Bible Society of South Africa

To The Word – Day 55

Joshua 1–3, Acts 1–3, Psalms 1 & 119:9–16

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

UJoshuwa 1

UJehova uyala uJoshuwa ukuwela iJordani

1Kwathi emva kokufa kukaMose inceku kaJehova, uJehova wakhuluma kuJoshuwa indodana kaNuni, isikhonzi sikaMose, wathi: 2“UMose inceku yami ufile; ngalokho suka uwele leli Jordani, wena nalaba bantu bonke, niye ezweni engibanika lona abantwana bakwa-Israyeli. 3Zonke izindawo ayakunyathela kuzo amathe onyawo lwenu ngininikile zona, njengalokho ngakhuluma kuMose. 4Kusukela ehlane nakuleli Lebanoni kuze kufike emfuleni omkhulu, umfula u-Ewufrathe, lonke izwe lamaHeti, nakuze kube seLwandle Olukhulu ngasentshonalanga, kuyakuba ngumkhawulo wenu. 5Akuyikubakho muntu ongema phambi kwakho zonke izinsuku zokuhamba kwakho; njengalokho nganginaye uMose, kanjalo ngiyakuba nawe; angiyikukuyeka, angiyikukushiya.

6“Qina, ume isibindi, ngokuba uyakwenza ukuba laba bantu badle izwe engalifungela oyise ukubanika lona. 7Qina kuphela, ume isibindi kakhulu, uqaphele ukwenza ngokomthetho wonke akuyala ngawo uMose inceku yami, ungaphambuki kuwo ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo ukuba ube nempumelelo nomaphi lapho uya khona. 8Le ncwadi yomthetho mayingasuki emlonyeni wakho, kepha wozindla ngayo imini nobusuku ukuba uqaphele ukwenza njengakho konke okulotshwe kuyo, ngokuba lapho uyakuhlahlamelisa indlela yakho, uphumelele kahle. 9Angikuyalile na? Qina, ume isibindi, ungesabi, ungabi naluvalo, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho unawe nomaphi lapho uya khona.”

10UJoshuwa wayeseyala izinduna zabantu, ethi: 11“Dabulani phakathi kwekamu,* niyale abantu, nithi: ‘Zilungiseleni umphako, ngokuba emva kwezinsuku ezintathu niyakuwela leli Jordani, ningene ukuba nilidle izwe uJehova uNkulunkulu wenu aninika lona ukuba nilizuze.’ ”

Isiyalezo sikaJoshuwa ukuba izizwe zasempumalanga zisize ukunqoba izwe elingasentshonalanga kweJordani

12UJoshuwa wakhuluma kwabakwaRubeni, nabakwaGadi, nakuyo inxenye yesizwe sakwaManase, wathi: 13“Khumbulani izwi aniyala ngalo uMose inceku kaJehova, ethi: ‘UJehova uNkulunkulu wenu uyakuniphumuza, aninike leli zwe.’ 14Omkenu, nabantwana benu, nezinkomo zenu bayakuhlala ezweni uMose aninika lona ngaphesheya kweJordani; kepha nina niyakuwela phambi kwabafowenu nihlomile, nonke nina maqhawe anamandla, nibasize, 15uJehova aze aphumuze abafowenu njengani, nabo badle izwe uJehova uNkulunkulu wenu abanika lona, andukuba nibuyele ezweni lefa lenu aninika lona uMose inceku kaJehova ngaphesheya kweJordani ngasempumalanga, nilidle.”

16Bamphendula uJoshuwa, bathi: “Konke osiyale ngakho siyakukwenza; nomaphi lapho usithuma khona, siyakuya khona. 17Njengalokho samlalela kukho konke, kanjalo siyakulalela wena; kepha, kuphela uJehova uNkulunkulu wakho, makabe kuwe njengalokho wayenoMose. 18Yilowo nalowo oyakuhlubuka ezwini lakho, angalaleli amazwi akho kukho konke omyala ngakho, uyakubulawa; qina kuphela, ume isibindi.”

UJoshuwa 1ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UJoshuwa 2

Izinhloli zithunywa eJeriko, zamukelwa nguRahabi

1UJoshuwa indodana kaNuni wathuma ngasese eseShithimi amadoda amabili abe yizinhloli, wathi: “Hambani nibone izwe neJeriko.” Basuka, bafika endlini yesifebe esigama laso linguRahabi, balala khona.

2Inkosi yaseJeriko yatshelwa; kwathiwa: “Bheka, kwafika lapha ebusuku amadoda abantwana bakwa-Israyeli ukuba ahlole izwe.” 3Inkosi yaseJeriko yathumela kuRahabi, yathi: “Khipha lawo madoda afikile kuwe, angena endlini yakho, ngokuba ezile ukuzohlola izwe lonke.”

4Owesifazane wayesethatha lawo madoda omabili, wawathukusa, wathi: “Kunjalo; amadoda afika kimi, kepha ngangingazi ukuthi avelaphi; 5kwathi ngesikhathi sokuvalwa kwesango lapho sekumnyama, amadoda aphuma; angazi ukuthi ayaphi lawo madoda; sheshani niwaxoshe, ngokuba niyakuwafica.” 6Kepha wayewenyusele ophahleni, wawashumeka ezinhlangeni zefilakisi* abezihlelile ophahleni. 7Abantu bawaxosha endleleni eya eJordani emazibukweni; sebephumile abawaxosha, bavala isango.

8Engakalali, wenyukela kuwo ophahleni; 9wathi kumadoda: “Ngiyazi ukuthi uJehova uninikile izwe, nokuthi sehlelwe ngukunesaba, nokuthi bonke abakhileyo ezweni baphela amandla phambi kwenu. 10Ngokuba sizwile ukuthi uJehova womisa amanzi oLwandle Olubomvu phambi kwenu ekuphumeni kwenu eGibithe nokuthi wenzani kuwo amakhosi amabili ama-Amori ayengaphesheya kweJordani, oSihoni no-Ogi, enawaqothulayo. 11Sathi sikuzwa lokho, izinhliziyo zethu zaphela amandla, akwabe kusabakho sibindi kumuntu phambi kwenu, ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu unguNkulunkulu ezulwini phezulu nasemhlabeni phansi. 12Ngalokho ake nifunge manje uJehova kimi, njengokuba nginenzele umusa, ukuba nani niyenzele indlu kababa umusa, ningiphe uphawu oluqinisileyo, 13nisindise ubaba, nomame, nabafowethu, nawodadewethu, nabo bonke abanabo, nophule imiphefumulo yethu ekufeni.”

14Athi amadoda kuye: “Mayife imiphefumulo yethu esikhundleni senu; uma ningavezi obala le ndaba yethu, siyakunenzela umusa neqiniso lapho uJehova esinika izwe.”

15Wayesewehlisa ngentambo ngasefasiteleni, ngokuba indlu yakhe yayingasogangeni lomuzi, wahlala ngasogangeni. 16Wathi kuwo: “Khuphukelani entabeni, funa abanixoshayo banifice, nicashe khona izinsuku ezintathu, ukuze abanixoshayo babuye, andukuba nihambe indlela yenu.”

17Ayesethi amadoda kuye: “Thina asinacala ngaleso sifungo sakho osifungise sona, 18uma ekufikeni kwethu ezweni ungabophi le ntambo ebomvu efasiteleni osehlise ngalo, uzibuthele endlini yakho uyihlo, nonyoko, nabafowenu, nabendlu bonke bakayihlo. 19Kuyakuthi yilowo nalowo ophumela ngaphandle kweminyango yendlu yakho, igazi lakhe libe sekhanda lakhe, thina singabi nacala; kodwa lowo okuwe endlini, igazi lakhe liyakuba sekhanda lethu, uma sibekwa isandla kuye. 20Kepha uma uveza obala le ndaba yethu, asiyikuba nacala ngesifungo sakho osifungise sona.”

21Wathi: “Makube njengamazwi enu.” Wayesewamukisa ahamba; wabopha intambo ebomvu efasiteleni.

22Asuka aya entabeni, ahlala khona izinsuku ezintathu, baze babuya abawaxoshayo; abaxoshayo babewafuna indlela yonke, abaze bawafumana. 23Ayesebuya lawo madoda omabili, ehla entabeni, awela, afika kuJoshuwa indodana kaNuni, amtshela konke okuwehleleyo. 24Athi kuJoshuwa: “UJehova unikile ezandleni zethu izwe lonke; bonke abakhileyo ezweni baphela amandla phambi kwethu.”

UJoshuwa 2ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UJoshuwa 3

Ukuwela iJordani

1UJoshuwa wavuka ekuseni kakhulu, basuka eShithimi, bafika eJordani, yena nabo bonke abantwana bakwa-Israyeli, balala khona ebusuku bengakaweli. 2Kwathi emva kwezinsuku ezintathu izinduna zadabula phakathi kwekamu.* 3Zayala abantu, zathi: “Nxa nibona umphongolo wesivumelwano sikaJehova uNkulunkulu wenu nabapristi bamaLevi bewuthwala, niyakusuka endaweni yenu, niwulandele. 4Nokho kuyakuba khona ibanga phakathi kwenu nawo, lingangezingalo eziyizinkulungwane ezimbili ngokulinganisa, ningasondeli kuwo, ukuba nazi indlela eniyakuhamba ngayo, ngokuba anidlulanga ngale ndlela phambili.”

5UJoshuwa wathi kubantu: “Zingcweliseni, ngokuba kusasa uJehova uyakwenza izimangaliso phakathi kwenu.”

6UJoshuwa wakhuluma kubapristi, wathi: “Phakamisani umphongolo wesivumelwano, niwele phambi kwabantu.” Baphakamisa-ke umphongolo wesivumelwano, bahamba phambi kwabantu.

7UJehova wathi kuJoshuwa: “Namuhla ngizakuqala ukukukhulisa emehlweni abo bonke abakwa-Israyeli ukuba bazi ukuthi njengalokho nganginoMose, kanjalo ngiyakuba nawe. 8Wobayala abapristi abathwala umphongolo wesivumelwano, uthi: ‘Nxa senifikile onqenqemeni lwamanzi aseJordani, niyakuma ngaseJordani.’ ”

9UJoshuwa wathi kubantwana bakwa-Israyeli: “Sondelani lapha, nizwe amazwi kaJehova uNkulunkulu wenu.” 10Wathi uJoshuwa: “Niyakwazi ngalokhu ukuthi uNkulunkulu ophilayo uphakathi kwenu nokuthi uyakuxosha nokuxosha phambi kwenu amaKhanani, namaHeti, namaHivi, namaPherizi, namaGirigashi, nama-Amori, namaJebusi. 11Bhekani, umphongolo wesivumelwano seNkosi yomhlaba wonke uwela iJordani phambi kwenu. 12Ngalokho zithatheleni manje amadoda ayishumi nambili ezizweni zakwa-Israyeli, indoda ibenye ngesizwe. 13Kuyakuthi lapho amathe ezinyawo zabapristi abathwala umphongolo kaJehova, iNkosi yomhlaba wonke, eyakuma emanzini aseJordani, amanzi aseJordani anqamuke, amanzi avela ngenhla, eme nqwabanye.”

14Kwathi lapho abantu besuka ematendeni abo ukuba bawele iJordani, abapristi abathwala umphongolo wesivumelwano bephambi kwabantu, 15nalapho abathwala umphongolo sebefikile eJordani, izinyawo zabapristi abathwala umphongolo zicwilile onqenqemeni lwamanzi aseJordani eligcwele phezu kwalo lonke ugu lwalo izinsuku zonke zokuvuna, 16ayesema amanzi avela ngenhla, afukuka aba nqwabanye kude kakhulu ngase-Adamu, umuzi oseceleni kweSaretani; lawo ewuka eya ngaseLwandle lwase-Araba, uLwandle Lukasawoti, anqamuka impela; abantu base bewela maqondana neJeriko. 17Abapristi abathwala umphongolo wesivumelwano sikaJehova bema baqina emhlabathini owomileyo ngaphakathi neJordani, abantu bonke bawela emhlabathini owomileyo, saze sawela iJordani isizwe sonke saphelela.

UJoshuwa 3ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

IzEnzo 1

Isingeniso.Ukwenyuka kukaJesu

1Incwadi yokuqala ngayiloba, Theyofilu, ngakho konke uJesu aqala ukukwenza nokukufundisa, 2kwaze kwaba lusuku akhushulwa ngalo, esebayalile ngoMoya oNgcwele abaphostoli ayebakhethile; 3waziveza kubo ephilile emva kokuhlupheka kwakhe ngobufakazi obuningi, wabonwa yibo izinsuku ezingamashumi amane ekhuluma ngezombuso kaNkulunkulu; 4kwathi ehlangene nabo, wabayala ngokuthi: “Ningamuki eJerusalema, kodwa nihlalele isithembiso sikaYise enasizwa ngami. 5Ngokuba uJohane wayebhapathiza ngamanzi, kepha nina nizakubhapathizwa ngoMoya oNgcwele kungakadluli izinsuku eziningi.”

6Khona labo ababebuthene bambuza bathi: “Nkosi, usawubuyisela umbuso ku-Israyeli ngalesi sikhathi na?”

7Wathi kubo: “Akusikho okwenu ukwazi izikhathi noma imizuzu uBaba akumisele ngamandla akhe; 8kodwa nizakwamukeliswa amandla, uMoya oNgcwele esefikile phezu kwenu, nibe ngofakazi bami eJerusalema, naseJudiya lonke, naseSamariya kuze kube sekugcineni komhlaba.”

9Kwathi eseshilo lokho, wakhushulwa bebuka; ifu lamsusa emehlweni abo.

10Bathi besagqolozela ezulwini emuka, bheka, amadoda amabili ayemi kubo, embethe izingubo ezimhlophe, 11athi: “Madoda aseGalile, nimeleni nibheka ezulwini na? UJesu lo, osuswe kini enyuselwa ezulwini, uyakuza kanjalo, njengalokho nimbonile eya ezulwini.”

12Khona babuyela eJerusalema bevela entabeni ethiwa eyemiNqumo eseduze neJerusalema, ibanga lohambo lwesabatha. 13Kwathi sebengenile, benyukela ekamelweni eliphezulu, lapho bebehlala khona: oPetru, noJohane, noJakobe, no-Andreya, noFiliphu, noTomase, noBartolomewu, noMathewu, noJakobe ka-Alfewu, noSimoni umZelothe, noJuda kaJakobe. 14Bonke laba baqinisela nganhliziyonye ekukhulekeni kanye nabesifazane, noMariya unina kaJesu, nabafowabo.

Ukukhethwa kukaMathiya abe ngomunye wabaphostoli esikhundleni sikaJuda

15Ngaleyo mihla uPetru wasukuma phakathi kwabazalwane, isixuku sabantu esasikhona ndawonye kwakungathi ikhulu namashumi amabili, wathi: 16“Madoda, bazalwane, kwakumelwe ukuba kugcwaliseke umbhalo uMoya oNgcwele awukhulumayo ngaphambili ngomlomo kaDavide ngoJuda owayengumholi kulabo ababamba uJesu, 17ngokuba wayebalwe kanye nathi, wathola isabelo kule nkonzo.”

18Lowo-ke wazuza insimu ngomvuzo wokungalungi, wawa ngekhanda, waqhuma phakathi, nezibilini zakhe zonke zachitheka; 19kwaziwa yibo bonke abakhileyo eJerusalema, yaze yaqanjwa leyo nsimu ngolimi lwakubo ngokuthi i-Akeldama, okungukuthi iNsimu Yegazi.

20Ngokuba kulotshiwe eNcwadini yamaHubo ukuthi:

“Umuzi wakhe mawube yihlane,

kungabikho ohlala kuwo,”

nokuthi:

“Isikhundla sakhe asithathwe ngomunye.”

21“Ngakho kulawo madoda ayehamba nathi isikhathi sonke, lapho iNkosi uJesu ingena, iphuma phakathi kwethu, 22kuqalela embhapathizweni kaJohane kwaze kwaba lusuku akhushulwa ngalo kithi, kumelwe ukuba enye kuwo ibe ngufakazi kanye nathi ngokuvuka kwakhe.”

23Base bemisa ababili, uJosefa othiwa uBarsaba, othiwa futhi uJustu, kanye noMathiya. 24Base bekhuleka bethi: “Wena Nkosi, owazi izinhliziyo zabantu bonke, ake ukhombe omunye kulaba ababili omkhethileyo 25ukuba athathe isikhundla sale nkonzo nobuphostoli aphambuka kuso uJuda ukuya endaweni yakhe.” 26Base bebenzela inkatho; yadla uMathiya; wabalwa kanye nabaphostoli abayishumi nanye.

IzEnzo 2

Ukuthululwa kukaMoya oNgcwele

1Kwathi sekufikile usuku lwePhentekoste, bonke babebuthene ndawonye. 2Ngokungazelelwe kwavela ezulwini inhlokomo kwangathi eyokuvunguza komoya onamandla; yona yagcwalisa indlu yonke ababehlezi kuyo. 3Kwase kubonakala kubo izilimi ezahlukeneyo kungathi ezomlilo; zahlala phezu kwalowo nalowo kubo. 4Base begcwala bonke uMoya oNgcwele, baqala ukukhuluma ngezinye izilimi, njengalokho uMoya wabapha ukuphumisela.

5Kepha kwakukhona abaJuda abakhile eJerusalema, amadoda akholwayo, evela ezizweni zonke eziphansi kwezulu; 6kwathi kuzwakele lowo mdumo, uquqaba lwabuthana, lwaphithiza, ngokuba kwaba yilowo nalowo wabezwa bekhuluma ngolimi lwakubo. 7Bethuka, bamangala bathi: “Bheka, bonke laba abakhulumayo abasibo abaseGalile na? 8Yini, pho, ukuba sonke ngabanye sizwe ngolimi lwakithi esazalwa nalo na? 9AmaParte, namaMede, nama-Elamithi, nabakhile eMesopotamiya, naseJudiya, naseKhaphadosiya, nasePontu, nase-Asiya, 10naseFrigiya, nasePhamfiliya, naseGibithe, nasezweni laseLibiya ngaseKhurene, nezihambi zaseRoma, 11nabaJuda namaproselite,* abaseKrethe nabase-Arabiya, siyabezwa bekhuluma ngezilimi zakithi ngemisebenzi emikhulu kaNkulunkulu.” 12Bonke bamangala, basambatheka, bathi omunye komunye: “Kuthini lokhu na?”

13Kepha abanye bebabhuqa bathi: “Bagcwele iwayini elimnandi.”

Intshumayelo kaPetru

14Wayesesukuma uPetru nabayishumi nanye, waphakamisa izwi lakhe, waphumisela wathi kubo:

“Madoda akwaJuda nani nonke enakhileyo eJerusalema, makwazeke lokhu kini, nibeke indlebe emazwini ami. 15Ngokuba laba kabadakiwe njengokucabanga kwenu, lokhu kuseyihora lesithathu lemini; 16kodwa lokhu kuyikho okwakhulunywa ngomprofethi uJoweli ukuthi:

17“ ‘Kuyakuthi ezinsukwini zokuphela, kusho uNkulunkulu,

ngiyakuthulula uMoya wami

phezu kwayo yonke inyama;

amadodana enu namadodakazi enu ayakuprofetha,

izinsizwa zenu zibone imibono,

abadala benu baphuphe amaphupho;

18yebo, naphezu kwezinceku zami

nezincekukazi zami

ngiyakuthulula uMoya wami ngaleyo mihla,

ziyakuprofetha.

19Ngiyakuveza izimangaliso ezulwini phezulu

nezibonakaliso emhlabeni phansi,

igazi, nomlilo, nokuthunqa komusi.

20Ilanga liyakuphenduka ubumnyama,

inyanga ibe yigazi,

lungakafiki usuku olukhulu

noluqhamileyo lweNkosi.

21Kuyakuthi yilowo nalowo

obiza igama leNkosi uyakusindiswa.’

22“Madoda akwa-Israyeli, zwanini lawa mazwi: UJesu waseNazaretha, indoda efakazelwe nguNkulunkulu phambi kwenu ngemisebenzi yamandla nangezimangaliso nangezibonakaliso uNkulunkulu azenza ngaye phakathi kwenu, njengalokhu nazi nina uqobo lwenu, 23yena lo, esenikelwe ngesu elimisiweyo nangokwaziphambili kukaNkulunkulu, nambethela ngezandla zabangenamthetho, nambulala; 24lowo uNkulunkulu wamvusa ethukulula iminjunju yokufa, lokhu kwakungenakwenzeka ukuba abanjwe yikho. 25Ngokuba uDavide uthi ngaye:

“ ‘Ngayibona iNkosi phambi kwami njalo,

ngokuba ingakwesokunene sami,

ukuze nginganyakaziswa.

26Ngalokho inhliziyo yami iyajabula,

nolimi lwami luyethaba;

ngisho nenyama yami iyakuhlala

ngokwethemba.

27Ngokuba awuyikushiya umphefumulo wami eHayidese,*

futhi awuyikuvuma oNgcwele wakho

abone ukubola.

28Wangazisa izindlela zokuphila;

uyakungigcwalisa ngokujabula ebusweni bakho.’

29“Madoda, bazalwane, ake ngikhulume kini ngokusobala ngokhokho uDavide ukuthi wafa, nokuthi wembelwa, nokuthi ithuna lakhe lisekhona kithi nanamuhla. 30Ngakho lokhu engumprofethi, ekwazi ukuthi uNkulunkulu wayefungile kuye ngesifungo ukuthi enzalweni yokhalo lwakhe uyakubeka omunye esihlalweni sakhe sobukhosi, 31ebona kuse phambili, wakhuluma ngokuvuka kukaKristu ukuthi akashiywanga eHayidese,* nenyama yakhe ayibonanga ukubola. 32UJesu lo uNkulunkulu wamvusa, esingofakazi bakho thina sonke; 33ngakho ephakanyiselwe ngakwesokunene sikaNkulunkulu, esamukele kuYise isithembiso sikaMoya oNgcwele, wakuthulula lokhu enikubonayo nenikuzwayo. 34Ngokuba uDavide akenyukelanga ezulwini, kepha yena uthi: ‘INkosi yathi eNkosini yami: “Hlala ngakwesokunene sami, 35ngize ngibeke izitha zakho zibe yisenabelo sezinyawo zakho.” ’

36“Ngakho indlu yonke yakwa-Israyeli mayazi impela ukuthi uNkulunkulu umenzile iNkosi noKristu uJesu lo enambethela nina esiphambanweni.”

Ukuphenduka nokubhapathizwa kwaba yizinkulungwane ezintathu

37Sebekuzwa bahlabeka enhliziyweni, bathi kuPetru nakwabanye abaphostoli: “Madoda, bazalwane, siyakwenze njani na?”

38UPetru wayesethi: “Phendukani, yilowo nalowo abhapathizwe egameni likaJesu Kristu kukho ukuthethelelwa kwezono zenu; khona niyakwamukeliswa isiphiwo sikaMoya oNgcwele. 39Ngokuba isithembiso ngesenu nesabantwana benu, esabo bonke abakude, bonke iNkosi uNkulunkulu wethu eyakubabiza.”

40Wafakaza nangamanye amazwi amaningi, wabayala wathi: “Zisindiseni kulesi sizukulwane esiphambeneyo.” 41Ngakho abalamukeleyo izwi lakhe babhapathizwa, kwenezelwa ngalowo muhla abantu kungathi izinkulungwane ezintathu.

Ibandla laseJerusalema

42Baqinisela njalo esifundisweni sabaphostoli, nasekuhlanganeni, nasekuhlephuleni isinkwa, nasemikhulekweni. 43Kepha kwaba yilowo nalowo muntu wehlelwa ngukwesaba; kwenziwa ngabaphostoli izimangaliso nezibonakaliso eziningi. 44Bonke abakholwayo babe ndawonye, bahlanganyela izinto zonke; 45bathengisa ngemfuyo nangempahla, babela bonke ngayo njengokuswela kwabo. 46Imihla ngemihla baqinisela nganhliziyonye ethempelini, bahlephula isinkwa ekhaya, badla ukudla kwabo ngentokozo nangobumhlophe benhliziyo, 47bemdumisa uNkulunkulu, bethandeka kubantu bonke. INkosi yenezela ebandleni imihla ngemihla abasindiswayo.

IzEnzo 3

UPetru uphilisa umuntu oyisishosha

1UPetru noJohane bakhuphukela ethempelini ngehora lokukhuleka, elesishiyagalolunye. 2Kwase kulethwa indoda ethile eyisishosha kwasesiswini sikanina, ababeyibeka imihla ngemihla ngasemnyango wethempeli othiwa Omuhle ukuba icele ukwabelwa izipho kwabangenayo ethempelini. 3Kwathi ukuba abone oPetru noJohane bezakungena ethempelini, wacela ukwabelwa isipho. 4Kepha uPetru wamgqolozela kanye noJohane, wathi: “Sibheke!” 5Wayesebabheka ethemba ukuba amukele utho kubo.

6Kodwa uPetru wathi: “Isiliva negolide anginalo; kepha lokho enginakho ngikupha khona: egameni likaJesu Kristu waseNazaretha, hamba.” 7Wayesembamba ngesandla sokunene, wamsukumisa; kwaqina masinyane izinyawo zakhe namaqakala, 8egxuma, wema, wahamba, wangena nabo ethempelini, ehamba, egxuma, emdumisa uNkulunkulu. 9Abantu bonke bambona ehamba, edumisa uNkulunkulu. 10Kepha base bemazi ukuba nguyena owayehlalela ukuphiwa ngaseMnyango Omuhle wethempeli, behlelwa ngukwesaba nokumangala ngokwenzakele kuye.

UPetru ukhuluma ngoKristu ukuthi uyiNkosi yokuphila

11Esabambelele koPetru noJohane, bonke abantu bagijimela kubo emphemeni othiwa okaSolomoni, besaba kakhulu. 12Khona uPetru ebona lokho wathatha wathi kubantu: “Madoda akwa-Israyeli, nimangalelani ngalona, nisigqolozelelani ngokungathi simenze ukuba ahambe ngawethu amandla nangokwethu ukukholwa na? 13UNkulunkulu ka-Abrahama noka-Isaka nokaJakobe, uNkulunkulu wawobaba bethu uyidumisile iNceku yakhe uJesu enayikhaphela, nayiphika ebusweni bukaPilatu, yena esenqumile ukuyikhulula; 14kepha nina namphika oNgcwele noLungileyo, nacela ukuba niphiwe ongumbulali, 15nayibulala iNkosi yokuphila ayivusayo uNkulunkulu kwabafileyo, esingofakazi bakho thina. 16Ngokukholwa egameni layo lo enimbonayo nenimaziyo igama layo lamenza aqine, nokukholwa okungayo kumnike le mpilo phambi kwenu nonke.

17“Kalokhu, bazalwane, ngiyazi ukuthi nenza lokho ngokungazi njengabo ababusi benu. 18Kepha lokho uNkulunkulu akumemezela ngaphambili ngomlomo wabaprofethi bonke ukuthi uKristu wakhe uyakuhlupheka, ukugcwalisile kanje. 19Ngalokhu phendukani, niguquke ukuba kuhlangulwe izono zenu, 20ukuze kufike izikhathi zokuhlunyelelwa ezivela ebusweni beNkosi nokuba ithume uKristu Jesu enimmiselweyo, 21okumelwe ukuba izulu limamukele, kuze kube yizikhathi zokubuyiselwa kwakho konke uNkulunkulu akhuluma ngakho ngomlomo wabaprofethi bakhe abangcwele, kusukela kwaphakade. 22UMose kambe wathi: ‘INkosi uNkulunkulu iyakunivusela umprofethi kubazalwane benu njengami, niyakumlalela kukho konke azakukukhuluma kini. 23Kuyakuthi wonke umuntu ongayikumlalela lowo mprofethi uyakuchithwa kubantu.’

24“Yebo, nabaprofethi bonke, kusukela kuSamuweli nabalandelayo, bonke abakhulumileyo, bamemezela lezo zinsuku. 25Nina ningamadodana abaprofethi nawesivumelwano uNkulunkulu asenzayo nawoyihlo, ethi ku-Abrahama: ‘Ngenzalo yakho iyakubusiswa imindeni yonke yomhlaba.’ 26UNkulunkulu eseyivusile iNceku yakhe wayithumela kini kuqala ukunibusisa ngokuniguqula, kube yilowo nalowo kini ebubini bakhe.”

Ihubo 1

INCWADI YOKUQALA

Amahubo 1 – 41

Indlela yabalungileyo nendlela yababi

1Ubusisiwe umuntu ongahambi ngeziluleko zababi,

ongemi endleleni yezoni,

ongahlali enkundleni yabaklolodayo,

2kepha okuthokoza kwakhe kusemthethweni kaJehova,

ozindla ngomthetho wakhe imini nobusuku.

3Unjengomuthi otshaliwe ngasemifuleni yamanzi,

othela isithelo sawo ngesikhathi sawo,

oqabunga lawo lingabuni,

nakho konke akwenzayo uyakuba nenhlanhla kukho.

4Ababi abanjalo,

kepha banjengamakhoba aphephethwa ngumoya.

5Ngalokho ababi abayikuma ekwahlulelweni,

nezoni ebandleni labalungileyo.

6Ngokuba uJehova uyayazi indlela yabalungileyo,

kodwa indlela yababi yobhubha.

Ihubo 119

9Insizwa iyakuyihlanza kanjani indlela yayo na?

Ngokuqaphela okwezwi lakho.

10Ngikufunile ngenhliziyo yami yonke;

mangingaphambuki emiyalweni yakho.

11Enhliziyweni yami ngiyalonda izwi lakho,

ukuze ngingoni kuwe.

12Mawubongwe wena Jehova,

ungifundise izimiso zakho.

13Ngomlomo wami ngimemezele

zonke izahlulelo zomlomo wakho.

14Ngithokoza ngendlela yobufakazi bakho njengemfuyo.

15Ngiyakuzindla ngeziyalezo zakho,

ngihloniphe izindlela zakho.

16Ngiyakuthokoza ngezimiso zakho;

angiyikukhohlwa izwi lakho.

Ihubo 119:9-16ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU