Bible Society of South Africa

To The Word – Day 99

Isaiah 33–35, Matthew 5–7

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

U-Isaya 33

Ukukhululwa kweSiyoni

1Wo kuwena ochithayo,

kungachithwanga wena,

nakuwe okhohlisayo,

kungakhohliswanga wena!

Lapho uqede ukuchitha uyakuchithwa,

nalapho usugcine ukukhohlisa,

uyakukhohliswa nawe.

2Jehova, yiba nomusa kithi,

sihlalela wena.

Yiba yingalo yethu ekuseni njalo,

nokusindiswa kwethu ngesikhathi sokuhlupheka.

3Ngezwi lokuhlokoma abantu bayabaleka;

ngokuphakama kwakho izizwe ziyahlakazeka.

4Impango iyakubuthwa njengokubutha kwecimbi,

nanjengokuhlasela kwezinkumbi iyakuhlaselwa.

5UJehova uphakeme, ngokuba uhlala phezulu;

uligcwalisile iSiyoni ngokwahlulela nangokulunga.

6Kuyakuba khona ukuqiniseka ngesikhathi sakho,

ubuningi bokusindiswa nokuhlakanipha nokwazi;

ukumesaba uJehova kuyingcebo yakhe.

7Bheka, amaqhawe abo akhala ngaphandle;

izithunywa zokuthula zikhala ngomunyu.

8Imigwaqo iyize, izihambi seziphelile;

isivumelwano saphuliwe;

imizi ideleliwe;

umuntu akanakekelewa.

9Izwe liyalila, lidangele;

iLebanoni linamahloni, liyabuna;

iSharoni linjengehlane,

iBashani neKarmeli kuyavuthulukisa.

10“Sengiyakuvuka,” usho uJehova;

“sengiyakuphakama;

sengiyakuphakanyiswa.

11Niyakukhulelwa yizikhotha ezomileyo,

nizale amabibi;

ukuphefumula kwenu kungumlilo oniqothulayo.

12Abantu bayakushiswa njengokushiswa komcako,

njengameva anqunyiweyo ashiswa ngomlilo.”

13Yizwani nina enikude engikwenzileyo;

nani eniseduze, vumani amandla ami.

14Izoni zaseSiyoni ziyesaba,

ukuthuthumela kubambile abangenaNkulunkulu.

“Ngubani phakathi kwethu

ongahlala nomlilo oqothulayo;

ngubani phakathi kwethu

ongahlala nokunkewuzela okuphakade na?”

15Yena ohamba ngokulunga,

okhuluma ngobuqotho,

odelela inzuzo yokucindezela,

othintitha izandla zakhe ukuze angamukeli imivuzo,

ovala izindlebe zakhe ukuze angezwa ngegazi,

ocimeza amehlo akhe ukuze angaboni okubi,

16yena uyakuhlala ekuphakameni,

izinqaba zamadwala zibe yisivikelo sakhe,

aphiwe isinkwa sakhe,

amanzi akhe athembeke.

17Amehlo akho ayakuyibona inkosi ebuhleni bayo,

ayakubona izwe elelulekele kude.

18Inhliziyo yakho iyakucabanga ngovalo, ithi:

“Uphi umbhali, uphi olinganisile intela,

uphi obalile imibhoshongo na?”

19Awuyikubona abantu abanobudlova,

abantu abanokukhuluma okujulileyo ongenakukuzwa,

nabalulimi lwabo olukwitizayo kungekho ongaluqonda.

20Kepha bheka iSiyoni,

umuzi wemikhosi yethu;

amehlo akho mawabuke iJerusalema,

indlu yokuthula, itende elingayikususwa,

elizikhonkwane zalo aziyikusishulwa nanini,

nelizintambo zalo aziyikugqashulwa neyodwa.

21Kunalokho uJehova uyakuba nathi khona ebukhosini

esikhundleni semifula nemifudlana ebanzi,

lapho kungayikuhamba khona izikebhe ezinamaphini,

nomkhumbi omkhulu ungadluli kuyo.

22Ngokuba uJehova ungumahluleli wethu,

uJehova ungumenzi wemithetho yethu,

uJehova uyinkosi yethu;

uyakusisindisa.

23Izintambo zakho ziyaxega,

azinakusiqinisa isiqu sensika yabo,

azinakumeneka useyili;*

khona iyakwabelwa impango enkulu ephangiweyo;

nezinyonga ziyakuthatha impango.

24Abakhe khona abayikusho ukuthi:

“Ngiyagula,”

abantu abahlala khona bayakuthethelelwa ububi babo.

U-Isaya 33ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

U-Isaya 34

Ukwahlulelwa kuka-Edomi

1Sondelani nina zizwe, nizwe,

nilalele nina bantu:

makuzwe umhlaba nokugcwala kwawo,

nezwe nakho konke okuvela kulo.

2Ngokuba uJehova uthukuthelela izizwe zonke,

ufuthekela yonke impi yazo;

uziqalekisile, uzinikele ekubulaweni.

3Ababuleweyo bazo balahliwe,

nokunuka kuyenyuka ezidunjini zabo;

izintaba zincibilika ngegazi labo.

4Ibandla lonke lasezulwini liyaphela,

izulu lisongwe njengomqulu;

ibandla lonke liyawa njengokuwa kweqabunga emvinini

nanjengokubunileyo emkhiwaneni.

5Ngokuba inkemba yami izanelisile ngegazi ezulwini;

bheka, iyakwehlela phezu kuka-Edomi

naphezu kwabantu besiqalekiso sami ukuba ibahlulele.

6UJehova unenkemba; igcwele igazi,

inonile ngamanoni nangegazi lamawundlu nelezimbuzi,

nangamanoni ezinso zezinqama,

ngokuba uJehova uyanikela eBosira,

unokuhlaba okukhulu ezweni lakwa-Edomi.

7Izinyathi ziwa kanye nazo,

nezinkunzana kanye nezinkunzi;

izwe labo liyakugcwala igazi,

nothuli lwabo luyakunona ngamanoni.

8Ngokuba kulusuku lokuphindisela kukaJehova;

ngumnyaka wokubuyisela ngendaba yaseSiyoni.

9Imifudlana yakhona iyakuphenduka ikolitayi,*

uthuli lwakhona lube yisibabule,

nezwe langakhona libe yikolitayi elivuthayo.

10Aliyikucinywa ubusuku nemini;

umusi walo uyakukhuphuka kuze kube phakade;

izizukulwane ngezizukulwane liyakuba yize,

akuyikulidabula muntu nanini nanini.

11Liyakuba yifa levuba nelikanondwebu,

kwakhe kulo isikhova negwababa;

uyakwelula phezu kwalo intambo yencithakalo,

nomthofu wokumisa wokuyize.

12Phakathi kwabakhulu balo akakho

oyakumemezela umbuso,

nazo zonke izikhulu zalo ziyakuba yinto engelutho.

13Ameva ayakukhuphukela ezindlini zamakhosi,

izimbabazane namakhakhasi ezinqabeni zalo,

libe yikhaya lamakhanka

negceke lezintshe.

14Izilwane zasehlane ziyakuhlangana nezimpungushe,

nedemoni liyakukhala kumngane walo,

kwakhe khona umkhovu,

uzitholele indawo yokuphumula.

15Lapho umantshingeyana uyakwakha ikhaya lakhe,

azalele, achamisele,

afukame ngomthunzi wakhe,

kubuthane khona nawonhloyile,

kube yilowo nalowo nomngane wakhe.

16Funani encwadini kaJehova, nifunde;

ayiyikusilala nento eyodwa kulokhu,

ayikho eyakuswela umngane wayo,

ngokuba ngumlomo wakhe okuyalezile,

nomoya wakhe okuhlanganisile.

17Nguye okwenzele inkatho;

yisandla sakhe esikwabele ngentambo;

kuyakudla ifa lalo kuze kube phakade,

izizukulwane ngezizukulwane kuyakuhlala kulo.

U-Isaya 34ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

U-Isaya 35

Intokozo yabakhululiweyo beNkosi

1Kuyakujabula ihlane nogwadule,

kuthokoze uqwathule,

lukhahlele njengentebe.

2Luyakukhahlela kahle, luthokoze,

yebo, luthokoze, luhube;

luyakuphiwa udumo lweLebanoni,

nobukhosi beKarmeli nobeSharoni,

lubone inkazimulo kaJehova,

nobukhosi bukaNkulunkulu wethu.

3Qinisani izandla ezibuthakathaka,

nimise amadolo axegayo.

4Yishoni kwabanenhliziyo eyesabayo ukuthi:

“Qinani, ningesabi;

bhekani, uNkulunkulu wenu uyeza ngokuphindisela,

impindiselo ivela kuNkulunkulu;

nguye oza ukunisindisa.”

5Khona amehlo ezimpumputhe ayakuvulwa,

zivuleke nezindlebe zezithulu.

6Khona unyonga luyakutshekula njengendluzele,

nolimi lwesimungulu luyakuhuba,

ngokuba ehlane kuyakubhoboka amanzi,

nemifudlana kwahlongasibi.

7Isihlabathi esibengezelayo siyakuba yichibi,

isigagadu sibe yimithombo yamanzi;

ekhaya lamakhanka lapho ayebuthisa khona

kuyakuba khona igceke lomhlanga nekhwani.

8Kuyakuba khona umendo

nendlela eyakuthiwa iNdlela Yobungcwele;

ongcolileyo akayikuhamba ngayo,

kepha iyakuba ngeyabantu bakhe;

abahamba ngayo, noma beyiziwula,

abayikuduka kuyo.

9Akuyikuba khona lapho ingonyama,

nesilwane esihahayo asiyikukhuphukela khona;

lokho akuyikufunyanwa khona,

kepha abakhululiweyo bayakuhamba ngayo.

10Abahlengiweyo bakaJehova bayakubuya

baye eSiyoni ngokwethaba,

intokozo engunaphakade ibe phezu kwamakhanda abo;

bayakuthola ukujabula nokuthokoza,

kubaleke usizi nokububula.

U-Isaya 35ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

NgokukaMathewu 5

Intshumayelo yasentabeni

(Luk. 6:20)

1Kwathi ebona izixuku, wenyukela entabeni; esehlezi phansi, abafundi bakhe beza kuye. 2Wayesevula umlomo wakhe, wabafundisa wathi:

3“Babusisiwe abampofu emoyeni,

ngokuba umbuso wezulu ungowabo.

4Babusisiwe abakhalayo,

ngokuba bayakududuzwa.

5Babusisiwe abamnene,

ngokuba bayakudla ifa lomhlaba.

6Babusisiwe abalambele,

bomele ukulunga,

ngokuba bayakusuthiswa.

7Babusisiwe abanesihawu,

ngokuba bayakuhawukelwa.

8Babusisiwe abanenhliziyo ehlanzekileyo,

ngokuba bayakubona uNkulunkulu.

9Babusisiwe abalamulayo,

ngokuba bayakuthiwa abantwana bakaNkulunkulu.

10Babusisiwe abazingelwa ngenxa yokulunga,

ngokuba umbuso wezulu ungowabo.

11“Nibusisiwe, nxa benithuka, benizingela, bekhuluma konke okubi ngani, beqamba amanga ngenxa yami. 12Jabulani, nithokoze, ngokuba umvuzo wenu mkhulu ezulwini; ngokuba kanjalo babazingela abaprofethi abananduleleyo.

13“Nina ningusawoti womhlaba, kepha uma usawoti edumele, ubusawoti bovuswa ngani na? Akasasizi lutho, kuphela ukulahlwa ngaphandle, anyathelwe ngabantu.

14“Nina ningukukhanya kwezwe. Umuzi owakhe entabeni ungesitheke. 15Nomuntu kasokheli isibani, asibeke phansi kwesitsha, kodwa usifaka othini; khona siyabakhanyisela bonke abasendlini. 16Kanjalo makukhanye ukukhanya kwenu phambi kwabantu ukuba babone imisebenzi yenu emihle, badumise uYihlo osezulwini.

17“Ningathi ngize ukuchitha umthetho nabaprofethi; angizanga ukuchitha, ngize ukugcwalisa. 18Ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Kuze kudlule izulu nomhlaba, akusoze kwadlula gamana linye nasicashana sinye somthetho, kuze kufezeke konke. 19Ngakho-ke oweqa owodwa kule miyalo emincinyane, afundise abantu kanjalo, uyakuthiwa omncinyane embusweni wezulu; kepha oyigcinayo, ayifundise, lowo uyakuthiwa mkhulu embusweni wezulu. 20Ngokuba ngithi kini: Uma ukulunga kwenu kungadluli okwababhali nokwabaFarisi, anisoze nangena embusweni wezulu.

21“Nizwile kwathiwa kwabasendulo: ‘Ungabulali; yilowo nalowo obulalayo uyakuba necala lokwahlulelwa.’ 22Kepha mina ngithi kini: Yilowo nalowo othukuthelela umfowabo uyakuba necala lokwahlulelwa; noshoyo kumfowabo ukuthi: ‘Silima,’ uyakuba necala emphakathini; noshoyo ukuthi: ‘Siwula,’ uyakuba necala lokulahlwa esihogweni somlilo.

23“Ngakho-ke nxa uletha umnikelo wakho e-altare, ukhumbula lapho ukuthi umfowenu unamagqubu nawe, 24shiya lapho umnikelo wakho phambi kwe-altare, uhambe kuqala ubuyisane nomfowenu, andukuba uze unikele umnikelo wakho.

25“Shesha uzwane nolwa nawe nisesendleleni, funa olwa nawe akunikele kumahluleli, umahluleli akunikele esikhonzini, uphonswe etilongweni. 26Ngiqinisile ngithi kuwe: Kawusoze waphuma khona, uze ukhiphe ifadingi* lokugcina.

27“Nizwile kwathiwa: ‘Ungaphingi.’ 28Kepha mina ngithi kini: Yilowo nalowo obuka owesifazane, amkhanuke, usephingile naye enhliziyweni yakhe. 29Uma iso lakho lokunene likukhubekisa, likhiphe, ulilahle; ngokuba kungcono kuwe ukuba kubhubhe sibe sinye ezithweni zakho kunokuba wonke umzimba wakho uphonswe esihogweni. 30Noma isandla sakho sokunene sikukhubekisa, sinqume, usilahle; ngokuba kungcono kuwe ukuba kubhubhe sibe sinye ezithweni zakho kunokuba wonke umzimba wakho uphonswe esihogweni.

31“Kwathiwa: ‘Yilowo nalowo olahla umkakhe kamnike incwadi yesahlukaniso.’ 32Kepha mina ngithi kini: Yilowo nalowo olahla umkakhe kungengenxa yokuphinga umenza aphinge, noganwa ngolahliweyo uyaphinga.

33“Nizwile futhi kwathiwa kwabasendulo: ‘Ungafungi amanga, kepha uqinise izifungo zakho eNkosini.’ 34Kepha mina ngithi kini: Ningafungi nakanye, noma izulu, ngokuba liyisihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu, 35noma umhlaba, ngokuba uyisenabelo sezinyawo zakhe, noma iJerusalema, ngokuba lingumuzi weNkosi enkulu. 36Ungafungi nekhanda lakho, ngokuba awunakuphendula nalunye unwele lube mhlophe nokuba lube mnyama. 37Kepha izwi lenu malibe ngokuthi: Yebo, yebo; qhabo, qhabo. Okudlula lokhu kuvela kokubi.

38“Nizwile kwathiwa: ‘Iso ngeso, izinyo ngezinyo.’ 39Kepha mina ngithi kini: Ningamelani nokubi, kodwa uma umuntu ekumukula esihlathini sokunene, mphendulele nesinye. 40Nofuna ukukumangalela, akwamuke ingubo, mnike nejazi. 41Nosuka ekucindezela ukuba uhambe imayela* libe linye, hamba naye abe mabili. 42Muphe ocela kuwe, ungamfulatheli ofuna ukutsheleka kuwe.

43“Nizwile kwathiwa: ‘Wothanda umakhelwane wakho, uzonde isitha sakho.’ 44Kepha mina ngithi kini: Thandani izitha zenu, nibabusise abaniqalekisayo, nibaphathe kahle abanizondayo, nibakhulekele abanizingelayo 45ukuba nibe ngabantwana bakaYihlo osezulwini; ngokuba yena uphumisa ilanga lakhe phezu kwababi nabahle, anise imvula phezu kwabalungileyo nabangalungile. 46Ngokuba uma nithanda abanithandayo, ninamvuzo muni na? Abenzi njalo nabathelisi na? 47Futhi uma nibingelela abafowenu bodwa, nenza lukhulu luni na? Abenzi njalo nabezizwe na? 48Ngakho-ke manibe ngabapheleleyo, njengokuba uYihlo wasezulwini ephelele.

NgokukaMathewu 5ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

NgokukaMathewu 6

Intshumayelo yasentabeni isaqhubeka

1“Kepha qaphelani ningenzi ukulunga kwenu phambi kwabantu ukuba nibonwe yibo, funa ningabi nawo umvuzo kuYihlo osezulwini.

2“Ngakho-ke nxa wabela isipho, ungakhalisi icilongo phambi kwakho, njengalokhu kwenza abazenzisi emasinagogeni* nasemigwaqweni ukuba badunyiswe ngabantu. Ngiqinisile ngithi kini: Sebewamukele umvuzo wabo. 3Kepha wena, nxa wabela isipho, isandla sakho sokhohlo masingakwazi esikwenzayo esokunene, 4ukuze isipho sakho sibe sekusithekeni; noYihlo obona ekusithekeni uzakukuvuza.

5“Nalapho nikhuleka, ningabi njengabazenzisi, ngokuba bethanda ukukhuleka bemi emasinagogeni* nasezinhlanganweni zezindlela ukuba babonwe ngabantu. Ngiqinisile ngithi kini: Sebewamukele umvuzo wabo. 6Kepha wena, nxa ukhuleka, ngena ekamelweni lakho, uthi usuvale umnyango wakho ukhuleke kuYihlo osekusithekeni; noYihlo obona ekusithekeni uzakukuvuza. 7Kodwa nxa nikhuleka, ningathemelezi njengabezizwe, ngokuba bathi bayakuzwiwa ngokukhuluma kwabo okuningi. 8Ngakho-ke maningafani nabo; ngokuba uYihlo uyakwazi enikuswelayo ningakaceli kuye. 9Ngakho-ke anokhuleka kanje, nithi:

“ ‘Baba wethu osezulwini,

malingcweliswe igama lakho;

10mawufike umbuso wakho;

mayenziwe intando yakho emhlabeni njengasezulwini;

11usiphe namuhla isinkwa sethu

semihla ngemihla;

12usithethelele amacala ethu,

njengalokhu nathi sibathethelela

abanecala kithi;

13ungasingenisi ekulingweni,

kodwa usikhulule kokubi;

ngokuba umbuso ungowakho,

namandla, nenkazimulo,

kuze kube phakade. Amen.’

14“Ngokuba uma nithethelela abantu iziphambeko zabo, noYihlo wasezulwini uyakunithethelela nani. 15Kepha uma ningathetheleli abantu iziphambeko zabo, noYihlo akayikunithethelela iziphambeko zenu. 16Futhi nxa nizila ukudla, ninganyukumali njengabazenzisi; ngokuba bona banyakamisa ubuso babo, ukuze babonakale kubantu ukuthi bazilile. Ngiqinisile ngithi kini: Sebewamukele umvuzo wabo. 17Kepha wena, nxa uzila, gcoba ikhanda lakho, ugeze ubuso bakho, 18ukuze ungabonakali kubantu ukuthi uzilile kodwa kuYihlo osekusithekeni; noYihlo obona ekusithekeni uzakukuvuza.

19“Ningazibekeleli ingcebo emhlabeni, lapho kona inundu nokugqwala, nalapho amasela efohla khona, ebe. 20Kepha zibekeleleni ingcebo ezulwini, lapho kungoni inundu nokugqwala, nalapho amasela engafohli khona, ebe. 21Ngokuba lapho kukhona ingcebo yakho, nenhliziyo yakho iyakuba khona lapho.

22“Isibani somzimba yiso. Ngakho uma iso lakho lilihle, uzakukhanya umzimba wakho wonke. 23Kepha uma iso lakho lilibi, uzakuba mnyama umzimba wakho wonke. Ngakho uma ukukhanya okukuwe kungubumnyama, ubumnyama bukhulu kangakanani!

24“Akakho ongakhonza amakhosi amabili. Ngokuba uyakuzonda enye, athande enye, noma abambelele kwenye, adelele enye. Ningekhonze uNkulunkulu noMamona.*

25“Ngalokho-ke ngithi kini: Ningakhathazeki ngokuphila kwenu ukuthi niyakudlani noma niyakuphuzani, nangomzimba wenu ukuthi niyakwembathani. Ukuphila akukukhulu kunokudla nomzimba kunesambatho na? 26Bukani izinyoni zezulu ukuthi azihlwanyeli, azivuni, azibekeleli ezinqolobaneni; nokho uYihlo wasezulwini uyazondla. Nina kanizidluli kakhulu na? 27Ngumuphi kini ongelekela ebudeni bakhe ingalo ibe nye ngokukhathazeka na?

28“Nikhathazekelani ngesambatho na? Qaphelani iminduze yasendle ukuthi imila kanjani; kayikhandleki, kayiphothi; 29kepha ngithi kini: NoSolomoni ebukhazikhazini bakhe bonke wayengembathisile okomunye wayo. 30Uma uNkulunkulu embathisa kanjalo utshani basendle obukhona namuhla, ngomuso buphonswe eziko, akayikunembathisa kakhulu nina eninokukholwa okuncane na? 31Ngakho-ke ningakhathazeki nithi: ‘Siyakudlani?’ noma: ‘Siyakuphuzani?’ noma: ‘Siyakwembathani na?’ 32Ngokuba konke lokhu abezizwe bayakufunisisa; ingani uYihlo wasezulwini uyazi ukuthi niyakudinga konke lokhu. 33Kodwa funani kuqala umbuso kaNkulunkulu nokulunga kwakhe, khona konke lokhu kuyakwenezelwa nina. 34Ningakhathazeki ngengomuso, ngokuba ingomuso iyakukhathalela okwayo. Inkathazo yosuku yanele lona.

NgokukaMathewu 6ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

NgokukaMathewu 7

Ukuqhutshwa kwentshumayelo yasentabeni nokuphela kwayo

1“Ningahluleli ukuba ningahlulelwa. 2Ngokuba ngokwahlulela enahlulela ngakho nani niyakwahlulelwa ngakho, nangaleso silinganiso enilinganisa ngaso nani niyakulinganiselwa ngaso.

3“Ubhekelani ucezwana olusesweni lomfowenu, kepha ugongolo olusesweni lakho awuluboni, na? 4Ungasho kanjani kumfowenu ukuthi: ‘Ake ngikhiphe ucezwana olusesweni lakho;’ bheka, ugongolo lusesweni lakho. 5Mzenzisi, khipha kuqala ugongolo esweni lakho, khona-ke uzakubonisisa ukukhipha ucezwana esweni lomfowenu.

6“Ninganiki izinja okungcwele, ningaphonsi amaparele* enu phambi kwezingulube, funa ziwanyathele ngezinyawo zazo, ziphenduke, ziniklebhule.

7“Celani, khona nizakuphiwa; funani, khona nizakufumana; ngqongqothani, khona nizakuvulelwa. 8Ngokuba yilowo nalowo ocelayo uyamukeliswa, nofunayo uyafumana, nongqongqothayo uzakuvulelwa.

9“Noma ngumuphi umuntu kini ongathi, uma indodana yakhe icela isinkwa, ayinike itshe, 10noma icela inhlanzi, ayinike inyoka na? 11Ngakho-ke uma nina enibabi nazi ukubapha abantwana benu izipho ezinhle, kakhulu uYihlo osezulwini uzakubapha okuhle abacela kuye. 12Ngakho-ke konke nokungakanani enifuna ukuba abantu bakwenze kini, kwenzeni nani kanjalo kubo; ngokuba lokhu kungumthetho nabaprofethi.

13“Ngenani ngesango elincane; ngokuba isango libanzi nendlela inkulu eyisa ekubhujisweni; baningi abangena khona. 14Kepha isango lincane nendlela iyingcingo eyisa ekuphileni; bayingcosana abayifumanayo.

15“Xwayani abaprofethi bamanga abeza kini bembathise okwezimvu, kepha ngaphakathi bayizimpisi eziphangayo. 16Niyakubazi ngezithelo zabo. Kungakhiwa yini izithelo zomvini emeveni noma amakhiwane ekhakhasini na? 17Kanjalo yilowo nalowo muthi omuhle uthela izithelo ezinhle, kepha umuthi omubi uthela izithelo ezimbi. 18Umuthi omuhle ungethele izithelo ezimbi, nomuthi omubi ungethele izithelo ezinhle. 19Yilowo nalowo muthi ongatheli izithelo ezinhle uyanqunywa, uphonswe emlilweni. 20Njalo-ke niyakubazi ngezithelo zabo.

21“Asibo bonke abashoyo kimi ukuthi: ‘Nkosi, Nkosi,’ abayakungena embusweni wezulu, kuphela owenza intando kaBaba osezulwini. 22Abaningi bayakuthi kimi ngalolo suku: ‘Nkosi, Nkosi, asiprofethanga yini ngegama lakho, sakhipha amademoni ngegama lakho, senza imisebenzi eminingi yamandla ngegama lakho, na?’ 23Khona ngiyakufakaza kubo ukuthi: ‘Angizange nginazi; sukani kimi nina benzi bokubi.’

24“Ngalokho yilowo nalowo owezwa lawa mazwi ami, awenze, uyakufaniswa nendoda ehlakaniphileyo eyakha indlu yayo phezu kwedwala. 25Layithela imvula, kwafika izikhukhula, kwavunguza imimoya, yayishaya leyo ndlu; kepha kayiwanga, ngokuba yayisekelwe yidwala. 26Kodwa yilowo owezwa lawa mazwi ami, angawenzi, uyakufaniswa nendoda eyisiwula eyakha indlu yayo phezu kwesihlabathi. 27Layithela imvula, kwafika izikhukhula, kwavunguza imimoya, yayishaya leyo ndlu, yawa, kwaba kukhulu ukuwa kwayo!”

28Kwathi uJesu eseqedile lawo mazwi, izixuku zamangala ngokufundisa kwakhe; 29ngokuba wayebafundisa njengonamandla, kungenjengababhali babo.

NgokukaMathewu 7ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU