Bible Society of South Africa

Umhlahlandlela Wokuphila – Day 10

- Bala kabusha indawo yakho ofuna ukufinyelela kuyo
- Ungakhohlwa ukuzikhulisa njalo njalo
- Finyelela ephusheni lakho
- Thola izipho zakho

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

Ihubo 73

21Kwathi inhliziyo yami yaba nomunyu,

kuhlaba ezinsweni zami,

22ngaba yisiphukuphuku,

angaqonda lutho;

ngaba yisilwane kuwe.

23Kepha mina ngiyakube ngikuwe njalo;

ungibambile ngesandla sami sokunene.

24Uyakungihola ngesiluleko sakho,

andukuba ungamukele enkazimulweni.

Ihubo 73:21-24ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

IzAga 13

14Ukufundisa kohlakaniphileyo kungumthombo wokuphila,

ukuze kudedwe ezihibeni zokufa.

IzAga 13:14ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

KumaHeberu 5

13Ngokuba lowo odla ubisi akakaqondi lutho lwezwi lokulunga, ngokuba uyingane. 14Kepha ukudla okuqinileyo kungokwabakhulileyo, abathi ngokujwayela ukuwusebenzisa umqondo, sebenawo osulungele ukwahlukanisa okuhle nokubi.

KumaHeberu 5:13-14ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Kwabase-Efesu 4

13size sifinyelele sonke ebunyeni bokukholwa nasekwazini iNdodana kaNkulunkulu, ebudodeni obupheleleyo, esilinganisweni sobukhulu sokugcwala kukaKristu, 14ukuze singabe sisaba yizingane, sishukunyiswa okwamaza, sipheshulwa yimimoya yonke yezifundiso ngenkohliso yabantu, ngobuqili obunamacebo okudukisayo;

Kwabase-Efesu 4:13-14ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

IzEnzo 2

Ibandla laseJerusalema

42Baqinisela njalo esifundisweni sabaphostoli, nasekuhlanganeni, nasekuhlephuleni isinkwa, nasemikhulekweni.

IzEnzo 2:42ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

KwabaseKolose 3

23Konke enikwenzayo kwenzeni ngenhliziyo, kungathi kwenzelwa iNkosi, qha abantu, 24nazi ukuthi niyakwamukela umvuzo wefa eNkosini. Khonzani iNkosi uKristu.

KwabaseKolose 3:23-24ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

KwabaseFilipi 3

12kungesikho ukuthi sengibambile nokuthi sengiphelelisiwe, kepha ngijonga ukuba kumbe ngingakubamba yini lokho nami engabanjelwa khona nguKristu Jesu. 13Bazalwane, angisho ukuthi mina uqobo sengikubambile; kepha kunye engikwenzayo: ngikhohlwa okungasemuva, ngizelulela kokungaphambili, 14ngijonge emgomeni, emklomelweni wokubizwa okukhulu kwaphezulu nguNkulunkulu kuJesu Kristu.

KwabaseFilipi 3:12-14ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

KwabaseRoma 12

6Sinezipho zomusa ezahlukileyo ngokomusa esiwuphiweyo; uma singesokuprofetha, asiprofethe ngesilinganiso sokukholwa; 7uma singesokukhonza, kube senkonzweni; ofundisayo, kube sekufundiseni, 8oyalayo, ekuyaleni; owabayo, enze ngobuqotho; oholayo, ngenkuthalo; ohawukelayo, ngentokozo.

KwabaseRoma 12:6-8ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

NgokukaJohane 1

14ULizwi waba yinyama, wakha phakathi kwethu, sabona inkazimulo yakhe, inkazimulo njengeyozelwe yedwa kuYise, egcwele umusa neqiniso.

NgokukaJohane 1:14ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

NgokukaJohane 3

16“Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade. 17Ngokuba uNkulunkulu kayithumelanga iNdodana ezweni ukuba yahlulele izwe, kodwa ukuba izwe lisindiswe ngayo.

NgokukaJohane 3:16-17ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

KwabaseRoma 5

8kepha uNkulunkulu uyabonakalisa ukusithanda kwakhe ngalokhu ukuthi, siseyizoni, uKristu wasifela.

KwabaseRoma 5:8ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Kwabase-Efesu 1

7esinokuhlengwa kuye ngegazi lakhe, ukuthethelelwa kwezono ngokwengcebo yomusa wakhe

Kwabase-Efesu 1:7ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

KwabaseKolose 1

22nokho manje usebuyisene nani emzimbeni wenyama yayo ngokufa ukuba animise ningcwele, ningenasisihla nacala phambi kwakhe,

KwabaseKolose 1:22ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Bala kabusha indawo yakho ofuna ukufinyelela kuyo
Uma ubona ukuthi akuhambi kahle, ungabi namahloni ukucela umkhuleko komunye wamakholwa noma okungakuvuselela. Khuluma noMfundisi wakho ucele iseluleko.

Ungakhohlwa ukuzikhulisa njalo njalo
Ukufunda izinto ezintsha yinto efanele noma kusiphi isigaba. Izixazululo zayizolo aziyona impendulo ezindabeni zanamhlanje. Ngokufanayo ukholo lwakho ludinga ukukhula kanye nawe. Ukukhula kuza nokufunda kanye nokuzwa iZwi leNkosi kanjalo ukufunda ukukhuleka kanye namanye amakholwa.

Ukuhlala ugxilile eZwini kuyokusiza ukuba uhlale uneqiniso ekukholweni kwakho. Uma ubhekene nengxaki ngokuziphatha ngokwesimilo, ukwazi iZwi kuzokusiza ukuba wenze izinqumo ezihambisana nezinkolelo zobuKhristu.

Finyelela ephusheni lakho
Uhambo lomuntu nomuntu lunokuzikhethela okumbalwa okubalulekile empilweni oluzonquma impumelelo noma ukwehluleka kwabo. Ungaqiniseka kanjani ukuthi ukuzikhethela okwenzayo kuyobe kuyilokho okulungile?

Thola izipho zakho
Sonke sifuna ukwenza izinto empilweni yethu ezisenza sizizwe sibakhulu. Wonke umuntu uphiwe izici ezithile ezivela kuNkulunkulu, ubuhlakani obukwenza wehluke kwabanye. Yingakho kubalulekile ukuthola izipho zakho ezehlukile kanye namathalente.

Bible Society of South Africav.4.23.0
SITHOLE KU