Bible Society of South Africa

To The Word – Day 85

Micah 1–7

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

UMika 1

Ukwahlulelwa kukaJuda no-Israyeli

1Izwi likaJehova elafika kuMika waseMoresheti ezinsukwini zikaJothamu, no-Ahazi, noHezekiya, amakhosi akwaJuda, owalibona ngeSamariya neJerusalema.

2Zwanini, bantu bonke,

uqaphele, mhlaba nokugcwala kwakho,

iNkosi uJehova ibe ngufakazi ngani,

iNkosi isethempelini layo elingcwele.

3Ngokuba bhekani, uJehova uphuma endaweni yakhe,

ehle, anyathele ezindaweni eziphakemeyo zomhlaba.

4Izintaba ziyakuncibilika phansi kwakhe,

nezigodi ziyakuqhekezeka

njengengcina phambi komlilo,

njengamanzi athululwe emaweni.

5Konke lokhu kungenxa yesiphambeko sikaJakobe

nangezono zendlu yakwa-Israyeli.

Siyini isiphambeko sikaJakobe?

Asiyilo iSamariya na?

Ziyini izindawo eziphakemeyo zakwaJuda?

Aziyilo iJerusalema na?

6“Ngiyakwenza iSamariya libe yizihlephu zasendle

nendawo yokutshala izivini,

ngiqulele amatshe alo esigodini,

ngambule isisekelo salo.

7Zonke izithombe zalo ezibaziweyo ziyakwaphulwa,

nakho konke elikukhokhelweyo kuyakushiswa ngomlilo,

nayo yonke imifanekiso ngiyakuyenza ukuba ibe yincithakalo,

ngokuba likuqoqile ngenkokhelo yobufebe;

kuyakubuye kube yinkokhelo yobufebe.”

8Ngenxa yalokho ngiyakukhala,

ngihhewule,

ngihambe ngihlutshuliwe,

ngihamba ze;

ngenze isililo njengamakhanka,

ngikhale njengezintshe.

9Ngokuba amanxeba alo awanakuphulukiswa,

lokhu sekufikile nakwaJuda,

kufinyelela esangweni labantu bami naseJerusalema.

10Ningakulandisi eGati, ningakhali e-Akha;

eBeti Afera huquzelani othulini.

11Dlulani nina enakhileyo eShafiri ngobunqunu nangehlazo;

abakhe eSawanani abaphumi;

ukukhala kwaseBeti Eseli akunivumeli ukuhlala khona.

12Ngokuba abakhe eMaroti banemihelo ngokuhle,

lokhu okubi kwehlile kuvela kuJehova,

kwafika esangweni laseJerusalema.

13Bophelani enqoleni ihhashi elinejubane,

nina enakhileyo eLakishi;

lona lalingukuqala kwezono kuyo indodakazi yaseSiyoni,

ngokuba iziphambeko zakwa-Israyeli zafunyanwa kuwe.

14Ngalokho uyakupha iMoresheti Gati isipho sokuvalelisana;

izindlu zase-Akizibi ziyakuba yinkohliso kuwo amakhosi akwa-Israyeli.

15Ngisezakwehlisa phezu kwenu

enakhileyo eMaresha oyakunidla:

udumo luka-Israyeli luyakufika e-Adulamu.

16Ziphucule,

zigunde ngenxa yabantwana bokwenama kwakho,

wandise ubumpandla bakho njengenqe,

ngokuba bayakuthunjwa kuwe.

UMika 2

Ukuxwayiswa kwabacindezeli

1Wo! kwabaceba ububi,

benze okubi emibhedeni yabo!

Ekukhanyeni kokusa bayakwenza,

ngokuba kusemandleni ezandla zabo.

2Bafisa amasimu, bawadluzule,

nezindlu, bazisuse;

bacindezela indoda nendlu yayo,

umuntu nefa lakhe.

3Ngalokho usho kanje uJehova, uthi:

“Bhekani, ngiceba okubi ngalo mndeni,

eningayikukhipha kukho izintamo zenu;

futhi ningahambi ngokuzidla,

ngokuba lokhu kuyisikhathi esibi.

4Ngalolo suku bayakuphakamisa umfanekiso ngani,

bakhale isililo, bathi:

‘Sichithiwe nokuchithwa;

isabelo sabantu bami sinikwa omunye;

yeka ukubuya kwakhe kimi;

abahlubuki babelwa amasimu ethu.’ ”

5Ngalokho akuyikubakho ophonsa intambo ngenkatho

ebandleni likaJehova.

6“Ningaprofethi,” baprofetha,

basho njalo,

“ningaprofethi ngalokho;

ihlazo aliyikusifica.”

7Kuyakushiwo, nina ndlu kaJakobe,

ukuthi uMoya kaJehova unyinyekile;

yizenzo zakhe lezi na?

“Awamahle yini amazwi ami kohamba ngobuqotho?

8Kepha kade bevukile abantu bami baba yizitha;

nihlubula ingubo esambathweni sabadlula ngethemba,

befulathele ukulwa.

9Niyaxosha abesifazane babantu bami ezindlini zokuthokoza kwabo,

nisusa ezinganeni zabo ubukhosi bami kuze kube phakade.

10Sukumani nihambe,

ngokuba lokhu akusikho ukuphumula kwenu;

ngenxa yabayingcosana niyachitha ngokuchitha okunamandla.

11Uma bekuhambahamba umuntu

okhuluma umoya nje namanga, athi:

‘Ngiyakuprofetha kuwe ngewayini nangophuzo olunamandla,’

ubeyakuba ngumprofethi walaba bantu.

12“Ngiyakukubutha, Jakobe, wonke wakho;

ngiyakuqoqa nokuqoqa insali yakwa-Israyeli;

ngiyakubabeka ndawonye njengezimvu zaseBosira,

njengomhlambi phakathi kwedlelo lawo,

kwenziwe ukukhamuluka okuvela kubantu.

13Umfohli ukhuphuka ngaphambi kwabo;

sebefohlile, badlulela esangweni,

baphuma ngalo;

inkosi yabo idlulile phambi kwabo,

noJehova usesihlokweni sabo.”

UMika 3

Ukusolwa kwabaholi ababi

1Ngathi:

“Zwanini nina zinhloko zakwaJakobe,

nani zikhulu zendlu yakwa-Israyeli ukuthi:

Akusikho okwenu ukwazi ukulunga

2nina enizonda okuhle,

nithanda okubi,

enebula kubo isikhumba sabo,

nenyama yabo emathanjeni abo,

3enidla inyama yabantu bami,

nihlinza kubo isikhumba sabo,

naphula amathambo abo,

yebo, nibaqoba njengokwasekhanzini

nanjengenyama phakathi kwebhodwe.”

4Khona bayakukhala kuJehova,

kepha akayikubaphendula;

uyakusitheza ubuso bakhe kubo ngaleso sikhathi

ngenxa yokwenza kwabo izenzo zabo zibe zimbi.

5Usho kanje uJehova:

“Ngabaprofethi abadukisa abantu bami,

abathi, bese nakho okokuhlafuna ngamazinyo abo,

bamemeze bathi: ‘Ukuthula,’

nongabeki lutho emlonyeni wabo bamlungisele ukulwa.

6Ngalokho ubusuku buyakunehlela ukuze ningabi nambono,

kuhlwe kini, ningabe nisabhula;

ilanga liyakushonela abaprofethi,

usuku lube mnyama phezu kwabo.

7Ababoni bayakuba namahloni,

ababhuli bayangaze;

bayakumboza amadevu abo bonke,

ngokuba akuveli mpendulo kuNkulunkulu.”

8Kepha mina ngigcwele amandla ngoMoya kaJehova

ngokulunga nangobuqhawe

ukuba ngimtshele uJakobe iziphambeko zakhe,

u-Israyeli izono zakhe.

9Ake nizwe lokhu nina zinhloko zendlu kaJakobe

nani zikhulu zendlu yakwa-Israyeli

eninengwa ngukwahlulelwa,

nihlanekezela konke ukulunga,

10enakha iSiyoni ngegazi neJerusalema ngobubi,

11elizinhloko zalo zahlulela ngemivuzo,

nelibapristi balo bafundisa ngenkokhelo,

nelibaprofethi balo babhula ngemali,

bencike nokho kuJehova, bethi:

“UJehova akaphakathi kwethu na?”

Asiyikwehlelwa ngokubi.

12Ngalokho ngenxa yenu iSiyoni liyakulinywa njengensimu,

iJerusalema libe yincithakalo,

intaba yendlu ibe yizindawo eziphakemeyo zamahlathi.

UMika 4

Isithembiso sokuthula

1Kepha kuyakuthi ngezinsuku ezizayo

intaba yendlu kaJehova

iqiniswe esiqongweni sezintaba,

iphakame kunamagquma,

nabantu bayakugobhozela khona.

2Izizwe eziningi ziyakuhamba, zithi:

“Wozani sikhuphukele entabeni kaJehova

nasendlini kaNkulunkulu kaJakobe;

uyakusifundisa izindlela zakhe,

sihambe emikhondweni yakhe,

ngokuba umthetho uyakuvela eSiyoni,

nezwi likaJehova eJerusalema.

3Uyakwahlulela phakathi kwezizwe eziningi,

anqume phakathi kwezizwe ezinamandla ezikude;

ziyakukhanda izinkemba zazo zibe ngamakhuba,

imikhonto yazo ibe ngocelemba;

isizwe asiyikuphakamisela isizwe inkemba,

zingabe zisafuna ukulwa.

4Bayakuhlala,

kube yilowo nalowo phansi komvini wakhe

naphansi komkhiwane wakhe;

akakho oyakubesabisa,

ngokuba umlomo kaJehova Sebawoti ukhulumile.

5Ngokuba bonke abantu bahamba,

kube yilowo nalowo ngegama likankulunkulu wakhe,

kepha thina siyakuhamba ngegama likaJehova uNkulunkulu wethu

kuze kube phakade naphakade.

6“Ngalolo suku,” usho uJehova,

“ngiyakubutha abaqhugayo,

ngiqoqe abaxoshiweyo nengenze okubi kubo,

7ngenze abaqhugayo babe yinsali,

abadediselwe kude babe yisizwe esinamandla;

uJehova uyakubusa phezu kwabo entabeni yaseSiyoni

kusukela manje kuze kube phakade.

8Wena mbhoshongo womhlambi,

negquma lendodakazi yaseSiyoni kuyakufika kuwe,

yebo, ukubusa kokuqala kuyakufika,

umbuso wendodakazi yaseJerusalema.”

9Umemezelani manje ngokumemeza okungakho na?

Ayikho inkosi kuwe,

ubhubhile umluleki wakho,

lokhu ubanjwe yimihelo njengobelethayo.

10Yiba nemihelo, uzale,

ndodakazi yaseSiyoni njengobelethayo,

ngokuba manje uyakuphuma emzini,

uhlale endle,

ufike naseBabele,

lapho uzakophulwa khona;

lapho uJehova uyakukukhulula esandleni sezitha zakho.

11Manje izizwe eziningi zikubuthanele;

zithi: “Malingcoliswe,

amehlo ethu alibuke iSiyoni.”

12Kepha azazi imicabango kaJehova,

aziqondi amasu akhe,

ngokuba uzibuthile njengezithungu esibuyeni.

13“Suka ubhule, ndodakazi yaseSiyoni,

ngokuba ngiyakwenza uphondo lwakho lube yinsimbi,

nezinselo zakho ngizenze insimbi;

uyakuchoboza abantu abaningi,”

kwahlukaniselwe uJehova inzuzo yabo,

nemfuyo yabo kuyo iNkosi yomhlaba wonke.

UMika 5

Umbusi ozayo wakwa-Israyeli

1Buthana ngamaviyo,

ndodakazi yamaviyo;

usivimbezele,

bayakumshaya umahluleli wakwa-Israyeli ngenduku esihlathini.

2“Kepha wena Betlehema Efratha,

omncane ukuba ube phakathi kwemindeni yakwaJuda,

ngiyakuphunyelwa ngovela kuwe,

ozakuba ngumbusi kwa-Israyeli,

okuvela kwakhe kusukela endulo ezinsukwini zaphakade.”

3Ngalokho bayakukhashelwa,

bese yibuyela insali yabafowabo kubantwana bakwa-Israyeli.

4Uyakuma, aluse ngamandla kaJehova nangokuphakama kwegama

likaJehova uNkulunkulu wakhe;

sebeyakuhlala,

ngokuba uzakuba mkhulu

kuze kube semajukujukwini omhlaba.

5Ukuthula kuyakuba yilokhu:

lapho umAsiriya engena ezweni lakithi,

anyathele ezindlini zethu zobukhosi,

siyakumvusela abelusi abayisikhombisa

nezikhulu zabantu eziyisishiyagalombili.

6Bayakuchitha izwe lase-Asiriya ngenkemba,

nezwe lakwaNimrode ezintubeni zalo,

asophule kumAsiriya,

lapho engena ezweni lakithi,

nalapho enyathela emikhawulweni yethu.

7Insali yakwaJakobe iyakuba phakathi kwabantu abaningi

njengamazolo avela kuJehova,

ngengezihlambi otshanini ezingahlaleli muntu,

zingahlaleli abantwana babantu.

8Insali yakwaJakobe iyakuba phakathi kwezizwe,

phakathi kwabantu abaningi,

njengengonyama phakathi kwezilwane zasehlathini,

njengebhongo lengonyama phakathi kwemihlambi yezimvu,

elithi lapho lidabula,

linyathele, lidwengule,

kungekho owophulayo.

9Masiphakanyiswe isandla sakho phezu kwezitha zakho,

zinqunywe zonke izitha zakho.

10“Kuyakuthi ngalolo suku,” usho uJehova,

“nginqume amahhashi akho phakathi kwakho,

ngichithe izinqola zakho,

11ngiyinqume imizi yasezweni lakho,

ngizidilize zonke izinqaba zakho.

12Ngiyakunquma ukulumba esandleni sakho,

kungabe kusabakho kuwe abahlola imihlola.

13Ngiyakunquma izithombe zakho ezibaziweyo

nezinsika zakho phakathi kwakho,

ungabe usakhonza imisebenzi yezandla zakho.

14Ngiyakubasiphula o-Ashera* bakho phakathi kwakho,

ngiyichithe imizi yakho.

15Ngiyakwenza impindiselo ngentukuthelo nangokufutheka

kuzo izizwe ezingalalelanga.”

UMika 6

UJehova uphikisana nabakwa-Israyeli

1Ake nizwe akushoyo uJehova, ethi:

“Suka ulwe phambi kwezintaba,

uzwise amagquma izwi lakho.

2Zwanini, zintaba,

ukuphikisana kukaJehova,

nani zisekelo zomhlaba eziqinileyo,

ngokuba uJehova unokuphikisana nabantu bakhe,

uyakumelana nabo.

3“Bantu bami, ngenzeni kini;

kuyini enginikhathaze ngakho na?

Ngiphenduleni.

4Nganikhuphula ezweni laseGibithe,

nganihlenga endlini yezigqila,

ngathuma phambi kwenu oMose, no-Aroni, noMiriyamu.

5Bantu bami, ake nikhumbule

okwacetshwa nguBalaki inkosi yakwaMowabi,

nalokho amphendula ngakho uBileyamu indodana kaBeyori,

nokwakuphakathi kweShithimi neGiligali,

nize nazi izenzo ezilungileyo zikaJehova.”

6Ngiyakusondela kuJehova nginantoni,

ngikhothame kuNkulunkulu ophezulu, na?

Ngiyakufika ngiphethe iminikelo yokushiswa,

nginamathole amnyaka munye, na?

7UJehova uyakwenamela izinkulungwane zezinqama

nezinkulungwane eziyishumi zemifula yamafutha na?

Ngiyakunika izibulo lami ngenxa yesiphambeko sami,

isithelo sesisu sami ngenxa yesono senhliziyo yami, na?

8Ukutshelile, muntu, okuhle;

uJehova ufunani kuwe,

kungabi ngukwenza ukulunga kuphela nokuthanda umusa,

uhambe noNkulunkulu wakho ngokuthobeka, na?

9Izwi likaJehova liyamemeza kuwo umuzi.

Ukwesaba igama lakho ngukusindiswa;

zwanini induku noyimisileyo.

10Kusekhona inzuzo embi endlini yababi,

ne-efa* elincane eliqalekiswayo, na?

11“Ukhona ohlanzekile onesilinganiso esibi

nesikhwama sezisindo ezikhohlisayo na?

12“Abacebileyo bawo bagcwele ubudlova,

nabakhileyo kuwo bakhuluma amanga,

nolimi lwabo lunenkohliso emlonyeni wabo.

13Ngalokho mina ngiyakugulisa ngokushaya,

ngikuchithe ngenxa yezono zakho.

14Lapho udlayo, awuyikusutha,

kube khona ukulamba phakathi kwakho;

uyakususa, ungakhululi kodwa,

nokukhululayo ngiyakukukhaphela enkembeni.

15“Uyakutshala, ungavuni kodwa;

uyakunyathela iminqumo, ungazigcobi kodwa ngamafutha,

nezithelo zomvini, ungaliphuzi nokho iwayini.

16Izimiso zika-Omri ziyagcinwa,

nazo zonke izenzo zendlu ka-Ahabi;

nihamba ngamacebo abo;

ngalokho ngiyakunenza incithakalo

nabakhileyo khona into encimfelwayo;

niyakuthwala ihlazo labantu bami.”

UMika 7

Izono zesizwe sakwa-Israyeli

1Maye kimi!

Ngokuba nginjengokuvunwa kwezithelo zasehlobo,

njengokukhothozwa komvini;

akukho hlukuzo lokudliwa;

umphefumulo wami uyafisa ikhiwane eliyingqalabutho.

2Abathembekileyo babhubhile emhlabeni,

akakho oqotho phakathi kwabantu;

bonke baqamekela igazi;

bayazingelana, kube yilowo nalowo umfowabo ngenetha.

3Izandla zabo ziphezu kokubi ukukuthuthukisa;

isikhulu sinesicelo,

umahluleli ubheka umvuzo;

omkhulu ukhuluma ngesifiso somphefumulo wakhe;

bayakwalukanisa.

4Omuhle wabo unjengobobe,

olungileyo mubi kunothango lwameva;

usuku lwabalindi bakho nolokuhanjelwa kwakho lufikile;

sekuyakuba ngukukhungatheka kubo.

5Ningamethembi umngane,

ningakholwa ngumhlobo;

gcina iminyango yomlomo wakho kuye olala ngasesifubeni sakho.

6Ngokuba indodana idelela uyise;

indodakazi ivukela unina;

umalokazana uvukela uninazala,

nezitha zomuntu ngamadoda endlu yakhe.

7Kepha mina ngiyakumbheka uJehova;

ngiyakulindela uNkulunkulu wokusindiswa kwami;

uNkulunkulu wami uyakungizwa.

8Ungathokozi ngami, sitha sami;

ngokuba uma ngiwile, ngiyakuvuka;

lapho ngihlezi ebumnyameni,

uJehova uzakuba ngukukhanya kwami.

9Ngiyakuthwala ulaka lukaJehova,

ngokuba ngonile kuye,

aze amele indaba yami,

angenzele ukwahlulelwa,

angiphumisele ekukhanyeni,

ngibone ukulunga kwakhe.

10Isitha sami siyakukubona,

sisitshekelwe ngamahloni,

esona besithi kimi:

“Uphi uJehova uNkulunkulu wakho?”

Amehlo ami ayakusibona;

manje siyakunyathelwa njengodaka lwasezitaladini.

11Kuyakufika usuku lokwakha izingange zakho;

ngalolo suku umkhawulo wakho uyakudediselwa kude.

12Ngalolo suku bayakufika kuwe

bevela e-Asiriya nasemizini yaseGibithe,

kusukela eGibithe kuze kube seMfuleni,*

kusukela elwandle kuze kube selwandle,

kusukela entabeni kuze kube sentabeni.

13Kepha izwe liyakuba yincithakalo

ngenxa yabakhileyo kulo ngezenzo zabo.

14Yalusa abantu bakho ngentonga yakho,

izimvu zefa lakho

ezihlala zodwa ehlathini phakathi kweKarmeli;

mazaluke eBashani nakwaGileyadi njengasezinsukwini zasendulo.

15“Njengasezinsukwini zokuphuma kwakho ezweni laseGibithe

ngiyakubabonisa izimangaliso.”

16Abezizwe bayakubona,

babe namahloni ngamandla abo onke,

babeke isandla sabo emlonyeni wabo,

izindlebe zabo zibe yizithulu.

17Bayakukhotha uthuli njengenyoka,

baphume bethuthumela njengezinto ezinabuzelayo emhlabathini

ezindaweni zazo ezivalelweyo,

bafike ngokuqhaqhazela kuJehova uNkulunkulu wethu,

besabe ngenxa yakho.

18Ngubani onguNkulunkulu onjengawe

othethelela insali yefa lakho ububi bayo,

uyiyekele isiphambeko sayo, na?

Akabambeleli entukuthelweni yakhe kuze kube phakade,

ngokuba wenamela umusa.

19Uyakubuye asibekezelele,

anyathele phansi ububi bethu;

yebo, uyakuphonsa zonke izono zabo ekujuleni kolwandle.

20Uyakunika uJakobe ukuthembeka no-Abrahama umusa

owakufungela obaba kwasezinsukwini zasendulo.

Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU