Bible Society of South Africa

To The Word – Day 214

Revelation 19–22, Psalms 85–86, Isaiah 60

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

IsAmbulo 19

Ezulwini kuyahalaliswa ngokuwa kweBabiloni

1Emva kwalokho ngezwa kungathi izwi elikhulu lesixuku esikhulu ezulwini, lithi: “Haleluya! Insindiso, nenkazimulo, namandla ngokukaNkulunkulu wethu, 2ngokuba ziqinisile, zilungile izahlulelo zakhe; ngokuba isifebe esikhulu esonakalisa umhlaba ngobufebe baso, uliphindisele igazi lezinceku zakhe esandleni saso.”

3Bathi ngokwesibili: “Haleluya! Nomusi waso wenyuka kuze kube phakade naphakade.”

4Ayesewa phansi amalunga angamashumi amabili nane kanye nezidalwa ezine, akhuleka kuNkulunkulu ohlezi esihlalweni sobukhosi, athi: “Amen! Haleluya!”

5Kwase kuphuma izwi esihlalweni sobukhosi, lithi: “Dumisani uNkulunkulu wethu nonke nina zinceku zakhe, nina enimesabayo, abancane nabakhulu.”

6Ngase ngizwa kungathi izwi lesixuku esikhulu, linjengezwi lamanzi amaningi, nezwi lokuduma okunamandla, lithi:

“Haleluya! Ngokuba iNkosi uNkulunkulu wethu, uMninimandla onke, iyabusa. 7Masithokoze, sethabe, futhi masimnike inkazimulo, ngokuba umshado weWundlu ufikile, nomkalo uzilungisele; 8wanikwa ukuba embathe ilineni elicolekileyo nelikhazimulayo nelihlanzekileyo,” ngokuba ilineni elicolekileyo liyizenzo ezilungileyo zabangcwele.

9Yayisithi kimi: “Loba ukuthi: ‘Babusisiwe abamenyelwe esidlweni somshado weWundlu.’ ” Yayisithi kimi: “Lawo angamazwi aqinisileyo kaNkulunkulu.”

10Ngase ngiwa phansi phambi kwezinyawo ukukhuleka kuyo. Yayisithi kimi: “Musa; ngiyinceku kanye nawe nabazalwane bakho abaphethe ubufakazi bukaJesu; khuleka kuNkulunkulu. Ngokuba ubufakazi bukaJesu bungumoya wokuprofetha.”

UKristu uyalwa nesilo

11Ngase ngibona izulu livulekile; bheka, nanto ihhashi elimhlophe nohlezi phezu kwalo obizwa ngokuthi oThembekileyo noQinisileyo; uyahlulela, alwe ngokulunga. 12Amehlo akhe angamalangabi omlilo, nasekhanda lakhe kukhona imiqhele eminingi; unegama elilotshiweyo elingaziwa muntu, nguyena kuphela; 13wembethe ingubo efafazwe ngegazi; igama lakhe nguLizwi kaNkulunkulu. 14Izimpi zasezulwini zamlandela zikhwele amahhashi amhlophe, zembethe ilineni elicolekileyo, elimhlophe nelihlanzekileyo. 15Emlonyeni wakhe kwaphuma inkemba ebukhali, ukuze ashaye izizwe ngayo; yena uyakuzibusa ngentonga yensimbi; yena uqobo uyanyathela isikhamo sewayini lentukuthelo yolaka lukaNkulunkulu uMninimandla onke. 16Unegama lilotshiwe engutsheni yakhe nasethangeni lakhe elithi:

INKOSI YAMAKHOSI NOMBUSI WABABUSI

17Ngase ngibona ingelosi imi elangeni, yamemeza ngezwi elikhulu ezinyonini zonke ezindizayo emkhathini wezulu, ithi: “Wozani, nibuthane esidlweni esikhulu sikaNkulunkulu 18ukuba nidle inyama yamakhosi, nenyama yezinduna, nenyama yamaqhawe, nenyama yamahhashi neyabakhwele kuwo, nenyama yabo bonke abakhululekileyo nabayizigqila, abancane nabakhulu.”

19Ngabona isilo, namakhosi omhlaba, nezimpi zawo zibuthene ukulwa naye owayehlezi ehhashini nempi yakhe. 20Isilo sase sibanjwa nomprofethi wamanga okanye naso owenza izibonakaliso phambi kwaso, abadukisa ngazo abamukela uphawu lwesilo nabakhuleka kumfanekiso waso; labo bobabili baphonswa besezwa echibini lomlilo elivutha isibabule. 21Nabaseleyo babulawa ngenkemba ephuma emlonyeni wakhe owayehlezi ehhashini, nezinyoni zonke zasutha inyama yabo.

IsAmbulo 19ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

IsAmbulo 20

Ukuboshwa kukaSathane

1Ngase ngibona ingelosi yehla ezulwini, iphethe isihluthulelo sakwalasha neketanga elikhulu ngesandla sayo. 2Yambamba udrako*, inyoka endala, onguMhlebi noSathane, yambopha iminyaka eyinkulungwane, 3yamphonsa-ke kwalasha, yamvalela phakathi, yamqinisa ngophawu ngaphezu kwakhe, ukuze angabe esadukisa izizwe, ize iphele iminyaka eyinkulungwane; emva kwalokho kumelwe ukuba athukululwe isikhashana.

Ukuvuka kokuqala. Umbuso weminyaka eyinkulungwane

4Ngase ngibona izihlalo zobukhosi; bahlala kuzo, banikwa ukwahlulela; ngabona nemiphefumulo yababenqunywe amakhanda ngenxa yokufakaza ngoJesu nangenxa yezwi likaNkulunkulu, nalabo abangakhulekanga kuso isilo nomfanekiso waso, nabangamukelanga uphawu lwesilo ebunzini labo nasesandleni sabo; baphila, babusa kanye noKristu iminyaka eyinkulungwane. 5Abafileyo ababesele kabaphila yaze yaphela iminyaka eyinkulungwane. Lokhu kungukuvuka kokuqala. 6Ubusisiwe, ungcwele onesabelo ekuvukeni kokuqala; kulabo ukufa kwesibili akunamandla, kepha bayakuba ngabapristi bakaNkulunkulu nabakaKristu, babuse kanye naye iminyaka eyinkulungwane.

Ukukhululwa kukaSathane

7Nanxa isiphelile iminyaka eyinkulungwane, uSathane uyakukhululwa etilongweni lakhe, 8aphumele ukudukisa izizwe ezisemagumbini omane omhlaba, oGogi noMagogi, azibuthele ekulweni ezimumo wazo ungangesihlabathi solwandle. 9Zase zikhuphukela ngaphezu kobubanzi bomhlaba, zakaka ikamu* labangcwele nomuzi othandiweyo; kwehla umlilo uvela ezulwini, wazidla waziqeda; 10noSathane owazidukisayo waphonswa echibini lomlilo nesibabule, lapho kukhona isilo nomprofethi wamanga; ziyakuhlushwa imini nobusuku kuze kube phakade naphakade.

Ukwahlulelwa kokugcina

11Ngase ngibona isihlalo sobukhosi esikhulu esimhlophe nohlezi kuso, obuso bakhe babalekelwa yizulu nomhlaba, akutholelwanga indawo. 12Ngabona abafileyo, abakhulu nabancane, bemi phambi kwesihlalo sobukhosi; izincwadi zavulwa; nenye incwadi yavulwa, ngeyokuphila; nabafileyo bahlulelwa ngalokho okulotshiwe ezincwadini njengokwemisebenzi yabo. 13Nolwandle lwakhipha abafileyo ababekulo, nokufa neHayidese* kwakhipha abafileyo ababekukho, bahlulelwa yilowo nalowo njengokwemisebenzi yakhe. 14Ukufa neHayidese* kwaphonswa echibini lomlilo. Lokhu kungukufa kwesibili, ichibi lomlilo. 15Uma ekhona ongafunyaniswanga elotshiwe encwadini yokuphila, waphonswa echibini lomlilo.

IsAmbulo 20ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

IsAmbulo 21

Izulu elisha nomhlaba omusha

1Ngase ngibona izulu elisha nomhlaba omusha; ngokuba izulu lokuqala nomhlaba wokuqala kudlulile, nolwandle alusekho. 2Ngabona umuzi ongcwele, iJerusalema elisha, wehla uvela ezulwini kuNkulunkulu, ulungisiwe njengomlobokazi ohlotshiselwe umyeni wakhe. 3Ngase ngizwa izwi elikhulu livela esihlalweni sobukhosi, lithi: “Bheka, itabernakele* likaNkulunkulu likubantu; uyakuhlala nabo, babe ngabantu bakhe, yena uNkulunkulu abe nabo, 4azesule izinyembezi zonke emehlweni abo; ukufa akusayikuba khona; nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu akusayikuba khona; ngokuba okokuqala kudlulile.”

5Wayesethi ohlezi esihlalweni sobukhosi: “Bheka, ngenza konke kube kusha.” Wathi: “Loba, ngokuba lawa mazwi athembekile, aqinisile.”

6Wayesethi kimi: “Sekwenzekile. Ngingu-Alfa no-Omega, ukuqala nokugcina. Owomileyo ngiyakumphuzisa ngesihle emthonjeni wamanzi okuphila. 7Onqobayo uyakulidla ifa lalezo zinto, futhi ngiyakuba nguNkulunkulu kuye, yena abe yindodana kimi. 8Kepha amagwala, nabangakholwayo, nabanengekayo, nababulali, nezifebe, nabathakathi, nabakhonza izithombe, nabo bonke abaqamba amanga, isabelo sabo siyakuba sechibini elivutha umlilo nesibabule, okungukufa kwesibili.”

Inkazimulo yeJerusalema lasezulwini

9Kwase kufika enye yezingelosi eziyisikhombisa ezazinezitsha eziyisikhombisa ezigcwele izinhlupho eziyisikhombisa zokugcina, yakhuluma nami, yathi: “Woza lapha, ngikukhombise umlobokazi, umkaWundlu.” 10Yamuka nami ngikuMoya, yaya entabeni enkulu nephakemeyo, yangikhombisa umuzi ongcwele waseJerusalema wehla ezulwini kuNkulunkulu, 11unenkazimulo kaNkulunkulu; ukukhanya kwawo kwakunjengetshe elinenani elikhulu sengathi yitshe lejaspi* elicwebezelayo, 12unogange olukhulu noluphakemeyo, unamasango ayishumi nambili, nasemasangweni kukhona izingelosi eziyishumi nambili, kulotshwe kuwo amagama angawezizwe eziyishumi nambili zabantwana bakwa-Israyeli; 13ngasempumalanga kwakukhona amasango amathathu, nangasenyakatho amasango amathathu, nangaseningizimu amasango amathathu, nangasentshonalanga amasango amathathu. 14Ugange lomuzi lwalunezisekelo eziyishumi nambili, naphezu kwazo amagama ayishumi nambili abaphostoli abayishumi nambili beWundlu.

15Owayekhuluma nami wayenohlanga lwegolide ukuba alinganise umuzi, namasango awo, nogange lwawo. 16Umuzi umi unezinhlangothi ezine, nobude bawo bungangobubanzi bawo. Walinganisa umuzi ngohlanga, amastadiyu* ayizinkulungwane eziyishumi nambili, ubude nobubanzi nokuphakama kwawo kulingene. 17Walinganisa ugange lwawo, izingalo eziyikhulu namashumi amane nane, yisilinganiso somuntu esingesengelosi. 18Nogange lwawo lwakhiwe ngejaspi*, nomuzi wawungowegolide elihle, linjengengilazi ecwebezelayo. 19Izisekelo zogange lomuzi zivunulisiwe ngawo onke amatshe anenani elikhulu; isisekelo sokuqala siyijaspi*, esesibili yisafire*, esesithathu yikhalkedoni*, esesine yisimaragidu*, 20esesihlanu yisaridonikisi,* esesithupha yisardiyu,* esesikhombisa yikrisolithe,* esesishiyagalombili yibherile,* esesishiyagalolunye yitopazi,* eseshumi yikrisoprasi,* eseshumi nanye yihiyakinte,* eseshumi nambili yi-amethiste.* 21Amasango ayishumi nambili ayengamaparele* ayishumi nambili; yilelo nalelo sango ngalinye laliyiparele linye. Isitaladi somuzi sasiyigolide elicwengekileyo, linjengengilazi ekhanyayo.

22Angibonanga ithempeli kuwo, ngokuba iNkosi uNkulunkulu, uMninimandla onke, iyithempeli lawo kanye neWundlu. 23Umuzi awudingi ilanga nenyanga ukuba kukhanye kuwo, ngokuba inkazimulo kaNkulunkulu iyawukhanyisa, nesibani sawo siyiWundlu. 24Izizwe ziyakuhamba ekukhanyeni kwawo, namakhosi omhlaba aletha kuwo ubukhosi bawo; 25namasango awo awasoze avalwa emini, ngokuba ubusuku abuyikuba khona lapho; 26bayakuletha ubukhosi nodumo lwezizwe. 27Akusoze kwangena lutho olungcolileyo kuwo nowenza amanyala namanga, kuphela abalotshiwe encwadini yokuphila yeWundlu.

IsAmbulo 21ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

IsAmbulo 22

IJerusalema elisha

1Wayesengikhombisa umfula wamanzi okuphila ucwebezela njengekristalu,* uvela esihlalweni sobukhosi sikaNkulunkulu neseWundlu. 2Phakathi kwesitaladi sawo nomfula emaceleni omabili kukhona umuthi wokuphila, uthela izithelo eziyishumi nambili, uthela izithelo zawo izinyanga ngezinyanga, namaqabunga omuthi angawokuphulukisa izizwe. 3Akusayikuba khona nokukodwa ukuqalekisa. Isihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu neseWundlu siyakuba kuwo, nezinceku zakhe ziyakumkhonza, 4zibone ubuso bakhe, negama lakhe liyakuba semabunzini azo. 5Ubusuku abusayikuba khona; abadingi ukukhanya kwesibani nokukhanya kwelanga, ngokuba iNkosi uNkulunkulu iyakubakhanyisela; bayakubusa phakade naphakade.

Iqiniso lombono

6Yayisithi kimi: “Lawo mazwi athembekile, aqinisile, neNkosi uNkulunkulu wemimoya yabaprofethi iyithumile ingelosi yayo ukuzikhombisa izinceku zayo okuzakwenzeka masinyane.”

7“Bheka, ngiyeza masinyane. Ubusisiwe ogcina amazwi esiprofetho sale ncwadi.”

8Mina Johane nginguye owezwa nowabona lezi zinto. Kuthe sengizwile, sengibonile, ngawa phansi ukuba ngikhuleke phambi kwezinyawo zengelosi engikhombisile lezo zinto. 9Yayisithi kimi: “Musa; ngiyinceku kanye nawe nabazalwane bakho abaprofethi nabagcina amazwi ale ncwadi; khuleka kuNkulunkulu.”

10Yathi kimi: “Ungavali ngophawu amazwi esiprofetho sale ncwadi, ngokuba isikhathi siseduze. 11Ongalungile makenze njalo okungalungile, nongcolileyo makazingcolise njalo, kepha olungileyo makenze njalo ukulunga, nongcwele makazingcwelise njalo.”

12“Bheka, ngiyeza masinyane, nomvuzo wami unami ukumnika yilowo nalowo njengokomsebenzi wakhe. 13Ngingu-Alfa no-Omega, owokuqala nowokuphela, isiqalo nesigcino.

14“Babusisiwe abahlanza izingubo zabo ukuba bathole ilungelo labo emthini wokuphila, bangene emzini ngamasango. 15Ngaphandle kukhona izinja, nabathakathi, nezifebe, nababulali, nabakhonza izithombe, nabo bonke abathanda nabenza amanga.

16“Mina Jesu ngithumile ingelosi yami ukufakaza kini lezi zinto emabandleni. Ngiyimpande nenzalo kaDavide, inkanyezi yokusa ecwebezelayo.” 17UMoya nomlobokazi bathi: “Woza!” Nozwayo makathi: “Woza!” Nowomileyo makeze; othandayo makathabathe amanzi okuphila ngesihle.

18Ngiyafakaza mina kubo bonke abezwayo amazwi esiprofetho sale ncwadi; uma ekhona owenezela kulokhu, uNkulunkulu uyakwenezela kuye izinhlupho ezilotshiwe kule ncwadi; 19futhi uma ekhona osusa utho kuwo amazwi encwadi yalesi siprofetho, uNkulunkulu uyakususa isabelo sakhe emthini wokuphila, nasemzini ongcwele, nakulokhu okulotshiwe kule ncwadi.

20Ofakaza ngalezi zinto uthi: “Yebo, ngiyeza masinyane.”

Amen. Woza, Nkosi Jesu!

21Umusa weNkosi yethu uJesu Kristu mawube nani nonke.

Amen.

IsAmbulo 22ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 85

Isizwe sikaNkulunkulu sicelelwa isibusiso esisha

Kumholi wokuhlabelela. Elamadodana kaKora; Ihubo.

1Jehova, wabusisa izwe lakho,

wambuyisa uJakobe ekuthunjweni.

2Wasusa icala labantu bakho,

wasibekela zonke izono zabo. Sela*

3Wamukisa yonke intukuthelo yakho,

waphenduka ekuvutheni kolaka lwakho.

4Sibuyise, Nkulunkulu wensindiso yethu,

ulahle ukusicanukela kwakho.

5Uyakusithukuthelela njalonjalo na?

Uyakwelulela ulaka lwakho ezizukulwaneni ngezizukulwane na?

6Awuzukusivusa, sibuye siphile,

ukuze abantu bakho bathokoze ngawe, na?

7Sitshengise umusa wakho, Jehova,

usiphe insindiso yakho.

8Mangizwe lokho uNkulunkulu uJehova azakukukhuluma;

uyakhuluma ukuthula kubantu bakhe

nakubo abamesabayo;

mabangabuyeli ebuwuleni.

9Impela insindiso yakhe iseduze nabamesabayo,

ukuze kuhlale udumo ezweni lethu.

10Kuyakuhlangabezana umusa neqiniso,

kwangane ukulunga nokuthula.

11Kuyakuhluma iqiniso emhlabeni,

kulunguzele phansi nokulunga kwasezulwini.

12Yebo, uJehova uyakuveza okuhle;

izwe lethu liyakuthela izithelo zalo.

13Ukulunga kuyakuhamba phambi kwakhe,

kwenzele izinyawo zakhe indlela.

Ihubo 86

Umkhuleko wososizini

Umkhuleko kaDavide.

1Beka indlebe yakho, Jehova, ungiphendule,

ngokuba ngilusizi, ngimpofu.

2Londoloza umphefumulo wami, ngokuba ngingoqotho;

wena Nkulunkulu wami, sindisa inceku yakho ekwethembayo.

3Yiba nomusa kimi, Nkosi,

ngokuba ngikhala kuwe usuku lonke.

4Thokozisa umphefumulo wenceku yakho,

ngokuba kuwena, Nkosi, ngiyawuphakamisela umphefumulo wami.

5Ngokuba wena, Nkosi, umuhle, ungothethelelayo,

unomusa omkhulu kubo bonke abakhala kuwe.

6Jehova, beka indlebe ekukhulekeni kwami,

ulalele izwi lokunxusa kwami.

7Ngosuku losizi lwami ngikhala kuwe,

ngokuba uzakungiphendula.

8Phakathi kwawonkulunkulu akakho onjengawe Nkosi;

akukho okunjengemisebenzi yakho.

9Izizwe ozenzileyo ziyakufika zonke,

zikhuleke phambi kwakho, Nkosi, zidumise igama lakho.

10Ngokuba umkhulu wena,

uyenza izimangaliso,

unguNkulunkulu wena wedwa.

11Ngifundise, Jehova, indlela yakho;

ngiyakuhamba eqinisweni lakho;

yenza inhliziyo yami iqonde ntonye,

yesabe igama lakho.

12Ngiyakukubonga, Nkosi Nkulunkulu

wami, ngenhliziyo yonke yami,

ngidumise igama lakho kuze kube phakade.

13Ngokuba umusa wakho mkhulu phezu kwami,

ukhululile umphefumulo wami endaweni yabafileyo ephansi.

14Nkulunkulu, izideleli zingivukele,

ibandla lezidlwangudlwangu lifuna umphefumulo wami;

azibekanga wena phambi kwazo.

15Kepha wena Nkosi unguNkulunkulu ohawukelayo,

onomusa nokubekezela,

uvame ubumnene nokuthembeka.

16Phendukela kimi, ube nomusa kimi,

uyiphe inceku yakho amandla akho,

usindise indodana yencekukazi yakho.

17Ngenzele isiboniselo sokuhle,

ukuze abangizondayo babone, bajabhe,

ngokuba wena Jehova uyangisiza, uyangiduduza.

U-Isaya 60

Inkazimulo ezayo yeSiyoni

1“Vuka ukhanye,

ngokuba ukukhanya kwakho kuyeza;

inkazimulo kaJehova iphumela phezu kwakho.

2Ngokuba bheka,

ubumnyama buyasibekela umhlaba,

nesigayegaye abantu;

kepha uJehova uyaphuma phezu kwakho,

nenkazimulo yakhe iyakubonakala phezu kwakho.

3Izizwe ziyakuhamba ekukhanyeni kwakho,

namakhosi ekukhazimuleni kokuphuma kwakho.

4“Phakamisa amehlo akho nxazonke, ubone;

babuthana bonke, beza kuwe;

amadodana akho ayakuvela kude,

namadodakazi akho ayakuphathwa ngezingalo.

5Khona uyakubona, ukhazimule;

inhliziyo yakho iyakugquma, yanuleke,

ngokuba ingcebo yolwandle iyakuphendulelwa kuwe,

nemfuyo yezizwe iyakuza kuwe.

6Ubuningi bamakamela buyakukusibekela,

amakamela amasha akwaMidiyani nase-Efa;

bonke abaseSheba bayakuza,

balethe igolide nenhlaka,

bamemezele izindumiso zikaJehova.

7Yonke imihlambi yaseKedari iyakubuthelwa kuwe,

nezinqama zakwaNebayoti ziyakukukhonza,

zikhuphukele e-altare lami ngokuthanda kwami,

ngiyidumise indlu yodumo lwami.

8“Ngobani laba abandiza njengefu,

nanjengamajuba aya ezidlekeni zawo, na?

9Iziqhingi ziyangihlalela,

imikhumbi yaseTharishishi kuqala,

ukuletha amadodana akho evela kude,

enesiliva negolide lawo

kulo igama likaJehova uNkulunkulu wakho

nakoNgcwele ka-Israyeli,

ngokuba uyakudumisa.

10“Abezizwe bayakuzakha izingange zakho,

amakhosi abo akukhonze;

noma ngakushaya ngentukuthelo yami,

sengiyakuhawukela ngomusa wami.

11Amasango akho ayakuvuleka njalo,

awayikuvalwa imini nobusuku,

ukuze imfuyo yezizwe ilethwe kuwe,

amakhosi azo eqhutshwa eboshiwe.

12Ngokuba isizwe nombuso ongakukhonzi uyakuphela;

yebo, lezo zizwe ziyakuqedwa impela.

13“Inkazimulo yaseLebanoni iyakuza kuwe,

umsayipuresi,* nomthidari,* nomkhoba kanyekanye,

ukuyihlobisa indawo yendlu yami engcwele,

ngiyikhazimulise indawo yezinyawo zami.

14Amadodana abakucindezelayo ayakufika kuwe efolile,

nabo bonke abakudelelayo bayakukhothama

ngasematheni ezinyawo zakho,

bakubize ngokuthi uMuzi kaJehova

neSiyoni loNgcwele ka-Israyeli.

15“Esikhundleni sokuba ushiywe, uzondwe,

kungabe kusabakho muntu odabulayo,

ngiyakwenza isivunulo esiphakade

nentokozo yezizukulwane ngezizukulwane.

16Uyakuncela ubisi lwezizwe,

uncele namabele amakhosi;

uyakwazi ukuthi mina Jehova nginguMsindisi wakho,

noMhlengi wakho,

uMninimandla kaJakobe.

17Esikhundleni sethusi ngiyakuletha igolide,

nasesikhundleni sensimbi ngiyakuletha isiliva;

esikhundleni somuthi ithusi,

nasesikhundleni samatshe insimbi,

ngibeke ukuthula kube ngababonisi bakho,

nokulunga kube ngababusi bakho.

18Indluzula ayisayikuzwakala ezweni lakho,

nencithakalo nokubhubhisa phakathi kwemikhawulo yakho,

kepha uyakubiza izingange zakho ngokuthi iNsindiso,

namasango akho ngokuthi iNdumiso.

19Ilanga alisayikuba ngukukhanya kuwe emini,

nenyanga ayisayikukukhanyisela ngokukhazimula ebusuku;

uJehova uyakuba ngukukhanya okuphakade kuwe,

uNkulunkulu wakho abe ludumo lwakho.

20Ilanga lakho alisayikushona,

nenyanga yakho ayisayikuncipha,

ngokuba uJehova uyakuba ngukukhanya okuphakade kuwe,

nezinsuku zokulila kwakho ziyakuphela.

21Abantu bakho bayakuba ngabalungileyo bonke,

badle ifa lezwe kuze kube phakade,

igatsha lokutshala kwami,

umsebenzi wezandla zami,

ukuba ngidunyiswe.

22Omncane uyakuba yinkulungwane,

ophansi abe yisizwe esinamandla;

mina nginguJehova,

ngiyakukusheshisa ngesikhathi sakho.”

U-Isaya 60ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU