Bible Society of South Africa

To The Word – Day 72

Songs 1–8

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

IsiHlabelelo seziHlabelelo 1

Umakoti ulangazelela umyeni

1Isihlabelelo sezihlabelelo esingesikaSolomoni.

Umakoti:

2Makangange ngokwanga komlomo wakhe!

Ngokuba uthando lwakho lumnandi kunewayini.

3Amafutha akho anephunga elimnandi;

igama lakho linjengamafutha athululiweyo;

ngalokho izintombi ziyakuthanda.

4Ngidonse emva kwakho, sigijime;

inkosi isingingenisile emakamelweni ayo.

Abangane:

Siyakujabula, sithokoze ngawe,

sikhulume ngothando lwakho kunewayini.

Umakoti:

Kufanele ukuba bakuthande.

5Ngimnyama, kepha ngimuhle,

madodakazi aseJerusalema,

njengamatende akwaKedari,

njengezilenge zikaSolomoni.

6Ningangibuki ukuthi ngimnyamana,

ngokuba ilanga lingifusile.

Amadodana kamame angifutha,

angenza umlindizivini,

kepha isivini esingesami angisilindanga.

7Ngitshele wena othandwa ngumphefumulo wami

ukuthi waluselaphi,

uphumuzaphi umhlambi emini,

ngokuba yini ukuba ngibe njengowesifazane odukileyo

ngasemihlambini yabangane bakho na?

Abangane:

8Uma ungakwazi

wena muhlekazi phakathi kwabesifazane,

phuma uhambe ezinyathelweni zomhlambi,

waluse amazinyane akho

ngasematendeni abelusi.

Ukuphendulana komyeni nomakoti.Umnyeni:

9Ngikufanisa nehhashi lensikazi lezinqola zikaFaro,

sithandwa sami.

10Izihlathi zakho zinhle

kangakanani zinezintambo zobuhlalu,

nentamo yakho ineminaka.

11Siyakukwenzela izintambo zobuhlalu begolide,

namaqhosha esiliva.

Umakoti:

12Inkosi isahlezi ngasetafuleni layo

inadi* lami lathaphuka iphunga lalo.

13Othandiweyo wami ungumshuqulu

wemure* kimi,

olele phakathi kwamabele ami.

14Othandiweyo wami uyihlukuzo lezimbali zehena*

ezivinini zase-Eni Gedi.

Umnyeni:

15Bheka, umuhle, sithandwa sami!

Bheka, umuhle!

Unamehlo amajuba.

Umakoti:

16Bheka, umuhle, othandiweyo wami!

Yebo, umnandi, nesilili sethu siluhlaza.

Umnyeni:

17Imishayo yendlu yethu iyimisedari,*

nemiqhadi iyimisayipuresi.*

IsiHlabelelo seziHlabelelo 1ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

IsiHlabelelo seziHlabelelo 2

Umakoti:

1Ngiyintebe yaseSharoni,

nomnduze wezigodi.

Umnyeni:

2Njengomnduze phakathi kwameva,

sinjalo isithandwa sami phakathi kwezintombi.

3Njengomapula* phakathi kwemithi yasehlathini,

unjalo othandiweyo wami phakathi kwamadodana.

Ngahlala phansi emthunzini wakhe ngokwenama okukhulu,

nesithelo sakhe sasimnandi emlonyeni wami.

4Ungingenisile endlini yewayini,

nebhanela* lakhe phezu kwami liluthando.

5Ngiphaseni ngezigaxa zezithelo zomvini ezomileyo,

ngihlumelele ngama-apula,*

ngokuba ngiyafa uthando.

6Isandla sakhe sokhohlo siphansi kwekhanda lami,

nesokunene siyangigona.

7Ngiyanifungisa,

madodakazi aseJerusalema,

ngezinsephe nangezindluzelekazi zasendle

ukuba ningalunyakazisi,

ningaluvusi uthando,

lungakavumi.

Isihlabelelo sothando somakoti

8Nanto izwi lothandiweyo wami!

Bheka, uyeza eqa ezintabeni,

etshekula emagqumeni.

9Othandiweyo wami unjengensephe

noma njengesixhumu sendluzele;

bheka, umi emva kodonga lwakwethu;

uyalunguza emafasiteleni,

ubonakala ngaseheleni.

10Othandiweyo wami wakhuluma, wathi kimi:

“Vuka, sithandwa sami,

muhlekazi wami; woza sihambe,

11ngokuba bheka, ubusika budlulile;

imvula isiphelile, yamuka;

12izimbali ziyabonakala emhlabeni,

nesikhathi sokuthena imivini sesisondele,

nezwi lehobhe liyezwakala ezweni lakithi.

13Umkhiwane uthela amakhiwane awo aluhlaza,

imivini inezimbali,

ithaphuka iphunga layo;

vuka, sithandwa sami,

muhlekazi wami; woza sihambe.”

Umnyeni:

14Juba lami elisemifantwini yamadwala

nasekusithekeni kweziwa,

mangibone ubuso bakho,

ngizwe izwi lakho,

ngokuba izwi lakho limnandi,

nobuso bakho buhle.

15Sibambeleni izimpungushe,

izimpungushe ezincane

ezichitha izivini,

ngokuba izivini zethu zinezimbali.

Umakoti:

16Othandiweyo wami ungowami,

mina ngingowakhe;

uyalusa phakathi kweminduze.

17Kuze kuphole ilanga,

namathunzi abaleke,

mawube njengensephe,

wena othandiweyo wami,

nanjengesixhumu sendluzele

ezintabeni eziqhekezekileyo.

IsiHlabelelo seziHlabelelo 2ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

IsiHlabelelo seziHlabelelo 3

1Ebusuku embhedeni wami

ngamfuna othandwa ngumphefumulo wami;

ngamfuna, kepha angimtholanga.

2Ngiyakuvuka, ngihambahambe emzini,

ezitaladini nasezigcawini;

ngiyakufuna othandwa ngumphefumulo wami;

ngamfuna, kepha angimtholanga.

3Abalindi bangifumana

behambahamba emzini:

“Nimbonile othandwa ngumphefumulo wami na?”

4Ngangidlule kancane nje kubo;

ngase ngimthola othandwa ngumphefumulo wami;

ngambamba, angivumanga ukuba ahambe,

ngaze ngamngenisa endlini kamame

nasekamelweni lowangikhulisayo.

5Ngiyanifungisa,

madodakazi aseJerusalema,

ngezinsephe nangezindluzelekazi zasendle

ukuba ningalunyakazisi,

ningaluvusi uthando,

lungakavumi.

Udwendwe lomthimba

6Ngubani owenyuka ehlane njengezinsika zomusi,

eqhole ngemure* nangenhlaka,

nangawo onke amakha omthengi, na?

7Bheka, luhlaka lukaSolomoni!

Amaqhawe angamashumi ayisithupha aluzungezile

emaqhaweni akwa-Israyeli.

8Onke aphethe izinkemba,

afundile ukulwa;

yilowo nalowo muntu unenkemba yakhe okhalweni lwakhe

ngokwesaba ebusuku.

9Inkosi uSolomoni izenzele uhlaka ngemithi yaseLebanoni.

10Yenza izinsika zalo ngesiliva,

nephansi lalo ngegolide,

nesihlalo salo ngokububende,

ubuphakathi balo bugandaywe ngothando

lwamadodakazi aseJerusalema.

11Phumani nina madodakazi aseJerusalema,

nibone inkosi uSolomoni,

inomqhele eyawuqheliswa ngunina

ngosuku lokugcagca kwayo

nangomhla wokuthokoza kwenhliziyo yayo.

IsiHlabelelo seziHlabelelo 3ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

IsiHlabelelo seziHlabelelo 4

Isihlabelelo somyeni ngobuhle bomakoti.Umnyeni:

1Bheka, umuhle, sithandwa sami!

Bheka, umuhle!

Unamehlo amajuba emva kwemvakazi yakho;

izinwele zakho zinjengomhlambi wezimbuzi

owehla entabeni yakwaGileyadi.

2Amazinyo akho anjengomhlambi wezimvukazi

ezisand' ukugundwa,

ezikhuphuka zigeziwe,

zinamawele zonke,

kungekho neyodwa phakathi kwazo efelweyo.

3Izindebe zakho zinjengomucu obomvu,

umlomo wakho muhle;

izihlathi zakho zinjengenxenye yepomegranati*

emva kwemvakazi yakho.

4Intamo yakho injengombhoshongo

kaDavide owakhiwe ngemihlobiso,

okuphanyekwa kuwo amahawu ayinkulungwane,

onke eyizihlangu zamaqhawe.

5Amabele akho amabili anjengezixhumu ezimbili

ezingamawele ensephe,

ezidla phakathi kweminduze.

6Lize liphole ilanga

namathunzi abaleke,

ngiyakuya entabeni yemure*

nasegqumeni lenhlaka.

7Umuhle wonke, sithandwa sami,

akukho sisihla kuwe.

8Woza umuke nami eLebanoni,

makoti wami,

umuke nami eLebanoni,

wehle esiqongweni sase-Amana,

nasesiqongweni saseSeniri naseHermoni,

simuke emihumeni yezingonyama,

nasezintabeni zezingwe.

9Ungaphucile inhliziyo yami,

dadewethu, makoti wami;

ungaphucile inhliziyo yami ngelinye

lamehlo akho,

ngomgexo munye wentamo yakho.

10Lumnandi kangakanani uthando lwakho,

dadewethu, makoti wami!

Luhle kangakanani uthando lwakho,

kunewayini,

nephunga lamafutha akho

kunamakha onke!

11Izindebe zakho, makoti wami,

ziyaconsa izinyosi;

uju nobisi kukhona

phansi kolimi lwakho,

nephunga lezambatho zakho

linjengephunga laseLebanoni.

12Uyinsimu ehluthulelweyo,

dadewethu, makoti wami,

umthombo ohluthulelweyo

nesiphethu esibekwe uphawu.

13Amahlumela akho ayihlathi lamapomegranati*

anezithelo ezinqabileyo,

ihena* kanye nenadi,*

14inadi* nesafroni,*

nomhlanga nokinamona,*

kanye nemithi yonke yenhlaka,

nemure* nomhlaba,

nawo onke amakha amahle.

15Siphethu sensimu,

mthombo wamanzi aphilayo,

sifufula saseLebanoni!

Ukuphendulana komyeni nomakoti.Umakoti:

16Vuka, moya wasenyakatho,

uze wena Ningizimu,

uphephethe ensimini yami,

ukuze amakha ayo athaphuke;

othandiweyo wami makangene ensimini yakhe,

adle izithelo zayo ezinqabileyo.

IsiHlabelelo seziHlabelelo 4ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

IsiHlabelelo seziHlabelelo 5

Umnyeni:

1Sengingenile ensimini yami,

dadewethu, makoti wami;

ngiyabutha imure* lami namakha ami,

ngiyadla amakhekheba ami kanye nezinyosi zami,

ngiyaphuza iwayini lami kanye nobisi lwami.

Abangane:

Yidlani, bangane,

niphuze, nisuthe ngothando.

Ukulangazela komakoti.Umakoti:

2Bengilele,

kepha inhliziyo yami ibiphapheme;

kuyizwi lothandiweyo wami elingqongqotha lithi:

“Ngivulele, dadewethu,

sithandwa sami,

juba lami, opheleleyo wami,

ngokuba ikhanda lami ligcwele amazolo,

nesihluthu sami amaconsi asebusuku.”

3Ngikhumulile isambatho sami,

ngingasifaka kanjani?

Ngigezile izinyawo zami,

ngingazingcoliselani na?

4Othandiweyo wayesengenisa isandla sakhe embotsheni,

izibilini zami zamhawukela.

5Ngavuka ukumvulela othandiweyo wami;

izandla zami zaconsa imure,*

neminwe yami imure elimanzi

phezu kwezibambo zesihluthulelo.

6Ngamvulela-ke othandiweyo wami,

kepha othandiweyo wami ubephendukile,

wamuka;

umphefumulo wami wawuphela ngokukhuluma kwakhe,

ngamfuna, kepha angamthola;

ngambiza,

kodwa akaphendula.

7Abalindi bangifumana

behambahamba emzini,

bangishaya, bangilimaza;

abalindi bezingange bangaphuca imvakazi yami.

Ukuphendulana komyeni nomakoti

8Ngiyanifungisa, madodakazi aseJerusalema,

uma nimfumana othandiweyo wami,

ukuba nimtshele ukuthi ngiyafa uthando.

Abangane:

9Othandiweyo wakho udlula ngani omunye,

wena muhlekazi phakathi kwabesifazane, na?

Othandiweyo wakho udlula kuphi omunye

ukuba usifungise kanjalo na?

Umakoti:

10Othandiweyo wami uyakhazimula ngobumhlophe, ubomvu,

uyabonakala phakathi kwezigidi.

11Ikhanda lakhe liyigolide elihle elicwengekileyo;

isihluthu sakhe sinententezo,

simnyama njengegwababa.

12Amehlo akhe anjengamajuba ngasemifuleni yamanzi,

ageziwe ngobisi ehlezi ngasemifudlaneni egcweleyo.

13Izihlathi zakhe ziyizindima zamakha ezithaphuka iphunga,

nezindebe zakhe ziyiminduze

econsa imure* elimanzi.

14Izingalo zakhe ziyizindilinga zegolide,

okufakwe kuzo amakrisolithe;*

isidumbu sakhe sinjengokwenziwe ngophondo lwendlovu,

sembesiwe ngamasafire.*

15Imilenze yakhe iyizinsika zetshe elimhlophe

ezisekelwe ezinyaweni zegolide elihle;

ukubukeka kwakhe kunjengeLebanoni,

kukhethekile njengemisedari.*

16Umlomo wakhe umnandi,

uyanxaneleka wonke;

yilowo ongothandiweyo wami,

yilowo ongumngane wami,

nina madodakazi aseJerusalema.

IsiHlabelelo seziHlabelelo 5ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

IsiHlabelelo seziHlabelelo 6

Abangane:

1Othandiweyo wakho uyephi,

wena muhlekazi phakathi kwabesifazane;

ushonephi othandiweyo wakho

ukuba simfune kanye nawe na?

2Othandiweyo wami wehlele ensimini yakhe,

ezindimeni zamakha,

ukuba aluse ensimini,

akhe iminduze.

Umakoti:

3Mina ngingowothandiweyo wami,

nothandiweyo wami ungowami,

lapho alusa phakathi kweminduze.

Umyeni ubabaza umakoti wakhe

4Umuhle, sithandwa sami, njengeTirisa,

umnandi njengeJerusalema,

kepha wesabeka njengezimpi.

5Susa amehlo akho kimi,

ngokuba ayangiphaphathekisa;

izinwele zakho zinjengomhlambi wezimbuzi

owehla entabeni yakwaGileyadi.

6Amazinyo akho anjengomhlambi wezimvukazi

ezikhuphuka zigeziwe,

zinamawele zonke,

kungekho neyodwa phakathi kwazo efelweyo.

7Izihlathi zakho zinjengenxenye yepomegranati*

emva kwemvakazi yakho.

8Amakhosikazi angamashumi ayisithupha,

nezancinza zingamashumi ayisishiyagalombili,

nezintombi azinakubalwa.

9Kepha ijuba lami,

opheleleyo wami munye nje;

ungoyedwa kunina,

ungokhethiweyo wakhe owamzalayo.

Amantombazana ayambona,

athi ubusisiwe;

amakhosikazi nezancinza bayamdumisa.

Abangane:

10Ngubani lo olunguza njengokusa,

emuhle njengenyanga,

ecwebile njengelanga,

kepha esabeka njengezimpi, na?

Umnyeni:

11Ngehlela ensimini yamantongomane

ukuyobona uhlaza lwesigodi,

nokubona uma imivini iqhakazile,

namapomegranati* uma ekhahlele.

12Ngingakakwazi ukulangazela kwami kwangibeka

enqoleni yabantu benkosana yami.

Abangane:

13Phenduka, phenduka, mShulamiti!

Phenduka, phenduka ukuba sikubuke!

Umnyeni:

Nibonani kumShulamiti?

Kunjengokusina kwaseMahanayimi.

IsiHlabelelo seziHlabelelo 6ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

IsiHlabelelo seziHlabelelo 7

Ubuhle bomakoti osinayo

1Zinhle kangakanani izinyawo zakho

ezicathulweni zazo,

wena ndodakazi yesikhulu!

Amathanga akho ayizindilinga anjengemihlobiso,

umsebenzi wezandla zengcweti.

2Inkaba yakho ingumkhele oncweliweyo,

ongasweli iwayini elixutshanisiweyo;

isisu sakho siyinqwaba kakolweni,

ibiyelwe ngeminduze.

3Amabele akho amabili anjengezixhumu ezimbili

ezingamawele ensephe.

4Intamo yakho injengoMbhoshongo woPhondo lweNdlovu;

amehlo akho angamachibi aseHeshiboni

ngasesangweni laseBati Rabimi;

impumulo yakho injengombhoshongo waseLebanoni

obhekene neDamaseku.

5Ikhanda lakho kuwe linjengeKarmeli,

nomyeko wekhanda lakho unjengokububende;

kuboshiwe inkosi ngesiyendane.

Umyeni ukhuluma ngothando lwakhe

6Umuhle, umnandi kangakanani

wena othandwa ngenjabulo!

7Isimo sakho siyisundu,

namabele akho omabili anjengamahlukuzo.

8Ngathi: “Ngiyakukhwela esundwini,

ngibambe amagatsha alo.”

Amabele akho mawabe ngamahlukuzo omvini,

nephunga lokuphefumula kwakho njengama-apula,*

9nomlomo wakho njengewayini

elihle elihamba lehle kamnandi,

lewuka ngezindebe nangamazinyo.

Umnyeni:

10Mina ngingowothandiweyo wami,

uyanginxanela.

11Woza wena othandiweyo wami,

siye endle,

silale emizaneni.

12Masivuke ekuseni, siye ezivinini,

sibone uma umvini uqhakazile,

nezimbali zawo uma zivulekile,

namapomegranati* uma ekhahlele.

Lapho ngiyakukunika uthando lwami.

13Amamandragora* athaphuka iphunga,

nangaseminyango yethu

kukhona izinhlobo zonke zezithelo ezinqabileyo,

ezintsha nezindala,

engizibekele wena othandiweyo wami.

IsiHlabelelo seziHlabelelo 7ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

IsiHlabelelo seziHlabelelo 8

1Sengathi nga unjengomfowethu

owancela amabele kamame!

Uma bengikufumana phandle,

bengiyakukwanga ngingadelelwa muntu.

2Bengiyakukuhola,

ngikuyise endlini kamame;

ubuyakungifundisa;

bengiyakukuphuzisa iwayini eliyolisiweyo,

amanzi ompomegranati* wami.

3Isandla sakhe sokhohlo

besiyakubaphansi kwekhanda lami,

nesokunene sakhe besiyakungigona.

4Ngiyanifungisa,

madodakazi aseJerusalema,

ukuba ningalunyakazisi,

ningaluvusi uthando,

lungakavumi.

Abangane:

5Ngubani owenyuka ehlane

encike kothandiweyo wakhe na?

Umakoti:

Phansi komapula* ngakuvusa;

lapho unyoko wayenemihelo ngawe,

khona lapho wayenemihelo owakuzalayo.

6Ngifake njengophawu enhliziyweni yakho,

njengophawu engalweni yakho,

ngokuba uthando lunamandla njengokufa;

isikhwele silukhuni njengendawo yabafileyo;

amalangabi alo angamalangabi omlilo,

ilangabi likaJehova.

7Amanzi amaningi awanakulucima uthando,

nemifula ayinakuluminzisa;

uma umuntu ebeyakunika yonke impahla yendlu yakhe ngothando,

nokho ubeyakwaliwa nokwaliwa.

Umakoti nabafowabo.Abangane:

8Sinodadewethu omncane,

kanawo amabele;

siyakwenza njani ngodadewethu ecelwa na?

9Uma elugange,

siyakwakha phezu kwakhe umbhoshongwana wesiliva;

uma eyisicabha,

siyakumvalela ngamapulangwe omsedari.*

Umakoti:

10Ngilugange,

namabele ami anjengemibhoshongo;

khona ngaba semehlweni

akhe njengofumene ukuthula.

Ingcebo enkulu kunekaSolomoni

11USolomoni wayenesivini eBali Hamoni;

wasinika isivini kubaphathi;

baletha, kwaba yilowo nalowo,

izinhlamvu eziyinkulungwane zesiliva ngezithelo zaso.

12Isivini esingesami siphambi kwami;

inkulungwane mayibe ngeyakho, Solomoni,

namakhulu amabili abe ngawabaphathi bezithelo zaso.

Umyeni nomakoti bayabizana.Umnyeni:

13Wena ohlala emasimini,

abangane balalela izwi lakho;

ake ungizwise lona.

Umakoti:

14Shesha, othandiweyo wami,

ufane nensephe

nesixhumo sendluzele

ezintabeni zamakha.

IsiHlabelelo seziHlabelelo 8ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU