike igama elingapheliyo libe ifa lakhe. 7Izilima azisoze zakuzuza ukuhlakanipha futhi nezoni ngeke zibone ngisho umfanekiso wakho. 8Ukuhlakanipha akuthintani nempakamo futhi abaqambi-manga kabakukhumbuli nakanci. 9Ukuncoma, akuzifanele izindebe zesoni, ngoba kusuke kungaveli eNkosini. 10Ngokuba ukuncoma kuyisibonakaliso sangaphandle senhlakanipho, uSimakade uyokukuphumelelisa.
Inkululeko Yokuzikhethela
11Ungasho ukuthi: “Kulicala likaSimakade ukuhlubuka kwami,” ngokuba akanakuyenza into ayizondayo. 12Ungasho ukuthi: “Nguye ongidukisile,” ngokuba akanamsebenzi nesoni. 13INkosi iyaluzonda lonke uhlobo lwamanyala; futhi kungenzeke ukuba uthande wona uphinde wesabe uSimakade. 14Nguye odale isintu kwasekuqaleni, wakumisa ukuba sikwazi ukuzikhethela. 15Uma uthanda, unokuyigcina imiyalelo; ungalugcina ukholo uma ingqondo yakho isho njalo.
16Umisile phambi kwakho ukuhlakanipha, umlilo namanzi: phumela obala-ke ukhethe. 17Kumi phambi kwabantu ukuphila nokufa, umuntu nomuntu uyokunikwa lokho akukhethayo. 18Ngokuba kukhulu ukuhlakanipha kukaSimakade, unguSomandla, ubona konke. 19Amehlo akhe aphezu kwabamesabayo; wazi yonke imisebenzi yabantu. 20Ayiyalanga muntu ukuba abe ngongalungile, futhi akukho namunye emvumele ukuba one.
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.