Isingeniso.Ukwenyuka kukaJesu
1Incwadi yokuqala ngayiloba, Theyofilu, ngakho konke uJesu aqala ukukwenza nokukufundisa, 2kwaze kwaba lusuku akhushulwa ngalo, esebayalile ngoMoya oNgcwele abaphostoli ayebakhethile; 3waziveza kubo ephilile emva kokuhlupheka kwakhe ngobufakazi obuningi, wabonwa yibo izinsuku ezingamashumi amane ekhuluma ngezombuso kaNkulunkulu; 4kwathi ehlangene nabo, wabayala ngokuthi: “Ningamuki eJerusalema, kodwa nihlalele isithembiso sikaYise enasizwa ngami. 5Ngokuba uJohane wayebhapathiza ngamanzi, kepha nina nizakubhapathizwa ngoMoya oNgcwele kungakadluli izinsuku eziningi.”
6Khona labo ababebuthene bambuza bathi: “Nkosi, usawubuyisela umbuso ku-Israyeli ngalesi sikhathi na?”
7Wathi kubo: “Akusikho okwenu ukwazi izikhathi noma imizuzu uBaba akumisele ngamandla akhe; 8kodwa nizakwamukeliswa amandla, uMoya oNgcwele esefikile phezu kwenu, nibe ngofakazi bami eJerusalema, naseJudiya lonke, naseSamariya kuze kube sekugcineni komhlaba.”
9Kwathi eseshilo lokho, wakhushulwa bebuka; ifu lamsusa emehlweni abo.
10Bathi besagqolozela ezulwini emuka, bheka, amadoda amabili ayemi kubo, embethe izingubo ezimhlophe, 11athi: “Madoda aseGalile, nimeleni nibheka ezulwini na? UJesu lo, osuswe kini enyuselwa ezulwini, uyakuza kanjalo, njengalokho nimbonile eya ezulwini.”
12Khona babuyela eJerusalema bevela entabeni ethiwa eyemiNqumo eseduze neJerusalema, ibanga lohambo lwesabatha. 13Kwathi sebengenile, benyukela ekamelweni eliphezulu, lapho bebehlala khona: oPetru, noJohane, noJakobe, no-Andreya, noFiliphu, noTomase, noBartolomewu, noMathewu, noJakobe ka-Alfewu, noSimoni umZelothe, noJuda kaJakobe. 14Bonke laba baqinisela nganhliziyonye ekukhulekeni kanye nabesifazane, noMariya unina kaJesu, nabafowabo.
Ukukhethwa kukaMathiya abe ngomunye wabaphostoli esikhundleni sikaJuda
15Ngaleyo mihla uPetru wasukuma phakathi kwabazalwane, isixuku sabantu esasikhona ndawonye kwakungathi ikhulu namashumi amabili, wathi: 16“Madoda, bazalwane, kwakumelwe ukuba kugcwaliseke umbhalo uMoya oNgcwele awukhulumayo ngaphambili ngomlomo kaDavide ngoJuda owayengumholi kulabo ababamba uJesu, 17ngokuba wayebalwe kanye nathi, wathola isabelo kule nkonzo.”
18Lowo-ke wazuza insimu ngomvuzo wokungalungi, wawa ngekhanda, waqhuma phakathi, nezibilini zakhe zonke zachitheka; 19kwaziwa yibo bonke abakhileyo eJerusalema, yaze yaqanjwa leyo nsimu ngolimi lwakubo ngokuthi i-Akeldama, okungukuthi iNsimu Yegazi.
20Ngokuba kulotshiwe eNcwadini yamaHubo ukuthi:
“Umuzi wakhe mawube yihlane,
kungabikho ohlala kuwo,”
nokuthi:
“Isikhundla sakhe asithathwe ngomunye.”
21“Ngakho kulawo madoda ayehamba nathi isikhathi sonke, lapho iNkosi uJesu ingena, iphuma phakathi kwethu, 22kuqalela embhapathizweni kaJohane kwaze kwaba lusuku akhushulwa ngalo kithi, kumelwe ukuba enye kuwo ibe ngufakazi kanye nathi ngokuvuka kwakhe.”
23Base bemisa ababili, uJosefa othiwa uBarsaba, othiwa futhi uJustu, kanye noMathiya. 24Base bekhuleka bethi: “Wena Nkosi, owazi izinhliziyo zabantu bonke, ake ukhombe omunye kulaba ababili omkhethileyo 25ukuba athathe isikhundla sale nkonzo nobuphostoli aphambuka kuso uJuda ukuya endaweni yakhe.” 26Base bebenzela inkatho; yadla uMathiya; wabalwa kanye nabaphostoli abayishumi nanye.