Bible Society of South Africa

To The Word – Day 97

Isaiah 26–28, Matthew 1–3

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

U-Isaya 26

Isihlabelelo sokusindiswa nokwahlulelwa

1Ngalolo suku lesi sihlabelelo siyakuhlatshelelwa ezweni lakwaJuda sokuthi:

Umuzi onamandla sinawo;

uyasimisela insindiso ibe yizingange nezindonga.

2Vulani amasango ukuba isizwe esilungileyo

esigcina iqiniso singene.

3Inhliziyo eqinileyo uyayilinda ngokuthula okupheleleyo,

ngokuba yethemba kuwe.

4Thembani kuJehova kuze kube phakade,

ngokuba uJehova,

yebo, uJehova uyidwala elingunaphakade.

5Ngokuba uthobisile ababehlezi phezulu,

umuzi ophakemeyo;

uyawubhidliza, uyawubhidliza kuze kube semhlabathini,

awusondeze nasothulini.

6Unyawo luyakuwunyathela phansi,

izinyawo zabaswelayo,

izinyathelo zabampofu.

7Indlela yabalungileyo iqondile,

umkhondo wabaqotho ulungile,

uyawenza ukuba ulingane.

8Yebo, ezindleleni zezahlulelo zakho, Jehova,

sikuhlalele.

Umphefumulo uyalangazelela

igama lakho nesikhumbuzo sakho.

9Ngomphefumulo wami ngikulangazelela ebusuku,

yebo, ngomoya wami ophakathi kwami ngiyakufunisisa,

ngokuba lapho izahlulelo zakho zisemhlabeni,

abakhileyo bezwe bafunda ukulunga.

10Uma omubi ephiwa umusa,

akafundi ukulunga;

ezweni lobuqotho uyakwenza ukonakala,

angaboni ukuphakama kukaJehova.

11Jehova, isandla sakho siphakeme,

kepha kababoni;

kodwa mababone ukushisekela kwakho abantu,

babe namahloni;

yebo, umlilo uyakuqeda izitha zakho.

12Jehova, uyakusimisela ukuthula;

ngokuba nayo yonke imisebenzi yethu

senzelwe yona nguwe.

13Jehova Nkulunkulu wethu,

amanye amakhosi angaphandle kwakho asibusile,

kepha kuwena wedwa siyadumisa igama lakho.

14Abafileyo ababuyi baphile,

izithunzi azibuyi zivuke;

ngalokho wabahambela, wabachitha,

wenza ukuba konke ukukhunjulwa kwabo kuphele.

15Wandisa isizwe, Jehova,

wandisa isizwe, wadunyiswa,

wavula yonke imikhawulo yezwe.

16Jehova, besekuhluphekeni bakuhambela,

bazethula ngemikhuleko lapho belaywa nguwe.

17Njengokhulelweyo osondela

ukuba abelethe ezwiswa ubuhlungu,

saba njalo phambi kobuso bakho, Jehova.

18Sasikhulelwe, sasinobuhlungu,

sabeletha kungathi umoya nje;

asenzanga insindiso emhlabeni,

nabayakwakha ezweni abasazalwa.

19Kepha abafileyo bakho bayakubuye baphile,

izidumbu zabo zivuke.

Phaphamani, nijabule nina enihlala othulini,

ngokuba amazolo akho angamazolo okukhanya,

nomhlaba uyakubakhipha abafileyo.

20Wozani, bantu bami,

ningene emakamelweni enu,

nizivalele iminyango,

nicashe ngokuphazima kweso,

kuze kudlule ulaka.

21Ngokuba bhekani,

uJehova uyaphuma endaweni yakhe

ukuba ahambele ububi babakhileyo emhlabeni;

umhlaba uyakubonakalisa igazi lawo,

ungabe usabasibekela ababuleweyo babo.

U-Isaya 26ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

U-Isaya 27

Ukubuyiswa kuka-Israyeli

1Ngalolo suku uJehova uyakuhambela

ngenkemba yakhe elukhuni enkulu nenamandla

uLeviyathani,* inyoka esheshayo,

uLeviyathani, inyoka ethandelayo,

abulale udrako* oselwandle.

2Ngalolo suku kuyakuba khona isivini esinxanelekayo.

“Hlabelelani ngaso.

3Mina Jehova ngingumlindi waso,

ngiyakusinisela njalo;

funa soniwe, ngiyakusilinda ubusuku nemini.

4Ukufutheka akukho kimi;

sengathi kungaba khona amakhakhasi nameva!

Bengiyakuwasukela ngokulwa,

ngiwashise kanyekanye,

5noma abambelele emandleni ami

ukuba enze ukuthula nami,

enzelane ukuthula nami.”

6Ngezinsuku ezizayo uJakobe uyakugxila,

u-Israyeli akhahlele, aqhakaze,

bagcwalise ubuso bomhlaba ngezithelo.

7Ubashayile njengalokho ebashayile ababashayayo na?

Babulewe njengokubulawa kwababulewe nguye na?

8Ngokubamukisa nangokubaxosha uyabajezisa;

wabasusa ngomoya wakhe olukhuni

ngosuku lomoya wasempumalanga.

9Ngakho ububi bukaJakobe buyakuhlangulwa ngalokhu,

lokhu kube yisithelo sonke sokususa isono sakhe,

lapho enza ukuba onke amatshe e-altare

avithizeke njengamatshe omcako,

kungabe kusamiswa o-Ashera* nama-altare empepho.

10Ngokuba umuzi obiyelweyo uyize,

nekhaya limukelwe,

lishiyiwe njengehlane;

ithole liyakuklaba khona,

libuthise khona,

lidle, liqede amahlamvu awo.

11Lapho amagatsha awo esebunile, ayakwaphulwa,

kufike abesifazane,

baphembe umlilo kuwo,

ngokuba bangabantu abangenakuqonda;

ngalokho owabenzayo akayikubahawukela,

nowababumbayo akayikuba namusa kubo.

12Kuyakuthi ngalolo suku uJehova avuthuze ezikhwetshini zasemfuleni kuze kube semfuleni waseGibithe, nibuthwe abanye ngabanye nina bantwana bakwa-Israyeli. 13Kuyakuthi ngalolo suku libethwe icilongo elikhulu, kufike ababelahlekile ezweni lase-Asiriya nabaxoshiweyo ezweni laseGibithe, bakhuleke kuJehova entabeni engcwele eJerusalema.

U-Isaya 27ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

U-Isaya 28

Isiprofetho ngo-Efrayimi

1Wo kuwo umqhele wokuziphakamisa

wezidakwa zakwa-Efrayimi,

nakuyo imbali ebunayo yobuhle bakhe obukhazimulayo,

esenhloko yesigodi esivundileyo

sabanqotshwe yiwayini.

2Bheka, iNkosi inaye oqinileyo nonamandla;

uyakuwisa phansi ngamandla

njengesivunguvungu esinesichotho,

nesiphepho esichithayo,

nesiphihli samanzi esinamandla esikhukhulayo.

3Umqhele wokuziphakamisa wezidakwa zakwa-Efrayimi

uyakunyathelwa ngezinyawo,

4imbali ebunayo yobuhle bakhe obukhazimulayo,

esenhloko yesigodi esivundileyo,

ibe njengekhiwane elivuthiwe kungakafiki ukuvuna;

olibonayo uyalibuka, aligwinye,

lise sesandleni sakhe.

5Ngalolo suku uJehova Sebawoti

uyakuba ngumqhele wobukhosi,

nesicoco esihle kuyo insali yabantu bakhe,

6nomoya wokwahlulela kohlezi ekwahluleleni,

namandla kubo ababuyisa impi esangweni.

Ukonakala kwaseJerusalema

7Nalabo baduka ngewayini;

ngophuzo olunamandla bayatengezela;

abapristi nabaprofethi bayaduka ngophuzo olunamandla,

bayatengezela ngophuzo olunamandla;

bayaduka ekuboneni,

bakhubeka ekwahluleleni.

8Yebo, onke amatafula agcwele ubuhlanzo nokungcola,

kungabe kusabakho ndawo.

9“Ngubani ayakumfundisa ukwazi,

aqondise bani umbiko, na?

Yibo abalunyuliweyo obisini,

basuswa emabeleni, na?

10Ngokuba kuyisiyalezelo phezu kwesiyalezelo,

isiyalezelo phezu kwesiyalezelo,

umthetho phezu komthetho,

umthetho phezu komthetho,

lapha ingcosana, nalapho ingcosana.”

11Yebo, ngezindebe ezingingizayo

nangolunye ulimi

uyakukhuluma kulaba bantu

12akade esho kubo ukuthi:

“Lokhu kungukuphumula;

phumuzani abayethileyo;

lokhu kungukuhlunyelelwa,”

kepha abathandanga ukuzwa.

13Ngalokho izwi likaJehova liyakuba kubona

isiyalezelo phezu kwesiyalezelo,

isiyalezelo phezu kwesiyalezelo,

umthetho phezu komthetho,

umthetho phezu komthetho,

lapha ingcosana, nalapho ingcosana,

ukuze bahambe, bawe nyovane,

baphuke, bacushwe, babanjwe.

14Ngalokho yizwani izwi likaJehova

nina bantu abadelelayo,

enibusa laba bantu baseJerusalema.

15Ngokuba nithe:

“Senzile isivumelwano nokufa,

sivumelene nendawo yabafileyo;

lapho isiswebhu esikhukhulayo sidlula,

asiyikusehlela thina,

ngokuba senzile amanga abe yisiphephelo sethu,

sicashile phansi kwenkohliso.”

16Ngalokho ithi iNkosi uJehova:

“Bheka, ngibeka eSiyoni itshe lesisekelo,

itshe elivivinyekileyo,

itshe legumbi elinqabileyo lesisekelo esiyiso;

okholwayo kayikubaleka.

17Ngiyakwenza ukwahlulela

kube ngumucu wokulinganisa,

nokulunga kube ngumthofu wokumisa,

isichotho sihlwithe isiphephelo samanga,

amanzi akhukhule indawo yokucasha.

18Futhi isivumelwano senu nokufa siyakuchithwa,

nokuvumelana kwenu nendawo yabafileyo akuyikuma;

lapho isiswebhu esikhukhulayo sidlula,

niyakunyathelwa phansi yiso.

19Njalo lapho sidabula, siyakunibamba,

ngokuba siyakudabula ukusa ngokusa imini nobusuku,”

kube ngukwesaba kuphela,

lapho umbiko uqondwa.

20Ngokuba umbhede uyakuba mfushane

kunokuba umuntu enabe kuwo,

nengubo ibe ncane

kunokuba umuntu azisonge ngayo.

21Ngokuba uJehova uyakusukuma

njengasentabeni yasePherasimi,

athukuthele njengasesigodini saseGibeyoni,

ukuze enze umsebenzi wakhe,

umsebenzi wakhe ongavamile,

afeze isenzo sakhe,

isenzo sakhe esimangalisayo.

22Ngalokho ningadeleli,

funa izibopho zenu ziqiniswe,

ngokuba ngizwile eNkosini uJehova Sebawoti

ukuthi ukuphela kunqunyiwe phezu kwawo wonke umhlaba.

23Bekani indlebe, nizwe izwi lami;

lalelani, nizwe ukukhuluma kwami.

24Umlimi, eyakutshala,

ulima lonke usuku na?

Uyaduba abhuqe umhlabathi wakhe njalo na?

25Lapho esehlelembile ubuso bawo,

angithi uhlwanyela amafitshizi,*

asakaze ikumini,*

atshale ukolweni ngezinhla,

nebhali* ezindaweni zalo,

nokolweni ocolekileyo eceleni, na?

26UNkulunkulu wakhe uyamhlakahlisa ngendlela eyiyo,

amfundise.

27Ngokuba amafitshizi* awabhulwa ngesibhulo esibukhali,

nesondo lengqukumbane kaliphendulwa phezu kwekumini,*

kepha amafitshizi ayavuthuzwa ngenduku

nekumini ngothi.

28Amabele esinkwa ayacolwa na?

Cha, ngokuba awabhulwa nokubhulwa njalo;

nakuba eqhuba isondo lengqukumbane

namahhashi alo phezu kwawo, awacolisiswa.

29Nalokho kuvela kuJehova Sebawoti

oyisimangaliso ekululekeni

nomkhulu emaswini.

U-Isaya 28ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

NgokukaMathewu 1

Izizukulwane zikaJesu

(Luk. 3:23)

1Incwadi yokuzalwa kukaJesu Kristu, indodana kaDavide, indodana ka-Abrahama.

2U-Abrahama wazala u-Isaka, u-Isaka wazala uJakobe, uJakobe wazala uJuda nabafowabo; 3uJuda wazala oFaresi noZara kuTamari, uFaresi wazala u-Esiromu, u-Esiromu wazala u-Aramu; 4u-Aramu wazala u-Aminadaba, u-Aminadaba wazala uNasoni, uNasoni wazala uSalimoni; 5uSalimoni wazala uBowasi kuRahabi, uBowasi wazala u-Obede kuRuthe, u-Obede wazala uJesayi; 6uJesayi wazala uDavide, inkosi. UDavide wazala uSolomoni kumka-Uriya; 7uSolomoni wazala uRobowamu, uRobowamu wazala u-Abiya, u-Abiya wazala u-Asafa; 8u-Asafa wazala uJosafati, uJosafati wazala uJoramu, uJoramu wazala u-Oziya; 9u-Oziya wazala uJothamu, uJothamu wazala u-Akazi, u-Akazi wazala uHezekiya; 10uHezekiya wazala uManase, uManase wazala u-Amoni, u-Amoni wazala uJosiya; 11uJosiya wazala uJekoniya nabafowabo ngesikhathi sokuthunjelwa eBabiloni.

12Kwathi emva kokuthunjelwa eBabiloni uJekoniya wazala uSalatiyeli, uSalatiyeli wazala uZorobabeli; 13uZorobabeli wazala u-Abiyudi, u-Abiyudi wazala u-Eliyakimi, u-Eliyakimi wazala u-Azori; 14u-Azori wazala uSadoki, uSadoki wazala u-Akimi, u-Akimi wazala u-Eliyudi; 15u-Eliyudi wazala u-Eleyazare, u-Eleyazare wazala uMathani, uMathani wazala uJakobe; 16uJakobe wazala uJosefa, indoda kaMariya, azalwa nguye uJesu othiwa uKristu.

17Zinjalo-ke izizukulwane zonke ezisukela ku-Abrahama ziye kuDavide, ziyizizukulwane eziyishumi nane; nezisukela kuDavide ziye ekuthunjelweni eBabiloni ziyizizukulwane eziyishumi nane; nezisukela ekuthunjelweni eBabiloni ziye kuKristu ziyizizukulwane eziyishumi nane.

Ukuzalwa kukaJesu

(Luk. 1:26; 2:1)

18Ukuzalwa kukaJesu Kristu kwaba nje: unina uMariya esemiselwe uJosefa, bengakahlangani wafunyanwa ekhulelwe ngoMoya oNgcwele. 19Kepha uJosefa indoda yakhe engumuntu olungileyo, engathandi ukumthela ihlazo, wayefuna ukumlahla ngasese.

20Esazindla ngalokho, bheka, ingelosi yeNkosi yabonakala kuye ngephupho, ithi: “Josefa, ndodana kaDavide, ungesabi ukumthatha uMariya umkakho, ngokuba lokho akukhulelweyo kungoMoya oNgcwele. 21Uzakuzala indodana, uyiqambe igama lokuthi uJesu, ngokuba nguye oyakusindisa abantu bakhe ezonweni zabo.” 22Lokhu konke kwenzeka ukuba kugcwaliseke okwakhulunywa yiNkosi ngomprofethi ukuthi: 23“Bheka, intombi iyakukhulelwa, izale indodana; bayakuyiqamba igama lokuthi u-Emanuweli,” okungukuthi ngokuhunyushwa “uNkulunkulu unathi”.

24UJosefa esevukile ebuthongweni wenza njengalokho imyalile ingelosi yeNkosi, wamthatha umkakhe; 25akaze aya kuye, waze wazibula ngendodana; wayiqamba igama lokuthi uJesu.

NgokukaMathewu 1ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

NgokukaMathewu 2

Izazi zasempumalanga

1UJesu esezelwe eBetlehema laseJudiya emihleni kaHerode inkosi, bheka, kwafika izazi eJerusalema, zivela empumalanga, zithi: 2“Uphi lowo ozelwe eyinkosi yabaJuda na? Ngokuba sibonile inkanyezi yakhe kwelasempumalanga, size ukukhuleka kuye.”

3UHerode inkosi esekuzwile lokho wakhathazeka neJerusalema lonke kanye naye. 4Wabutha bonke abapristi abakhulu nababhali besizwe, wabuza kubo ukuthi uKristu uzakuzalelwaphi. 5Bathi kuye: “EBetlehema laseJudiya, ngokuba kulotshiwe kanjalo ngomprofethi ukuthi:

6“ ‘Nawe Betlehema,

lizwe lakwaJuda,

kawusiye omncane nakanye kubabusi bakwaJuda,

ngokuba kuyakuvela kuwe umbusi

oyakwalusa isizwe sami u-Israyeli.’ ”

7Khona uHerode, ezibizile izazi ngasese, wabuzisisa kuzo isikhathi inkanyezi ebonakele ngaso, 8wazithuma eBetlehema, wathi: “Hambani nibuzisise ngomntwana; kuyakuthi nxa nimfumene, ningitshele ukuba nami ngiye ngikhuleke kuye.”

9Seziyizwile inkosi, zamuka; bheka, inkanyezi ezayibona kwelasempumalanga yahamba phambi kwazo, yaze yafika yema phezu kwalapho umntwana ekhona. 10Zathi ukuyibona inkanyezi, zathokoza ngokuthokoza okukhulu kakhulu. 11Zase zingena endlini, zabona umntwana noMariya unina, zawa phansi, zakhuleka kuye, zavula amagugu azo, zamkhunga ngezipho: igolide namakha nenhlaka. 12Kwathi ziyaliwe nguNkulunkulu ngephupho ukuba zingabuyeli kuHerode, zabuyela ezweni lakubo ngenye indlela.

13Sezimukile, bheka, ingelosi yeNkosi yabonakala kuJosefa ngephupho, ithi: “Vuka uthabathe umntwana nonina, ubalekele eGibithe, uhlale khona, ngize ngikutshele; ngokuba uHerode uzakumfuna umntwana ukuba ambhubhise.”

14Wavuka-ke, wathabatha umntwana nonina ebusuku, wamuka waya eGibithe, 15wahlala khona, waze wafa uHerode, ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa yiNkosi ngomprofethi ukuthi: “Ngayibiza indodana yami iphume eGibithe.”

Ukubulawa kwabantwana baseBetlehema

16Khona uHerode, esebonile ukuthi izazi zimphambile, wathukuthela kakhulu, wathumela wabulala bonke abantwana besilisa baseBetlehema nasendaweni yonke yangakhona, abaminyaka mibili nangaphansi njengesikhathi abesibuzisisile kuzo izazi. 17Khona kwagcwaliseka okwakhulunywa ngoJeremiya umprofethi ukuthi:

18“Kwezwakala izwi eRama,

ukukhala nokulila okukhulu,

uRakheli ekhalela abantwana bakhe,

engavumi ukududuzwa, ngokuba abasekho.”

Ukubuya kukaJosefa eGibithe nokuhlala kwakhe eNazaretha

19Kepha uHerode esefile, bheka, ingelosi yeNkosi yabonakala ngephupho kuJosefa eGibithe, yathi: 20“Vuka uthabathe umntwana nonina, uye ezweni lakwa-Israyeli; ngokuba sebefile ababezingela ukuphila komntwana.”

21Wasuka-ke, wathabatha umntwana nonina, wafika ezweni lakwa-Israyeli. 22Kepha ezwa ukuthi sekubusa u-Arkelawu eJudiya esikhundleni sikaHerode uyise, wesaba ukuya khona; eseyaliwe nguNkulunkulu ngephupho wamuka waya kwelaseGalile; 23wafika wakha emzini othiwa iNazaretha ukuba kugcwaliseke okwakhulunywa ngabaprofethi ukuthi: “Uyakubizwa ngokuthi umNazaretha.”

NgokukaMathewu 2ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

NgokukaMathewu 3

Ukushumayela kukaJohane uMbhapathizi

(Mark. 1:1; Luk. 3:1; Joh. 1:6,19)

1Ngaleyo mihla kwavela uJohane uMbhapathizi eshumayela ehlane laseJudiya, ethi: 2“Phendukani, ngokuba umbuso wezulu ususondele!” 3Ngokuba nguye akhuluma ngaye umprofethi u-Isaya, ethi:

“Izwi lomemezayo ehlane, lithi:

‘Lungisani indlela yeNkosi,

nenze imikhondo yayo iqonde.’ ”

4Yena uJohane wayenengubo yoboya bekamela noqhotho lwesikhumba okhalweni lwakhe; ukudla kwakhe kwakuyizinkumbi nezinyosi zasendle. 5Khona kwaphumela kuye iJerusalema, neJudiya lonke, nezwe lonke laseJordani, 6babhapathizwa nguye emfuleni iJordani bevuma izono zabo.

7Kepha kwathi ebona abaningi kubaFarisi nabaSadusi beza embhapathizweni, wathi kubo: “Nzalo yezinyoka, ngubani onibonise ukubalekela intukuthelo ezayo na? 8Ngakho vezani izithelo ezifanele ukuphenduka. 9Ningacabangi ukuba ningasho phakathi kwenu ukuthi: ‘Sinobaba u-Abrahama;’ ngokuba ngithi kini: UNkulunkulu angamvusela u-Abrahama abantwana kulawa matshe. 10Izembe selibekiwe empandeni yemithi; ngakho yonke imithi engatheli izithelo ezinhle iyanqunywa, iphonswe emlilweni.

11“Mina nginibhapathiza ngamanzi, kube ngukuphenduka; kepha yena oza emva kwami unamandla kunami engingafanele ukuthwala izicathulo zakhe; yena uzakunibhapathiza ngoMoya oNgcwele nangomlilo, 12ombenge yakhe yokwela isesandleni sakhe; uzakushanelisisa isibuya sakhe, abuthele amabele enqolobaneni yakhe; kepha amakhoba uzakuwashisa ngomlilo ongacimekiyo.”

Ukubhapathizwa kukaJesu

(Mark. 1:9; Luk. 3:21)

13Khona uJesu evela eGalile wafika kuJohane eJordani ukuba azobhapathizwa nguye. 14Kepha uJohane wamalela wathi: “Yimi engiswela ukubhapathizwa nguwe; wena uza kimi na?”

15UJesu waphendula, wathi kuye: “Vuma kalokhu, ngokuba kusifanele ukugcwalisa kanjalo ukulunga konke.” Khona wayesemvumela.

16UJesu esebhapathiziwe wakhuphuka masinyane emanzini; bheka, izulu lavuleka, wabona uMoya kaNkulunkulu ehla njengejuba, eza phezu kwakhe. 17Bheka, kwavela izwi ezulwini, lithi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo.”

NgokukaMathewu 3ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU