Bible Society of South Africa

To The Word – Day 63

Acts 25–28, Psalm 2, Proverbs 26

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

IzEnzo 25

UPawulu umangalelwa phambi kukaFestu

1Kwathi uFestu engenile esikhundleni, wasuka eKesariya emva kwezinsuku ezintathu, wenyukela eJerusalema; 2abapristi abakhulu nezikhulu zabaJuda base bemangalela uPawulu kuye, bamncenga, 3bazicelela umusa ngaye wokuba ambizele eJerusalema, becebile ukumqamekela ukuba bambulale endleleni. 4Kepha uFestu waphendula ngokuthi uPawulu ugcinwe eKesariya nokuthi naye usezakuya khona masinyane; 5wathi: “Izikhulu phakathi kwenu azehle nami; uma kukhona utho olubi kuleyo ndoda, aziyimangalele.”

6Kwathi esehlale nabo izinsuku ezingaphezu kweziyisishiyagalombili nokuba eziyishumi, wehlela eKesariya; ngangomuso wahlala esihlalweni sokwahlulela, wayala ukuba uPawulu alethwe. 7Esefikile yena, abaJuda ababehlile eJerusalema bema bemhaqile, bembeka amacala amaningi anzima, abangenakuwaqinisa, 8lapho uPawulu eziphendulela ngokuthi: “Angonanga ngalutho nasemthethweni wabaJuda, nasethempelini, nakuKesari.”

9Kepha uFestu ethanda ukubongwa ngabaJuda, wamphendula uPawulu, wathi: “Uyathanda yini ukwenyukela eJerusalema, wahlulelwe khona phambi kwami ngalezi zinto, na?”

UPawulu ufuna ukwahlulelwa nguKesari

10UPawulu wayesethi: “Ngimi phambi kwesihlalo sokwahlulela sikaKesari, lapho ngimelwe ukwahlulelwa khona. Angenzanga okungalungile kubaJuda njengalokhu nawe wazi kahle. 11Kepha uma ngonile ngenza utho olufanele ukufa, angali ukufa; kodwa uma kungekho lutho lwalokho laba abangimangalela ngakho, akakho onganginikela kubo. Ngilidlulisela kuKesari.”

12Khona uFestu esekhulumile nomphakathi waphendula wathi: “Ulidlulisele kuKesari, uzakuya kuKesari.”

U-Agripha ubikelwa indaba kaPawulu

13Kwathi sekudlule izinsuku ezithile, u-Agripha inkosi, noBernike behlela eKesariya ukuyobingelela uFestu. 14Sebehlezi khona izinsuku eziningi, uFestu weneka phambi kwenkosi indaba kaPawulu, wathi: “Kukhona indoda ethile eyashiywa nguFeliksi iboshiwe; 15kwathi ngiseJerusalema, abapristi abakhulu namalunga abaJuda babika ngaye becela ukuba ilahlwe; 16ngabaphendula ngathi akusiwo umkhuba wamaRoma ukumnikela umuntu omangalelwayo engakamiswa phambi kwabammangalelayo, athole ithuba lokuziphendulela ngecala amangalelwe ngalo. 17Ngakho sebebuthene lapha, angilibalanga; ngangomuso ngahlala esihlalweni sokwahlulela, ngayala ukuba leyo ndoda ilethwe; 18basukuma-ke abayimangalelayo, kepha abavezanga cala ngayo lalezo zinto ezimbi ebengizicabangile mina, 19kodwa babe nokuphikisana okuthile naye ngenkolo yakubo nangomuntu othile, uJesu, owafayo, asho ngaye uPawulu ukuthi uyaphila. 20Kuthe mina ngisakhohliwe ukuthi leyo ndaba ngizakuyihlola kanjani, ngathi angathanda yini ukuya eJerusalema ukuba ahlulelwe khona ngalezo zinto. 21Kepha uPawulu eselidlulisile wacela ukuba agcinwe lize lithethwe yinkosi enkulu, ngayala ukuba agcinwe ngize ngimthumele kuKesari.”

22U-Agripha wayesethi kuFestu: “Nami bengithanda ukumuzwa lowo muntu.”

Wathi: “Uzakumuzwa ngomuso.”

23Khona ngangomuso kwafika o-Agripha noBernike ngemvunulo enkulu, bangena endlini yamacala kanye nezinduna zenkulungwane nezikhulu zomuzi; uFestu wayala ukuba uPawulu alethwe. 24UFestu wathi: “Nkosi, Agripha, nani nonke nina madoda enikhona lapha kanye nathi, niyambona lona oluze ngaye kimi lonke uquqaba lwabaJuda eJerusalema nalapha, lumemeza luthi akafanele ukuba abe esaphila. 25Kepha mina ngabona ukuthi akenzanga lutho olufanele ukuba afe, kodwa ngenxa yokudlulisela kwakhe kuKesari ngazinqumela ukumthuma. 26Anginanto eqinisekileyo ngaye engingayilobela inkosi; ngakho ngimlethile phambi kwenu, ikakhulu phambi kwakho, nkosi Agripha, ukuze kuthi sekuhloliwe, ngibe nakho engingakuloba. 27Ngokuba mina ngokwami ngithi akuqondile, uma kuthunyelwa isiboshwa, kungakhonjwa amacala aso.”

IzEnzo 26

UPawulu uziphendulela phambi kukaFestu no-Agripha

1Khona u-Agripha wathi kuPawulu: “Uvunyelwe ukuba uzikhulumele.”

UPawulu wayeselula isandla, waziphendulela wathi: 2“Maqondana nakho konke engimangalelwa ngakho ngabaJuda, nkosi Agripha, ngizibona nginenhlanhla, ngokuba ngizakuziphendulela namuhla phambi kwakho, 3ikakhulu lokhu uyisazi sawo onke amasiko nokuphikisana kwabaJuda; ngalokho ngiyakunxusa ukuba ungilalele ngokubekezela.

4“Inkambo yami kwasebusheni eyaba sesizweni sakithi naseJerusalema kwasekuqaleni bonke abaJuda bayayazi, 5bengazi kwasekuqaleni, uma bethanda ukufakaza ukuthi ngangihamba ngehlelo eliqinileyo lenkonzo yakithi ngingumFarisi. 6Kepha manje ngimi ngimangalelwe ngenxa yethemba lesithembiso asenzayo uNkulunkulu kubo obaba, 7ezithemba ukufinyelela kuso izizwe eziyishumi nambili zakithi, zikhonza ngesineke ubusuku nemini; ngalelo themba, nkosi, ngimangalelwa ngabaJuda. 8Kungani kube yinto engakholekile kini ukuthi uNkulunkulu uvusa abafileyo na?

9“Kepha mina ngokwami ngangithi ngifanele ukwenza okuningi okuphambene negama likaJesu waseNazaretha; 10lokho ngase ngikwenza-ke eJerusalema; mina ngabafaka abaningi kwabangcwele ematilongweni, ngiwatholile amandla kubapristi abakhulu, nalapho bebulawa ngabalahla ngevoti* lami. 11Nasemasinagogeni* onke kaningi ngabajezisa ngibacindezela ukuba bahlambalaze; ngahlanya kakhulu ngabo, ngibazingela kwaze kwaba semizini yabezizwe.

12“Kwathi lapho ngisaya eDamaseku ngamandla nangokuthunywa ngabapristi abakhulu, 13emini enkulu, nkosi, ngisendleleni, ngabona ukukhanya okuvela ezulwini, kudlula ukukhazimula kwelanga, kungikhanyisela nxazonke kanye nababehamba nami; 14kwathi sesiwile phansi sonke emhlabathini, ngezwa izwi likhuluma kimi ngo limi lwesiHeberu, lithi: ‘Sawulu, Sawulu, ungizingelelani na? Kulukhuni kuwe ukukhahlela ezinkandini.’

15“Kepha mina ngathi: ‘Ungubani, Nkosi, na?’ INkosi yathi: ‘Mina nginguJesu omzingelayo. 16Kepha sukuma, ume ngezinyawo zakho; ngokuba ngibonakele kuwe ngalokho ukuba ngikumise ube yisikhonzi nofakazi walokhu kungibona kwakho nowalokhu engizakuzibonakalisa kuwe ngakho, 17ngikophule esizweni nakwabezizwe engikuthumela kubo 18ukuvula amehlo abo ukuba basuke ebumnyameni, baphendukele ekukhanyeni, basuke emandleni kaSathane, baphendukele kuNkulunkulu, ukuze bamukeliswe ukuthethelelwa kwezono nesabelo phakathi kwabangcwelisiweyo ngokukholwa kimi.’

19“Ngalokho, nkosi Agripha, angibanga ngongawulaleliyo umbono wasezulwini, 20kodwa ngamemezela kuqala kwabaseDamaseku nakwabaseJerusalema, nakulo lonke izwe laseJudiya nakwabezizwe ukuba baphenduke, baguqukele kuNkulunkulu, benze imisebenzi efanele ukuphenduka. 21Ngenxa yalokho abaJuda bangibamba ethempelini, balinga ukungibulala. 22Ngitholile usizo kuNkulunkulu ngimi kuze kube kulolu suku ngifakaza kwabancane nakwabakhulu, angikhulumi lutho ngaphandle kwalokho abakukhulumile abaprofethi noMose ukuthi kuzakwenzeka, 23ukuthi uKristu nga ehlupheka nokuthi engowokuqala ekuvukeni kwabafileyo uzakumemezela ukukhanya kuso isizwe nakwabezizwe.”

24Kwathi esaziphendulela kanjalo, uFestu wathi ngezwi elikhulu: “Pawulu, uyahlanya; ukufunda okuningi kuyakuhlanyisa.”

25Kepha uPawulu wathi: “Angihlanyi, Festu odumileyo, kodwa ngikhuluma amazwi ayiqiniso nawokuqonda. 26Ngokuba inkosi engikhuluma kuyo ngesibindi iyazi ngalezi zinto, ngokuba angikholwa ukuthi kukhona utho lwalokhu olufihlekile kuyo; ngokuba lokhu akwenziwanga engosini. 27Nkosi Agripha, uyakholwa ngabaprofethi na? Ngiyazi ukuthi uyakholwa.”

28U-Agripha wathi kuPawulu: “Kusilele kancane ungivumise ngibe ngumKristu.”

29UPawulu wayesethi: “Bengingafisa kuNkulunkulu ukuba, noma kukancane noma kukakhulu, kungabi wena wedwa kodwa bonke abangizwayo namuhla babe njengami, ngaphandle kwalezi zibopho.”

30Inkosi yayisisukuma nombusi noBernike kanye nababehlezi nabo; 31kwathi sebegudlukile, bakhuluma bodwa, bathi: “Lo muntu akenzi lutho olufanele ukufa noma izibopho.”

32Kepha u-Agripha wathi kuFestu: “Lo muntu ngabe ekhululiwe, uma ebengalidluliselanga kuKesari.”

IzEnzo 27

UPawulu eyisiboshwa uhamba ngomkhumbi eya eRoma

1Kwathi sekunqunyiwe ukuba siye e-Italiya ngomkhumbi, banikela uPawulu nezinye iziboshwa ezithile enduneni yekhulu, igama layo linguJuliyu, eyebutho likaKesari. 2Sangena emkhunjini wase-Adramitiyu obusuzakuya ezindaweni zangase-Asiya, u-Aristarku umMakedoniya waseThesalonika enathi.

3Ngangomuso safika eSidoni; uJuliyu wamphatha kahle uPawulu, wamvumela ukuba aye kubahlobo bakhe, ahlunyelelwe. 4Sasuka lapho, sagudla ngenzansi kweKhupro, ngokuba imimoya yayiphambene nathi. 5Sesidabulile ulwandle olungaseKhilikhiya nePhamfiliya safika eMira laseLikhiya. 6Lapho-ke induna yafumana umkhumbi wase-Aleksandriya oqonde e-Italiya, yasingenisa kuwo. 7Sesihambe kancane izinsuku eziningi saze safika kalukhuni ngaseKinidu, umoya ungasivumeli, sagudla iKrethe maqondana neSalimone, 8sagudla lona kalukhuni, safika endaweni ethile ethiwa Matheku Mahle; eduze nayo kukhona umuzi waseLaseya.

9Kwathi sekudlulile isikhathi eside, sekuyingozi ukuhamba ngomkhumbi, ngokuba isikhathi seNzilo sase sidlulile, uPawulu wabaluleka, 10wathi kubo: “Madoda, ngiyabona ukuthi lolu hambo luzakuba nengozi nokuchithakala okukhulu, kungabi ngokwempahla nokomkhumbi kuphela kepha nokokuphila kwethu.” 11Kepha induna yekhulu yethemba umshayeli womkhumbi nomniniwo kakhulu kunalokho okwakhulunywa nguPawulu. 12Njengokuba itheku lalingalungile ukuhlala khona ebusika, iningi labo laluleka ukuba kusukwe khona, mhlawumbe kwenzeke ukuba bafinyelele eFeniksi, itheku laseKrethe elibheke entshonalanga yaseningizimu nasentshonalanga yasenyakatho, bahlale khona ebusika.

13Kuthe iningizimu isaphephetha kahle, bacabanga ukuthi sebetholile ababekuqondile, bakhuphula ihange,* bagudla iKrethe. 14Kepha emva kwesikhathi esingeside kwavuka kwehla kulo umoya oyisivunguvungu othiwa i-Ewurakiloni; 15kodwa umkhumbi usududulwa ungasenakubhekana nomoya, sayeka saqhutshwa nje. 16Kwathi sigudla ngenzansi kwesiqhingana esithiwa iKlawuda, sabamba isikebhe kalukhuni; 17sebe sikhuphulile basebenzisa izinto zokusiza, bawuzongolozela umkhumbi ngezintambo; kuthe besaba ukuthi bazakukhahleleka eSirti, behlisa izindwangu zomkhumbi, baqhutshwa kanjalo. 18Kuthe ukuba sibhengulwe kakhulu yisiphepho, ngangomuso bachitha umthwalo; 19kwathi ngolwesithathu balahla izimpahla zomkhumbi ngezandla zabo. 20Khona-ke ilanga nezinkanyezi zingasabonakali izinsuku eziningi, nesiphepho esingesincane siqinisa njalo, lase liphela ithemba lonke lokuba singasindiswa.

21Sekuyisikhathi eside bengasadli lutho, uPawulu wasukuma phakathi kwabo, wathi: “Madoda, ngabe nalalela mina, kanamuka eKrethe, naphepha kule ngozi nakulokhu kuchithakala. 22Kepha manje senginiluleka ukuba nime isibindi, ngokuba akuyikufa muntu kini, umkhumbi kuphela. 23Ngokuba ngalobu busuku bekumi ngakimi ingelosi kaNkulunkulu engingowakhe nengimkhonzayo, 24yathi: ‘Ungesabi, Pawulu; umelwe ukuma phambi kukaKesari; bheka, uNkulunkulu ukuphile bonke abahamba nawe emkhunjini.’ 25Ngalokho yimani isibindi, madoda; ngokuba ngiyakholwa nguNkulunkulu ukuthi kuzakuba njengalokho kukhulunyiwe kimi. 26Kepha simelwe ukukhahleleka esiqhingini esithile.”

27Kwathi ukuba kufike ubusuku beshumi nane sisazulazuliswa elwandle lwase-Adriya phakathi kobusuku, abomkhumbi bacabanga ukuthi bayasondela ezweni elithile. 28Base bephonsa intambo yokulinganisa, bafumana kungamafatome* angamashumi amabili; sebeqhubekile kancane bayiphonsa futhi, bafumana kungamafatome ayishumi nanhlanu; 29besaba ukuthi mhlawumbe singashayeka ezindaweni ezinamadwala, baphonsa amahange* amane ngasemuva, bafisa ukuba kuse. 30Abomkhumbi sebefuna ukubaleka emkhunjini, behlisela isikebhe elwandle ngokungathi bazakuphonsa amahange* enhlokweni yomkhumbi, 31uPawulu wathi enduneni yekhulu nasemabuthweni: “Uma laba bengahlali emkhunjini, ningesindiswe nina.” 32Khona amabutho anquma amagoda esikebhe, asidedela sawa.

33Kwathi sekuzakusa, uPawulu wabancenga bonke ukuba badle, wathi: “Namuhla kulusuku lweshumi nane nilindile, nihlezi nizila, ningadli lutho. 34Ngalokho ngiyanincenga ukuba nidle, ngokuba lokhu kungokokusinda kwenu; akuyikulahleka unwele lwekhanda nakoyedwa phakathi kwenu.” 35Eseshilo lokho wathatha isinkwa, wabonga uNkulunkulu phambi kwabo bonke, wasihlephula, waqala ukudla. 36Base bema isibindi bonke, badla nabo. 37Thina sonke esasisemkhunjini besingabantu abangamakhulu amabili namashumi ayisikhombisa nesithupha. 38Sebesuthi ukudla benza lula umkhumbi belahla ukolweni elwandle.

39Sekusile, abalazanga izwe, kepha babona itheku elithile elinesihlabathi abanquma ukuba baqhubele kulo umkhumbi, uma kungenzeka. 40Banquma amahange* bawashiya elwandle, bathukulula futhi izintambo zamaphini okuqondisa, baphakamisela emoyeni indwangu ephambili, baqonda ogwini. 41Batheleka endaweni enolwandle nxazombili, baqhubela umkhumbi kuyo, inhloko yomkhumbi yagxumekeka, yema ingenakunyakaziswa, kepha ingasemuva laphulwa ngamandla amaza.

42Kepha amabutho ayehlosa ukubulala iziboshwa, funa ezinye zibaleke ngokuhlamba; 43kepha induna yekhulu ithanda ukusindisa uPawulu yawavimbela enhlosweni yawo, yayala ukuba labo abakwazi ukuhlamba baziphonse kuqala emanzini, bafike emhlabathini, 44nabaseleyo bafike, abanye ngamapulangwe, abanye ngezinye izinto zomkhumbi. Kanjalo-ke kwenzeka ukuba bonke baphumele emhlabathini besindile.

IzEnzo 28

UPawulu nabanye bamukelwa kahle ngabaseMelitha

1Kwathi sesisindile khona, sezwa ukuthi isiqhingi sithiwa iMelitha. 2Abantu bakhona basiphatha ngobubele obungavamile, ngokuba babebasa umlilo, basamukela sonke ngenxa yemvula eyayisina nangenxa yamakhaza. 3Kepha uPawulu ecakashile ixha lezinsaba, elibeka emlilweni, kwaphuma inyoka ngenxa yokushisa, yanamathela esandleni sakhe. 4Abantu bakhona sebebona isilwane silenga esandleni sakhe, bakhuluma bodwa, bathi: “Ngempela lo muntu ungumbulali othi noma esindile elwandle ukuLunga akuvumi ukuba aphile.” 5Kodwa yena wasinikinela isilwane emlilweni, akaze alimala. 6Kepha babheka ukuthi usezakuvuvuka, nokuba awe phansi masinyane, afe. Kepha sebebheka isikhathi eside, bebona ukuthi akafikelwa ngozi, baphenduka bathi ungunkulunkulu.

UPawulu uphilisa iziguli

7Kwakukhona kuleyo ndawo izwe lesikhulu sesiqhingi, igama laso linguPhubiliyu; yena wasamukela, wasiphatha kahle izinsuku ezintathu. 8Kepha uyise kaPhubiliyu wayelele phansi ephethwe ngumkhuhlane nembo; uPawulu wangena kuye, wakhuleka, wabeka izandla phezu kwakhe, wamphilisa. 9Kwathi lokho sekwenzekile, beza nabanye abasesiqhingini abanezifo, baphulukiswa, 10basitusa ngokutusa okuningi; kwathi mhla simuka ngomkhumbi, basinika esikudingayo.

11Emva kwezinyanga ezintathu sase simuka ngomkhumbi wase-Aleksandriya owawudlulisa ubusika esiqhingini, uphawu lwawo lungolwamaWele. 12Sangena eSirakhuse, sahlala izinsuku ezintathu; 13sasuka lapho, sagwegwesa, safika eRegiyu. Sekudlule usuku lwaba lunye, kwavuka iningizimu, safika ePhutheyoli ngosuku lwesibili.

UPawulu ufika eRoma

14Safumana khona abazalwane, sancengwa ukuba sihlale nabo izinsuku eziyisikhombisa; kanjalo safika eRoma. 15Abazalwane sebezwile ngathi basuka khona, beza ukusihlangabeza baze bafika e-Aphiyo Foru naseTresi Thaberne; uPawulu ebabona wabonga uNkulunkulu, wema isibindi. 16Sesifikile eRoma, uPawulu wavunyelwa ukuhlala yedwa enebutho elimlindayo.

17Kwathi emva kwezinsuku ezintathu wabizela ndawonye kuye abakhulu babaJuda; sebebuthene, wathi kubo: “Madoda, bazalwame, noma mina ngingenzanga lutho oluphambene nesizwe namasiko awobaba, nokho ngasuswa eJerusalema ngiyisiboshwa, nganikelwa ezandleni zamaRoma; 18wona esengihlolile afuna ukungikhulula, ngokuba kungekho cala kimi lokuba ngife; 19kepha abaJuda bekuphikisa, ngacindezelwa ukuba ngilidlulisele kuKesari, kungesikho ukuthi ngisimangalela isizwe sakithi ngalutho. 20Ngakho ngaleso sizathu nginibizele lapha ukuba nginibone, ngikhulume nani; ngokuba ngenxa yethemba lika-Israyeli ngiboshiwe ngaleli ketanga.”

21Base bethi kuye: “Thina asamukelanga ncwadi ngawe evela eJudiya, akufikanga namuntu wabazalwane ukubika nokukhuluma utho olubi ngawe. 22Kepha sithi kufanele sizwe kuwe okucabangayo, ngokuba siyazi ngaleli hlelo ukuthi liyaphikiswa ezindaweni zonke.”

23Khona sebemmisele usuku beza kuye endlini yakhe bebaningi, wabachasisela efakaza ngombuso kaNkulunkulu, wabaqondisa ngoJesu ethathela emthethweni kaMose nakubaprofethi, kusukela ekuseni kwaze kwahlwa. 24Abanye baneliswa ngokwakhulunywayo, abanye abakholwanga; 25kwathi ukuba bangezwani bodwa, bamuka, uPawulu esekhuluma izwi labalinye lokuthi: “Wakhuluma kahle uMoya oNgcwele ngo-Isaya umprofethi koyihlo 26ngokuthi:

“ ‘Hamba uye kulesi sizwe, uthi:

“Ngokuzwa niyakuzwa, ningaze naqonda,

nangokubona niyakubona, ningaze nabonisisa,

27ngokuba inhliziyo yalesi sizwe

seyaba buthuntu;

bezwa kanzima ngezindlebe,

amehlo abo bawacimezile,

funa mhlawumbe babone ngamehlo,

bezwe ngezindlebe,

baqonde ngenhliziyo, baphenduke,

ngibaphilise.” ’

28“Ngakho-ke makwazeke kini ukuthi le nsindiso kaNkulunkulu ithunyelwe kwabezizwe; bona-ke bayakuzwa.” 29Kwathi eseshilo lokho, abaJuda baphuma benokuphikisana okukhulu phakathi kwabo.

30Kepha uPawulu wahlala iminyaka emibili egcwele endlini yakhe ayiqashileyo, wamukela bonke abeza kuye, 31washumayela umbuso kaNkulunkulu, wafundisa ngaso sonke isibindi izindaba zeNkosi uJesu Kristu, enganqatshelwa muntu.

Ihubo 2

Ogcotshiweyo kaJehova

1Kungani ukuba abezizwe baxokozele,

nabantu bazindle ngokuyize na?

2Amakhosi omhlaba ayazihlanganisa,

nababusi baceba icebo

ngoJehova nangogcotshiweyo wakhe ngokuthi:

3“Masigqabule izibopho zabo,

silahle izintambo zabo, zisuke kithina.”

4Yena ohlezi ezulwini uyahleka,

iNkosi iyabadelela.

5Ibisikhuluma kubo ngentukuthelo yayo,

ibethuse ngolaka lwayo, ithi:

6“Nokho ngibekile iNkosi yami eSiyoni,

intaba yami engcwele.”

7Ngizakulanda ngesinqumo:

uJehova wathi kimi:

“Uyindodana yami wena;

namuhla ngikuzele.

8Cela kimi,

ngikunike abezizwe babe yifa lakho,

nemikhawulo yomhlaba ibe yimfuyo yakho.

9Uzakubaphula ngentonga yensimbi,

ubaphahlaze njengesitsha sombumbi.”

10Ngakho hlakaniphani nina makhosi;

yalekani nina bahluleli bomhlaba.

11Mkhonzeni uJehova ngokwesaba, nethabe ngokuthuthumela.

12Yangeni indodana,

ingaze ithukuthele,

nibhubhe endleleni,

ngokuba ulaka lwayo luyakuvutha masinyane.

Babusisiwe bonke abaphephela kuyo.

IzAga 26

1Njengeqhwa ehlobo nemvula ngesikhathi sokuvuna,

kanjalo udumo alufanele isiwula.

2Njengomzwilili ekuhambeni kwawo

nanjengenkonjane ekundizeni kwayo,

kanjalo isiqalekiso esingenasizathu asizi.

3Isiswebhu singesehhashi,

netomu lingelembongolo,

noswazi lungolomhlane weziwula.

4Ungasiphenduli isiwula njengobuwula baso,

funa ufane naso.

5Phendula isiwula njengobuwula baso,

funa sibe ngohlakaniphileyo emehlweni aso.

6Othuma izwi ngesandla sesiwula

unquma izinyawo zakhe,

uphuza ingozi.

7Imilenze yonyonga iyalengalenga;

zinjalo izaga emilonyeni yeziwula.

8Njengobopha itshe endwayimaneni,

unjalo onika isiwula udumo.

9Njengeva elingena esandleni sesidakwa,

sinjalo isaga emlonyweni weziwula.

10Ingqongqo yenza konke yodwa;

oqasha isiwula uqasha abadlulayo nje.

11Njengenja ebuyela ebuhlanzweni bayo,

kanjalo isiwula siphinda ubuwula baso.

12Uyabona umuntu ohlakaniphile emehlweni akhe na?

Kukhona ithemba ngesiwula kunaye.

13Ivila lithi: “Kukhona ingonyama endleleni

nebhubesi esigcawini.”

14Isicabha siphenduka ngezingibe zaso,

nevila ecansini lalo.

15Ivila liyafaka isandla salo esitsheni;

kuyamkhathaza ukusibuyisela emlonyeni walo.

16Ivila lihlakaniphile emehlweni alo

kunabayisikhombisa abaphendula ngokuhlakanipha.

17Odlula nje ehlanganyela ukuxabana okungesikho okwakhe

unjengobamba inja ngezindlebe zayo.

18Njengohlanya oluphonsa izikhuni

nemicibisholo ebulalayo,

19unjalo umuntu okhohlisa umakhelwane wakhe,

ethi: “Angithi ngintelile nje na?”

20Ngokuphela kwezinkuni umlilo uyacimeka,

nalapho kungekho abancethezi, kuyabodla ukuxabana.

21Njengamalahle othuthwini nezinkuni emlilweni,

unjalo umuntu ophikisa ukuvusa inkani.

22Amazwi omncethezi anjengesibiliboco:

ayehlela kokuphakathi komuntu.

23Izindebe ezishisayo nenhliziyo embi

kunjengesitsha sebumba esinamekwe ngamanyela esiliva.

24Ozondayo uyazenzisa ngezindebe zakhe,

ubekelela inkohliso enhliziyweni yakhe.

25Lapho enza izwi lakhe libe mnandi, ungakholwa nguye,

ngokuba kukhona izinengiso eziyisikhombisa enhliziyweni yakhe.

26Noma inzondo yakhe isibekelwa ngenzondo,

ububi bakhe buyakwambulwa ebandleni.

27Omba umgodi uyakuwela kuwo,

nogingqa itshe, liyakubuyela phezu kwakhe.

28Ulimi lwamanga luyazonda olubachobozileyo,

nomlomo othophayo usebenza incithakalo.

Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU