Bible Society of South Africa

To The Word – Day 31

Leviticus 21–23, Hebrews 11–13

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

ULevitikusi 21

Imithetho yabapristi

1UJehova wathi kuMose: “Khuluma kubapristi, amadodana ka-Aroni, uthi kubo: ‘Makungabikho ozingcolisayo ngofileyo phakathi kwabantu bakubo, 2ngaphandle kwezihlobo ezinyamanye naye, okungukuthi unina, noyise, nendodana yakhe, nendodakazi yakhe, nomfowabo, 3nodadewabo, intombi eseduze naye, engenandoda; angazingcolisa ngaye. 4Akayikuzingcolisa, eyisikhulu phakathi kwabantu bakubo, ukuze azihlambalaze.

5“ ‘Abayikuzigega amakhanda abo, bangasiphuculi isilevu emaceleni, bangazigcabi emzimbeni. 6Bayakuba ngcwele kuNkulunkulu wabo, bangahlambalazi igama likaNkulunkulu wabo, ngokuba banikela ngeminikelo yomlilo kaJehova, isinkwa sikaNkulunkulu wabo; ngalokho bayakuba ngcwele.

7“ ‘Angathathi owesifazane oyisifebe nowonakeleyo, angathathi owesifazane olahliwe yindoda yakhe, ngokuba ungcwele kuNkulunkulu wakhe. 8Ngalokho uyakumngcwelisa, ngokuba unikela ngesinkwa sikaNkulunkulu wakho; uyakuba ngcwele kuwe, ngokuba mina Jehova oningcwelisayo ngingcwele.

9“ ‘Indodakazi yompristi, uma izingcolisa ngokufeba, iyamhlambalaza noyise; yoshiswa ngomlilo.

10“ ‘Ongumpristi omkhulu phakathi kwabafowabo, kuthelwe ekhanda lakhe amafutha okugcoba, nowahlukaniselwa ukuba embathe izambatho, akayikuthukulula izinwele zekhanda lakhe, angaklebhuli izambatho zakhe, 11angangeni nakumuphi umuntu ofileyo, angazingcolisi ngoyise noma ngonina, 12futhi angaphumi endlini engcwele, angahlambalazi indlu engcwele kaNkulunkulu wakhe; ngokuba umqhele wamafutha okugcoba kaNkulunkulu wakhe uphezu kwakhe; nginguJehova.

13“ ‘Wothatha umfazi oseyintombi. 14Umfelokazi noma umfazi olahliweyo noma owesifazane owonakelyo, isifebe, laba akayikubathatha, kepha uyakuthatha intombi yabantu bakubo ibe ngumkakhe. 15Akayikuhlambalaza inzalo yakhe phakathi kwabantu bakhe; ngokuba nginguJehova oningcwelisayo.’ ”

16UJehova wakhuluma kuMose, wathi: 17“Yisho ku-Aroni, uthi: ‘Umuntu wenzalo yakho ezizukulwaneni zayo oyisilima makangasondeli ukunikela ngesinkwa sikaNkulunkulu wakhe. 18Ngokuba umuntu oyisilima akayikusondela: impumputhe noma unyonga, noma onekhala eliyisicaba, noma ozitho zakhe zingalingene, 19noma umuntu ononyawo olwaphukileyo, noma onesandla esaphukileyo, 20noma onesifumbu, noma oyisichwe, noma onomlanga esweni lakhe, noma onesithembuzane, noma onomuna, noma oyisilima ngamasende; 21akungabikho muntu wenzalo ka-Aroni umpristi oyisilima oyakusondela ukunikela ngeminikelo yomlilo kaJehova; uyisilima; makangasondeli ukunikela ngesinkwa sikaNkulunkulu wakhe. 22Uyakudla isinkwa sikaNkulunkulu wakhe, esingcwelengcwele nesingcwele. 23Kuphela akayikungena kuso isihenqo, futhi angasondeli e-altare, ngokuba uyisilima, ukuze angahlambalazi izindlu zami ezingcwele, ngokuba nginguJehova obangcwelisayo. 24UMose wakhuluma lokho ku-Aroni, nakumadodana akhe, nakubo bonke abantwana bakwa-Israyeli.’ ”

ULevitikusi 21ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

ULevitikusi 22

Eminye imithetho yabapristi

1UJehova wakhuluma kuMose, wathi: 2“Yisho ku-Aroni nakumadodana akhe ukuba bahlukane nezinto ezingcwele zabantwana bakwa-Israyeli abangingcwelisela zona, bangalihlambalazi igama lami elingcwele; nginguJehova.

3“Yisho kubo ukuthi: ‘Yilowo nalowo wenzalo yenu yonke ezizukulwaneni zenu osondela ezintweni ezingcwele abantwana bakwa-Israyeli abazingcwelisela uJehova, esengcolile, lowo muntu uyakunqunywa, angabikho phambi kwami; nginguJehova.

4“ ‘Yilowo nalowo wenzalo ka-Aroni onochoko noma ocucuzayo akayikudla izinto ezingcwele aze ahlambuluke. Nalowo othinta okungcolile ngabafileyo, noma umuntu oshaywa yizibuko, 5nalowo othinta okunwabuzelayo angangcoliswa ngakho, noma umuntu angangcoliswa ngaye, nakuba enokungcola kuni, 6umuntu othinta okunjalo uyakuba ngongcolile kuze kuhlwe, angazidli izinto ezingcwele, uma engagezi umzimba wakhe ngamanzi. 7Selishonile ilanga uyakuba ngohlambulukile, andukuba adle izinto ezingcwele, ngokuba ziyisinkwa sakhe. 8Ingcuba nokudweshulwe yizilo akayikukudla ukuzingcolisa ngakho; nginguJehova.

9“ ‘Ngalokho abogcina isiyalezo sami, funa babe nesono ngaso, bafele kuso, uma besihlambalaza, nginguJehova obangcwelisayo.

10“ ‘Umfokazi akayikudla okungcwele; umuntu ogogobeleyo wompristi noma umqashwa angadli okungcwele. 11Kepha uma umpristi ethenga umuntu eyintengo yemali yakhe, yena angakudla; nabazelwe emzini wakhe bangadla isinkwa sakhe. 12Uma indodakazi yompristi igana umfokazi, yona mayingadli emnikelweni wokuphakanyiswa wezinto ezingcwele. 13Kepha uma indodakazi yompristi ingumfelokazi noma ingolahliweyo ingenamntwana, bese yibuyela endlini kayise njengasebusheni bayo, iyakudla isinkwa sikayise; kepha umfokazi makangasidli.

14“ ‘Uma umuntu edla okungcwele engazi, wothasisela okwesihlanu kwakho, amnike umpristi okungcwele. 15Abayikuhlambalaza izinto ezingcwele zabantwana bakwa-Israyeli abanikela ngazo kuJehova, 16bangabethwesi ububi obutholisa icala, lapho bedla izinto zabo ezingcwele; ngokuba nginguJehova obangcwelisayo.’ ”

Imithetho yemihlatshelo

17UJehova wakhuluma kuMose, wathi: 18“Yisho ku-Aroni, nakumadodana akhe, nakubo bonke abantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Yilowo nalowo wendlu ka-Israyeli noma umfokazi kwa-Israyeli onikela ngomnikelo wakhe, noma owesithembiso sakhe noma oweminikelo yakhe yesihle, okunikelwa ngayo kuJehova ibe ngumnikelo wokushiswa, 19ukuze namukeleke, wonikela ngeduna elingenasici lezinkomo, elezimvu noma elezimbuzi. 20Noma yintoni enesici aniyikunikela ngayo; ngokuba aniyikwamukeleka ngayo. 21Umuntu onikela ngomhlatshelo weminikelo yokuthula kuJehova ukugcwalisa isithembiso noma owomnikelo wesihle ezinkomeni noma ezimvini, umelwe ukuphelela ukuba wamukeleke, kungabi sici kuwo. 22Ephuphuthekayo noma eyaphukileyo noma elimeleyo noma enesilonda noma enokhwekhwe noma enomuna, ninganikeli ngazo kuJehova, futhi ninganikeli ngazo zibe ngumnikelo womlilo e-altare kuJehova. 23Inkunzi noma imvana enesitho esidluleleyo noma enesitho esincane, unganikela ngazo zibe ngumnikelo wesihle, kepha uma ungowesithembiso awunakwamukeleka. 24Aniyikunikela kuJehova ngento etheniwe ngokukhandwa noma ngokuchotshozwa noma ngokudwengulwa noma ngokunqunywa; ningenzi kanjalo ezweni lakini. 25Aniyikwamukela esandleni sowezizwe, ninikele ngezinjalo zibe yisinkwa sikaNkulunkulu wenu, ngokuba ukonakala kwazo kukuzo, zinobulima; aniyikwamukeleka ngazo.’ ”

26UJehova wakhuluma kuMose, wathi: 27“Nxa kuzalwa inkunzi noma imvu noma imbuzi, iyakuhlala kunina izinsuku eziyisikhombisa; kusukela osukwini lwesishiyagalombili nangasemuva iyakwamukelwa ibe ngumnikelo womlilo kuJehova. 28Noma kuyinkomazi noma imvukazi, aniyikuyihlaba kanye nomntwana wayo ngalusuku lunye.

29“Nxa nihlabela uJehova umhlatshelo wokubonga, niyakumhlabela ukuba namukeleke. 30Uyakudliwa ngalolo suku, ningashiyi lutho lwawo kuze kuse; nginguJehova.

31“Ngalokho anogcina imiyalo yami, niyenze; nginguJehova. 32Ningahlambalazi igama lami elingcwele; kepha ngiyakungcweliswa phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli; nginguJehova oningcwelisayo, 33owanikhipha ezweni laseGibithe, ngibe nguNkulunkulu wenu; nginguJehova.”

ULevitikusi 22ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

ULevitikusi 23

Imithetho yemikhosi

1UJehova wakhuluma kuMose, wathi: 2“Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Imikhosi emisiweyo kaJehova eniyakuyimemezela ibe yimihlangano engcwele, yona iyimikhosi yami emisiweyo.

3“ ‘Umsebenzi uyakwenziwa izinsuku eziyisithupha; kepha ngosuku lwesikhombisa kuyisabatha lokuphumula okuzothileyo, umhlangano ongcwele; ningasebenzi msebenzi; kuyisabatha kuJehova ezindlini zenu zonke.

4“ ‘Nansi imikhosi emisiweyo kaJehova, imihlangano engcwele eniyakuyimemezela ngezikhathi zayo ezimisiweyo. 5Ngenyanga yokuqala ngolweshumi nane lwenyanga kusihlwa kuyiphasika likaJehova. 6Ngosuku lweshumi nanhlanu lwaleyo nyanga kungumkhosi wesinkwa esingenamvubelo kuJehova; niyakudla isinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa. 7Ngosuku lokuqala niyakuba nomhlangano ongcwele, ningasebenzi msebenzi. 8Kepha niyakunikela ngomnikelo womlilo kuJehova izinsuku eziyisikhombisa. Ngosuku lwesikhombisa kungumhlangano ongcwele; ningasebenzi msebenzi.’ ”

9UJehova wakhuluma kuMose, wathi: 10“Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Nxa nifikile ezweni engininika lona, nivune isivuno salo, anoletha kumpristi isithungu solibo lwesivuno senu; 11yena asizulise isithungu phambi kukaJehova ukuba samukelwe ngenxa yenu; ngakusasa emva kwesabatha umpristi uyakusizulisa. 12Ngalolo suku enizulisa ngalo isithungu, niyakunikela ngemvu yeduna engenasici, enomnyaka munye, ibe ngumnikelo wokushiswa kuJehova. 13Umnikelo wawo wempuphu woba ngokweshumi okubili kwempuphu ecolekileyo, exovwe namafutha, umnikelo womlilo kuJehova, ube yiphunga elimnandi, nomnikelo wawo wokuphuzwa woba ngokwesine kwehini* lewayini. 14Aniyikudla isinkwa notshwele nezikhwebu ezintsha, kuze kufike lolo suku, ningakalethi umnikelo kaNkulunkulu wenu; kuyisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu ezindlini zenu zonke.

15“ ‘Anozibalela kusukela kolwangakusasa emva kwesabatha, ngosuku enaletha ngalo isithungu somnikelo wokuzuliswa, kuze kube ngamasabatha ayisikhombisa apheleleyo; 16kuze kufike olwangakusasa emva kwesabatha lesikhombisa anobala izinsuku ezingamashumi ayisihlanu, ninikele ngomnikelo omusha wempuphu kuJehova. 17Maniphume ezindlini zenu nezinkwa ezimbili zokuzuliswa zokweshumi okubili kwempuphu ecolekileyo, ziphekwe nemvubelo, zibe lulibo kuJehova. 18Kanye nesinkwa niyakunikela ngezimvu eziyisikhombisa ezingenasici zinomnyaka munye, neduna nezinqama ezimbili, zibe ngumnikelo wokushiswa kuJehova kanye nomnikelo wazo wempuphu neminikelo yazo yokuphuzwa, umnikelo womlilo, ube yiphunga elimnandi kuJehova. 19Niyakunikela ngempongo ibe ngumnikelo wesono, nezimvu ezimbili zamaduna ezinomnyaka munye, zibe ngumhlatshelo weminikelo yokuthula. 20Umpristi uyakuzizulisa kanye nesinkwa solibo zibe ngumnikelo wokuzuliswa phambi kukaJehova kanye nezimvu ezimbili; ziyakuba ngcwele kuJehova, zibe ngezompristi. 21Niyakumemezela ngalolo suku, nibe nomhlangano ongcwele; ningasebenzi msebenzi; kuyisimiso esiphakade ezindlini zenu zonke ezizukulwaneni zenu.

22“ ‘Nxa nivuna isivuno sezwe lakini, awuyikuvuna ngokupheleleyo emagumbini ensimu yakho, ungakhothozi umkhothozo wesivuno sakho; uwushiyele abampofu nabafokazi; nginguJehova uNkulunkulu wakho.’ ”

23UJehova wakhuluma kuMose, wathi: 24“Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Ngenyanga yesikhombisa ngolokuqala lwenyanga anoba nokuphumula okuzothileyo, isikhumbuzo ngokushaya amacilongo, umhlangano ongcwele. 25Ningasebenzi msebenzi, ninikele ngomnikelo womlilo kuJehova.’ ”

26UJehova wakhuluma kuMose, wathi: 27“Kepha ngolweshumi lwaleyo nyanga yesikhombisa kulusuku lokubuyisana; anoba nomhlangano ongcwele, nithobise imiphefumulo yenu, ninikele ngomnikelo womlilo kuJehova. 28Ningasebenzi msebenzi ngalolo suku, ngokuba kulusuku lokubuyisana ukunenzela ukubuyisana phambi kukaJehova uNkulunkulu wenu. 29Ngokuba yilowo nalowo muntu ongathotshiswa ngalolo suku uyakunqunywa kubantu bakubo. 30Yilowo nalowo muntu owenza umsebenzi othile ngalolo suku, lowo muntu ngiyakumbhubhisa, angabikho kubantu bakubo. 31Ningasebenzi msebenzi; kuyisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu ezindlini zenu zonke. 32Kuyakuba yisabatha lokuphumula okuzothileyo kini, nithobise imiphefumulo yenu; ngolwesishiyagalolunye lwenyanga kusihlwa, kusukela kusihlwa kuze kube kusihlwa, anogcina isabatha lenu.”

33UJehova wakhuluma kuMose, wathi: 34“Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Ngosuku lweshumi nanhlanu lwaleyo nyanga yesikhombisa kungumkhosi wamadokodo izinsuku eziyisikhombisa kuJehova. 35Ngosuku lokuqala kuyakuba ngumhlangano ongcwele, ningasebenzi msebenzi. 36Izinsuku eziyisikhombisa niyakunikela ngomnikelo womlilo kuJehova; ngosuku lwesishiyagalombili nibe nomhlangano ozothileyo, ninikele ngomnikelo womlilo kuJehova; kungumhlangano wokugcina; ningasebenzi msebenzi.

37“ ‘Le iyimikhosi emisiweyo kaJehova eniyakuyimemezela ibe yimihlangano engcwele ukunikela ngomnikelo womlilo kuJehova, umnikelo wokushiswa nomnikelo wempuphu, umhlatshelo neminikelo yokuphuzwa, kube yilowo nalowo ngosuku lwawo, 38ngaphandle kwamasabatha kaJehova, nangaphandle kwezipho zenu, nangaphandle kwezithembiso zenu zonke, nangaphandle kweminikelo yenu yonke yesihle eninikela ngayo kuJehova.

39“ ‘Kepha ngosuku lweshumi nanhlanu lwenyanga yesikhombisa, lapho senibuthile izithelo zezwe, anogcina umkhosi kaJehova izinsuku eziyisikhombisa; ngosuku lokuqala makube ngukuphumula okuzothileyo, nangosuku lwesishiyagalombili kube ngukuphumula okuzothileyo. 40Ngosuku lokuqala anothabatha izithelo zemithi emihle, namagatsha amasundu, nezingatsha zemithi edumbileyo, neminyezane yemifula, nethabe phambi kukaJehova uNkulunkulu wenu izinsuku eziyisikhombisa. 41Niyakuwugcina ube ngumkhosi kuJehova izinsuku eziyisikhombisa ngomnyaka; kuyisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu; niwugcine ngenyanga yesikhombisa. 42Niyakuhlala emadokodweni izinsuku eziyisikhombisa, bonke abangabokuzalwa kwa-Israyeli bahlale emadokodweni, 43ukuze izizukulwane zenu zazi ukuthi ngabahlalisa abantwana bakwa-Israyeli emadokodweni ekubakhipheni kwami ezweni laseGibithe, nginguJehova uNkulunkulu wenu.’ ”

44UMose wabatshela-ke abantwana bakwa-Israyeli imikhosi emisiweyo kaJehova.

ULevitikusi 23ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

KumaHeberu 11

Amaqhawe enkolo esivumelwaneni esidala

1Kepha ukukholwa kungukuqiniseka ngezinto ezithenjwayo, kuyiqiniso ngezinto ezingabonwayo. 2Ngokuba okhokho bafakazelwa ngakho.

3Ngokukholwa siqonda ukuthi izwe lonke ladatshulwa ngezwi likaNkulunkulu, kuze kuthi okubonwayo akuvelanga kokubonwayo.

4Ngokukholwa u-Abela wanikela kuNkulunkulu ngomhlatshelo omuhle kunoKayini, athola ngakho ubufakazi bokuthi ulungile, uNkulunkulu uqobo efakaza ngezipho zakhe; nangakho usakhuluma, noma efile.

5Ngokukholwa u-Enoke wathathwa, ukuze angaboni ukufa, akabe esafunyanwa, ngokuba uNkulunkulu wayemthabathile. Ngokuba engakathathwa ufakazelwe ukuthi wayethokozisa uNkulunkulu; 6kepha-ke ngaphandle kokukholwa akwenzeki ukumthokozisa; ngokuba ozayo kuNkulunkulu umelwe ukukholwa ukuthi ukhona nokuthi ungumvuzi walabo abamfunayo.

7Ngokukholwa uNowa exwayisiwe ngezinto ebezingakabonwa, esaba uNkulunkulu, wakha umkhumbi wokusindisa indlu yakhe, okungakho walahla izwe, waba yindlalifa yokulunga okuvela ngokukholwa.

8Ngokukholwa u-Abrahama walalela ebizwa ukuba aphume aye endaweni abezakuyamukeliswa ibe yifa lakhe; waphuma engazi lapho eya khona. 9Ngokukholwa waba ngumfokazi ezweni lesithembiso kwangathi ngelezizwe, ehlala ematendeni, beno-Isaka noJakobe, beyizindlalifa kanye naye zaleso sithembiso, 10ngokuba wayebheke umuzi onezisekelo, omakhi nomenzi wawo nguNkulunkulu.

11Ngokukholwa naye uSara uqobo wathola amandla okukhulelwa esedlulelwe yisikhathi, ngokuba wathi ukholekile owethembisayo. 12Ngakho-ke kwavela koyedwa, yena enjengosewafa, abangangezinkanyezi zezulu ngobuningi, bengangesihlabathi esisogwini lolwandle esingenakubalwa.

13Bonke laba bafa bekholiwe, bengazamukeliswanga izithembiso, kepha bezibonile, bezithakazele zikude, bevumile ukuthi bangabafokazi nezihambi emhlabeni. 14Ngokuba abasho kanjalo babonakalisa ukuthi bafuna izwe lakubo. 15Uma kambe bebecabanga ngalelo ababephuma kulo, bebeyakuba nethuba lokubuyela kulo; 16kepha manje balangazelela elihle kunalelo, okungukuthi elasezulwini. Ngalokho uNkulunkulu akanamahloni ngabo ukuba abizwe ngokuthi uNkulunkulu wabo, ngokuba ubalungisele umuzi.

17Ngokukholwa u-Abrahama evivinywa wanikela ngo-Isaka, yebo, yena owayamukele izithembiso, wanikela ngozelwe yedwa wakhe, 18okwathiwa kuye: “Inzalo yakho iyakubizwa ngo-Isaka,” 19ethi uNkulunkulu unamandla okuvusa nakwabafileyo; ngokulinganisa wabuye wamthola futhi evela khona.

20Ngokukholwa u-Isaka wabusisa oJakobe no-Esawu ngezinto ebezizakuza.

21Ngokukholwa uJakobe esezakufa wabusisa leyo naleyo yamadodana kaJosefa, wakhuleka encikile esihlokweni sodondolo lwakhe.

22Ngokukholwa uJosefa esezakufa wakhuluma ngokuphuma kwabantwana bakwa-Israyeli, wayaleza ngamathambo akhe.

23Ngokukholwa uMose esezelwe wafihlwa ngabazali bakhe izinyanga ezintathu, ngokuba bembona engumntwana omuhle; abawesabanga umyalo wenkosi.

24Ngokukholwa uMose esekhulile wala ukubizwa ngokuthi indodana yendodakazi kaFaro; 25kunalokho wakhetha ukuphathwa kabi kanye nabantu bakaNkulunkulu kunokuba athokoze isikhashana esonweni, 26ethi ukuthukwa ngenxa kaKristu kuyimfuyo enkulu kunengcebo yaseGibithe, ngokuba wayebheke umvuzo. 27Ngokukholwa washiya iGibithe engesabi ulaka lwenkosi; ngokuba wakhuthazela sengathi uyambona ongabonwayo. 28Ngokukholwa wamisa iPhasika nokufafaza ngegazi, ukuze umbhubhisi angathinti amazibulo abo.

29Ngokukholwa badabula uLwandle Olubomvu kungathi kusemhlabathini owomileyo, okwathi abaseGibithe bekulinga lokho, baminza.

30Ngokukholwa izingange zaseJeriko zawa, sezizungeziwe izinsuku eziyisikhombisa.

31Ngokukholwa, uRahabi isifebe, akabhubhanga kanye nabangalalelanga, esezamukele izinhloli ngokuthula.

32Ngisezakuthini futhi na? Isikhathi kambe sizakungishiya, uma ngibalisa ngoGideyoni, noBaraki, noSamsoni, noJefta, noDavide, noSamuweli nabaprofethi, 33abathi ngokukholwa banqoba imibuso, basebenza ukulunga, bazuza izithembiso, bavimba imilomo yezingonyama, 34bacima amandla omlilo, baphepha osikweni lwenkemba, baphiwa amandla ebuthakathakeni, baba yiziqhwaga empini, baxosha izimpi zabezizwe. 35Abesifazane bamukeliswa abafileyo babo bevusiwe; abanye bahlushwa, kabavuma ukukhululwa, ukuze bathole ukuvuka okuhle; 36abanye balingwa ngokujivazwa nokushaywa, yebo, nokuboshwa nokufakwa etilongweni; 37bakhandwa ngamatshe, banqunywa ngesaha, balingwa, babulawa ngenkemba, bazulazula bembethe izikhumba zezimvu nezezimbuzi, beswela, behlushwa, bephathwa kabi, 38izwe elingabafanele bona, behamba emahlane, nasezintabeni, nasemihumeni, nasemigedeni yomhlaba.

39Labo bonke, befakazelwe ngokukholwa, abazuzanga isithembiso, 40ngokuba uNkulunkulu wayesibonele okuhle kunalokho, ukuze bangapheleliswa ngaphandle kwethu.

KumaHeberu 11ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

KumaHeberu 12

Ukubekezela ezinhluphekweni

1Ngalokho-ke nathi, lokhu sinefu elingaka lawofakazi elisihaqileyo, masilahle konke okusindayo nesono esithandela kangaka kithi, sigijime ngokubekezela kulokhu kuncintisana esikumiselweyo, 2sibhekile kuJesu, umqalisi nomphelelisi wokukholwa kwethu, owathi esikhundleni sentokozo ayibekelweyo wathwala isiphambano engalinaki ihlazo, wahlala ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu. 3Yebo, mqondeni yena owakhuthazela ephikwa kangaka yizoni, ukuze ningakhathali, niphele amandla emiphefumulweni yenu.

4Anikamelani nezono nilwa kuze kube segazini; 5senikhohliwe umyalo okhuluma kinina njengakubantwana wokuthi:

“Ndodana yami,

ungadeleli ukulaya kweNkosi,

uphele amandla, nxa usolwa yiyo,

6ngokuba iNkosi iyamlaya emthandayo

ishaye yileyo naleyo ndodana eyamukelayo.”

7Bekezelani ekulayweni; uNkulunkulu uyaniphathisa okwabantwana, ngokuba yiyiphi indodana engalaywa nguyise na? 8Kepha uma ningalaywa, abathe bonke benziwa abahlanganyeli kukho, khona-ke ningabesihlahla, anisiwo amadodana. 9Futhi-ke sasinawobaba bethu benyama abasilayayo, sabazisa; pho, asiyikuthobela uYise wawomoya kakhulu kunalokho, siphile, na? 10Ngokuba bona kambe basilaya izinsukwana njengokubona kwabo, kepha yena kube yinsizakalo, size sithole ukuhlanganyela ubungcwele bakhe. 11Ukulaya konke okwamanje kungathi akusikho okwentokozo, kepha kungokosizi, kodwa ngasemuva kuyabathelela isithelo esihle sokulunga labo abahlakahliswe yikho.

Qinisani izandla ezibuthakathaka namadolo axegayo

12Ngakho-ke qinisani izandla ezibuthakathaka namadolo axegayo, 13nenzele izinyawo zenu izindlela eziqondileyo ukuba okuqhugayo kungaphinyizeki, kepha kunalokho kuphulukiswe.

14Zamelani ukuthula nabo bonke kanye nokungcweliswa, ongenakho angeyibone iNkosi; 15niqaphelisise kungabikho osilelayo emseni kaNkulunkulu, funa kumile impande imbe ebabayo, inixobise, kungcoliswe abaningi yiyo, 16kungabikho oyisifebe noma odumazayo njengo-Esawu owathengisa ubuzibulo bakhe ngesidlo sinye nje. 17Ngokuba niyazi ukuthi, nokuba ngasemuva ethanda ukudla ifa lesibusiso, waliwa, ngokuba akalitholanga ithuba lokuphenduka, noma ekufunisisa ngezinyembezi.

18Ngokuba anizanga entabeni ephathekayo nesha umlilo, nasekufiphaleni, nasebumnyameni, nasesivunguvungwini, 19nasekukhaleni kwecilongo, nasekuzwakaleni kwamazwi, abathe ukukuzwa, bancenga ukuba kungabe kusakhulunywa izwi kubo, 20ngokuba babengenakukuthwala lokho abayalwa ngakho kokuthi: “Ngisho nesilwane, uma sithinta intaba, siyakukhandwa ngamatshe,” 21yebo, umbono wesabeka kangaka, waze wathi uMose: “Nginovalo olukhulu, ngiyathuthumela,” 22kodwa nize entabeni yaseSiyoni nasemzini kaNkulunkulu ophilayo, iJerusalema lasezulwini, nasezigidigidini zezingelosi, 23nasebandleni lamazibulo abhaliwe ezulwini, nakuNkulunkulu, uMahluleli wabo bonke, nakuyo imimoya yabalungileyo abaphelelisiweyo, 24nakuJesu, umlamuleli wesivumelwano esisha, nasegazini lokufafaza elikhuluma okukhulu kunelika-Abela.

25Bhekani, ningamali okhulumayo; ngokuba uma bengaphunyukanga labo ababemala lowo owabaxwayisa emhlabeni, kakhulu asiyikuphunyuka thina esimfulathelayo oxwayisa esezulwini, 26ozwi lakhe lanyakazisa umhlaba ngaleso sikhathi, kepha manje uthembisile wathi: “Kusezakuba kanye ngizamazamise kungabi ngumhlaba wodwa, kepha nezulu futhi.” 27Lokho kokuthi: “Kusezakuba kanye” kutshengisa ukuguqulwa kwezinto ezinyakaziswayo, njengokuba zenziwe, ukuze lezo ezinganyakaziswayo zime.

28Ngakho-ke lokhu samukeliswa umbuso ongenakunyakaziswa, masibonge ngesingamkhonza ngakho uNkulunkulu ngokumthokozisa, nangokumhlonipha, nangokuthuthumela, 29ngokuba uNkulunkulu wethu ungumlilo oqothulayo.

KumaHeberu 12ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

KumaHeberu 13

Imiyalo eyizinhlobonhlobo

1Malume njalo uthando lobuzalwane. 2Ningakhohlwa ukungenisa izihambi ngokuba ngalokho abanye bangenisa izingelosi bengazi. 3Bakhumbuleni ababoshiweyo kungathi niboshiwe kanye nabo, nabaphethwe kabi, njengalokhu nani nisemzimbeni.

4Ukuganana makuhlonishwe yibo bonke, umbhede ungabi nasisihla, ngokuba izifebe neziphingi uNkulunkulu uyakuzahlulela. 5Ukwenza kwenu makungabi ngokokufisa imali; yaneliswani ngeninakho; ngokuba yena ushilo wathi: “Angisoze ngakuyeka, angisoze ngakushiya,” 6ukuze sisho ngesibindi, sithi:

“INkosi ingumsizi wami, angiyikwesaba;

umuntu angangenzani na?”

7Bakhumbuleni ababenihola bekhuluma izwi likaNkulunkulu kini, niqonda ukuphela kokuhamba kwabo, nilingise ukukholwa kwabo. 8UJesu Kristu nguyena izolo nanamuhla, yebo, naphakade.

9Ningadukiswa yizifundiso eziyizinhlobonhlobo nezingaziwayo; ngokuba kuhle ukuba inhliziyo iqiniswe ngomusa, kungabi ngokudla, abangasizakalanga ngakho abahamba ngakho. 10Sine-altare thina, abangenalungelo lokudla kulo abakhonza etabernakele*.

11Ngokuba izidumbu zalezo zilwane ezigazi lazo lingeniswa ngumpristi omkhulu endaweni engcwele ngenxa yezono zishiswa ngaphandle kwekamu*. 12Ngakho-ke naye uJesu, ukuze angcwelise abantu ngegazi lakhe, wahlupheka ngaphandle kwesango. 13Masiphumele kuye ngaphandle kwekamu*, sithwale ihlazo lakhe. 14Ngokuba lapha asinamuzi omiyo, kepha siyawufuna ozayo.

15Masinikele njalonjalo kuNkulunkulu ngaye umhlatshelo wokubonga, okungukuthi isithelo sezindebe ezivuma igama lakhe. 16Kepha maningakhohlwa ukwenza okuhle nokuphana, ngokuba iminikelo enjalo uNkulunkulu uthokoziswa yiyo.

17Lalelani abaniholayo, nibathobele, ngokuba balinda imiphefumulo yenu njengabazakulandiswa ngayo, ukuze bakwenze lokhu ngokujabula, bangabubuli, ngokuba lokhu akunakunisiza.

Isigcino

18Sikhulekeleni, ngokuba siyethemba ukuthi sinonembeza omuhle, sithanda ukuhamba kahle ezintweni zonke. 19Ngiyaniyala kakhulu ukuba nenze lokho, ukuze ngibuyiselwe kini masinyane.

20Kepha uNkulunkulu wokuthula owakhuphula kwabafileyo umalusi omkhulu wezimvu ngegazi lesivumelwano esimiyo njalo, iNkosi yethu uJesu, 21makaniphelelise kukho konke okuhle, ukuze nenze intando yakhe, esebenza phakathi kwethu khona lokho okuthokozisayo emehlweni akhe ngoJesu Kristu; makube kuye inkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen.

22Ngiyaniyala, bazalwane, lamukeleni kahle izwi lokuyala, ngokuba nginilobele ngokufushane.

23Yazini ukuthi umfowethu uThimothewu ukhululiwe; uma efika masinyane, ngiyakunibona sinaye.

24Khonzani kubo bonke abaniholayo nakubo bonke abangcwele. Abase-Italiya bayakhonza kini.

25Umusa mawube nani nonke. Amen.

KumaHeberu 13ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU