Intokozo yabakhululiweyo beNkosi
1Kuyakujabula ihlane nogwadule,
kuthokoze uqwathule,
lukhahlele njengentebe.
2Luyakukhahlela kahle, luthokoze,
yebo, luthokoze, luhube;
luyakuphiwa udumo lweLebanoni,
nobukhosi beKarmeli nobeSharoni,
lubone inkazimulo kaJehova,
nobukhosi bukaNkulunkulu wethu.
3Qinisani izandla ezibuthakathaka,
nimise amadolo axegayo.
4Yishoni kwabanenhliziyo eyesabayo ukuthi:
“Qinani, ningesabi;
bhekani, uNkulunkulu wenu uyeza ngokuphindisela,
impindiselo ivela kuNkulunkulu;
nguye oza ukunisindisa.”
5Khona amehlo ezimpumputhe ayakuvulwa,
zivuleke nezindlebe zezithulu.
6Khona unyonga luyakutshekula njengendluzele,
nolimi lwesimungulu luyakuhuba,
ngokuba ehlane kuyakubhoboka amanzi,
nemifudlana kwahlongasibi.
7Isihlabathi esibengezelayo siyakuba yichibi,
isigagadu sibe yimithombo yamanzi;
ekhaya lamakhanka lapho ayebuthisa khona
kuyakuba khona igceke lomhlanga nekhwani.
8Kuyakuba khona umendo
nendlela eyakuthiwa iNdlela Yobungcwele;
ongcolileyo akayikuhamba ngayo,
kepha iyakuba ngeyabantu bakhe;
abahamba ngayo, noma beyiziwula,
abayikuduka kuyo.
9Akuyikuba khona lapho ingonyama,
nesilwane esihahayo asiyikukhuphukela khona;
lokho akuyikufunyanwa khona,
kepha abakhululiweyo bayakuhamba ngayo.
10Abahlengiweyo bakaJehova bayakubuya
baye eSiyoni ngokwethaba,
intokozo engunaphakade ibe phezu kwamakhanda abo;
bayakuthola ukujabula nokuthokoza,
kubaleke usizi nokububula.