Isihlabelelo sokusindiswa nokwahlulelwa
1Ngalolo suku lesi sihlabelelo siyakuhlatshelelwa ezweni lakwaJuda sokuthi:
Umuzi onamandla sinawo;
uyasimisela insindiso ibe yizingange nezindonga.
2Vulani amasango ukuba isizwe esilungileyo
esigcina iqiniso singene.
3Inhliziyo eqinileyo uyayilinda ngokuthula okupheleleyo,
ngokuba yethemba kuwe.
4Thembani kuJehova kuze kube phakade,
ngokuba uJehova,
yebo, uJehova uyidwala elingunaphakade.
5Ngokuba uthobisile ababehlezi phezulu,
umuzi ophakemeyo;
uyawubhidliza, uyawubhidliza kuze kube semhlabathini,
awusondeze nasothulini.
6Unyawo luyakuwunyathela phansi,
izinyawo zabaswelayo,
izinyathelo zabampofu.
7Indlela yabalungileyo iqondile,
umkhondo wabaqotho ulungile,
uyawenza ukuba ulingane.
8Yebo, ezindleleni zezahlulelo zakho, Jehova,
sikuhlalele.
Umphefumulo uyalangazelela
igama lakho nesikhumbuzo sakho.
9Ngomphefumulo wami ngikulangazelela ebusuku,
yebo, ngomoya wami ophakathi kwami ngiyakufunisisa,
ngokuba lapho izahlulelo zakho zisemhlabeni,
abakhileyo bezwe bafunda ukulunga.
10Uma omubi ephiwa umusa,
akafundi ukulunga;
ezweni lobuqotho uyakwenza ukonakala,
angaboni ukuphakama kukaJehova.
11Jehova, isandla sakho siphakeme,
kepha kababoni;
kodwa mababone ukushisekela kwakho abantu,
babe namahloni;
yebo, umlilo uyakuqeda izitha zakho.
12Jehova, uyakusimisela ukuthula;
ngokuba nayo yonke imisebenzi yethu
senzelwe yona nguwe.
13Jehova Nkulunkulu wethu,
amanye amakhosi angaphandle kwakho asibusile,
kepha kuwena wedwa siyadumisa igama lakho.
14Abafileyo ababuyi baphile,
izithunzi azibuyi zivuke;
ngalokho wabahambela, wabachitha,
wenza ukuba konke ukukhunjulwa kwabo kuphele.
15Wandisa isizwe, Jehova,
wandisa isizwe, wadunyiswa,
wavula yonke imikhawulo yezwe.
16Jehova, besekuhluphekeni bakuhambela,
bazethula ngemikhuleko lapho belaywa nguwe.
17Njengokhulelweyo osondela
ukuba abelethe ezwiswa ubuhlungu,
saba njalo phambi kobuso bakho, Jehova.
18Sasikhulelwe, sasinobuhlungu,
sabeletha kungathi umoya nje;
asenzanga insindiso emhlabeni,
nabayakwakha ezweni abasazalwa.
19Kepha abafileyo bakho bayakubuye baphile,
izidumbu zabo zivuke.
Phaphamani, nijabule nina enihlala othulini,
ngokuba amazolo akho angamazolo okukhanya,
nomhlaba uyakubakhipha abafileyo.
20Wozani, bantu bami,
ningene emakamelweni enu,
nizivalele iminyango,
nicashe ngokuphazima kweso,
kuze kudlule ulaka.
21Ngokuba bhekani,
uJehova uyaphuma endaweni yakhe
ukuba ahambele ububi babakhileyo emhlabeni;
umhlaba uyakubonakalisa igazi lawo,
ungabe usabasibekela ababuleweyo babo.