Bible Society of South Africa

To The Word – Day 73

1 Samuel 1–5, Psalm 8

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

1 uSamuweli 1

Ukuzalwa kukaSamuweli

1Kwakukhona umuntu waseRamatayimi Sofimu lasezintabeni zakwa-Efrayimi ogama lakhe lalingu-Elkana indodana kaJerohamu ka-Elihu kaTholu kaSufi wakwa-Efrayimi; 2wayenabafazi ababili, igama lomunye lalinguHana, igama lomunye lalinguPhenina; uPhenina wayenabantwana, kepha uHana wayengenabantwana.

3Lowo muntu wenyuka emzini wakhe iminyaka ngeminyaka ukukhonza nokuhlabela uJehova Sebawoti eShilo. Kwakukhona lapho amadodana amabili ka-Eli, oHofini noFinehasi, bengabapristi bakaJehova. 4Kwathi ngosuku u-Elkana ahlaba ngalo, wanika uPhenina umkakhe nawo onke amadodana akhe namadodakazi akhe izabelo; 5kepha wanika uHana isabelo siphindwa kabili, ngokuba wayemthanda uHana, kepha uJehova wayesivalile isizalo sakhe. 6Isitha sakhe samncokoloza kakhulu ukuba amthukuthelise, ngokuba uJehova wayesivalile isizalo sakhe. 7Kwathi ukuba u-Elkana enze njalo iminyaka ngeminyaka, lapho enyukela endlini kaJehova, wamncokoloza kanjalo; ngalokho wakhala, akadlanga lutho. 8Wayesethi u-Elkana umyeni wakhe kuye: “Hana, ukhalelani na? Awudli ngani? Inhliziyo yakho idabukeleni na? Angidluli yini amadodana ayishumi kuwe na?”

9UHana wasukuma, nxa sebedlile eShilo, bephuzile. U-Eli umpristi wayehlezi esihlalweni sakhe ngasensikeni yomnyango wethempeli likaJehova. 10Umphefumulo wakhe wawunomunyu, wakhuleka kuJehova, wakhala kakhulu. 11Wenza isithembiso, wathi: “Jehova Sebawoti, ubheke nokubheka ukuhlupheka kwencekukazi yakho, ungikhumbule, ungakhohlwa incekukazi yakho, unike incekukazi yakho umntwana wesilisa, bese ngimnika uJehova zonke izinsuku zokuhamba kwakhe, kungathinti mpuco ekhanda lakhe.”

12Kwathi esaqhubeka ukukhuleka phambi kukaJehova, u-Eli waqaphela umlomo wakhe. 13UHana wayekhuluma enhliziyweni yakhe, kwabikizela izindebe zakhe zomlomo kuphela, kepha izwi lakhe lalingezwakali; ngalokho u-Eli wacabanga ukuthi udakiwe. 14U-Eli wathi kuye: “Uyakudakwa kuze kube nini na? Susa iwayini lakho kuwe.”

15UHana waphendula wathi: “Hhayi, nkosi, ngingowesifazane ohluphekileyo; angiphuzanga iwayini naphuzo olunamandla, kepha bengithulula umphefumulo wami phambi kukaJehova. 16Ungasho ukuthi incekukazi yakho ingowesifazane omubi, ngokuba kungobuningi bosizi lwami nangokuncokolozwa kwami ngikhulumile kuze kube manje.”

17Wayesephendula u-Eli ethi: “Hamba ngokuthula; uNkulunkulu wakwa-Israyeli makakunike okucelileyo kuye.”

18Wathi: “Incekukazi yakho mayifumane umusa emehlweni akho.” Owesifazane wayesehamba, wadla, ubuso bakhe ababe busanyukumala.

19Bavuka ekuseni kakhulu, bakhuleka phambi kukaJehova, babuya, bafika endlini yabo eRama; u-Elkana wamazi uHana umkakhe, uJehova wamkhumbula. 20Kwathi sesiphelele isikhathi, uHana wakhulelwa, wazala indodana, waqamba igama layo ngokuthi uSamuweli, ethi: “Ngimcelile kuJehova.”

21Lowo muntu u-Elkana wenyuka kanye nendlu yakhe ukuyonikela kuJehova umhlatshelo weminyaka nesithembiso sakhe. 22Kepha uHana akenyukanga, ngokuba wathi kumyeni wakhe: “Hhayi aze alunyulwe umntwana; khona ngiyakumyisa ukuba abonakale phambi kukaJehova, ahlale khona njalo.”

23Wayesethi u-Elkana umyeni wakhe kuye: “Yenza okuhle emehlweni akho; hlala uze umlumule; uJehova makaqinise izwi lakhe kuphela.” Owesifazane wayesehlala, wancelisa indodana yakhe waze wayilumula.

24Eseyilumulile wenyuka nayo enezinkunzi ezintathu, ne-efa* lempuphu, nemvaba yewayini, wakuyisa endlini kaJehova eShilo; umntwana wayesemncane. 25Bahlaba inkunzi, bamyisa umntwana ku-Eli. 26Wathi: “E nkosi, kuphila komphefumulo wakho, nkosi yami, ngingowesifazane owayemi kuwe lapha, ekhuleka kuJehova. 27Ngamkhulekela lo mntwana; uJehova unginikile lokho engakucela kuye; 28ngalokho nami ngimnikele kuJehova; zonke izinsuku zokuphila kwakhe unikelwe kuJehova.” Bakhuleka kuJehova khona.

1 uSamuweli 1ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

1 uSamuweli 2

Indumiso kaHana

1UHana wakhuleka wathi:

“Inhliziyo yami iyethaba kuJehova,

uphondo lwami luphakeme kuJehova;

umlomo wami ukhamisile phezu kwezitha zami,

ngokuba ngenama ngensindiso yakho.

2“Akakho ongcwele njengoJehova,

ngokuba akakho noyedwa ngaphandle kwakho;

futhi alikho idwala elinjengoNkulunkulu wethu.

3Ningabe nisakhuluma ngokuzidla kangaka,

kungaphumi ukuqhosha emlonyeni wenu,

ngokuba uJehova unguNkulunkulu wokwazi;

izenzo zilinganiswa nguye.

4“Iminsalo yamaqhawe yaphuliwe,

kepha abakhubekayo babhinciswa amandla.

5Ababesuthile baqashelwa isinkwa;

ababelambile sebeyekile ukulamba;

yebo, oyinyumba uzele abayisikhombisa;

onabantwana abaningi uyawuma.

6“UJehova uyabulala, abesephilisa;

uyehlisela endaweni yabafileyo, abesenyusa.

7UJehova uyaphofisa, abesecebisa;

uyathobisa, abesephakamisa.

8Uyamvusa ompofu othulini,

uyaphakamisa impabanga ezaleni,

abahlalise nezikhulu,

badle ifa lesihlalo sobukhosi,

ngokuba izinsika zomhlaba zingezikaJehova;

ubekile izwe phezu kwazo.

9“Uyakugcina izinyawo

zabathembekileyo bakhe,

kepha ababi bayakuthuliswa ebumnyameni,

ngokuba akukho muntu oyakwahlula ngamandla.

10Abalwa noJehova

bayakuphahlazwa;

uyakuduma ezulwini phezu kwabo;

uJehova uyakwahlulela amajukujuku omhlaba,

anike inkosi yakhe amandla,

aphakamise uphondo logcotshiweyo wakhe.”

11U-Elkana waya eRama endlini yakhe. Umntwana wakhonza uJehova phambi kuka-Eli umpristi.

Ububi bamadodana ka-Eli

12Amadodana ka-Eli ayengabantu ababi; ayengamazi uJehova. 13Kwakungumthetho wabapristi kubantu ukuba, nxa umuntu enikela ngomhlatshelo, kufike inceku yompristi inyama isabila, iphethe ngesandla ingwegwe emazinyo mathathu, 14ihlabe ngayo emcengezini, noma esocweni, noma ebhodweni, noma ekhanzini; konke ekwenyusayo ingwegwe, umpristi wakuthatha. Benze njalo eShilo kubo bonke abakwa-Israyeli ababefika khona. 15Yebo, bengakashisi amanoni, yafika inceku yompristi, yathi kumuntu ohlabayo: “Letha inyama yokoselwa umpristi, ngokuba akayikuthatha kuwe inyama ephekiweyo kepha eluhlaza.”

16Uma lowo muntu wathi kuye: “Bayakushisa nokushisa amanoni kuqala, besewuthatha njengokuthanda kwakho,” yathi: “Hhayi, woyiletha manje; uma ungayilethi, ngiyakuyithatha ngamandla.”

17Isono sezinsizwa sasisikhulu kakhulu phambi kukaJehova, ngokuba abantu bawudelela umnikelo kaJehova.

18USamuweli wakhonza phambi kukaJehova esengumntwana, egqoke ingubo yamahlombe yelineni. 19Futhi unina wamenzela ijazana, waliyisa kuye iminyaka ngeminyaka esenyuka nomyeni wakhe ukuyonikela ngomhlatshelo weminyaka yonke. 20U-Eli wabusisa u-Elkana nomkakhe, wathi: “UJehova makakunike inzalo ngalo wesifazane ngenxa yalokho uJehova atshelekwa khona.” Base bebuyela ekhaya. 21UJehova wamhambela uHana; wakhulelwa, wazala amadodana amathathu namadodakazi amabili. Umntwana uSamuweli wakhula phambi kukaJehova.

22U-Eli wayesemdala kakhulu, wezwa konke amadodana akhe akwenzayo ku-Israyeli wonke, nokuthi ayelala nabesifazane ababekhonza ngasemnyango wetende lokuhlangana. 23Wathi kuwo: “Nenzelani izinto ezinjalo na? Ngokuba ngiyezwa imisebenzi yenu emibi kubo bonke laba bantu. 24Hhayi, madodana ami, akusilo izwi elihle engilizwayo lenekwa ngabantu bakaJehova. 25Uma umuntu ona kumuntu, uNkulunkulu uyakumahlulela, kepha uma umuntu ona kuJehova, uyakulanyulelwa ngubani na?” Kodwa awalalelanga izwi likayise, ngokuba uJehova wayethanda ukuwabulala.

26Umntwana uSamuweli waqhubeka wakhula, waba muhle kuJehova nakubantu.

Izwi lokwahlulela indlu ka-Eli

27Kwafika umuntu kaNkulunkulu ku-Eli, wathi kuye: “UJehova usho kanje, uthi: ‘Angithi ngazibonakalisa kuyo indlu kayihlo, beseseGibithe besendlini kaFaro. 28Ngamkhetha kuzo zonke izizwe zakwa-Israyeli ukuba abe ngumpristi wami, anikele e-altare lami, ashise impepho, afake ingubo yamahlombe phambi kwami, nganika indlu kayihlo yonke iminikelo yomlilo yabantwana bakwa-Israyeli. 29Niwukhahlelelani umhlatshelo wami nomnikelo wami engiyale ngakho endlini yami, udumise amadodana akho phezu kwami, nizikhuluphalise ngeminikelo emihle kunayo yonke yakwa-Israyeli, abantu bami, na?’

30“Ngalokho uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli uthi: ‘Ngasho nokusho ukuthi indlu yakho nendlu kayihlo yohamba phambi kwami kuze kube phakade.’ Kepha manje uJehova uthi: ‘Makube kude nami, ngokuba abangidumisayo ngiyakubadumisa; abangidelelayo bayakweyiswa. 31Bheka, izinsuku ziyeza engiyakunquma ngazo ingalo yakho nengalo yendlu kayihlo ukuba kungabikho xhegu endlini yakho. 32Uyakubona ukuhlupheka kwendlu yami kukho konke okuhle ayakwenzelwa khona u-Israyeli; akuyikubakho xhegu endlini yakho kuze kube phakade. 33Kepha angiyikumnquma umuntu wakho e-altare lami ukuba aqede amehlo akho, abangele usizi umphefumulo wakho; yonke inzalo yendlu yakho iyakufa isebudodeni bayo.

34“ ‘Lokhu kuyakuba yisiboniso kuwe esiyakwehlela amadodana akho amabili, oHofini noFinehasi; ngalusuku lunye bayakufa bobabili. 35Ngiyakuzivusela umpristi othembekileyo oyakwenza njengokusenhliziyweni yami nasengqondweni yami; ngiyakumakhela indlu eqinileyo; uyakuhamba phambi kogcotshiweyo wami kuze kube phakade. 36Kuyakuthi bonke abasele endlini yakho bafike bamkhothamele ngohlamvu lwesiliva neqebelengwane lesinkwa, bathi: “Ake ungibeke kwesinye sezikhundla zompristi ukuba ngidle ucezu lwesinkwa.” ’ ”

1 uSamuweli 2ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

1 uSamuweli 3

UJehova uyazibonakalisa kuSamuweli

1Umntwana uSamuweli wamkhonza uJehova phambi kuka-Eli. Izwi likaJehova lalingavamile ngalezo zinsuku; nombono wawuyivelakancane.

2Kwathi ngaleso sikhathi u-Eli elele endaweni yakhe – amehlo akhe ayeqale ukufiphala waze wangaba nakho ukubona – 3isibani sikaNkulunkulu sasingakacimi, uSamuweli elele ethempelini likaJehova, lapho kwakukhona umphongolo kaNkulunkulu, 4uJehova wambiza uSamuweli; wathi yena: “Ngilapha.” 5Wagijimela ku-Eli, wathi: “Ngilapha, njengokuba ungibizile.”

Wathi: “Angikubizanga; buya ulale.” Wahamba, walala.

6UJehova waphinda wambiza uSamuweli. USamuweli wavuka, waya ku-Eli, wathi: “Ngilapha, njengokuba ungibizile.”

Wathi: “Angikubizanga, ndodana yami; buya ulale.”

7Kepha uSamuweli wayengakamazi uJehova, nezwi likaJehova lalingakambulelwa kuye.

8UJehova wambiza uSamuweli ngokwesithathu. Wavuka, waya ku-Eli, wathi: “Ngilapha, njengokuba ungibizile.”

U-Eli wayeseqonda ukuthi nguJehova ombizile umntwana. 9U-Eli wathi kuSamuweli: “Hamba, ulale; kuyakuthi uma ekubiza, usho ukuthi: ‘Khuluma, Jehova, ngokuba inceku yakho iyezwa.’ ” Wayesehamba uSamuweli, walala endaweni yakhe.

10UJehova wafika, wema, wambiza njengakwezinye izikhathi: “Samuweli, Samuweli!”

USamuweli wathi: “Khuluma, ngokuba inceku yakho iyezwa.”

11UJehova wathi kuSamuweli: “Bheka, ngiyakwenza into kwa-Israyeli eziyakunkeneneza ngayo izindlebe zombili zabo bonke abayizwayo. 12Ngalolo suku ngiyakumehlisela u-Eli konke engikukhulumile ngendlu yakhe, kusukela ekuqaleni kuze kube sekugcineni. 13Ngokuba ngimtshelile ukuthi ngiyakwahlulela indlu yakhe kuze kube phakade ngobubi abaziyo, lokhu amadodana akhe ayezehlisela isiqalekiso, engawakhuzanga. 14Ngalokho ngifungile ngendlu ka-Eli ukuthi ububi bendlu ka-Eli abuyikuhlangulwa ngomhlatshelo nangomnikelo kuze kube phakade.”

15USamuweli walala kwaze kwasa, wavula iminyango yendlu kaJehova. USamuweli wesaba ukumtshela u-Eli umbono. 16U-Eli wayesembiza uSamuweli, wathi: “Samuweli, ndodana yami!”

Wathi: “Ngilapha.”

17Wathi: “Yintoni owayikhulumayo kuwe na? Ake ungayifihli kimi; uNkulunkulu makenze njalo kuwe, enezele futhi, uma ungifihlela izwi elilodwa lakho konke lokho owakukhuluma kuwe.” 18USamuweli wayesemtshela konke, akamfihlelanga lutho. Wathi: “NguJehova; makenze okuhle emehlweni akhe.”

19USamuweli wakhula; uJehova wayenaye; akawisanga phansi nelilodwa lamazwi akhe. 20Wonke u-Israyeli kusukela kwaDani kuze kube seBeri Sheba wazi ukuthi uSamuweli uqinisiwe ukuba abe ngumprofethi kaJehova. 21UJehova waphinda wabonakala eShilo, ngokuba uJehova wazibonakalisa kuSamuweli eShilo ngezwi likaJehova.

1 uSamuweli 3ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

1 uSamuweli 4

AmaFilisti ayahlula u-Israyeli. Umphongolo uyathathwa. Amadodana ka-Eli ayabulawa

1Izwi likaSamuweli lafika kuye wonke u-Israyeli. U-Israyeli waphuma ukulwa namaFilisti, wamisa ngase-Ebeni Ezeri; amaFilisti amisa e-Afeki. 2AmaFilisti azihlela ukuhlangana no-Israyeli; impi yaqhubeka, u-Israyeli wahlulwa phambi kwamaFilisti abulala empini ngasendle kungathi abantu abayizinkulungwane ezine. 3Kwathi abantu bengena ekamu,* amalunga akwa-Israyeli athi: “UJehova usibulaleleni phambi kwamaFilisti na? Masithathe umphongolo wesivumelwano sikaJehova eShilo, siwulethe kithi, ufike phakathi kwethu, usisindise esandleni sezitha zethu.”

4Abantu base bethumela eShilo, bathatha khona umphongolo wesivumelwano sikaJehova Sebawoti ohlezi phezu kwamakherubi;* amadodana amabili ka-Eli, oHofini noFinehasi, ayelapho nomphongolo wesivumelwano sikaNkulunkulu.

5Kwathi umphongolo wesivumelwano sikaJehova ufika ekamu,* wonke u-Israyeli wakhamuluka ngokukhamuluka okukhulu, kwaze kwaduma umhlaba. 6AmaFilisti esezwa umsindo wokukhamuluka athi: “Uthini umsindo walokhu kukhamuluka okukhulu ekamu* lamaHeberu na?” Aqonda ukuthi umphongolo kaJehova ufikile ekamu. 7AmaFilisti esaba, ngokuba athi: “UNkulunkulu ufikile ekamu.*” Athi-ke: “Maye kithina! Ngokuba akuzange kube khona okunje ngaphambili. 8Maye kithina! Ngubani oyakusophula esandleni salaba onkulunkulu abanamandla na? Yilaba onkulunkulu abashaya abaseGibithe ngazo zonke izifo ehlane. 9Qinani nibe ngamadoda nina maFilisti ukuba ningabi yizigqila zamaHeberu, njengalokho ebeyizigqila zenu. Yibani ngamadoda, nilwe!”

10AmaFilisti alwa, u-Israyeli wachithwa, babaleka, kwaba yilowo nalowo etendeni lakhe; kwaba khona ukuceka okukhulu, ngokuba kwawa ku-Israyeli abantu abayizinkulungwane ezingamashumi amathathu aba yimigundatshani. 11Umphongolo kaNkulunkulu wathathwa; amadodana omabili ka-Eli, oHofini noFinehasi, abulawa.

12Kwaphuma umuntu wakwaBenjamini empini, wagijima waya eShilo ngalolo suku, izingubo zakhe ziklebhukile, enomhlabathi ekhanda. 13Ekufikeni kwakhe, bheka, u-Eli wayehlezi esihlalweni sakhe ngaseceleni komgwaqo, ngokuba inhliziyo yakhe yayithuthumela ngomphongolo kaNkulunkulu. Esengenile emzini lowo muntu, wakubika, wakhala umuzi wonke.

14Lapho u-Eli ezwa umsindo wokukhala, wathi: “Uthini umsindo walokhu kumemeza na?” Lowo muntu washesha waya wamtshela u-Eli. 15U-Eli wayeneminyaka engamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalombili; amehlo akhe ayequndekile, engenakubona. 16Lowo muntu wathi ku-Eli: “Nginguye owaphuma empini, ngibaleke empini namuhla.”

Wathi: “Bekunjani, ndodana yami, na?”

17Owaletha umbiko waphendula wathi: “U-Israyeli ubalekile phambi kwamaFilisti; kwakukhona ukubulawa okukhulu phakathi kwabantu; amadodana akho omabili oHofini noFinehasi afile, nomphongolo kaNkulunkulu uthathiwe.”

Ukufa kuka-Eli. U-Ikabodi

18Kwathi esaphatha umphongolo kaNkulunkulu, wawa nyovane esihlalweni sakhe ngaseceleni kwesango, kwaphuka intamo yakhe, wafa, ngokuba wayengumuntu omdala, esinda. Wayebahlulele abakwa-Israyeli iminyaka engamashumi amane.

19Umalokazana wakhe, umkaFinehasi, wayekhulelwe esezakubeletha; esezwile umbiko wokuthi umphongolo kaNkulunkulu uthathiwe nokuthi kufile uyisezala nomyeni wakhe, wakhonkobala, wabeletha, ngokuba wafikelwa yimihelo. 20Ngesikhathi sokufa kwakhe abesifazane ababemi kuye bathi kuye: “Ungesabi, ngokuba ubelethe indodana.” Kepha akaphendulanga, akakunakanga.

21Wamqamba umntwana ngokuthi u-Ikabodi,* ethi: “Inkazimulo isukile kwa-Israyeli,” ngokuba umphongolo kaNkulunkulu uthathiwe, nangenxa kayisezala wakhe nomyeni wakhe. 22Wathi: “Inkazimulo isukile kwa-Israyeli, ngokuba umphongolo kaNkulunkulu uthathiwe.”

1 uSamuweli 4ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

1 uSamuweli 5

Umphongolo usendlini kaDagoni

1AmaFilisti athatha umphongolo kaNkulunkulu, awususa e-Ebeni Ezeri, awuyisa e-Ashidodi. 2AmaFilisti awuthatha umphongolo kaNkulunkulu, awungenisa endlini kaDagoni, awubeka ngakuye uDagoni. 3Abase-Ashidodi sebevukile kusasa ekuseni, bheka, uDagoni wayewile phansi ngobuso phambi komphongolo kaJehova. Bamthatha uDagoni, bambuyisela endaweni yakhe. 4Sebevukile kusasa ekuseni, bheka, uDagoni wayewile phansi ngobuso phambi komphongolo kaJehova; ikhanda likaDagoni nezimpama zombili zezandla zakhe zazinqamukile zisembundwini; kwasala isidumbu sakhe kuphela. 5Ngalokho abapristi bakaDagoni nabo bonke abangena endlini kaDagoni abanyatheli embundwini kaDagoni e-Ashidodi kuze kube namuhla.

AmaFilisti ayahlushwa yisandla sikaJehova

6Kepha isandla sikaJehova sasinzima phezu kwabase-Ashidodi, wabachitha, wababulala ngamathumba, i-Ashidodi nemikhawulo yalo. 7Abantu base-Ashidodi sebebona ukuthi kunjalo bathi: “Umphongolo kaNkulunkulu ka-Israyeli awuyikuhlala kithi, ngokuba isandla sakhe silukhuni phezu kwethu naphezu kukaDagoni unkulunkulu wethu.” 8Bathuma babuthela kubo onke amakhosi amaFilisti, bathi: “Siyakwenzani ngomphongolo kaNkulunkulu ka-Israyeli na?”

Athi: “Umphongolo kaNkulunkulu ka-Israyeli mawususelwe eGati.” Bawususela umphongolo kaNkulunkulu ka-Israyeli khona.

9Kwathi sebewususele khona, isandla sikaJehova sasiphezu kwalowo muzi ngokungquzula okukhulu, wabulala abantu bomuzi abancane nabakhulu; kwaqhamuka amathumba kubo. 10Base bethuma umphongolo kaNkulunkulu e-Ekroni. Kwathi ekufikeni komphongolo kaNkulunkulu e-Ekroni abase-Ekroni bakhala bathi: “Balethile umphongolo kaNkulunkulu ka-Israyeli kithi ukuba usibulale thina nabantu bakithi.” 11Bathuma babutha onke amakhosi amaFilisti, bathi: “Wususeni umphongolo kaNkulunkulu ka-Israyeli, ubuyele endlini yawo, ukuba ungasibulali thina nabantu bakithi,” ngokuba kwakukhona ukungquzuka okokufa emzini wonke; isandla sikaNkulunkulu sasinzima kakhulu khona. 12Abantu abangafanga bashaywa ngamathumba; ukukhala komuzi kwenyukela ezulwini.

1 uSamuweli 5ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 8

Indodana yomuntu nenkazimulo yayo

Kumholi wokuhlabelela. NgeGititi.* Ihubo likaDavide.

1Jehova Nkosi yethu,

igama lakho liyababazeka kangaka emhlabeni wonke!

wena owabeka inkazimulo yakho ezulwini.

2Ngomlomo wezingane nowabancelayo

wagxilisa amandla ngenxa yabamelene nawe

ukuba uthulise isitha nophindisayo.

3Lapha ngibuka izulu lakho,

umsebenzi weminwe yakho,

inyanga nezinkanyezi ozimisileyo,

4umuntu uyini ukuba umkhumbule,

nendodana yomuntu ukuba uyinake na?

5Wamenza waba ngaphansana kukaNkulunkulu,

wamqhelisa ngenkazimulo nangobukhosi.

6Wamenza abe ngumbusi phezu kwemisebenzi yezandla zakho;

konke wakubeka phansi kwezinyawo zakhe:

7izimvu, nezinkomo zonke,

yebo, nezilwane zasendle,

8nezinyoni zezulu,

nezinhlanzi zolwandle,

nakho konke okuhamba ezindleleni zolwandle.

9Jehova Nkosi yethu,

igama lakho liyababazeka kangaka emhlabeni wonke!

Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU