Bible Society of South Africa

To The Word – Day 32

Leviticus 24–27, Psalms 17, 19

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

ULevitikusi 24

Imithetho yothi lwezibani

1UJehova wakhuluma kuMose, wathi: 2“Yala abantwana bakwa-Israyeli ukuba balethe kuwe amafutha eminqumo acwengekileyo agxotshelwe ukukhanyisa, ukuba izibani zivuthe njalonjalo. 3Ngaphandle kwesihenqo sobufakazi etendeni lokuhlangana u-Aroni uyakuzilungisa njalo phambi kukaJehova, aqale kusihlwa kuze kuse; kuyakuba yisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu, 4alungise njalo izibani othini olucwengekileyo phambi kukaJehova.

Imithetho yezinkwa zokubukwa

5“Wothabatha impuphu ecolekileyo, upheke ngayo amaqebelengwane ayishumi nambili, iqebelengwane linye libe nokweshumi okubili. 6Wowabeka izinqwaba ezimbili, ayisithupha abe senqwabeni inye etafuleni elicwengekileyo phambi kukaJehova. 7Uyakubeka inhlaka ecwengekileyo ezinqwabeni zombili, ibe yisikhumbuzo esinkweni nomnikelo womlilo kuJehova. 8Amasabatha ngamasabatha uyakuzihlela phambi kukaJehova njalo; kungenxa yabantwana bakwa-Israyeli, kuyisivumelwano esiphakade. 9Ziyakuba ngezika-Aroni nezamadodana akhe, bazidlele endaweni engcwele, ngokuba zingcwelengcwele, zingezakhe phakathi kweminikelo yomlilo kaJehova ngesimiso esiphakade.”

Isijeziso sohlambalaza uNkulunkulu

10Indodana yowesifazane wakwa-Israyeli, uyise wayo engowaseGibithe, yaphuma yaya phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli; indodana yowesifazane wakwa-Israyeli nomuntu wakwa-Israyeli baxabana ekamu;* 11indodana yowesifazane wakwa-Israyeli yahlambalaza iGama, yathuka; yalethwa kuMose. Igama likanina lalinguShelomiti indodakazi kaDibiri, owesizwe sakwaDani. 12Bayifaka etilongweni ukuba batshelwe ngomlomo kaJehova.

13UJehova wakhuluma kuMose, wathi: 14“Mkhiphele ngaphandle kwekamu* lowo othukile; bonke abamuzwa mababeke izandla zabo ekhanda lakhe, inhlangano yonke imkhande ngamatshe. 15Uyakukhuluma kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Yilowo nalowo oqalekisa uNkulunkulu wakhe uyakuthwala isono sakhe. 16Ohlambalaza igama likaJehova wobulawa nokubulawa, yonke inhlangano imkhande nokumkhanda ngamatshe; umfokazi noma owokuzalwa ekhaya, nxa ehlambalaza igama likaJehova, wobulawa.

Imithetho yezijeziso

17“ ‘Oshaya umuntu aze afe wobulawa nokubulawa. 18Oshaya inkomo ize ife uyakuyikhokha, kube ngukuphila ngokuphila. 19Uma umuntu elimaza umakhelwane wakhe, njengalokho enzile yena kuyakwenziwa kanjalo kuye, 20kube ngukwaphuka ngokwaphuka, neso ngeso, nezinyo ngezinyo; njengalokho elimazile umuntu, kanjalo kuyakwenziwa kuye. 21Obulala inkomo woyikhokha; obulala umuntu wobulawa. 22Niyakuba nomthetho munye kumfokazi nakowokuzalwa ekhaya; ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wenu.’ ”

23UMose wakhuluma-ke kubantwana bakwa-Israyeli; bamkhiphela othukileyo ngaphandle kwekamu,* bamkhanda ngamatshe. Abantwana bakwa-Israyeli benza njengalokho uJehova emyalile uMose.

ULevitikusi 24ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

ULevitikusi 25

Umnyaka wesabatha nowejubili*

1UJehova wakhuluma kuMose entabeni yaseSinayi, wathi: 2“Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Nxa nifika ezweni engininika lona, izwe liyakumgcinela uJehova isabatha. 3Iminyaka eyisithupha uyakulima insimu yakho, iminyaka eyisithupha uyakuthena isivini sakho, ubuthe izithelo zaso, 4kepha ngomnyaka wesikhombisa kuyakuba khona isabatha lokuphumula okuzothileyo kwezwe, isabatha kuye uJehova; awuyikulima insimu yakho, ungatheni isivini sakho. 5Amakhikhizela esivuno sakho awuyikuwavuna, nezithelo zomvini wakho ongatheniwe awuyikuzikha; kuyakuba ngumnyaka wokuphumula okuzothileyo kwezwe. 6Isabatha lezwe liyakuba ngukudla kwenu, okwakho nokwenceku yakho nokwencekukazi yakho nokomqashwa wakho nokomfokazi wakho ogogobeleyo kuwe; 7nakuzo izinkomo zakho nezilwane ezisezweni konke ukuthela kwalo kuyakuba ngukudla.

8“ ‘Uyakuzibalela amasabatha ayisikhombisa eminyaka, iminyaka eyisikhombisa iphindwe kasikhombisa, kube kuwe izinsuku zamasabatha ayisikhombisa eminyaka, kube yiminyaka engamashumi amane nesishiyagalolunye. 9Uyakuthuma izwi lecilongo elizwakala kakhulu ngolweshumi lwenyanga yesikhombisa; ngosuku lokubuyisana niyakuthuma izwi lecilongo ezweni lonke lakini. 10Niyakuwungcwelisa umnyaka wamashumi ayisihlanu, nimemezele inkululeko ezweni lonke kubo bonke abakhileyo kulo; kuyakuba yijubili* kini, nibuyele, kube yilowo nalowo efeni lakhe, nibuyele, kube yilowo nalowo kwabomndeni wakhe. 11Lo mnyaka wamashumi ayisihlanu uyakuba yijubili kini; aniyikulima, ningavuni amakhikhizela awo, ningakhi ngawo ezomvini ongatheniwe. 12Ngokuba uyijubili; uyakuba ngcwele kini, nidle izithelo zawo zasensimini.

13“ ‘Ngalowo mnyaka wejubili niyakubuyela, kube yilowo nalowo efeni lakhe.

14“ ‘Uma uthengisa ngotho kumakhelwane wakho noma uthenga esandleni somakhelwane wakho, ningadlani; 15njengenani leminyaka esemva kwejubili uyakuthenga kumakhelwane wakho nanjengenani leminyaka yezithelo uyakuthengisa kuwe. 16Ngobuningi beminyaka uyakwandisa intengo yalo nangobuncane beminyaka uyakunciphisa intengo yalo; ngokuba uthengisa kuwe ngenani lezithelo. 17Aniyikudlana, kepha uyakwesaba uNkulunkulu wakho, ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wakho.

18“ ‘Ngalokho anozenza izimiso zami, nigcine izahlulelo zami, nizenze, nihlale ezweni nilondekile. 19Izwe liyakuthela izithelo zalo, nidle nisuthe, nihlale kulo nilondekile. 20Uma nisho ukuthi: “Siyakudlani ngomnyaka wesikhombisa? Bheka, asiyikulima, asiyikubutha ukudla kwethu,” 21khona ngiyakuyala isibusiso sami sehlele phezu kwenu ngomnyaka wesithupha, uze uthele ukudla kweminyaka emithathu. 22Niyakulima ngomnyaka wesishiyagalombili, nidle izithelo zikanyasa; uze ufike umnyaka wesishiyagalolunye, kungene izithelo zawo, niyakudla unyasa.

23“ ‘Akuyikuthengiswa ngezwe kuze kube phakade, ngokuba izwe lingelami, nina-ke ningabafokazi nabagogobeleyo kimi. 24Ezweni lonke lefa lenu niyakuvuma ukuhlengwa kwezwe.

25“ ‘Uma umfowenu eba mpofu, athengise ngefa lakhe, kuyakufika isihlobo sakhe, sihlenge lona umfowabo athengisile ngalo. 26Uma umuntu engenaye ongalihlenga, kodwa ebeseba ngocebileyo, athole okwanele ukulihlenga, 27makabale iminyaka selokhu kwathengiswa ngalo, abuyisele okudluleleyo kulowo muntu athengisa kuye ngalo, aze abuyele efeni lakhe. 28Uma engatholi amandla okuzibuyiselela lona, lelo athengise ngalo liyakusala esandleni solithengileyo, uze ufike umnyaka wejubili; ngejubili liyakuphuma, yena abuyele efeni lakhe.

29“ ‘Uma umuntu ethengisa ngendlu yokuhlala emzini onogange, angayihlenga ungakapheli umnyaka selokhu wathengisa ngayo, ngokuba umnyaka wonke uyakuba nelungelo lokuyihlenga. 30Uma ingahlengwanga umnyaka usuphelile, leyo ndlu esemzini onogange iyakuqiniswa ibe ngeyakhe owayithenga kuze kube phakade ezizukulwaneni zakhe; ayiyikuphuma ngejubili. 31Kepha izindlu zemizana engenalugange nxazonke ziyakubalwa kanye namasimu asemaphandleni; zingahlengwa, ziphume ngejubili.

32“ ‘Kodwa imizi yamaLevi, izindlu zemizi yefa lawo amaLevi angazihlenga noma nini. 33Uma umLevi engahlengi, indlu okwathengiswa ngayo nomuzi wefa lakhe kuyakuphuma ngejubili, ngokuba izindlu zemizi yamaLevi ziyifa lawo phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli. 34Izwe lamadlelo emizi yawo akunakuthengiswa ngalo, ngokuba liyifa lawo kuze kube phakade.

35“ ‘Uma umfowenu eba mpofu, engenamandla okukukhokhela, uyakumsekela, ahlale nawe njengomfokazi nogogobeleyo. 36Ungathathi kuye inzalo engafanele nenzuzo, kepha wesabe uNkulunkulu wakho, ukuze umfowenu ahlale nawe. 37Awuyikumnika imali yakho ngenzalo, ungamuphi ukudla kwakho ngenzuzo. 38NginguJehova uNkulunkulu wenu owanikhipha ezweni laseGibithe ukuninika izwe laseKhanani, ngibe nguNkulunkulu wenu.

39“ ‘Uma umfowenu eba mpofu ekuwe, azithengise kuwe, awuyikumsebenzisa njengesigqila, 40kepha abe njengomqashwa nogogobeleyo kuwe; uyakusebenza kuwe kuze kufike umnyaka wejubili, 41andukuba aphume kuwe, yena nabantwana bakhe kanye naye, abuyele kwabomndeni wakhe, abuyele nasefeni lawoyise. 42Ngokuba bayizinceku zami engazikhipha ezweni laseGibithe; akuyikuthengiswa ngazo zibe yizigqila. 43Awuyikubusa kalukhuni phezu kwakhe, kepha wesabe uNkulunkulu wakho.

44“ ‘Izigqila zakho nezigqilakazi zakho oyakuba nazo: niyakuzithenga izigqila nezigqilakazi kwabezizwe abanizungezayo. 45Futhi kubantwana babafokazi abagogobeleyo kini, kubona niyakuthenga nakwabomndeni wabo abakini ababazalile ezweni lakini, babe yifa lenu. 46Niyakubenza ifa labantwana benu emva kwenu ukuba babe yifa labo; niyakuthatha kubo izigqila zenu kuze kube phakade; kepha aniyikubusa kalukhuni phezu kwabafowenu, abantwana bakwa-Israyeli, omunye phezu komunye.

47“ ‘Uma umfokazi noma ogogobeleyo kuwe eba ngocebileyo, umfowenu abe mpofu kuye, azithengise kumfokazi noma kogogobeleyo kuwe noma kowohlanga lwabomndeni wabafokazi, 48angahlengwa nxa sekuthengisiwe ngaye; omunye wabafowabo angamhlenga; 49noma uyisekazi noma indodana kayisekazi angamhlenga; noma omunye owakubo owabomndeni wakhe angamhlenga; noma eba ngocebileyo, angazihlenga yena. 50Uyakubalisana nalowo owamthengayo, aqale ngomnyaka owazithengisa kuye ngawo, kuze kube ngumnyaka wejubili; imali yentengiso iyakuba njengenani leminyaka; uyakuba naye njengesikhathi somqashwa. 51Uma isasele iminyaka eminingi, njengayo uyakubuyisa intengo yokuhlengwa kwakhe emalini athengwa ngayo. 52Uma isasele iminyaka eyingcosana kuze kufike umnyaka wejubili, uyakubalisana naye; njengeminyaka yakhe uyakubuyisa imali yokuhlengwa kwakhe. 53Njengenceku eqashwa iminyaka ngeminyaka uyakuba naye; akayikubusa kalukhuni phezu kwakhe emehlweni akho.

54“ ‘Uma engahlengwanga ngalezo zindlela, uyakuphuma ngomnyaka wejubili, yena nabantwana bakhe kanye naye. 55Ngokuba abantwana bakwa-Israyeli bayizinceku kimi; bayizinceku zami engazikhipha ezweni laseGibithe; nginguJehova uNkulunkulu wenu.

ULevitikusi 25ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

ULevitikusi 26

Isixwayiso ngokukhonza izithixo

1“ ‘Ningenzi izithombe, ningamisi izithombe ezibaziweyo noma insika; ningabeki itshe elinemifanekiso ezweni lakini ukukhothamela kulo; ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wenu.

2“ ‘Anogcina amasabatha ami, nihloniphe indlu yami engcwele; nginguJehova.

Izithembiso kwabagcina umthetho

3“ ‘Uma nihamba ngezimiso zami, nigcine imiyalo yami, niyenze, 4ngiyakuninika imvula ngesikhathi sayo, izwe lithele ukudla kwalo, imithi yasendle ithele izithelo zayo. 5Ukubhula kwenu kuyakufinyelela ekuvunweni kwemivini, ukuvunwa kwemivini kuyakufinyelela esikhathini sokulima; niyakudla isinkwa senu, nisuthe, nihlale ezweni lakini nilondekile.

6“ ‘Ngiyakunika ukuthula ezweni, nilale phansi ningesatshiswa muntu; ngiyakuqothula izilwane ezimbi ezweni, nenkemba ayiyikudabula ezweni lakini. 7Niyakuxosha izitha zenu, ziwe phambi kwenu ngenkemba. 8Abayisihlanu kini bayakuxosha abayikhulu, nabayikhulu kini bayakuxosha izinkulungwane eziyishumi, izitha zenu ziwe phambi kwenu ngenkemba.

9“ ‘Ngiyakuninaka, nginenze ukuba nizale, nande, ngimise isivumelwano sami nani. 10Niyakudla unyasa omdala, nikhiphe unyasa ngenxa yokusha. 11Ngiyakubeka itabernakele* lami phakathi kwenu, umphefumulo wami awuyikunengwa yinina. 12Ngiyakuhamba phakathi kwenu, ngibe nguNkulunkulu wenu, nibe ngabantu bami. 13NginguJehova uNkulunkulu wenu owanikhipha ezweni laseGibithe ukuba ningabi yizigqila zabo; ngaphulile izikeyi* zejoka lenu, ngenza ukuba nihambe niluleme.

Ukusongelwa kwabeqayo umthetho

14“ ‘Kepha uma ningalaleli, ningayenzi yonke le miyalo, 15uma nilahla izimiso zami, uma umphefumulo wenu unengwa yizahlulelo zami, ukuze ningayenzi yonke imiyalo yami, kepha naphule isivumelwano sami, 16nami ngiyakwenza lokhu kini; ngiyakunehlisela ingebhe nesifuba nomkhuhlane oyakuqeda amehlo, udangalise umphefumulo; niyakuhlwanyela ngeze imbewu yenu, ngokuba izitha zenu ziyakuyidla. 17Ngiyakubeka ubuso bami bumelane nani, nibulawe phambi kwezitha zenu; abanizondayo bayakubusa phezu kwenu, nibaleke ningaxoshwa muntu.

18“ ‘Kepha uma ningangilaleli nangalezo zinto, ngiyakubuye nginishaye kasikhombisa ngezono zenu. 19Ngiyakwaphula ukuzidla kwamandla enu, ngenze izulu lenu libe njengensimbi, nomhlabathi wenu ube njengethusi. 20Amandla enu ayakuchithwa ngeze, ngokuba izwe lakini aliyikuthela ukudla kwalo, nemithi yezwe ayiyikuthela izithelo zayo.

21“ ‘Uma nihamba niphambene nami, ningangilaleli, ngiyakubuye nginehlisele izinhlupheko ziphindwe kasikhombisa njengezono zenu. 22Ngiyakuthuma phakathi kwenu izilo zasendle eziyakunaphuca abantwana benu, zibulale izinkomo zenu, zininciphise, izindlela zenu zibe yihlane.

23“ ‘Kepha uma ningaxwayiswa yimi ngalezo zinto, kodwa nihamba niphambene nami, 24nami ngiyakuhamba ngiphambene nani, nginishaye, yebo, mina, kasikhombisa ngezono zenu. 25Ngiyakunehlisela inkemba yempindiselo eyakuphindisela isivumelwano sami; senibuthelwe emizini yenu, ngiyakuthuma isifo phakathi kwenu, ninikelwe esandleni sesitha. 26Nxa ngaphula uzime lwesinkwa, abesifazane abayishumi bayakupheka isinkwa sakho eziko linye, babuyise isinkwa senu ngesisindo; niyakudla ningasuthi.

27“ ‘Kepha uma ningangilaleli nangazo zonke lezo zinto, kodwa nihamba niphambene nami, 28nami ngiyakuhamba ngiphambene nani ngokufutheka, ngikushaye kasikhombisa ngezono zakho. 29Niyakudla inyama yamadodana enu, nenyama yamadodakazi enu niyakuyidla. 30Ngiyakuchitha izindawo zenu eziphakemeyo, nginqume ama-altare enu empepho, ngilahle izidumbu zenu phezu kwezidumbu zezithombe zenu; umphefumulo wami uyakunengwa yinina. 31Ngiyakuyenza imizi yenu ibe yizwekufa, ngizenze izindlu zenu ezingcwele zibe yincithakalo; angisayikuhogela unqambothi lwamaphunga lwenu olumnandi. 32Ngiyakulenza izwe libe yincithakalo; izitha zenu ezihlala kulo ziyakumangala ngakho. 33Nina-ke ngiyakunihlakazela ezizweni, ngihoshe inkemba emva kwenu, izwe lakini libe yincithakalo, nemizi yenu ibe yizwekufa. 34Khona izwe liyakuthokoza ngamasabatha alo ngesikhathi lihlezi lichithekile, nina nisekhona ezweni lezitha zenu; khona izwe liyakuphumula, lithokoze ngamasabatha alo. 35Ngesikhathi lihlezi lichithekile liyakuphumula, lokho kuphumula elalingenakho ngamasabatha enu, lapho nanisahlezi kulo.

36“ ‘Abaseleyo bakini ngiyakubehlisela itwetwe ezinhliziyweni zabo emazweni ezitha zabo; ubuhashahasha beqabunga elinyakaziswayo buyakubaxosha, babaleke njengalokhu umuntu ebalekela inkemba, bawe bengaxoshwa muntu. 37Bayakukhubeka, omunye phezu komunye, kungathi kuphambi kwenkemba, bengaxoshwa muntu; aniyikuba namandla okuma phambi kwezitha zenu. 38Niyakubhubha phakathi kwezizwe, izwe lezitha zenu linidle. 39Abaseleyo bakini bayakonda ngobubi babo emazweni ezitha zenu, nangobubi bawoyise bayakonda kanye nabo.

40“ ‘Bayakuvuma ububi babo nobubi bawoyise ngeziphambeko zabo abaphambeka ngazo kimi, nokuthi njengokuba bahamba bephambene nami, 41nami ngahamba ngiphambene nabo, ngabayisa ezweni lezitha zabo; uma-ke izinhliziyo zabo ezingasokile zithobeka, besamukela isijeziso sobubi babo, 42ngiyakukhumbula isivumelwano sami noJakobe; nesivumelwano sami no-Isaka, nesivumelwano sami no-Abrahama ngiyakusikhumbula, ngilikhumbule nezwe. 43Izwe liyakushiywa yibo, lithokoze ngamasabatha alo, lisahlezi lichithekile, lingenabo; bayakwamukela isijeziso sobubi babo, ngokuba, yebo, ngokuba balahla izahlulelo zami nangokuba umphefumulo wabo wanengwa yizimiso zami. 44Kepha uma kunjalo, sebekhona ezweni lezitha zabo, angiyikubalahla, nginganengwa yibo, ukuze ngibaqothule, ngisaphule isivumelwano sami nabo, ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wabo; 45kepha ngenxa yabo ngiyakukhumbula isivumelwano sawokhokho babo engabakhipha ezweni laseGibithe emehlweni ezizwe ukuba ngibe nguNkulunkulu wabo; nginguJehova.’ ”

46Lezo ziyizimiso nezahlulelo nemithetho akwenzayo uJehova phakathi kwakhe nabantwana bakwa-Israyeli entabeni yaseSinayi ngesandla sikaMose.

ULevitikusi 26ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

ULevitikusi 27

Umthetho wezithembiso

1UJehova wakhuluma kuMose, wathi: 2“Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Nxa umuntu enza isithembiso esithile, lapho uyakulinganisa abantu kuJehova, 3ukulinganisa kwakho owesilisa, kusukela koneminyaka engamashumi amabili kuze kube koneminyaka engamashumi ayisithupha, kuyakuba ngamashekeli* angamashumi ayisihlanu esiliva ngokweshekeli lendlu engcwele. 4Uma kungowesifazane, ukulinganisa kwakho kuyakuba ngamashekeli* angamashumi amathathu. 5Uma kusukela koneminyaka eyisihlanu kuze kube koneminyaka engamashumi amabili, ukulinganisa kwakho owesilisa kuyakuba ngamashekeli* angamashumi amabili, nowesifazane amashekeli ayishumi. 6Uma kusukela konenyanga kuze kube koneminyaka eyisihlanu, ukulinganisa kwakho owesilisa kuyakuba ngamashekeli* ayisihlanu esiliva, nokulinganisa kwakho owesifazane kuyakuba ngamashekeli amathathu esiliva. 7Uma kusukela koneminyaka engamashuni ayisithupha kuya phezulu, nalapho kungowesilisa, ukulinganisa kwakho kuyakuba ngamashekeli* ayishumi nanhlanu, nowesifazane kube ngamashekeli ayishumi. 8Kepha uma empofu kunokulinganisa kwakho, uyakubekwa phambi kompristi, umpristi amlinganise; umpristi uyakumlinganisa ngokwamandla akhe owathembisayo.

9“ ‘Uma kuyizilwane okunganikelwa ngazo kuJehova, zonke ezinjalo umuntu anikela ngazo kuJehova ziyakuba ngcwele. 10Akayikuziphambanisa, angazenani ngezinye, esihle ngesibi nesibi ngesihle; uma enana nokwenana isilwane ngesilwane, sona leso kanye naso okwenanwa ngaso ziyakuba ngcwele. 11Uma kuyisilwane esingcolileyo okunganikelwa ngaso kuJehova, uyakusibeka isilwane phambi kompristi, 12umpristi asilinganise, noma sihle noma sibi; njengalokho wena mpristi ulinganisa, kuyakuba njalo. 13Kepha uma ethanda ngempela ukusihlenga, uyakuthasisela okwesihlanu kwaso kukho ukulinganisa kwakho.

14“ ‘Nxa umuntu eyakungcwelisa indlu yakhe ibe ngcwele kuJehova, umpristi uyakuyilinganisa uma inhle noma imbi; njengalokhu umpristi eyilinganisa, kuyakuba njalo. 15Uma oyingcwelisayo ethanda ukuyihlenga indlu yakhe, uyakuthasisela okwesihlanu kwemali yokulinganisa kwakho, ibe ngeyakhe.

16“ ‘Uma umuntu eyakumngcwelisela uJehova inxenye yensimu yefa lakhe, ukulinganisa kwakho kuyakuba njengokuhlwanyelwa kwayo, ukuhlwanyelwa kwehomere* lebhali* kube ngamashekeli* angamashumi ayisihlanu esiliva. 17Uma engcwelisa insimu yakhe kusukela emnyakeni wejubili,* iyakuma ngokulinganisa kwakho. 18Kepha uma ungcwelisa insimu emva kwejubili,* umpristi uyakumbalela imali ngeminyaka eseleyo kuze kufike umnyaka wejubili, kuncishiswe ukulinganisa kwakho. 19Uma ongcwelisa insimu ethanda ngempela ukuyihlenga, uyakuthasisela kuyo okwesihlanu kwemali yokulinganisa kwakho, iqiniswe kuye. 20Uma engahlengi insimu, noma ethengisile ngensimu komunye umuntu, ayisayikuhlengwa. 21Kepha insimu ekuphumeni kwayo ngejubili* iyakuba ngcwele kuJehova njengensimu eyahlukaniswayo; iyakuba yifa lompristi.

22“ ‘Uma engcwelisela uJehova insimu ayithengileyo, engesiyo insimu yefa lakhe, 23umpristi uyakumbalela imali yokulinganisa kwakho kuze kufike umnyaka wejubili,* anike ukulinganisa kwakho ngalolo suku kube yinto engcwele kuJehova. 24Ngomnyaka wejubili* insimu iyakubuyela kuye eyathengwa kuye, yebo, kuye olifa lensimu lingelakhe. 25Konke ukulinganisa kwakho kuyakuba ngokweshekeli* lendlu engcwele; amagera* angamashumi amabili ayakuba yishekeli.

26“ ‘Kepha izibulo lezilwane elenziwe libe yizibulo kuJehova aliyikungcweliswa muntu; noma liyinkabi noma liyimvu, lingelikaJehova. 27Uma kungelesilwane esingcolileyo, uyakulihlenga ngokulinganisa kwakho, athasisele kukho okwesihlanu kwakho; uma lingahlengwa, kuyakuthengiswa ngalo ngokulinganisa kwakho.

28“ ‘Nokho into yonke eyahlukaniswa, umuntu ayahlukanisela uJehova kukho konke anakho, noma abantu, noma izilwane, noma insimu yefa lakhe, akuyikuthengiswa ngayo, ingahlengwa; konke okwahlukanisiwe kungcwelengcwele kuJehova.

29“ ‘Akukho muntu owaqalekiswayo, owaqalekiswa kubantu, ongahlengwa; wobulawa nokubulawa.

Okweshumi

30“ ‘Nokweshumi konke kwezwe, okwembewu yezwe noma okwezithelo zemithi, kungokukaJehova; kungcwele kuJehova. 31Uma umuntu ethanda ukuhlenga okuthile okokweshumi kwakhe, uyakuthasisela kukho okwesihlanu kwakho. 32Konke okweshumi kwezinkomo noma okwezimvu, zonke ezidlula phansi kwentonga, okweshumi kuyakuba ngcwele kuJehova. 33Akayikuhlola, uma kuhle noma kubi, angakwenani ngokunye; kepha uma ngempela ekwenana ngokunye, lokhu nalokho akwenana ngakho kuyakuba ngcwele; akuyikuhlengwa.’ ”

34Leyo iyimiyalo uJehova ayala ngayo uMose ngabantwana bakwa-Israyeli entabeni yaseSinayi.

ULevitikusi 27ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 17

Ithemba lozingelwayo engenacala

Umkhuleko kaDavide.

1Yizwa ukulunga, Jehova,

ulalele ukukhala kwami,

ubeke indlebe emkhulekweni wami

ophuma ezindebeni ezingenankohliso.

2Ukwahlulelwa kwami makuvele ebusweni bakho;

amehlo akho mawabheke okulungileyo.

3Uyalinga inhliziyo yami;

ungihambele ebusuku,

uyangihlolisisa, awufumani lutho;

ngiyahlosa ukuba umlomo wami ungaphambuki.

4Emisebenzini yabantu ngiyazilinda,

ezindleleni zezidlova ngezwi lezindebe zakho.

5Izinyathelo zami zinamathela ezinyaweni zakho,

izinyawo zami azisheleli.

6Ngikhala kuwe, ngokuba uyangizwa, Nkulunkulu;

beka indlebe yakho kimi,

uzwe izwi lami.

7Bonakalisa isihe sakho esimangalisayo

wena osindisa ngesandla sakho sokunene

labo abaphephela kuwe kwababahlaselayo.

8Ngigcine njengenhlamvu yeso,

ungisithe ethunzini lamaphiko akho

9kubo ababi abangilimazayo,

kuzo izitha zokuphila kwami ezingihaqileyo.

10Bavalelwe ngamanoni abo,

bakhuluma ngokuzidla ngomlomo wabo.

11Noma siyaphi, bayangizungeza;

amehlo abo bawabhekisa kukho ukungiwisa phansi emhlabathini.

12Unjengengonyama ehahela ukubamba,

njengebhongo lengonyama elilele ezindaweni ezisithekileyo.

13Vuka, Jehova, umhlangabeze, umwise phansi;

sindisa umphefumulo wami komubi ngenkemba yakho,

14nakubantu ngesandla sakho, Jehova,

abantu baleli zwe abasabelo sabo sikulokhu kuphila,

nabasisu sabo usigcwalisa ngengcebo yakho,

nabashiyela izingane zabo okusele kubo.

15Kepha mina ngiyakubuka ubuso bakho ekulungeni,

ngisuthe ngesimo sakho ekuvukeni kwami.

Ihubo 19

Ukuzibonakalisa kukaNkulunkulu ngokudala nangezwi lakhe

Kumholi wokuhlabelela. Ihubo likaDavide.

1Amazulu ayalanda ngenkazimulo kaJehova,

nomkhathi ushumayela umsebenzi wezandla zakhe.

2Usuku luyalandisa usuku inkulumo,

nobusuku bushumayeza ubusuku ukwazi.

3Akukho ukukhuluma,

awakho amazwi,

lapho izwi lingezwakali khona.

4Isilinganiso sawo siphumele emhlabeni wonke

namazwi awo emkhawulweni womhlaba.

Ulimisele ilanga itende kulo.

5Lona linjengomyeni ephuma ekamelweni lakhe;

lijabulisa okweqhawe ukugijima endleleni yalo.

6Ukuphuma kwalo kusemkhawulweni wezulu;

ukuzungeza kwalo kuya ekugcineni kwalo;

akukho okufihlelwe ukushisa kwalo.

7Umthetho kaJehova uphelele,

uvusa umphefumulo;

ukufakaza kukaJehova kuqinisile,

kuhlakaniphisa oyisiwula.

8Imiyalo kaJehova ilungile,

ijabulisa inhliziyo;

umyalezo kaJehova uhlanzekile,

ukhanyisa amehlo.

9Ukumesaba uJehova kuhlanzekile,

kumi kuze kube phakade;

imithetho kaJehova iyiqiniso,

ilungile yonke.

10Inxanelekile kunegolide,

kunegolide elihlanzekileyo eliningi;

imnandi kunezinyosi,

kunoju lwamakhekheba.

11Nenceku yakho iyayalwa ngayo;

oyigcinayo uyakuba nomvuzo omkhulu.

12Ngubani owazi iziphosiso zakhe na?

Ngithethelele kwezisithekileyo.

13Yilonde inceku yakho nasezonweni ezihlazisayo;

mazingabusi phezu kwami.

Yikhona ngiyakube ngiphelele,

ngingabe ngisaba necala eziphambekweni ezinkulu.

14Amazwi omlomo wami nokuzindla kwenhliziyo yami

makuthandeke ebusweni bakho, Jehova,

dwala lami nomhlengi wami.

Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU