Bible Society of South Africa

To The Word – Day 215

2 Corinthians 1–7

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

2 kwabaseKorinte 1

Isibingelelo

1UPawulu, umphostoli kaKristu Jesu ngentando kaNkulunkulu, noThimothewu umzalwane kulo ibandla likaNkulunkulu eliseKorinte nakubo abangcwele bonke abakulo lonke lase-Akhaya: 2Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu.

UPawulu ubonga uNkulunkulu ngenduduzo nangokusindiswa kwakhe ezingozini

3Makabongwe uNkulunkulu noYise weNkosi yethu uJesu Kristu, uYise wobubele, uNkulunkulu wenduduzo yonke, 4osiduduza osizini lwethu lonke, ukuze nathi sibe namandla okududuza abasosizini, nolunjani, ngenduduzo esiduduzwa ngayo nathi nguNkulunkulu. 5Ngokuba njengalokho izinhlupheko zikaKristu zivamile kithi, kanjalo nokududuzeka kwethu kuvamile ngoKristu. 6Kepha noma sikhathazeka, kungenxa yokududuzwa nokusindiswa kwenu, noma siduduzeka, kungenxa yokududuzwa kwenu okusebenza ukukhuthazela ezinhluphekweni zona lezi esihlupheka ngazo nathi. 7Nethemba lethu ngani liqinile, sazi ukuthi njengalokhu ningabahlanganyeli bezinhlupheko, kanjalo ningabahlanganyeli nabenduduzo.

8Ngokuba asithandi, bazalwane, ukuba ningazi ngosizi lwethu olwasehlela e-Asiya ukuthi sasindwa kakhulu impela ngaphezu kwamandla ethu, saze salahlekelwa nayithemba lokuphila. 9Yebo, thina ngokwethu sasizizwele ukuthi sinqunyelwe ukufa, ukuze singazethembi thina, kodwa sethembe uNkulunkulu ovusa abafileyo, 10owasihlangulisa ekufeni okungaka noyakusihlangulisa, esethemba kuye ukuthi usayakusihlangulisa. 11Nani nisizana nathi ngokusinxusela, ukuze umusa esiwuphiweyo ngokucela kwabaningi siwubongelwe ngabaningi.

12Ngokuba ukuzibonga kwethu yilokhu, okungubufakazi bukanembeza wethu, ukuthi sahamba ezweni kakhulu maqondana nani ngobungcwele nangobuqotho bukaNkulunkulu, kungengokuhlakanipha kwenyama kodwa ngomusa kaNkulunkulu. 13Ngokuba asinilobeli okunye, kuphela lokho enikufundayo nenikuqonda kahle; ngiyethemba futhi ukuthi niyakukuqonda kahle kuze kube sekugcineni, 14njengalokho nisiqondile okwenxenye ukuthi siyiqholo lenu, njengalokhu nani ningelethu ngosuku lweNkosi yethu uJesu.

UPawulu uchasisa isizathu sokungafiki kwakhe eKorinte

15Nginalelo themba ngangifuna ukuza kini kuqala, ukuze nithole umusa ngokwesibili, 16ngidlule ngakini, ngiye eMakedoniya, ngibuye ngize kini sengivela eMakedoniya, ngiphelekezelwe yinina sengiya eJudiya. 17Pho-ke, bengidlala nje ngisahlose lokho na? Lokho engikuhlosayo ngikuhlosa ngokwenyama yini, ukuze kimina kube nguyebo yebo, kanye noqhabo qhabo, na?

18Kepha njengokuba uNkulunkulu ethembekile, nezwi lethu kini alisiye uyebo kanye noqhabo. 19Ngokuba iNdodana kaNkulunkulu uKristu Jesu owashunyayelwa kini yithina, mina, noSilvanu, noThimothewu, wayengesiye uyebo kanye noqhabo, kepha kuyena kunguyebo. 20Ngokuba noma izithembiso zikaNkulunkulu ziziningi kangakanani, kuyena zinguyebo, ngakho-ke ngaye zingu-Amen futhi, kudunyiswe uNkulunkulu ngathi. 21Kepha osiqinisayo kanye nani kuKristu, nowasigcobayo, nguNkulunkulu, 22owasibeka nophawu nowasipha isibambiso esinguMoya ezinhliziyweni zethu.

23Kepha mina ngibiza uNkulunkulu abe ngufakazi emphefumulweni wami ukuthi ngenziwa ukuniphephisa ukuba ngingaphindanga ngize eKorinte, 24kungesikho ukuthi siyabusa phezu kokukholwa kwenu, kodwa siyizisebenzi zokuthokoza kwenu kanye nani, ngokuba nimi ekukholweni.

2 kwabaseKorinte 1ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

2 kwabaseKorinte 2

Ngokubuyiselwa kwezoni eziphendukayo

1Kepha ngazimisela lokhu nami ngokwami ukuthi angisayikuza kini nginokudabuka. 2Ngokuba uma mina nginidabukisa, pho, ngubani ongithokozisayo, uma kungesiye odabukiswa yimi, na? 3Ngakuloba khona lokho, funa kuthi ekufikeni kwami ngithole ukudabuka ngalabo ebengifanele ukuthokoza ngabo, nginethemba ngani nonke ukuthi okwami ukuthokoza kungokwenu nonke. 4Ngokuba ngosizi olukhulu nangobuhlungu benhliziyo nganilobela nginezinyembezi eziningi, kungabi ngukuba nidabukiswe, kodwa ukuze nazi uthando enginithanda kakhulu ngalo.

5Kepha uma kukhona odabukisileyo, akangidabukisanga mina, kodwa, ukuze ngingeqisi, ngokwenxenye unidabukisile nonke. 6Kumanele onjalo lokho kujeziswa ajeziswa ngakho ngabaningi; 7kepha okungcono kunalokho, nimthethelele, nimduduze, funa onjalo ahlulwe ngukudabuka okukhulu. 8Ngalokho ngiyanincenga ukuba nimphathe ngothando; 9ngokuba ngaloba futhi ngenxa yalokho, ukuze ngokuhlolwa kwenu ngazi ukuba ningabalalelayo ezintweni zonke yini. 10Kepha lowo enimthethelela utho, nami ngiyamthethelela ngokuba lokho esengikuthethelele, uma kukhona into engiyithetheleleyo, ngikuthethelela ngenxa yenu phambi kobuso bukaKristu, 11ukuze singehlulwa nguSathane; ngokuba asisibo abangawazi amacebo akhe.

Uyabongeka uNkulunkulu onqobisa ngevangeli

12Kepha mhla ngifika eTrowa ukuba ngishumayele ivangeli likaKristu, ngivulelwe umnyango eNkosini, 13angibanga nakuthula emoyeni wami, ngokuba ngingamfumananga uThithu umzalwane wami, kodwa ngavalelisa kubo, ngaya eMakedoniya.

14Kodwa makabongwe uNkulunkulu osihola njalo odwendweni lokunqoba kuKristu nobonakalisa ngathi iphunga lokwazi kwakhe ezindaweni zonke; 15ngokuba siyiphunga elimnandi likaKristu kuNkulunkulu kubo abasindiswayo nakubo abalahlwayo, 16kulaba siyiphunga lokufa kube ngukufa, kodwa kulabo siyiphunga lokuphila kube ngukuphila. Ngubani ongangalokho na? 17Ngokuba asinjengabaningi abonakalisa izwi likaNkulunkulu ngenxa yenzuzo, kodwa njengabaqotho, njengabavela kuNkulunkulu sikhuluma phambi kukaNkulunkulu sikuKristu.

2 kwabaseKorinte 2ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

2 kwabaseKorinte 3

UPawulu uyazincoma ebandleni

1Sesiqala futhi ukuzincoma na? Kumbe siyadinga yini njengabanye izincwadi zokusincoma eziza kini noma ezivela kini na? 2Nina niyincwadi yethu elotshwe ezinhliziyweni zethu, eyaziwa ifundwa ngabantu bonke, 3nibonakala ukuthi niyincwadi kaKristu eyenziwe ngokukhonza kwethu, ilotshiwe kungengoyinki* kodwa ngoMoya kaNkulunkulu ophilayo, kungabi sezibhebheni zamatshe kodwa ezibhebheni eziyizinhliziyo zenyama.

4Kepha sinethemba elinjalo ngoKristu kuNkulunkulu, 5kungesikho ukuthi singaba namandla ngokwethu okucabanga ngotho ukuthi luvela kithi, kodwa amandla ethu avela kuNkulunkulu, 6oyena futhi osenzela amandla okuba yizikhonzi zesivumelwano esisha, singesiso esegama kodwa esikaMoya; ngokuba igama liyabulala, kodwa uMoya uyaphilisa.

Inkazimulo yenkonzo entsha iyayidlula eyendala

7Kepha uma inkonzo yokufa, enamagama aqoshiwe ematsheni, yafika inenkazimulo, ngangokuba abantwana bakwa-Israyeli babengenakubuka ubuso bukaMose ngenxa yenkazimulo yobuso bakhe eyayingephelayo, 8pho, inkonzo kaMoya ayiyikuba nenkazimulo kakhulu kunayo na? 9Ngokuba uma inkonzo yokulahlwa ibinenkazimulo, ikakhulu inkonzo yokulunga inenkazimulo enkulu kakhulu. 10Ngokuba nalokho okwakhazimuliswayo kwakungenankazimulo, uma kulinganiswa nenkazimulo lena edluleleyo. 11Ngokuba uma lokho obekuzakuphela kwaba nenkazimulo, ikakhulu okumiyo njalo kunenkazimulo.

12Ngakho-ke, lokhu sinethemba elinjalo, sinesibindi sonke, 13asenzi njengoMose owamboza ubuso bakhe ngendwangu, ukuze abantwana bakwa-Israyeli bangakubuki ukugcina kwalokho obekuzakuphela. 14Kodwa ingqondo yabo yaba lukhuni. Ngokuba kuze kube sosukwini lwanamuhla, nxa kufundwa isivumelwano esidala, leyo ndwangu isahlezi ingambuliwe, ngokuba iyapheliswa kuKristu; 15yebo, kuze kube namuhla, nxa kufundwa uMose, indwangu isayimbozile inhliziyo yabo; 16kepha nxa iphendukela eNkosini, indwangu iyasuswa. 17INkosi inguye uMoya; kepha lapho uMoya weNkosi ekhona, kukhona inkululeko. 18Kepha thina sonke esibuka ngobuso obambuliwe inkazimulo yeNkosi njengasesibukweni siyaguqulwa, sibe njengalowo mfanekiso ngokuya enkazimulweni, njengalokhu kumi ngeNkosi enguMoya.

2 kwabaseKorinte 3ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

2 kwabaseKorinte 4

UPawulu ushumayela ivangeli ngesibindi

1Ngakho lokhu sinale nkonzo, njengokuba sahawukelwa, asidangali, 2kodwa sizilahlile izinto ezifihliwe zehlazo, asihambi ngobuqili, asiliphambanisi izwi likaNkulunkulu, kepha ngokuveza obala iqiniso sizincoma kunembeza wabantu bonke phambi kukaNkulunkulu. 3Kepha uma ivangeli lethu lifihlakele, lifihlakele kwabalahlwayo, 4okukubona abangakholwa unkulunkulu waleli zwe uphuphuthekisile ingqondo yabo, ukuze kungasi kubo ukukhanya kwevangeli lenkazimulo kaKristu ongumfanekiso kaNkulunkulu. 5Ngokuba asizishumayeli thina, kodwa sishumayela uKristu Jesu eyiNkosi nokuthi siyizikhonzi zenu ngenxa kaJesu. 6Ngokuba uNkulunkulu owathi: “Akuvele ukukhanya ebumnyameni, kukhanye,” nguyena owakhanyisa ezinhliziyweni zethu ukuba kukhanye ukwazi inkazimulo kaNkulunkulu ebusweni bukaKristu.

Amandla avela evangelini ayaqinisa ezinhluphekweni nasezingozini

7Kepha le ngcebo sinayo ezitsheni zebumba, ukuze ubukhulu bamandla obukhulu kakhulu bube ngobukaNkulunkulu, bungabi ngobuvela kithi. 8Siyacindezelwa nxazonke, kodwa asinyinyekile; siyaxakeka, kodwa asidikibali; 9siyazingelwa, kodwa asidelwa; siwiswa phansi, kodwa asibhujiswa; 10sithwele njalonjalo emzimbeni wethu ukufa kukaJesu, ukuze nokuphila kukaJesu kubonakaliswe emzimbeni wethu. 11Ngokuba sisaphila sinikelwa njalo ekufeni ngenxa kaJesu, ukuze nokuphila kukaJesu kubonakaliswe enyameni yethu efayo. 12Kanjalo kusebenza ukufa kithina, kepha kinina ukuphila.

13Lokhu sinawo lo moya wokukholwa, njengokulotshiweyo ukuthi: “Ngakholwa, ngakho ngakhuluma,” nathi siyakholwa, ngakho-ke siyakhuluma, 14sazi ukuthi yena owavusa iNkosi uJesu uyakusivusa nathi kanye noJesu, asethule kanye nani. 15Ngokuba konke kwenziwa ngenxa yenu, ukuze umusa ngokwandiswa kubo abaningi uvamise ukubonga, kube ludumo kuNkulunkulu.

16Ngakho asidangali, kodwa noma kubhubha umuntu wethu wangaphandle, owangaphakathi wenziwa musha imihla ngemihla. 17Ngokuba usizi lwethu olululana olungolomzuzwana luyasisebenzela isilinganiso esikhulu kakhulu senkazimulo emiyo phakade, 18thina esingabheki okubonwayo kodwa okungabonwayo; ngokuba okubonwayo kungokwesikhashana, kepha okungabonwayo kungokwaphakade.

2 kwabaseKorinte 4ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

2 kwabaseKorinte 5

Ukulangazelela ikhaya lasezulwini

1Ngokuba siyazi ukuthi uma indlu yethu yasemhlabeni eyidokodo idilizwa, sinesakhiwo esivela kuNkulunkulu, indlu engenziwanga ngezandla, eyaphakade, esezulwini. 2Ngenxa yalokho siyabubula, silangazelela ukwelakanyiswa ngendlu yethu yasezulwini, 3ngokuba sembethe yona, asiyikufunyanwa sihamba ze. 4Ngokuba thina esisekhona kuleli dokodo sibubula, sisindwa, ngokuba asithandi ukwambulwa kodwa ukwelakanyiswa, ukuze okufayo kugingwe ngukuphila. 5Kepha owasenzela khona lokho nguNkulunkulu owasipha isibambiso esinguMoya.

6Ngakho simi isibindi ngesikhathi sonke, sazi ukuthi, nxa ikhaya lethu lise semzimbeni, sahlukene nekhaya eliseNkosini; 7ngokuba sihamba ngokukholwa, asihambi ngokubona; 8simi isibindi, singathanda kakhulu ukwahlukana nekhaya elisemzimbeni, sihlale ekhaya eliseNkosini. 9Ngalokho futhi, noma sisekhaya noma sahlukene nalo, sihlose ukuba sibe ngabathandeka kuye. 10Ngokuba thina sonke simelwe ukubonakaliswa phambi kwesihlalo sokwahlulela sikaKristu, ukuze yilowo nalowo amukele njengalokho akwenzileyo esesemzimbeni, noma okuhle noma okubi.

Ubukhulu benkonzo yokubuyisana

11Ngakho lokhu sikwazi ukwesaba iNkosi, siyabancenga abantu; kepha sibonakalisiwe kuNkulunkulu; ngiyethemba ukuthi nakuye unembeza wenu sibonakalisiwe. 12Asizincomi futhi kini, kodwa sininika ithuba lokuzibonga ngathi, ukuze nibe nakho okokuphendula abazibongayo ngokusemehlweni kungesikho okusenhliziyweni. 13Ngokuba noma sigcwaneka, kungenxa kaNkulunkulu; noma sisangulukile, kungenxa yenu. 14Ngokuba uthando lukaKristu luyasiqhubezela, sikubona lokhu ukuthi munye owafela bonke; ngakho-ke bonke sebafa; 15wafela bonke, ukuze abaphilayo bangabe besaziphilela bona, kodwa baphilele yena owabafelayo, wabuye wavuka.

16Kanjalo thina asisayikwazi umuntu ngokwenyama; nokuba besimazi uKristu ngokwenyama, nokho manje asisamazi. 17Kanjalo uma umuntu ekuKristu, uyisidalwa esisha; okwakuqala kudlulile; bheka, sekuvele okusha. 18Kepha konke kuvela kuNkulunkulu owenza ukuba sibuyisane naye ngoKristu, wasinika inkonzo yokubuyisana, 19ngokuba uNkulunkulu ekuKristu wenza ukuba izwe libuyisane naye, engababaleli iziphambeko zabo, ebeka kithi izwi lokubuyisana. 20Ngakho singamanxusa kaKristu ngokungathi uNkulunkulu unxusa ngathi; siyanincenga esikhundleni sikaKristu, sithi: “Buyisanani noNkulunkulu.” 21Ongasazanga isono wamenza isono ngenxa yethu, ukuze kuyena senziwe sibe ngukulunga kukaNkulunkulu.

2 kwabaseKorinte 5ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

2 kwabaseKorinte 6

UPawulu ululeka ibandla ukuba lingamukeleli ize umusa kaNkulunkulu

1Kepha thina esisebenza kanye naye siyanincenga ukuba ningawamukeleli ize umusa kaNkulunkulu – 2ngokuba uthi:

“Ngesikhathi esihle ngikuzwile,

nangosuku lwensindiso ngakuhlangulisa;”

bheka, manje kuyisikhathi esihle kakhulu; bheka, manje kulusuku lwensindiso; – 3asibekeli muntu nasinye isikhubekiso nangokukodwa, funa inkonzo yethu isolwe, 4kepha kukho konke sizibonakalisa njengezikhonzi zikaNkulunkulu ekubekezeleni okukhulu, nasosizini, nasekusweleni, nasekubandezekeni, 5nasekushayweni, nasekuboshweni, naseziyaluyalwini, nasekukhandlekeni, nasekuqwasheni, nasekuzileni ukudla, 6nangenhlanzeko, nangokwazi, nangokubekezela, nangobumnene, nangoMoya oNgcwele, nangothando olungazenzisi, 7nangezwi leqiniso, nangamandla kaNkulunkulu, nangezikhali zokulunga zesokunene nezesokhohlo, 8ngodumo nangehlazo, ngokuhletshwa nangokutuswa, njengabakhohlisi kanti singabeqiniso, 9njengabangaziwayo kanti saziwa kakhulu, njengabafayo kanti bheka, siyaphila, njengabalaywayo kanti asibulawa, 10njengabadabukileyo kepha siyathokoza njalo, njengabampofu kepha sicebisa abaningi, njengabangenalutho kanti sinakho konke.

UPawulu uxwayisa abakholwayo ukuba bangadlelani nabangakholwayo

11Umlomo wethu uvulekele ngakini nina baseKorinte, inhliziyo yethu yanulekile; 12aninyinyekile kithi, kodwa ninyinyekile ezinhliziyweni zenu; 13kepha ukuze kube khona ukwenanana, ngikhuluma njengakubantwana, yanulekani nani.

14Maningaboshelwa ejokeni linye nabangakholwayo, ngokuba kunakuhlanganyela kuni ukulunga nokungalungi na? Kunabudlelwane buni ukukhanya nobumnyama na? 15Unakuzwana kuni uKristu noBeliyali na? Unasabelo sini okholwayo nongakholwayo na? 16Linakuvumelana kuni ithempeli likaNkulunkulu nezithombe na? Ngokuba thina siyithempeli likaNkulunkulu ophilayo, njengokuba washo uNkulunkulu ukuthi:

“Ngiyakuhlala phakathi kwabo,

ngihambe phakathi kwabo;

ngiyakuba nguNkulunkulu wabo,

bona babe ngabantu bami.”

17“Ngakho-ke

phumani phakathi kwabo,

nahlukane nabo, isho iNkosi;

ningathinti okungcolileyo;

khona ngiyakunamukela,

18ngibe nguYihlo kini,

nina nibe ngamadodana

namadodakazi kimi,

isho iNkosi uSomandla.”

2 kwabaseKorinte 6ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

2 kwabaseKorinte 7

UThithu ujabulisa uPawulu ngokumbikela uthando nokulalela kwabaseKorinte

1Lokhu sinalezo zithembiso, bathandwa, masizihlambulule ekungcoleni konke kwenyama nokomoya, siphelelise ubungcwele ngokumesaba uNkulunkulu.

2Sivuleleni indawo ezinhliziyweni zenu; asonanga muntu, asonakalisanga muntu, asidlanga muntu. 3Angikusho ngokunilahla; ngokuba ngasho ngaphambili ukuthi nisezinhliziyweni zethu ukuba sife kanye nani, siphile kanye nani. 4Nginesibindi esikhulu ngani, nginokuzibonga okukhulu ngani; ngigcwele induduzo, nginentokozo enkulu kakhulu phezu kosizi lonke esinalo.

5Ngokuba nasekufikeni kwethu eMakedoniya inyama yethu ayibanga nakuphumula, kodwa sakhathazeka nxazonke; ngaphandle kwakukhona ukulwa, ngaphakathi ukwesaba. 6Nokho uNkulunkulu oduduza abadanileyo usiduduzile thina ngokufika kukaThithu, 7kungabi ngokufika kwakhe kuphela, kodwa nangenduduzo aduduzwa ngayo ngani, esilandisa ngokungilangazelela kwenu, nangokungililela kwenu, nangokungishisekela kwenu, ngaze ngathokoza kakhulu.

8Nakuba nganidabukisa ngencwadi yami, angizisoli; nakuba ngangizisola – ngiyabona ukuthi leyo ncwadi yanidabukisa noma kwaba yisikhathi nje – 9manje ngiyathokoza, kungengokuba nadabukiswa, kodwa ngokuba nadabukiswa kwaba ngukuphenduka; ngokuba nadabukiswa ngokukaNkulunkulu, ukuze ningalahlekelwa lutho ngathi. 10Ngokuba ukudabuka okuya ngokukaNkulunkulu kuveza ukuphenduka angezisole ngakho umuntu, kube ngukusindiswa, kepha ukudabuka okuya ngokwezwe kuveza ukufa. 11Ngokuba bhekani, khona lokho kudabukiswa kwenu ngokukaNkulunkulu kwaveza kini ukukhuthala okungaka, yebo, nokuziphendulela, nokuthukuthela, nokwesaba, nokulangazela, nokushiseka, nokuphindisela. Kukho konke nazibonakalisa ukuthi nimhlophe kule ndaba. 12Ngakho nakuba nganilobela, angilobanga ngenxa yowonileyo nokuba ngenxa yowoniweyo kodwa ukuze ukukhuthala kwenu ngenxa yethu kubonakaliswe kini phambi kukaNkulunkulu. 13Ngalokho siduduzekile. Nasekududuzekeni kwethu sathokoza impela, ikakhulu ngokuthokoza kukaThithu, ngokuba umoya wakhe uhlunyelelwe yinina nonke; 14ngokuba uma ngake ngazincoma ngento kuyena ngani, angijabhiswanga; kepha njengokuba konke esakukhuluma kini kwakuyiqiniso, kanjalo nokuzibonga kwethu kuThithu kwaba yiqiniso. 15Yebo, isihe sakhe sivamile kakhulu ngakini, lapho ekhumbula ukulalela kwenu nonke ukuthi namamukela ngokwesaba nangokuthuthumela. 16Ngiyathokoza, ngokuba ezintweni zonke nginethemba ngani.

2 kwabaseKorinte 7ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU