Bible Society of South Africa

To The Word – Day 86

Luke 1–6

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

NgokukaLuka 1

Isingeniso

(IzE. 1:1)

1Njengokuba abaningi sebezamile ukulanda ngokuhlelekile ngalezo zindaba ezigcwaliseke phakathi kwethu, 2njengalokho basinika zona labo ababekhona kwasekuqaleni, bezibonela ngamehlo, beyizikhonzi zezwi, 3kwasengathi kuhle nakimina, lokhu ngizihlolisisile zonke izinto, kusukela ekuqaleni, ngikulobele ngokulandelana, Theyofilu odumileyo, 4ukuze wazi ukuqiniseka kwalezo zindaba ozifundisiweyo.

Ukuzalwa kukaJohane nokukaJesu kuyabikezelwa

5Emihleni kaHerode inkosi yaseJudiya kwakukhona umpristi othile ogama lakhe nguZakariya, esigabeni sika-Abiya, nomkakhe engowamadodakazi ka-Aroni, igama lakhe ngu-Elisabethe. 6Babelungile bobabili phambi kukaNkulunkulu behamba ngayo yonke imiyalo nezimiso zeNkosi, bengasoleki. 7Kepha babengenamntwana, ngokuba u-Elisabethe wayeyinyumba; bobabili base bekhulile.

8Kwathi-ke esayenza inkonzo yobupristi phambi kukaNkulunkulu njengokuhlelwa kwesikhathi sesigaba sakubo, 9ngokomthetho wobupristi kwaba nguye owabelwa ukungena ethempelini leNkosi, azoshisa impepho. 10Isixuku sonke sabantu sasikhuleka ngaphandle ngesikhathi sempepho.

11Kwabonakala kuye ingelosi yeNkosi imi ngakwesokunene se-altare lempepho. 12UZakariya eyibona wethuka, wehlelwa luvalo. 13Kepha ingelosi yathi kuye: “Ungesabi, Zakariya, ngokuba isicelo sakho sizwakele; umkakho u-Elisabethe uzakukuzalela indodana, uyiqambe igama lokuthi uJohane. 14Uzakuba nokujabula nokuthokoza wena; nabaningi bazakujabula ngokuzalwa kwakhe. 15Ngokuba uzakuba mkhulu emehlweni eNkosi; kasoze waphuza iwayini nophuzo oludakisayo; uzakugcwaliswa nguMoya oNgcwele esesesiswini sikanina. 16Abaningi kubantwana bakwa-Israyeli uyakubaphendulela eNkosini uNkulunkulu wabo. 17Uyakuhamba ngaphambi kwayo emoyeni nasemandleni ka-Eliya ukuphendulela izinhliziyo zawoyise kubantwana nabangalaleliyo ekuqondeni kwabalungileyo, ukulungisela iNkosi isizwe esilungiselweyo.”

18UZakariya wathi engelosini: “Ngiyakukwazi ngani lokhu na? Ingani sengiyindoda endala mina, nomkami uqhubekile ezinsukwini zakhe.”

19Ingelosi yaphendula, yathi kuye: “NginguGabriyeli mina, omiyo phambi kukaNkulunkulu; ngithunyiwe ukuba ngikhulume kuwe, ngikubikele lezi zindaba ezinhle. 20Bheka-ke, uzakuba yisimungulu, ungakwazi ukukhuluma kuze kube lusuku okwenzeka ngalo lokhu, ngokuba ungakholwanga ngamazwi ami azakugcwaliseka ngesikhathi sawo.”

21Abantu bemlindele uZakariya bamangala ngokulibala kwakhe ethempelini. 22Kuthe esephuma, wahluleka ukukhuluma kubo; bazi ukuthi ubone umbono ethempelini; wayelokhu ebaqhweba, wahlala eyisimungulu.

23Kwathi seziphelile izinsuku zokukhonza kwakhe, wamuka waya ekhaya. 24Kepha emva kwalezo zinsuku u-Elisabethe umkakhe wakhulelwa, wazifihla izinyanga eziyisihlanu, wathi: 25“Yenze njalo iNkosi kimi emihleni eyangibheka ngayo ukususa ihlazo lami phakathi kwabantu.”

26Ngenyanga yesithupha ingelosi uGabriyeli yathunywa nguNkulunkulu emzini waseGalile ogama lawo yiNazaretha, 27entombini eyayimiselwe indoda ebizo layo nguJosefa wendlu kaDavide; ibizo lentombi nguMariya. 28Yangena ingelosi kuye, yathi: “E wena ophiwe umusa! INkosi inawe; ubusisiwe esifazaneni.”

29Kepha yena wethuka ngezwi layo ezindla ngokuthi kungaba ngukubingelela kuni lokhu. 30Ingelosi yathi kuye: “Ungesabi, Mariya, ngokuba ufumene umusa kuNkulunkulu. 31Bheka, uzakukhulelwa, uzale indodana, uyiqambe igama lokuthi uJesu. 32Yena uyakuba mkhulu, athiwe iNdodana yoPhezukonke; iNkosi uNkulunkulu iyakumnika isihlalo sobukhosi sikayise uDavide; 33uyakuba yinkosi yendlu kaJakobe kuze kube phakade, nombuso wakhe awuyikuba nakuphela.”

34UMariya wathi engelosini: “Lokhu kuyakwenzeka kanjani, njengokuba ngingayazi indoda na?”

35Ingelosi yaphendula, yathi kuye: “UMoya oNgcwele uzakuza phezu kwakho, amandla oPhezukonke akusibekele; ngakho-ke okungcwele okuzozalwa kuzakuthiwa iNdodana kaNkulunkulu. 36Bheka, u-Elisabethe isihlobo sakho naye ukhulelwe indodana esemdala; lena ngeyesithupha yakhe obethiwa inyumba. 37Ngokuba akukho lutho olungenzeke kuNkulunkulu.”

38UMariya wathi: “Bheka, ngiyincekukazi yeNkosi; akube kimi njengezwi lakho.” Ingelosi yamuka kuye.

Indumiso ka-Elisabethe nekaMariya

39Ngalezo zinsuku uMariya wasuka waya ngokushesha kwelezintaba emzini wakwaJuda. 40Wangena endlini kaZakariya, wambingelela u-Elisabethe. 41Kwathi ukuba u-Elisabethe ezwe ukubingelela kukaMariya, umntwana waxhuma esiswini sakhe; u-Elisabethe wagcwala uMoya oNgcwele, 42wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Ubusisiwe wena esifazaneni! Sibusisiwe nesithelo sesisu sakho! 43Ngehlelwe kanjani yilokhu ukuba unina weNkosi yami ahambele kimi na? 44Ngokuba bheka, kuthe izwi lokubingelela kwakho lifika ezindlebeni zami, umntwana waxhuma esiswini sami ngokujabula. 45Ubusisiwe owakholwayo, ngokuba kuzakuba khona ukufezeka kwalokho akutshelwa, kuvela eNkosini.”

46Wayesethi uMariya:

“Umphefumulo wami uyayitusa Nkosi,

47nomoya wami uyathokoza kuNkulunkulu, uMsindisi wami,

48ngokuba ubhekile ubuphansi bencekukazi yakhe.

Bheka, kusukela manje izizukulwane zonke ziyakuthi ngibusisiwe.

49Ngokuba uSomandla ungenzele

izinto ezinkulu:

igama lakhe lingcwele.

50Isihawu sakhe sikuzo izizukulwane

ngezizukulwane kubo abamesabayo.

51Wenzile amandla ngengalo yakhe;

uchithile abazidlayo ekuzidleni kwenhliziyo yabo.

52Uwisile amakhosi ezihlalweni,

uphakamisile abantukazana.

53Abalambileyo ubasuthisile ngezinto ezinhle,

abacebileyo ubamukise ze.

54Uyisizile inceku yakhe u-Israyeli,

ukuze akhumbule isihawu,

55njengalokho akusho kokhokho bethu ku-Abrahama nenzalo yakhe kuze kube phakade.”

56UMariya wahlala naye kungathi izinyanga ezintathu, wabuyela ekhaya.

Ukuzalwa kukaJohane. Indumiso kaZakariya

57Saphelela-ke isikhathi sika-Elisabethe sokuba abelethe; wazala indodana. 58Abakhelene naye nezihlobo zakhe bezwa ukuthi iNkosi yenze isihawu sayo saba sikhulu kuye, bathokoza naye.

59Kwathi ngosuku lwesishiyagalombili beza ukusoka umntwana, bamqamba ngegama likayise uZakariya. 60Unina wayesephendula ethi: “Qhabo, uzakuthiwa uJohane.”

61Bathi kuye: “Akakho noyedwa emndenini wakini obizwa ngalelo gama.”

62Bamqhweba uyise ukuthi ufuna ukumqamba ngaliphi. 63Wabiza isileti,* waloba ukuthi. “NguJohane igama lakhe.” Bamangala bonke. 64Kwase kuvuleka umlomo wakhe khona lapho nolimi lwakhe, wakhuluma embonga uNkulunkulu. 65Bonke abakhelene nabo behlelwa ngukwesaba, bakhuluma ngazo zonke lezo zindaba kulo lonke lezintaba laseJudiya, 66nabo bonke abazizwayo bazigcina ezinhliziyweni zabo, bethi: “Kodwa lo mntwana uyakuba yini na?” Isandla seNkosi sasinaye.

67UZakariya uyise wagcwala uMoya oNgcwele, waprofetha wathi:

68“Mayibongwe iNkosi,

uNkulunkulu ka-Israyeli,

ngokuba ibahambele abantu bayo,

yabenzela inkululeko.

69Yasivusela uphondo lwensindiso endlini kaDavide inceku yayo,

70njengalokho yakhuluma ngomlomo wabaprofethi bayo abangcwele basendulo,

71insindiso ezitheni zethu nasesandleni sabo bonke abasizondayo,

72ukwenzela okhokho bethu isihawu

nokukhumbula isivumelwano sayo esingcwele,

73isifungo eyasifunga kubaba u-Abrahama,

74ukusinika ukuba sithi sikhululiwe esandleni sezitha zethu,

siyikhonze singenakwesaba

75ngobungcwele nangokulunga phambi kwayo zonke izinsuku zethu.

76Nawe-ke mntwana,

uyakuthiwa umprofethi woPhezukonke,

ngokuba uyakuhamba phambi kweNkosi ukulungisa izindlela zayo

77ukunika abantu bayo ukuyazi insindiso

ngokuthethelelwa kwezono zabo,

78ngemisesane yesihawu sikaNkulunkulu wethu

esizakuhanjelwa ngayo ngukusa kwaphezulu,

79ukubakhanyisela abahlezi ebumnyameni nasethunzini lokufa

nokuqondisa izinyawo zethu endleleni yokuthula.”

80Wakhula-ke umntwana, waba namandla emoyeni; wahlala ehlane kwaze kwaba lusuku lokubonakaliswa kwakhe ku-Israyeli.

NgokukaLuka 1ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

NgokukaLuka 2

Ukuzalwa kukaJesu nokusokwa kwakhe

(Math. 1:18)

1Kwathi ngalezo zinsuku kwaphuma isimemezelo kuKesari Awugustu sokuba kubalwe izwe lonke. 2Lokhu kubalwa kokuqala kwenziwa uKhureniyu engumbusi waseSiriya. 3Bonke baya kubalwa, yilowo nalowo emzini wakubo.

4Naye uJosefa wakhuphuka ephuma eGalile emzini waseNazaretha, waya eJudiya emzini kaDavide othiwa iBetlehema, ngokuba wayengowendlu nozalo lukaDavide, 5ukuyobalwa kanye noMariya owayemmiselwe ukuba abe ngumkakhe, ekhulelwe. 6Kwathi-ke beselapho, zaphelela izinsuku zokuba abelethe. 7Wazibula ngendodana, wayembesa, wayilalisa emkhombeni, ngokuba bantula indawo endlini yezihambi.

8Kwakukhona abelusi kulelo zwe ababehlezi endle, belinda umhlambi wabo ebusuku. 9Ingelosi yeNkosi yema phambi kwabo, inkazimulo yeNkosi yabakhanyisa nxazonke; besaba ngokwesaba okukhulu. 10Ingelosi yathi kubo: “Ningesabi; ngokuba bhekani, nginibikela izindaba ezinhle zokuthokoza okukhulu okuzakuba kubantu bonke, 11ukuthi nizalelwe namuhla uMsindisi onguKristu iNkosi emzini kaDavide. 12Nalokhu kuyisiboniso kini: niyakufumana umntwana embesiwe, elele emkhombeni.”

13Masinyane kwaba khona kanye nengelosi uquqaba lwebandla lasezulwini, lumdumisa uNkulunkulu, luthi:

14“Udumo kuNkulunkulu kweliphezulu,

nokuthula emhlabeni kubantu abathokozelwa nguye.”

15Kwathi ukuba zimuke kubo izingelosi ziya ezulwini, abelusi bakhuluma bodwa, bathi: “Asihambe manje, size sifike eBetlehema, sibone leyo nto eyenzekileyo iNkosi esazisile yona.”

16Bephuthuma bafika, bafumanisa oMariya noJosefa, nomntwana olele emkhombeni. 17Sebebonile balanda ngalelo zwi ababetshelwe lona ngalowo mntwana. 18Bonke abezwayo bamangala ngokukhulunywe kubo ngabelusi. 19Kepha uMariya wagcina onke lawo mazwi ezindla ngawo enhliziyweni yakhe. 20Babuya-ke abelusi bemdumisa, bembonga uNkulunkulu ngakho konke abakuzwileyo nabakubonileyo, njengalokho kwakukhulunyiwe kubo.

21Kwathi seziphelile izinsuku eziyisishiyagalombili zokuba umntwana asokwe, igama lakhe lathiwa uJesu, elaliqanjiwe yingelosi, engakathatshathwa esiswini.

OSimeyoni no-Ana

22Kwathi ukuba kuphelele izinsuku zokuhlanjululwa kwabo ngokomthetho kaMose, benyukela naye eJerusalema ukuba bammise phambi kweNkosi 23njengokulotshiwe emthethweni weNkosi ukuthi: “Konke okwesilisa okuyizibulo kuyakuthiwa okwahlukaniselwe iNkosi”, 24banikele ngomhlatshelo njengokushiwo emthethweni weNkosi: “Amahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba.”

25Bheka, kwakukhona umuntu eJerusalema ogama lakhe linguSimeyoni; lo muntu wayelungile, emesaba uNkulunkulu, ebhekile induduzo ka-Israyeli; noMoya oNgcwele wayephezu kwakhe. 26Kwakubonakalisiwe kuye ngoMoya oNgcwele ukuthi akayikubona ukufa engakamboni uKristu weNkosi. 27Wafika ngoMoya ethempelini. Kwathi ukuba abazali balethe umntwana uJesu ethempelini ukuba benze kuye njengesiko lomthetho, 28wamamukela ngokumgona, wambonga uNkulunkulu, wathi:

29“Sale usumukisa ngokuthula inceku yakho,

Somandla, njengezwi lakho,

30ngokuba amehlo ami abonile insindiso yakho

31oyilungisele ebusweni babantu bonke,

32ukukhanya kokwambulela abezizwe

nenkazimulo yesizwe sakho u-Israyeli.”

33Uyise nonina bamangala ngalokho okukhulunywa ngaye. 34USimeyoni wababusisa, wathi kuMariya unina: “Bheka, lo umiselwe ukuwa nokuvuka kwabaningi ku-Israyeli, nesibonakaliso esiphikwayo – 35yebo, inkemba iyakudabula nowakho umphefumulo – ukuba kwambulwe izizindlo zezinhliziyo eziningi.”

36Kwakukhona nomprofethikazi, u-Ana, indodakazi kaFanuweli, owesizwe sika-Aseri; wayesekhulile kakhulu, ebehlalile nendoda iminyaka eyisikhombisa emva kobuntombi bakhe, 37engumfelokazi waze waba neminyaka engamashumi ayisishiyagalombili nane, engasuki ethempelini, ekhonza ngokuzila nangokukhuleka ubusuku nemini. 38Naye-ke efika ngasona leso sikhathi wamtusa uNkulunkulu, wakhuluma ngaye kubo bonke ababebheke ukukhululwa kweJerusalema.

39Kwathi sebefeze konke okungokomthetho weNkosi babuyela eGalile emzini wakubo iNazaretha. 40Wakhula umntwana, waba namandla, wagcwala ukuhlakanipha; nomusa kaNkulunkulu wawuphezu kwakhe.

Umntwana uJesu ethempelini eneminyaka eyishumi nambili

41Abazali bakhe baya eJerusalema iminyaka yonke ngomkhosi wePhasika. 42Eseneminyaka eyishumi nambili, bakhuphuka njengokomthetho womkhosi. 43Sebeziqedile izinsuku, ekubuyeni kwabo, umntwana uJesu wasala eJerusalema, abazali bakhe bengazi. 44Bethi-ke bona uphakathi kwabahambisana nabo bahamba ibanga losuku, bamfuna phakathi kwezihlobo nabazana nabo. 45Bengamtholi babuyela eJerusalema, bemfuna. 46Kwathi emva kwezinsuku ezintathu bamfumana ethempelini ehlezi phakathi kwabafundisi, ebezwa, ebabuza. 47Bonke ababemuzwa bamangala ngokuqonda nangokuphendula kwakhe. 48Bathi bembona, bamangala; unina wathi kuye: “Mntanami, usenzeleni okunje na? Bheka, uyihlo nami besikufuna silusizi.”

49Wathi kubo: “Kukanjani, beningifunelani na? Beningazi yini ukuthi kumelwe ukuba ngibe kokukaBaba na?” 50Abaliqondanga lelo zwi abelikhuluma kubo.

51Wehla nabo, wafika eNazaretha, wabathobela. Kepha unina wawagcina onke lawa mazwi enhliziyweni yakhe. 52UJesu waqhubeka ekuhlakanipheni, nasekukhuleni, nasemseni kuNkulunkulu nakubantu.

NgokukaLuka 2ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

NgokukaLuka 3

Umsebenzi kaJohane uMbhapathizi. Ukubhapathizwa kukaJesu

(Math. 3:1; Mark. 1:1; Joh. 1:6,19; Math. 3:13; Mark. 1:9)

1Kwathi ngomnyaka weshumi nanhlanu wokubusa kukaTiberiyu Kesari, uPontiyu Pilatu engumbusi waseJudiya, uHerode engumtetrarki* waseGalile, uFiliphu umfowabo engumtetrarki wezwe lase-Itureya nelaseTrakhoniti, uLisaniya engumtetrarki wase-Abilene, 2u-Anase engumpristi omkhulu noKayafase, kwafika izwi likaNkulunkulu kuJohane indodana kaZakariya ehlane. 3Weza ezweni lonke laseJordani eshumayela umbhapathizo wokuphenduka, kube ngukuthethelelwa kwezono, 4njengokuba kulotshiwe encwadini yamazwi ka-Isaya umprofethi ukuthi:

“Izwi lomemezayo ehlane, lithi:

‘Lungisani indlela yeNkosi,

nenze imikhondo yayo iqonde.

5Izigodi zonke ziyakugqitshwa,

zonke izintaba namagquma kuyakwehliswa;

kuqonde izinsongansonga,

nemigoxigoxi ibe yizindlela ezilelezekile;

6inyama yonke izakubona insindiso kaNkulunkulu.’ ”

7Ngakho-ke wathi ezixukwini ezaziphumela ukubhapathizwa nguye: “Nzalo yezinyoka, ubani onibonise ukubalekela intukuthelo ezayo na? 8Ngakho vezani izithelo ezifanele ukuphenduka, ningaqali ukuthi phakathi kini: ‘Sinobaba u-Abrahama;’ ngokuba ngithi kini: UNkulunkulu unamandla okumvusela u-Abrahama abantwana kulawa matshe. 9Namanje izembe selibekiwe empandeni yemithi; ngakho yonke imithi engatheli isithelo esihle iyanqunywa, iphonswe emlilweni.”

10Izixuku zambuza zathi: “Pho, sizakwenzani na?”

11Waphendula, wathi kubo: “Onezingubo ezimbili akamuphe ongenayo; naye onokudla enze njalo.”

12Kwafika nabathelisi ukuba babhapathizwe, bathi kuye: “Mfundisi, sizakwenzani na?”

13Wathi kubo: “Ningabizi lutho ngaphezu kwenikumiselweyo.”

14Namabutho ambuza athi: “Thina-ke, sizakwenzani na?”

Wathi kuwo: “Ningamuki muntu lutho ngendluzula, ningamxabheleli; yaneliswani yizinkokhelo zenu.”

15Abantu besabhekile, bezindla bonke ezinhliziyweni zabo ngoJohane ukuthi ingabe unguKristu yini, 16uJohane waphendula, wathi kubo bonke: “Mina kambe nginibhapathiza ngamanzi, kepha uyeza onamandla kunami engingafanele ukuthukulula umchilo wezicathulo zakhe; yena uzakunibhapathiza ngoMoya oNgcwele nangomlilo; 17oqoma lakhe lokwela lisesandleni sakhe ukushanelisisa isibuya sakhe nokubuthela ukolweni enqolobaneni yakhe; kepha amakhoba uzakuwashisa ngomlilo ongacimekiyo.” 18Nangokunye okuningi washumayela ivangeli kubantu, ebayala.

19Kepha uHerode umtetrarki,* esolwa nguye ngenxa kaHerodiya umkamfowabo nangenxa yakho konke okubi abekwenzile uHerode, 20wenezela nalokhu kokunye konke, wamvalela uJohane etilongweni.

21Kwathi bebhapathiziwe abantu bonke, naye uJesu esebhapathiziwe, ekhuleka, izulu lavuleka, 22uMoya oNgcwele enesimo somzimba njengejuba wehlela phezu kwakhe; kwavela izwi ezulwini, lithi: “Wena uyiNdodana yami ethandekayo; ngithokozile ngawe.”

Izizukulwane zikaJesu

(Math. 1:1)

23Yena uJesu, ukuqala kwakhe, wayeneminyaka engaba ngamashumi amathathu, eyindodana, njengokushiwoyo, kaJosefa ka-Eli 24kaMathati kaLevi kaMeliki kaJanayi kaJosefa 25kaMatathiya ka-Amose kaNahume ka-Eseli kaNagayi 26kaMati, kaMatathiya kaSemeyini kaJosefa kaJuda 27kaJohanani kaResa kaZorobabeli kaSalatiyeli kaNeri 28kaMeliki ka-Adi kaKosamu ka-Elimadamu ka-Eri 29kaJose ka-Eliyezeri kaJorimi kaMathati kaLevi 30kaSimeyoni kaJuda kaJosefa kaJonamu ka-Eliyakimi 31kaMeleya kaMena kaMathata kaNathamu kaDavide 32kaJesayi ka-Obede kaBowasi kaSala kaNasoni 33ka-Aminadaba ka-Adameyini ka-Arani ka-Esiromu kaFaresi kaJuda 34kaJakobe ka-Isaka ka-Abrahama kaThara kaNahori 35kaSeruki kaRagawu kaFaleki ka-Ebere kaSala 36kaKayinamu ka-Arfakisadi kaSemi kaNowa kaLameka 37kaMathusala ka-Enoke kaJarethi kaMaleleyeli kaKayinani 38ka-Enose kaSeti ka-Adamu kaNkulunkulu.

NgokukaLuka 3ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

NgokukaLuka 4

Ukulingwa kukaJesu

(Math. 4:1; Mark. 1:12)

1UJesu egcwele uMoya oNgcwele wabuya eJordani, waholekela ngoMoya ehlane, 2elingwa nguSathane izinsuku ezingamashumi amane. Akadlanga lutho kulezo zinsuku; seziphelile, walamba.

3Wayesethi kuye uSathane: “Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, yisho kuleli tshe ukuba libe yisinkwa.”

4UJesu wamphendula wathi: “Kulotshiwe ukuthi: ‘Akusinkwa sodwa umuntu azakuphila ngaso.’ ”

5Esemenyusela entabeni ende wambonisa imibuso yonke yezwe ngomzuzwanyana. 6USathane wathi kuye: “Amandla onke lana ngokunika wena kanye nenkazimulo yawo, ngokuba inikwe mina, futhi ngiyinika noma ubani ngokuthanda kwami. 7Ngakho-ke wena, uma ukhuleka phambi kwami, konke kuzakuba ngokwakho.”

8UJesu waphendula, wathi kuye: “Kulotshiwe ukuthi: ‘Wokhuleka eNkosini uNkulunkulu wakho, umkhonze yena yedwa.’ ”

9Wayesemholela eJerusalema, wammisa esiqongweni sethempeli, wathi kuye: “Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, ziphonse phansi lapha, 10ngokuba kulotshiwe ukuthi:

11“ ‘Uyakuyaleza izingelosi zakhe ngawe, zikulinde,’

“nokuthi:

“ ‘Ziyakukuthwala ngezandla,

ungaze waqhuzuka etsheni ngonyawo lwakho.’ ”

12UJesu waphendula, wathi kuye: “Kwathiwa: ‘Ungayilingi iNkosi uNkulunkulu wakho.’ ”

13USathane eseqede ukulinga konke wamuka kuye isikhathi.

UJesu udelelwa ngabaseNazaretha

(Math. 13:53; Mark. 6:1)

14UJesu wabuyela eGalile ngamandla kaMoya; udumo lwakhe lwanda kulo lonke izwe langakhona. 15Wafundisa emasinagogeni* abo edunyiswa yibo bonke.

16Wafika eNazaretha, lapho wayondliwa khona, wangena esinagogeni* ngosuku lwesabatha njengokwenza kwakhe, wasukumela ukufunda. 17Wanikwa incwadi ka-Isaya umprofethi, wayivula incwadi, wafumana indawo okulotshwe kuyo ukuthi:

18“UMoya weNkosi uphezu kwami,

ngokuba ingigcobile ukuba ngishumayele ivangeli kwabampofu,

ingithumele ukumemezela ukukhululwa kwabathunjiweyo,

nokubona kwabayizimpumputhe,

nokuhlenga abacindezelweyo,

19nokumemezela umnyaka omuhle weNkosi.”

20Wayigoqonga incwadi, wayinika isikhonzi, wahlala; amehlo abo bonke ababesesinagogeni* amgqolozela. 21Waqala ukukhuluma kubo, ethi: “Namhlanje ugcwalisekile lo mbhalo ezindlebeni zenu.”

22Bonke bamfakazela bemangala ngamazwi omusa aphuma emlonyeni wakhe, bathi: “Lo akasiyo indodana kaJosefa na?”

23Wathi kubo: “Nempela niyakusho kimi lesi saga sokuthi: ‘Nyanga, zelaphe wena.’ Lokho esikuzwile kwenziwa eKapernawume, kwenze nalapha ezweni lakini.”

24Wathi-ke: “Ngiqinisile ngithi kini: Akukho mprofethi owamukelwa ezweni lakubo. 25Kepha ngempela ngithi kini: Kwakukhona kwa-Israyeli abafelokazi abaningi emihleni ka-Eliya, lapho izulu lalivalekile iminyaka emithathu nezinyanga eziyisithupha, kwaba khona indlala enkulu ezweni lonke; 26kepha u-Eliya kathunyelwanga nakoyedwa kubona, kuphela eSarepita laseSidoni kowesifazane ongumfelokazi. 27Kwakukhona futhi kwa-Israyeli abanochoko abaningi ngesikhathi sika-Elisha umprofethi; kepha akuhlanjululwanga namunye kubo, kuphela uNayimani umSiriya.”

28Bonke ababesesinagogeni* bagcwala ulaka bekuzwa lokho. 29Basukuma, bamxosha emzini, bamqhubela ekwengameni kwentaba umuzi wabo owakhiwe phezu kwayo, ukuze bamkhalakathelisele phansi. 30Kepha yena edabula phakathi kwabo wamuka.

Ukuphiliswa kweziguli eKapernawume

(Mark. 1:23; Math. 8:14)

31Wehlela eKapernawume umuzi waseGalile. Wayebafundisa ngosuku lwesabatha. 32Bamangala ngokufundisa kwakhe, ngokuba izwi lakhe lalinamandla.

33Kwakukhona esinagogeni* umuntu onomoya wedemoni elingcolileyo, wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: 34“Hhiya! Sinamsebenzi muni nawe Jesu waseNazaretha? Uze ukusibhubhisa na? Ngiyakwazi ukuba ungubani: ungoNgcwele kaNkulunkulu.”

35UJesu wamkhuza wathi: “Thula, uphume kuye!” Idemoni lamphonsa phansi phakathi kwabo, laphuma kuye lingamlimazanga.

36Behlelwa ngukwesaba bonke, bakhuluma bodwa, bathi: “Yizwi lini leli lokuba ayale omoya abangcolileyo ngegunya nangamandla, baphume?” 37Kwanda udumo ngaye kuzo zonke izindawo zangakhona.

38Wasuka esinagogeni,* wangena endlini kaSimoni. Kepha umkhwekazi kaSimoni wayebanjwe ngumkhuhlane omkhulu; bamnxusa ngaye. 39Wamengama, wakhuza umkhuhlane; wona wamyeka; wasuka masinyane, wabakhonza.

40Ukushona kwelanga bonke ababe nabagulayo izifo ngezifo babaletha kuye; ebeka izandla phezu kwabo ngabanye wabaphulukisa. 41Kwaphuma namademoni kwabaningi ememeza ethi: “Wena uyiNdodana kaNkulunkulu.” Kepha wawakhuza, kawavumelanga ukuba akhulume, ngokuba ayemazi ukuthi unguKristu.

42Sekusile, waphuma waya endaweni eyihlane; izixuku zamfuna, zaze zafika kuye impela, zambamba ukuba angamuki kuzo. 43Kepha wathi kuzo: “Nakweminye imizi ngimelwe ukushumayela ivangeli lombuso kaNkulunkulu, ngokuba ngithunyelwe lokho.” 44Washumayela emasinagogeni* aseGalile.

NgokukaLuka 4ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

NgokukaLuka 5

Ukubizwa kukaPetru nababe naye

(Math. 4:18; Mark. 1:16)

1Kwathi isixuku simbunganyela ukuba sizwe izwi likaNkulunkulu, wayemi ngaselwandle lwaseGenesaretha, 2wabona imikhumbi emibili imi ngaselwandle; abadobi babephumile kuyo behlanza amanetha. 3Esengene komunye wemikhumbi ongokaSimoni wamcela ukuba asuke kancane emhlabathini. Wahlala phansi, wabafundisa abantu esemkhunjini.

4Kuthe esegcinile ukukhuluma, wathi kuSimoni: “Qhubekela ekujuleni, nehlise amanetha enu, nibambe.”

5USimoni waphendula wathi: “Nkosi, sishikile ubusuku bonke, asibambanga lutho; kepha ngezwi lakho ngiyakuwehlisa amanetha.”

6Sebekwenzile lokho babamba izinhlanzi eziningi kakhulu, aze agqabuka amanetha abo. 7Babaqhweba omana babo abakomunye umkhumbi ukuba beze, bababambise. Beza-ke, bayigcwalisa imikhumbi yomibili, yaze yathi ayizike.

8Kuthe uSimoni Petru ekubona lokho, waziphonsa phansi ngasemadolweni kaJesu, wathi: “Suka kimi, Nkosi, ngokuba ngingumuntu oyisoni.” 9Ngokuba ubehlelwa ngukwesaba, yena kanye nabo bonke ababe naye, ngobuningi bezinhlanzi ababezibambile, 10kanjalo-ke noJakobe noJohane amadodana kaZebedewu ababesebenzisana noSimoni.

UJesu wathi kuSimoni: “Ungesabi; kusukela manje uzakubamba abantu.” 11Sebeyilethile imikhumbi emhlabathini bashiya konke, bamlandela.

UJesu uphilisa umuntu onochoko

(Math. 8:1; Mark. 1:40)

12Kwathi ekomunye wemizi, bheka, nanso indoda egcwele uchoko. Kuthe embona uJesu, wawa ngobuso, wamnxusa wathi: “Nkosi, uma uthanda, ungangihlambulula.”

13Welula isandla sakhe, wamphatha, wathi: “Ngiyathanda; hlambuluka.” Masinyane uchoko lwasuka kuye.

14Wamyala ukuba angatsheli muntu, wathi: “Kepha suka, uzibonakalise kumpristi, unikele ngokuhlanjululwa kwakho, njengalokho uMose akuyalayo, kube ngubufakazi kubo.”

15Kwayilapho ukukhuluma ngaye kwanda kakhulu. Zabuthana izixuku eziningi ukuzwa nokuphulukiswa ezifweni zazo. 16Kepha yena wamonyukela ehlane, wakhuleka.

UJesu uphilisa umuntu ofe uhlangothi. Ukubizwa kukaLevi

(Math. 9:1; Mark. 2:1)

17Kwathi ngolunye lwalezo zinsuku yena esafundisa, kwakuhlezi khona abaFarisi nabafundisi bomthetho ababephuma emizini yonke yaseGalile neJudiya neJerusalema. Namandla eNkosi ayekuye ukuba aphulukise. 18Bheka-ke, nanko amadoda ethwele ohlakeni umuntu ofe uhlangothi, efuna ukumngenisa nokumbeka phambi kwakhe. 19Engafumani ukuthi angamngenisa kanjani ngenxa yesixuku akhwela phezu kwendlu, amehlisa ophahleni kanye nohlaka ngaphakathi phambi kukaJesu.

20Ebona ukukholwa kwawo wathi: “Mngane, uthethelelwe izono zakho.”

21Ababhali nabaFarisi baqala ukuzindla ngokuthi: “Ngubani lo okhuluma ngokuhlambalaza? Ngubani ongathethelela izono ngaphandle kukaNkulunkulu yedwa na?”

22Kepha uJesu ezazi izizindlo zabo waphendula, wathi kubo: “Nizindlani ezinhliziyweni zenu na? 23Yikuphi okulula ukuthi: ‘Uthethelelwe izono zakho,’ noma ukuthi: ‘Vuka uhambe,’ na? 24Kepha ukuze nazi ukuthi iNdodana yomuntu inamandla emhlabeni okuthethelela izono,” wayesethi kofe uhlangothi: “Kuwena ngithi: Vuka uthabathe uhlaka lwakho, uye endlini yakho.” 25Wasukuma khona lapho phambi kwabo, wathabatha lokho abelele kukho, wamuka waya endlini yakhe emdumisa uNkulunkulu. 26Ukumangala kwabehlela bonke, bamdumisa uNkulunkulu, bagcwala ukwesaba, bathi: “Sibonile izimanga namuhla.”

27Emva kwalokho waphuma, wabona umthelisi, igama lakhe nguLevi, ehlezi endaweni yokuthela, wathi kuye: “Ngilandele.” 28Washiya konke, wasukuma, wamlandela.

29ULevi wamenzela isidlo esikhulu endlini yakhe; kwakukhona isixuku esikhulu sabathelisi nabanye ababehlezi nabo ekudleni. 30AbaFarisi nababhali bakhonona kubafundi bakhe, bathi: “Yini ukuba nidle niphuze nabathelisi nezoni na?”

31Waphendula uJesu, wathi kubo: “Abaphilileyo abadingi inyanga, ngabagulayo bodwa. 32Kangizelanga ukubiza abalungileyo kodwa izoni ukuba ziphenduke.”

Ukuzila ukudla

(Math. 9:14; Mark. 2:18)

33Base bethi kuye: “Abafundi bakaJohane bazila kaningi, benze imikhuleko, kanjalo nababaFarisi, kepha abakho bayadla, baphuze.”

34Kepha uJesu, wathi kubo: “Ningabazilisa yini abayeni, umyeni esenabo na? 35Kodwa kuzakufika izinsuku, lapho umyeni ezakususwa kubo; yikhona bezakuzila ngalezo zinsuku.”

36Wabatshela nomfanekiso wokuthi: “Akakho odabula isiziba engutsheni entsha, asibekele engutsheni endala; uma enza lokho, uyayona entsha, futhi isiziba sentsha asizukuzwana nendala. 37Futhi akakho othela iwayini elisha ezimvabeni ezindala funa iwayini elisha liqhumise izimvaba, lichitheke lona, nezimvaba zonakale. 38Kodwa iwayini elisha limelwe ukuthelwa ezimvabeni ezintsha. 39Akakho othi ephuze iwayini elidala, afune elisha, ngokuba uthi elidala limnandi.”

NgokukaLuka 5ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

NgokukaLuka 6

UJesu uchachisa umyalelo wesabatha

(Math. 12:1; Mark. 2:23)

1Kwathi ngesabatha wadabula amasimu; abafundi bakhe bakha izikhwebu, badla bezihlikihla ngezandla. 2Kepha abathile babaFarisi bathi: “Nenzelani lokho okungavunyelwe ngesabatha na?”

3UJesu ebaphendula wathi: “Anifundanga yini ngalokho akwenza uDavide mhla elambile yena nababe naye 4ukuthi wangena endlini kaNkulunkulu, wathatha izinkwa zokubukwa ezingavunyelwe ukudliwa muntu, ngabapristi bodwa, wadla, wanika nababe naye, na?” 5Wathi kubo: “INdodana yomuntu iyiNkosi neyesabatha.”

UJesu uphilisa ngesabatha

(Math. 12:9; Mark. 3:1)

6Kwathi-ke ngelinye isabatha wangena esinagogeni,* wafundisa. Kwakukhona umuntu lapho osandla sakhe sokunene sasishwabene. 7Ababhali nabaFarisi bamqaphelisisa ukuthi uyaphilisa yini ngesabatha, ukuze bathole ukumbeka icala. 8Kepha wazazi izizindlo zabo wathi kuyo indoda esandla sishwabene: “Sukuma, ume phakathi.” Wasukuma-ke, wema.

9UJesu wathi kubo: “Ngiyanibuza ukuthi kuvunyelwe ngesabatha ukwenza okuhle noma okubi yini, ukusindisa umuntu noma ukumbulala, na?”

10Esebaqalazile bonke wathi kuye: “Yelula isandla sakho.” Wenze njalo-ke saze saphiliswa isandla sakhe. 11Base begcwala ukuhlanya, bakhuluma bodwa ngokuthi bangamenze njani uJesu.

Ukukhethwa kwabaphostoli

(Math. 10:1; Mark. 3:13)

12Kwathi ngalezo zinsuku waphuma waya entabeni ukuyokhuleka; wahlala ubusuku bonke ekhuleka kuNkulunkulu. 13Kwathi sekusile, wababiza abafundi bakhe, wakhetha kubo abayishumi nambili, wabaqamba ngokuthi abaphostoli: 14uSimoni owamqamba ngokuthi uPetru, no-Andreya umfowabo, noJakobe, noJohane, noFiliphu, noBartolomewu, 15noMathewu, noTomase, noJakobe ka-Alfewu, noSimoni othiwa isishisekeli, 16noJuda kaJakobe, noJuda Iskariyothe owaba ngumkhapheli.

17Khona wehla nabo, wema endaweni eyithafa kanye nesixuku esikhulu sabafundi bakhe noquqaba lwabantu abavela kulo lonke laseJudiya, naseJerusalema, nangaselwandle lwaseTire neSidoni, 18ababezile ukumuzwa nokuphulukiswa ezifweni zabo; nababekhathazwa ngawomoya abangcolileyo baphulukiswa. 19Isixuku sonke safuna ukumthinta, ngokuba kwakuphuma kuye amandla abaphilisa bonke.

Intshumayelo yasentabeni

(Math. 5:1)

20Wayesephakamisela amehlo akhe ngakubafundi bakhe, wathi:

“Nibusisiwe nina bampofu,

ngokuba umbuso kaNkulunkulu ungowenu.

21Nibusisiwe nina balambileyo kalokhu,

ngokuba niyakusuthiswa.

Nibusisiwe nina bakhalayo kalokhu,

ngokuba niyakuhleka.

22Nibusisiwe, nxa abantu benizonda

nanxa benicwasa, benithuka,

belilahla igama lenu ngokungathi libi

ngenxa yeNdodana yomuntu.

23“Thokozani ngalolo suku, nigxume; ngokuba bhekani, umvuzo wenu mkhulu ezulwini; ngokuba oyise babo benze njalo kubaprofethi.

24“Kepha maye kinina bacebileyo,

ngokuba niyamukele induduzo yenu!

25Maye kinina basuthiyo kalokhu,

ngokuba niyakulamba!

Maye kinina bahlekayo kalokhu,

ngokuba niyakulila, nikhale!

26Maye kinina,

nxa abantu bonke bekhuluma kahle ngani,

ngokuba oyise babo benze njalo kubaprofethi bamanga!

27“Kepha ngithi kini enizwayo: Thandani izitha zenu, nenze okuhle kwabanizondayo, 28nibusise abaniqalekisayo, nibakhulekele abanidumazayo. 29Okushaya esihlathini, mnike nesinye; nokwaphuca ingubo, ungamnqabeli nebhantshi. 30Muphe yilowo nalowo ocela kuwe; nokwaphuca okwakho, ungabuyi ukubize kuye. 31Njengalokhu nithanda ukuba abantu benze kini, yenzani njalo kubo.

32“Uma nithanda abanithandayo, ninakubongwa kuni na? Ngokuba nezoni zithanda abazithandayo. 33Ngakho uma nenza okuhle kwabenza okuhle kini, ninakubongwa kuni na? Ngokuba nezoni zenza khona lokho. 34Uma nitsheleka labo enithemba ukwamukela kubo, ninakubongwa kuni na? Nezoni zitsheleka izoni ukuba zamukele okungako. 35Kepha thandani izitha zenu, nenze okuhle, nitsheleke, ningadikibali; nomvuzo wenu uyakuba mkhulu, nibe ngabantwana boPhezukonke, ngokuba umnene yena kwabangabongiyo nababi. 36Yibani nesihawu, njengokuba uYihlo enesihawu.

37“Ningahluleli, khona anisoze nahlulelwa; ningalahli, khona anisoze nalahlwa; thethelelani, khona niyakuthethelelwa. 38Yiphani, khona niyakuphiwa; bayakunipha esifubeni senu isilinganiso esihle, esigxushiweyo, esigqishiweyo, esichichimayo; ngokuba ngesilinganiso enilinganisa ngaso nani niyakulinganiselwa ngaso.”

39Wabatshela nomfanekiso wokuthi: “Impumputhe ingahola impumputhe na? Aziyikukhalakathela emgodini zombili na? 40Umfundi kaphezu komfundisi; kepha yilowo ophelelisiwe uyakuba njengomfundisi wakhe.

41“Ubhekelani ucezwana olusesweni lomfowenu, kanti ugongolo olukwelakho iso awuluboni na? 42Ungasho kanjani kumfowenu ukuthi: ‘Mfowethu, ake ngikhiphe ucezwana olusesweni lakho,’ wena ongaboni ugongolo olukwelakho iso, na? Mzenzisi, khipha kuqala ugongolo olukwelakho iso, yikhona uyakubonisisa ukukhipha ucezwana olusesweni lomfowenu.

43“Ngokuba akukho muthi omuhle othela isithelo esibi; futhi nomuthi omubi awutheli isithelo esihle. 44Ngokuba yilowo nalowo muthi waziwa ngesithelo sawo. Akukhiwa kambe amakhiwane emeveni, nezithelo zomvini azikhiwa ejikijolweni. 45Umuntu omuhle uveza okuhle emfuyweni enhle yenhliziyo, nomubi uveza okubi emfuyweni embi; ngokuba umlomo wakhe ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo.

46“Ningibizelani ngokuthi: ‘Nkosi, Nkosi,’ ningakwenzi engikushoyo, na? 47Yilowo nalowo oza kimi, ezwe amazwi ami, awenze, ngonikhombisa lowo afana naye. 48Ufana nomuntu owayakha indlu, wemba washonisa, wabeka isisekelo edwaleni. Ekufikeni kwesikhukhula umfula washaya leyo ndlu, kepha wawungenamandla okuyinyakazisa, ngokuba yayakhiwe kahle. 49Kodwa ozwayo engenzi unjengomuntu owakha indlu emhlabathini ingenasisekelo; umfula wayishaya, yawa masinyane; kwaba kukhulu ukudilika kwaleyo ndlu.”

NgokukaLuka 6ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU