Bible Society of South Africa

To The Word – Day 62

Joshua 22–24, Acts 22–24

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

UJoshuwa 22

I-altare ngaseJordani

1UJoshuwa wababiza abakwaRubeni, nabakwaGadi, nenxenye yesizwe sakwaManase, 2wathi kubo: “Nigcinile konke uMose inceku kaJehova aniyala ngakho, nalalela izwi lami kukho konke enganiyala ngakho; 3anishiyanga abafowenu lezi zinsuku eziningi kuze kube namuhla, kepha nigcinile imfanelo yomyalo kaJehova uNkulunkulu wenu. 4Manje uJehova uNkulunkulu wenu ubanikile abafowenu ukuphumula njengalokho ebekhuluma kubo; ngalokho buyani, niye ematendeni enu ezweni lefa lenu aninika lona uMose inceku kaJehova ngaphesheya kweJordani. 5Qaphelisisani kuphela ukwenza imiyalo nomthetho aniyala ngakho uMose inceku kaJehova ukuba nimthande uJehova uNkulunkulu wenu, nihambe kuzo zonke izindlela zakhe, nigcine imiyalo yakhe, ninamathele kuye, nimkhonze ngayo yonke inhliziyo yenu nangawo wonke umphefumulo wenu.”

6UJoshuwa wayesebabusisa, wabamukisa; baya ematendeni abo.

7Inxenye yesizwe sakwaManase uMose wayeyabele izwe eBashani, kepha inxenye uJoshuwa wayinika izwe phakathi kwabafowabo phesheya kweJordani ngasentshonalanga. Lapho uJoshuwa esebamukisa ukuba baye ematendeni abo, wababusisa, wakhuluma kubo, wathi: 8“Buyelani ematendeni enu nemfuyo eningi: izinkomo eziningi kakhulu, nesiliva, negolide, nethusi, nensimbi, nezingubo eziningi, nabelane impango yezitha zenu nabafowenu.”

9Abantwana bakwaRubeni nabantwana bakwaGadi nenxenye yesizwe sakwaManase babuya, bamuka kubantwana bakwa-Israyeli eShilo eliyizwe laseKhanani ukuba baye ezweni lakwaGileyadi, izwe lefa labo, ababelwa lona njengesiyalezo sikaJehova ngesandla sikaMose; 10sebefike eziyingeni zamatshe ngaseJordani ezisezweni laseKhanani abantwana bakwaRubeni nabantwana bakwaGadi nenxenye yesizwe sakwaManase bakha khona i-altare ngaseJordani, liyi-altare elikhulu ukubonakala kwalo. 11Abantwana bakwa-Israyeli bezwa kuthiwa: “Bhekani, abantwana bakwaRubeni nabantwana bakwaGadi nenxenye yesizwe sakwaManase bakhile i-altare malungana nezwe laseKhanani eziyingeni zamatshe ngaseJordani ngaphesheya kwabantwana bakwa-Israyeli.” 12Abantwana bakwa-Israyeli sebezwile lokho, yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli yabuthana ngaseShilo ukuba ikhuphuke ilwe nabo.

13Abantwana bakwa-Israyeli bathuma kubantwana bakwaRubeni nakubantwana bakwaGadi nakuyo inxenye yesizwe sakwaManase ezweni lakwaGileyadi uFinehasi indodana ka-Eleyazare umpristi, 14nezikhulu eziyishumi kanye naye, isikhulu sibe sinye ngendlu kayise ezizweni zonke zakwa-Israyeli, yileso naleso siyinhloko yendlu kayise phakathi kwemindeni yakwa-Israyeli.

15Bafika kubantwana bakwaRubeni nakubantwana bakwaGadi nakuyo inxenye yesizwe sakwaManase ezweni lakwaGileyadi, bakhuluma kubo, bathi: 16“Isho kanje yonke inhlangano kaJehova, ithi: ‘Isiphambeko sini enisenzile kuNkulunkulu ka-Israyeli ukuba nibuye namuhla ekumlandeleni uJehova ngokuzakhela i-altare, nihlubuke namuhla uJehova. 17Ububi basePeyori buncane yini kithi esingakazihlambululi kubo kuze kube namuhla, noma inhlangano kaJehova yehlelwa yisifo, 18ukuba nibuye namuhla ekumlandeleni uJehova na? Kuzakuthi uma nihlubuka namuhla uJehova, athukuthelele yonke inhlangano ka-Israyeli kusasa. 19Kepha uma izwe lefa lenu lingcolile, welani, niye ezweni lefa likaJehova, lapho lihlala khona itabernakele* likaJehova, nibe nefa phakathi kwethu; kepha ningahlubuki uJehova, ningahlubuki futhi kithi ngokuzakhela i-altare ngaphandle kwe-altare likaJehova uNkulunkulu wethu. 20U-Akani indodana kaZera akenzanga yini isiphambeko kukho okuqalekisiweyo, yonke inhlangano yakwa-Israyeli yehlelwa yintukuthelo na? Futhi akafanga yedwa lowo muntu ebubini bakhe.’ ”

21Abantwana bakwaRubeni nabantwana bakwaGadi nenxenye yesizwe sakwaManase baphendula, bakhuluma kuzo izinhloko zemindeni yakwa-Israyeli, bathi: 22“UNkulunkulu, uJehova uNkulunkulu, yebo, uNkulunkulu, uJehova uNkulunkulu, uyakwazi, no-Israyeli futhi uyakukwazi ukuthi uma kwakungokuhlubuka noma kungokuphambuka kuJehova, ungasisindisi namuhla 23ngokuthi sizakhele i-altare, sabuya ekumlandeleni uJehova; futhi uma kwakungukuba sinikele phezu kwalo ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yempuphu, nokuba sinikele ngemihlatshelo yeminikelo yokuthula phezu kwalo, uJehova uqobo makakubize.

24“Qha, impela senzile lokho ngokunakekela nangesizathu, sathi: Ngesikhathi esizayo abantwana benu bangakhuluma kubantwana bethu ngokuthi: ‘Ninamsebenzi muni noJehova uNkulunkulu ka-Israyeli na? 25UJehova wenzile iJordani umkhawulo phakathi kwethu nani, nina bantwana bakwaRubeni nabantwana bakwaGadi; aninasabelo kuJehova;’ abantwana benu bese bebuyisela emuva abantwana bethu ukuba bangabe besamesaba uJehova.

26“Sase sithi-ke: ‘Masenze silakhe i-altare, lingabi ngelomnikelo wokushiswa nelomhlatshelo,’ 27kepha libe ngufakazi phakathi kwethu nani naphakathi kwezizukulwane zethu emva kwethu, ukuze senze inkonzo kaJehova phambi kwakhe ngeminikelo yethu yokushiswa, nangemihlatshelo yethu, nangeminikelo yethu yokuthula, ukuba abantwana benu bangasho kubantwana bethu ngesikhathi esizayo ukuthi: ‘Aninasabelo kuJehova.’

28“Sathi-ke: ‘Kuyakuthi lapho besho kanjalo kithi nakuzo izizukulwane zethu ngesikhathi esizayo, sisho ukuthi: “Bhekani isifanekiso se-altare likaJehova abalenzayo obaba, lingabi ngeleminikelo yokushiswa nelemihlatshelo; lingufakazi phakathi kwethu nani.” ’

29“Makube kude nathi ukuba sihlubuke uJehova, sibuye namuhla ekumlandeleni uJehova ngokwakha i-altare leminikelo yokushiswa, neleminikelo yempuphu, nelemihlatshelo, ngaphandle kwe-altare likaJehova uNkulunkulu wethu eliphambi kwetabernakele* lakhe.”

30Kuthe uFinehasi umpristi, nezikhulu zenhlangano, izinhloko zemindeni yakwa-Israyeli ezazinaye sezizwile amazwi akhulunywa ngabantwana bakwaRubeni, nangabantwana bakwaGadi, nangabantwana bakwaManase, kwaba kuhle emehlweni abo. 31UFinehasi indodana ka-Eleyazare umpristi wathi kubantwana bakwaRubeni nakubantwana bakwaGadi nakubantwana bakwaManase: “Namuhla siyazi ukuthi uJehova uphakathi kwethu, ngokuba anenzanga lesi siphambeko kuJehova; manje senophulile abantwana bakwa-Israyeli esandleni sikaJehova.”

32UFinehasi indodana ka-Eleyazare umpristi nezikhulu babuya kubantwana bakwaRubeni nakubantwana bakwaGadi ezweni lakwaGileyadi, bebuyela ezweni laseKhanani kubantwana bakwa-Israyeli, bababuyisela izwi. 33Leyo nto yaba nhle emehlweni abantwana bakwa-Israyeli; abantwana bakwa-Israyeli bambonga uNkulunkulu, ababe besasho ukuthi bayakukhuphuka babahlasele, bachithe izwe ababehlala kulo abantwana bakwaRubeni nabantwana bakwaGadi.

34Abantwana bakwaRubeni nabantwana bakwaGadi balibiza i-altare ngokuthi: “Lingufakazi phakathi kwethu wokuthi uJehova unguNkulunkulu.”

UJoshuwa 22ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UJoshuwa 23

UJoshuwa uyala abantu

1Kwathi emva kwezinsuku eziningi, lapho uJehova esephumuzile u-Israyeli ezitheni zabo zonke nxazonke, uJoshuwa esemdala eneminyaka eminingi, 2uJoshuwa wabiza wonke u-Israyeli, amalunga akhe, nezinhloko zakhe, nabahluleli bakhe, nezinduna zakhe, wathi kubo: “Sengimdala ngineminyaka eminingi; 3nibonile konke uJehova uNkulunkulu wenu akwenzile kuzo zonke lezi zizwe ngenxa yenu, ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu nguye onilweleyo. 4Bhekani, nginabele lezi zizwe eziseleyo zibe yifa lezizwe zenu, kusukela eJordani, kanye nezizwe zonke engizinqumileyo, kuze kufike eLwandle Olukhulu ngasentshonalanga. 5UJehova uNkulunkulu wenu uyakuzixosha ngaphambi kwenu, azidungule ebusweni benu, nilidle izwe lazo, njengalokho ebekhuluma uJehova uNkulunkulu wenu kini.

6“Yimani kakhulu isibindi ukugcina nokwenza konke okulotshiwe encwadini yomthetho kaMose, ukuze ningachezuki kukho ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo, 7ukuba ningangeni kulezo zizwe ezisele phakathi kwenu, ningabizi amagama awonkulunkulu bazo, ningabafungi, ningabakhonzi, ningabakhothameli, 8kepha ninamathele kuJehova uNkulunkulu wenu, njengalokho nenzile kuze kube namuhla.

9“Ngokuba uJehova uxoshile ngaphambi kwenu izizwe ezinkulu ezinamandla, kepha nina, akukho muntu omile phambi kwenu kuze kube namuhla. 10Umuntu oyedwa uxoshile inkulungwane, ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu nguye onilwelayo, njengalokho ebekhuluma kini. 11Qaphelisisani ukuba nimthande uJehova uNkulunkulu wenu.

12“Ngokuba uma nibuyela emuva, ninamathele ensalini yalezo zizwe, zona lezi ezisele phakathi kwenu, niganiselane nazo, ningene kuzo, nazo kini, 13yazini nokwazi ukuthi uJehova uNkulunkulu akasayikuzixosha lezo zizwe phambi kwenu, kepha zoba lugibe nesihibe kini, nenkalivasi* ezinhlangothini zenu, nameva emehlweni enu, nize nibhubhe kuleli zwe elihle uJehova uNkulunkulu wenu aninike lona.

14“Bhekani, namuhla ngiyahamba indlela yomhlaba wonke; niyazi ezinhliziyweni zenu zonke nasemiphefumulweni yenu yonke ukuthi akuphuthanga nento eyodwa kuzo zonke izinto ezinhle azikhuluma uJehova uNkulunkulu wenu ngani; kwenziwa konke kini, akuphuthanga nento eyodwa kukho. 15Kuyakuthi njengalokho zonke izinto ezinhle zenziwe kini akhuluma ngazo uJehova uNkulunkulu wenu kini, kanjalo uJehova ehlisele phezu kwenu zonke izinto ezimbi, aze anibhubhise kuleli zwe elihle uJehova uNkulunkulu wenu aninike lona. 16Uma neqa isivumelwano sikaJehova uNkulunkulu wenu akuyala ngaso, niye nikhonze abanye onkulunkulu, nibakhothamele, intukuthelo kaJehova iyakunivuthela, nibhubhe masinyane ezweni elihle aninike lona.”

UJoshuwa 23ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UJoshuwa 24

Inkulumo yokugcina kaJoshuwa

1UJoshuwa wabutha zonke izizwe zakwa-Israyeli eShekemi, wabiza amalunga akwa-Israyeli, nezinhloko zakhe, nabahluleli bakhe, nezinduna zakhe, bema phambi kukaNkulunkulu.

2UJoshuwa wathi kubantu bonke: “Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Oyihlo bahlala endulo ngaphesheya koMfula,* uThera uyise ka-Abrahama noyise kaNahori, bakhonza abanye onkulunkulu. 3Ngamthatha uyihlo u-Abrahama ngaphesheya koMfula,* ngamhambisa ezweni lonke laseKhanani, ngayandisa inzalo yakhe, ngamupha u-Isaka. 4Ngamupha u-Isaka oJakobe no-Esawu; ngamnika u-Esawu intaba yaseSeyiri ukuba ayidle; uJakobe nabantwana bakhe behlela eGibithe.

5“ ‘Ngathuma oMose no-Aroni, ngahlupha iGibithe ngalokho engakwenza phakathi kwalo; ngasemuva nganikhipha. 6Ngakhipha oyihlo eGibithe; nafika elwandle; abaseGibithe babaxosha oyihlo ngezinqola nangabamahhashi, baze bafika eLwandle Olubomvu. 7Lapho bekhala kuJehova, wabeka ubumnyama phakathi kwenu nabaseGibithe, waluhambisa ulwandle phezu kwabo, wabasibekela; amehlo enu abona engakwenzayo eGibithe; nahlala ehlane izinsuku eziningi.

8“ ‘Nganingenisa ezweni lama-Amori ahlala ngaphesheya kweJordani, alwa nani; ngawanikela esandleni senu, nadla izwe lawo; ngawachitha phambi kwenu. 9Kwase kuvuka uBalaki indodana kaSipori, inkosi yakwaMowabi, walwa no-Israyeli; wathuma wabiza uBileyamu indodana kaBeyori ukuba aniqalekise, 10kepha angithandanga ukumlalela uBileyamu, kodwa kakhulu wanibusisa, nganophula esandleni sakhe.

11“ ‘Nase niwela iJordani, nafika eJeriko; amadoda aseJeriko alwa nani, nama-Amori, namaPherizi, namaKhanani, namaHeti, namaGirigashi, namaHivi, namaJebusi, ngawanikela esandleni senu. 12Ngathuma iminyovu phambi kwenu eyawaxosha phambi kwenu amakhosi omabili ama-Amori, kungengankemba yakho noma ngomnsalo wakho. 13Nganinika izwe eningakhandlekanga kulo, nemizi eningayakhanga nihlala nokho kuyo; niyadla ezivinini naseminqumeni eningakutshalanga.’

14“Manje yesabani uJehova, nimkhonze ngobuqotho nangeqiniso, nisuse onkulunkulu ababakhonzayo oyihlo phesheya koMfula* naseGibithe, nimkhonze uJehova. 15Uma kukubi emehlweni enu ukumkhonza uJehova, khethani namuhla ukuthi ngubani eniyakumkhonza, noma onkulunkulu ababakhonzayo oyihlo besengaphesheya koMfula,* noma onkulunkulu bama-Amori enihlala ezweni lawo; kepha mina nendlu yami siyakumkhonza uJehova.”

16Abantu baphendula bathi: “Makube kude nathi ukumshiya uJehova ukuba sikhonze abanye onkulunkulu, 17ngokuba uJehova uNkulunkulu wethu nguye owasikhuphula thina nawobaba ezweni laseGibithe, indlu yobugqila, nowazenza lezo zibonakaliso emehlweni ethu, wasilondoloza endleleni yonke esahamba ngayo, naphakathi kwabo bonke abantu esadlula phakathi kwabo. 18UJehova waxosha phambi kwethu bonke abantu, nama-Amori futhi ayehlala ezweni; ngalokho nathi siyakumkhonza uJehova, ngokuba unguNkulunkulu wethu.”

19UJoshuwa wathi kubantu: “Aninakumkhonza uJehova, ngokuba unguNkulunkulu ongcwele; unguNkulunkulu onomhawu, akayikuthethelela iziphambeko zenu nezono zenu. 20Uma nimshiya uJehova, nikhonze onkulunkulu babezizwe, uyakuphenduka, anenzele okubi, aniqede esenenzele okuhle.”

21Kepha abantu bathi kuJoshuwa: “Qha, ngokuba siyakumkhonza uJehova.”

22Wayesethi uJoshuwa kubantu: “Nina ningofakazi benu bokuthi nizikhethele uJehova ukuba nimkhonze yena.”

Bathi: “Singofakazi.”

23Wathi: “Susani manje onkulunkulu babezizwe abaphakathi kwenu, nithobele izinhliziyo zenu kuJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.”

24Abantu bathi kuJoshuwa: “UJehova uNkulunkulu wethu siyakumkhonza, sililalele izwi lakhe.”

25UJoshuwa wayesenza isivumelwano nabantu ngalolo suku, wabamisela isimiso nomthetho eShekemi.

26UJoshuwa waloba lawo mazwi encwadini yomthetho kaNkulunkulu, wathatha itshe elikhulu, walimisa lapho phansi kwe-oki* elingasendlini engcwele kaJehova.

27Wayesethi uJoshuwa kubo abantu bonke: “Bhekani, leli tshe liyakuba ngufakazi ngathi, ngokuba lizwile onke amazwi kaJehova awakhuluma kithi; ngalokho liyakuba ngufakazi ngani, funa nimphike uNkulunkulu wenu.”

28UJoshuwa wayesebamukisa abantu, yilowo nalowo waya efeni lakhe.

29Kwathi emva kwalezo zinto uJoshuwa indodana kaNuni, inceku kaJehova, wafa eneminyaka eyikhulu neshumi. 30Bammbela emkhawulweni wefa lakhe eThimnati Sera elisezintabeni zakwa-Efrayimi ngasenyakatho kwentaba yakwaGahashi.

31U-Israyeli wamkhonza uJehova zonke izinsuku zikaJoshuwa nazo zonke izinsuku zamalunga ayekhona izinsuku ezithile emva kukaJoshuwa, ayeyazi yonke imisebenzi kaJehova ayeyenzele u-Israyeli.

32Amathambo kaJosefa akhushulwa eGibithe ngabantwana bakwa-Israyeli, bawembela eShekemi esiqeshini sezwe asithengayo uJakobe kumadodana kaHamori uyise kaShekemi ngamakesita* ayikhulu, laba ifa labantwana bakwaJosefa.

33U-Eleyazare indodana ka-Aroni wafa; bammbela egqumeni likaFinehasi indodana yakhe, abenikiwe lona ezintabeni zakwa-Efrayimi.

UJoshuwa 24ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

IzEnzo 22

UPawulu ulandisa abaJuda ngokuphenduka kwakhe

1“Madoda, bazalwane, nani bobaba, yizwani ukuziphendulela kwami phambi kwenu kalokhu.”

2Kwathi bemuzwa ekhuluma kubo ngolimi lwesiHeberu, bathula bathi du. Wayesethi: 3“Mina ngiyindoda engumJuda, ngazalwa eTarsu laseKhilikhiya, kodwa ngakhulela kulo muzi, ngafundiswa ngasezinyaweni zikaGamaliyeli ngesineke ngomthetho wawobaba, ngashisekela uNkulunkulu njengokuba nonke ninjalo namuhla; 4ngayizingela leyo Ndlela kwaze kwaba sekufeni, ngibopha ngibakhaphela ematilongweni abesilisa nabesifazane, 5njengokuba nompristi omkhulu ufakaza ngami namalunga onke; ngamukela kubo izincwadi ezilotshelwe abazalwane, ngaya eDamaseku ukuba nababe khona lapho ngibayise eJerusalema beboshiwe, ukuze bajeziswe.

6“Kwathi ngisahamba ngisondela eDamaseku kuphakathi kwemini, kwangibaneka masinyane nxazonke ukukhanya okukhulu okwavela ezulwini, 7ngawa phansi emhlabathini, ngezwa izwi lithi kimi: ‘Sawulu, Sawulu, ungizingelelani na?’

8“Ngase ngiphendula ngathi: ‘Ungubani, Nkosi, na?’

“Wathi kimi: ‘Mina nginguJesu waseNazaretha omzingelayo.’ 9Kepha labo ababe nami bakubona ukukhanya, kodwa izwi lowakhuluma nami abalizwanga.

10“Ngathi: ‘Ngizakwenzani, Nkosi, na?’

“INkosi yayisithi kimi: ‘Sukuma, uye eDamaseku, uzakutshelwa khona konke okumiselweyo ukuba ukwenze.’ 11Kepha njengokuba ngangingasaboni ngenxa yenkazimulo yalokho kukhanya, ngaholwa ngesandla yibo ababe nami, ngafika eDamaseku.

12“U-Ananiya othile, indoda ekholwa ngokomthetho, owayefakazelwa yibo bonke abaJuda ababakhile khona, 13weza kimi, wema, wathi kimi: ‘Sawulu, mzalwane, buye ubone.’ Mina ngase ngimbona ngaso leso sikhathi.

14“Wayesethi: ‘UNkulunkulu wawobaba wakumisela ngaphambili ukuyazi intando yakhe, nokumbona oLungileyo, nokulizwa izwi eliphuma emlonyeni wakhe, 15ngokuba uzakuba ngufakazi wakhe kubantu bonke walokho okubonileyo nokuzwileyo. 16Manje-ke ulibalelani na? Sukuma, ubhapathizwe, uhlambulule izono zakho ngokukhuleka egameni lakhe.’

17“Kwathi sengibuyele eJerusalema, ngikhuleka ethempelini, ngehlelwa yisiyezi, 18ngambona; wathi kimi: ‘Khawuleza uphume masinyane eJerusalema, ngokuba abazukwamukela ubufakazi bakho ngami.’

19“Mina ngase ngithi: ‘Nkosi, bayazi bona ukuthi yimina engangibabopha ngibashaya emasinagogeni* abakholwa nguwe; 20futhi mhla kuchithwa igazi likaStefanu ufakazi wakho, ngangimi khona mina, ngivuma, ngilinda izingubo zabambulalayo.’

21“Wathi kimi: ‘Hamba, ngokuba mina ngizakukuthuma uye kude kwabezizwe.’ ”

AbaJuda bafuna ukumbulala uPawulu

22Kepha bamlalela kwaze kwaba kulelo zwi; base bephakamisa izwi labo, bethi: “Msuseni onje emhlabeni, ngokuba akufanele ukuba aphile.” 23Kwathi besabangalasa, behlubula izingubo, bethuquza uthuli phezulu, 24induna yenkulungwane yayala ukuba angeniswe ekamu,* yathi akahlolwe ngenduku, ukuze iqonde ukuthi kungasiphi isici bememeza kanje ngaye. 25Kepha besamelula ngemichilo, uPawulu wathi enduneni yekhulu eyayimi khona: “Kuvunyelwe yini ukushaya umuntu ongumRoma engalahlwanga yicala na?”

26Induna yekhulu ikuzwile yaya enduneni yenkulungwane, yabika yathi: “Usuzakwenzani na, ngokuba lowo muntu ungumRoma?”

27Induna yenkulungwane yayisifika, yathi kuye: “Ngitshele, wena ungumRoma na?”

Yena wathi: “Yebo.”

28Kepha induna yenkulungwane yaphendula yathi: “Mina ngalithenga lelo lungelo ngemali enkulu.”

Kodwa uPawulu wathi: “Kepha mina ngazalwa nalo.”

29Ngakho basuka kuye masinyane abase bezakumhlola; kepha induna yenkulungwane yesaba, isiyazi ukuthi ungumRoma nokuthi ibimbophile.

30Kwathi ngangomuso ifuna ukwazi iqiniso lalokho amangalelwe ngakho ngabaJuda, yamkhulula, yayala ukuba abapristi abakhulu nomphakathi wonke ubuthane, yamehlisa uPawulu phambi kwabo.

IzEnzo 23

UPawulu ephambi komphakathi

1UPawulu wayesegqolozela umphakathi, wathi: “Madoda, bazalwane, mina ngihambile phambi kukaNkulunkulu nginonembeza wonke omuhle kuze kube namuhla.” 2Kepha umpristi omkhulu u-Ananiya wayala ababemi khona ukuba bamshaye umlomo. 3Khona uPawulu wathi kuye: “UNkulunkulu uzakukushaya wena ludonga olucakiweyo; uhlalele ukungahlulela ngokomthetho, kodwa ngokuphambene nomthetho uyala ukuba ngishaywe na?”

4Ababemi khona base bethi: “Uthuka umpristi omkhulu kaNkulunkulu na?”

5UPawulu wayesethi: “Bengingazi, bazalwane, ukuthi ungumpristi omkhulu; ngokuba kulotshiwe ukuthi:

“ ‘Ungakhulumi kabi ngombusi wesizwe sakini.’ ”

6Kepha kwathi uPawulu azi ukuthi enye inxenye yabo ingabaSadusi nenye ingabaFarisi, wamemeza emphakathini, wathi: “Madoda, bazalwane, ngingumFarisi mina, ngiyindodana yabaFarisi; ngimangalelwa ngethemba nangokuvuka kwabafileyo.” 7Eseshilo lokho, kwavela ukuphambana phakathi kwabaFarisi nabaSadusi, ibandla lahlukana kabili. 8Ngokuba abaSadusi bathi akukho ukuvuka kwabafileyo, nangelosi, namoya, kepha abaFarisi bavuma kokubili.

9Kwase kuvela umsindo omkhulu, kwasukuma abathile kubabhali benxenye yabaFarisi, balwa kakhulu, bathi: “Asifumani lutho olubi kulo muntu; uma, pho, kukhulume kuye umoya noma ingelosi na?” 10Kwathi sekuvele isiyaluyalu esikhulu, induna yenkulungwane yesaba ukuba uPawulu angadwengulwa yibo, yayala impi ukuba yehle imhlwithe phakathi kwabo, imyise ekamu.*

11Ngobusuku obulandelayo iNkosi yema ngakuye, yathi: “Yima isibindi; njengalokho ufakaze ngami eJerusalema, ngokunjalo umelwe ukufakaza naseRoma.”

Icebo labaJuda lokumbulala uPawulu

12Kwathi sekusile, abaJuda benza iqeqeba, bazilokothela bethi abayikudla, bangaphuzi, bengakambulali uPawulu. 13Babengaphezu kwamashumi amane ababenze lelo cebo. 14Bona base beza kubapristi abakhulu nasemalungeni, bathi: “Sizibophe ngesilokothelo sokuthi asiyikuzwa ukudla size simbulale uPawulu. 15Manje-ke nina kanye nomphakathi yazisani induna yenkulungwane ukuba imehlisele kini ngokungathi nizakuhlolisisa indaba yakhe; thina-ke silungele ukumbulala engakasondeli.”

16Kepha indodana kadadewabo kaPawulu yezwa ngokumqamekela kwabo, yafika yangena ekamu,* yambikela uPawulu.

17UPawulu wayesebiza enye induna yekhulu, wathi: “Yisa le nsizwa enduneni yenkulungwane, ngokuba inento ezakuyibika kuyo.” 18Yayisiyithatha-ke, yayiyisa enduneni yenkulungwane, yathi: “Isiboshwa uPawulu singibizile, sacela ukuba ngilethe le nsizwa kuwe, inento ezakukutshela yona.”

19Induna yenkulungwane yayisiyibamba ngesandla, yagudluka nayo, yayibuza bebodwa, yathi: “Kuyini ozakungibikela khona na?”

20Yathi: “AbaJuda bavumelene ukucela kuwe ukuba wehlisele uPawulu emphakathini ngomuso ngokungathi bazakuhlolisisa indaba yakhe. 21Ngakho-ke wena ungabavumeli, ngokuba kubona amqamekele amadoda angaphezu kwamashumi amane azilokotheleyo ukuba angadli, angaphuzi, engakambulali; manje-ke sebelungele bebheke isithembiso sakho.”

22Khona induna yenkulungwane yayisiyimukisa insizwa, isiyiyalile ukuba ingatsheli muntu ukuthi imbikele lokho.

Ukuyiswa kukaPawulu eKesariya

23Yayisibiza izinduna zekhulu ezimbili, yathi: “Lungisani amabutho angamakhulu amabili alungele ukuya eKesariya ngehora lesithathu lasebusuku, kanye nezinkweli ezingamashumi ayisikhombisa, nabemikhonto abangamakhulu amabili, 24kulungiselwe futhi izilwane, ukuze bakhwelise uPawulu, bamyise kahle kuFeliksi umbusi,” 25yaloba incwadi ehlelwe kanje:

26UKlawudiyu Lisiya kuye uFeliksi umbusi odumileyo; ngiyakubingelela.

27Le ndoda ibibanjwe ngabaJuda; ibisizakubulawa yibo, ngafika namabutho, ngayophula sengizwile ukuba ingumRoma. 28Ngathi ngifuna ukwazi icala abayimangalela ngalo, ngayehlisela emphakathini wabo; 29ngayifumana imangalelwe ngezindaba zomthetho wakubo, kepha engamangalelwa ngalutho olufanele ukufa nokuba ukuboshwa. 30Sekudaluliwe kimi ukuthi kukhona icebo ngaleyo ndoda, ngase ngiyithumela kuwe masinyane, ngibayalile nabayimangalelayo ukuba bakhulume ngayo phambi kwakho.

31Khona amabutho ayesemthatha uPawulu njengokuyalwa kwawo, amyisa e-Antipatheri ebusuku. 32Kepha ngangomuso ashiya izinkweli ukuba zihambe naye; wona abuyela ekamu;* 33lezo sezifikile eKesariya zanika umbusi incwadi, zamisa uPawulu phambi kwakhe. 34Eseyifundile wambuza ukuthi ungowasiphi isifunda; esezwile ukuthi ungowaseKhilikhiya, 35wathi: “Ngiyakuyizwa kahle indaba yakho, nxa sebefikile abakumangalelayo.” Wayala ukuba alondwe enqabeni kaHerode.

IzEnzo 24

UPawulu umangalelwa kuFeliksi; ugcinwa eKesariya eyisiboshwa

1Emva kwezinsuku eziyisihlanu umpristi omkhulu u-Ananiya wewuka kanye namalunga athile nommeli othile uTertulu; laba bammangalela uPawulu kumbusi. 2Yena esebiziwe, uTertulu waqala ukumbeka icala, ethi: “Lokho ukuthi ngenxa yakho sitholile ukuthula okukhulu nangokubonelela kwakho lesi sizwe senzelwe okuhle okuningi 3siyakwamukela ngezikhathi zonke nasezindaweni zonke ngokubonga okukhulu, Feliksi odumileyo. 4Kepha ukuba ngingakubambezeli, ngiyakuncenga ukuba ngobumnene bakho usizwe ngokufushane.

5“Ngokuba le ndoda siyifumene iyishinga ivusa ukwambuka phakathi kwabaJuda ezweni lonke, iyinhloko yehlelo lamaNazaretha, 6yalinga nokungcolisa ithempeli; sayibamba, sathanda ukuyahlulela ngomthetho wakithi. 7Kepha kwafika uLisiya induna yenkulungwane, wamthatha ngendluzula enkulu ezandleni zethu, 8eyala abambeka icala ukuba beze kuwe, ukuze umbuzisise wena uqobo, uzwe ngakho konke esimmangalela ngakho.”

9NabaJuda bakuvuma lokho, bathi kunjalo.

10Umbusi esemqhwebile ukuba akhulume, uPawulu waphendula wathi: “Lokhu ngiyazi ukuthi sekuyiminyaka eminingi ungumahluleli kulesi sizwe, ngiyaziphendulela ngesibindi; 11futhi ungaqonda ukuthi akungaphezu kwezinsuku eziyishumi nambili ngikhuphukile ukuyokhuleka eJerusalema; 12abangifumananga ngiphikisana namuntu, nakuba ngivusa isiphithiphithi esixukwini, nasethempelini, nasemasinagogeni,* nasemzini, 13futhi bangekuqinise kuwe lokhu abangibeka icala ngakho manje. 14Kepha ngiyavuma lokhu kuwe ukuthi ngeNdlela abathi iyihlelo ngiyamkhonza ngokunjalo uNkulunkulu wawobaba, ngikholwa yikho konke okulotshiwe emthethweni nakubaprofethi; 15nginethemba kuNkulunkulu abalibheka nabo uqobo lokuthi kuyakuba khona ukuvuka kwabafileyo, okwabalungile nokwabangalungile. 16Kulokhu nami ngiyazama ukuba njalo ngibe nonembeza ongenacala phambi kukaNkulunkulu nabantu.

17“Kwathi emva kweminyaka eminingi ngafika ukuletha izipho esizweni sakithi neminikelo, 18okuthe ngikulokho bangifumana ethempelini ngihlanjululiwe, kungekho isixuku nomsindo, 19abaJuda abathile base-Asiya ababefanele ukuvela phambi kwakho, bangimangalele, uma benotho ngami. 20Nokuba mabasho laba ukuthi bafumanani okungalungile mhla ngimi phambi komphakathi, 21ngaphandle kwalelo zwi elilodwa engalimemeza ngimi phakathi kwabo lokuthi: ‘Ngokuvuka kwabafileyo mina ngimangalelwa yinina namuhla.’ ”

22Kepha uFeliksi ekwazi ngokuchachileyo okwaleyo Ndlela wabahlehlisa ethi: “Lapho uLisiya induna yenkulungwane esewukile, ngizakuyinquma indaba yenu,” 23wayala induna yekhulu ukuba agcinwe, kepha abe nenkululeko, kunganqatshelwa muntu wakubo ukumkhonza.

UPawulu ushumayela kuFeliksi ngoKristu

24Kepha emva kwezinsuku ezithile wafika uFeliksi noDrusila umkakhe owayengumJudakazi, wabiza uPawulu, wamuzwa ngokukholwa nguKristu Jesu. 25Esakhuluma ngokulunga, nangokuzithiba, nangokwahlulela okuzayo, uFeliksi washaywa luvalo, waphendula wathi: “Okwamanje hamba; kepha nxa ngithola isikhathi, ngizakukubiza,” 26wethemba futhi ukuthi uzakunikwa imali nguPawulu; ngalokho wayehleze embiza, ekhuluma naye.

27Kepha sekuphelile iminyaka emibili, uFeliksi walandelwa nguPorkiyu Festu; kodwa uFeliksi efuna ukubongwa ngabaJuda washiya uPawulu eboshiwe.

Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU