Bible Society of South Africa

To The Word – Day 181

Jeremiah 18–22, Psalm 52

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

UJeremiya 18

Umbumbi

1Izwi elafika kuJeremiya livela kuJehova, lithi: 2“Suka wehlele endlini yombumbi, ngikuzwise khona amazwi ami.” 3Ngehlela endlini yombumbi; bheka, wasebenza umsebenzi wakhe esondweni lokubumba. 4Kepha isitsha asenza ngebumba sonakala esandleni sombumbi; wabuye wenza esinye isitsha njengokuhle emehlweni ombumbi ukuba asenze.

5Lase lifika izwi likaJehova kimi, lithi: 6“Bengingenze kinina ndlu ka-Israyeli njengalo mbumbi na?” usho uJehova. “Bhekani, njengebumba esandleni sombumbi, ninjalo esandleni sami nina ndlu ka-Israyeli. 7Ngesikhathi esithile, lapho ngikhuluma ngesizwe nangombuso ukuwusiphula, nokuwudiliza, nokuwuchitha, 8leso sizwe engikhulumile ngaso bese siphenduka ebubini baso, ngiyakubuya kukho okubi ebengicabanga ukukwenza kuso. 9Ngesinye isikhathi ngikhuluma ngesizwe nangombuso ukuwakha nokuwutshala; 10uma senza okubi emehlweni ami, singalilaleli izwi lami, ngiyakubuya kukho okuhle ebengisho ukuthi ngiyakusenzela khona.

11“Manje yisho kubantu bakwaJuda nakwabakhileyo eJerusalema, uthi: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Bhekani, nginibumbela okubi, ngiceba icebo ngani; buyani, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi, nizenze izindlela zenu nezenzo zenu zibe zinhle.’ 12Kepha bathi: ‘Kuyize, ngokuba siyakulandela amacebo ethu, senze, kube yilowo nalowo ngenkani yenhliziyo yakhe embi.’ ”

13Ngalokho usho kanje uJehova, uthi:

“Buzani phakathi kwabezizwe ukuthi

ngubani owake wezwa okunjengalokho na?

Intombi yakwa-Israyeli yenzile

into eyesabekayo kakhulu.

14Ungqoqwane waseLebanoni

uyashiya yini amadwala asendle,

namanzi aqandayo agobhoza kude ayakusha, na?

15Ngokuba abantu bami bangikhohliwe,

bashisela okuyize impepho,

bakhubeka ezindleleni zabo,

emendweni yasendulo

ukuba bahambe ngemikhondo,

ngezindlela ezingahlelwanga,

16benze izwe labo libe yisimangaliso

nento encimfelwayo njalo;

bonke abadlula khona bayakumangala,

banikine ikhanda.

17Njengomoya wasempumalanga

ngiyakubahlakaza phambi kwezitha zabo,

ngibabonise umhlane kungabi ngubuso

ngosuku lwengozi yabo.”

18Base bethi: “Wozani simcebele uJeremiya amacebo, ngokuba umthetho awuyikuphela kumpristi, nesu kohlakaniphileyo, nezwi kumprofethi, sihambe simshaye ngolimi, singaqapheli nelilodwa lamazwi akhe.”

19Nginake, Jehova,

uzwe izwi labamelene nami.

20Okuhle kuyakuphindiselwa ngokubi na?

lokhu bembele umphefumulo wami umgodi.

Khumbula ukuthi ngema phambi kobuso bakho

ukukhuluma okuhle ngabo

nokukubuyisa ukufutheka kwakho kubo.

21Ngalokho nikela abantwana babo endlaleni,

ubakhaphele osikweni lwenkemba,

abafazi babo baphucwe abantwana,

babe ngabafelokazi,

amadoda abo abulawe ngukufa,

izinsizwa zabo zishaywe ngenkemba empini.

22Makuzwakale ukukhala ezindlini zabo,

lapho ubehlisela impi ngokuzumayo,

ngokuba bembile umgodi wokungibamba,

bafihlela izinyawo zami izingibe.

23Kepha wena Jehova uyawazi

onke amasu abo okungibulala;

ungathetheleli ububi babo,

nezono zabo ungazesuli emehlweni akho,

kepha mabakhubekiswe phambi kwakho,

ubavukele ngesikhathi sentukuthelo yakho.

UJeremiya 18ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UJeremiya 19

Isitsha esaphukileyo

1Washo kanje uJehova, wathi: “Hamba uzithengele uphiso lwebumba lombumbi, uthathe amanye amalunga abantu namanye amalunga abapristi, 2uphume, uye esigodini sendodana kaHinomu esingasesikhaleni seSango Lezindengezi, umemezele khona amazwi engiyakuwasho kuwe, 3uthi: ‘Zwanini izwi likaJehova nina makhosi akwaJuda nabakhileyo eJerusalema; usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Bhekani, ngiyakwehlisela okubi phezu kwale ndawo, nabo bonke abakuzwayo, izindlebe zabo ziyakunkeneneza ngakho. 4Ngokuba bangishiyile, benze le ndawo ukuba ibe ngeyabezizwe, bashisela abanye onkulunkulu impepho kuyo, abangabazanga, bona nawoyise namakhosi akwaJuda, bagcwalisa le ndawo ngegazi labangenacala, 5bakha izindawo eziphakemeyo zikaBali ukushisa amadodana abo ngomlilo, abe yiminikelo yokushiswa kuBali, engingakuyalanga, nengingakukhulumanga, nokungangenanga enhliziyweni yami, 6ngalokho bhekani, izinsuku ziyeza, usho uJehova, lapho le ndawo ayisayikubizwa ngokuthi iThofeti noma isigodi sendodana kaHinomu kepha isiGodi Sokubulala.

7“ ‘Ngiyakuchitha kule ndawo amasu akwaJuda naseJerusalema, ngibawise ngenkemba phambi kwezitha zabo, nangesandla sabafuna ukuphila kwabo, nginike izidumbu zabo zibe ngukudla kwezinyoni zezulu nokwezilwane zomhlaba. 8Ngiyakwenza lo muzi ukuba ube yisimangaliso nento encimfelwayo; bonke abadlula khona bayakumangala, bancimfe ngenxa yazo zonke izinhlupheko zawo. 9Ngiyakubadlisa inyama yamadodana abo neyamadodakazi abo, badle, kube yilowo nalowo inyama yomngane wakhe, ekuvinjezelweni nasekuxinekeni eziyakubaxina ngakho izitha zabo nabafuna ukuphila kwabo.’

10“Bese waphula uphiso phambi kwamadoda ahamba nawe, 11uthi kuwo: ‘Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: Ngiyakubulala kanjalo laba bantu nalo muzi njengokwaphulwa kwesitsha sombumbi esingasezukubuye sihlanganiswe; bayakumbela eThofeti, ngokuba akuyikubakho ndawo yokumbela. 12Ngiyakwenze njalo kule ndawo, usho uJehova, nakwabakhileyo kuyo, ngenze lo muzi ube njengeThofeti: 13izindlu zaseJerusalema nezindlu zamakhosi akwaJuda, ezoniweyo, ziyakuba njengeThofeti, yebo, zonke izindlu, abashisele ibandla lasezulwini impepho phezu kwezimpahla zazo, bathululela abanye onkulunkulu iminikelo yokuphuzwa.’ ”

UJeremiya usesitokisini*

14Wayesebuya uJeremiya eThofeti lapho uNkulunkulu ayemthume khona ukuba aprofethe; wema agcekeni lendlu kaJehova, wathi kubantu bonke: 15“Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Bhekani, ngiyakwehlisela phezu kwalo muzi nemizana yawo konke okubi engikushilo ngawo, ngokuba benze lukhuni intamo yabo, ukuze bangezwa amazwi ami.’ ”

UJeremiya 19ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UJeremiya 20

1UPhashuri indodana ka-Imeri umpristi owayengumbonisi omkhulu endlini kaJehova wamuzwa uJeremiya eprofetha ngalezo zinto. 2UPhashuri wamshaya uJeremiya umprofethi, wamfaka esitokisini* esasingasesangweni lasenhla lakwaBenjamini elalingasendlini kaJehova. 3Kwathi ngakusasa uPhashuri wamkhipha uJeremiya esitokisini. UJeremiya wayesethi kuye: “UJehova akabizanga igama lakho ngokuthi uPhashuri kepha uMagori Misabibi.* 4Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: ‘Bheka, ngiyakukwenza ukuba ube luvalo kuwe uqobo nakubo bonke abangane bakho; bayakuwa ngenkemba yezitha zabo, amehlo akho akubone; ngiyakunikela wonke uJuda esandleni senkosi yaseBabele, ibathumbele eBabele, ibabulale ngenkemba. 5Futhi ngiyakunikela yonke imfuyo yalo muzi, nayo yonke imisebenzi yawo, nakho konke kwawo okuyigugu, yebo, yonke ingcebo yamakhosi akwaJuda esandleni sezitha zabo, ziyiphange, ziyithathe, ziyiyise eBabele. 6Nawe Phashuri nabo bonke abahlala endlini yakho niyakuthunjwa; uyakufika eBabele, kepha uyakufela khona, umbelwe khona, wena nabo bonke abangane bakho oprofethe kubo amanga.’ ”

Ukukhala kukaJeremiya

7Wangiyenga, Jehova, ngayengeka;

wawunamandla kunami, wangahlula.

Ngibe yinhlekiso usuku lonke,

bonke bangiklolodela.

8Njalo lapho ngikhuluma, ngiyakhala,

ngimemeza ngobudlova nokubhubhisa,

lokhu izwi likaNkulunkulu lenziwa

ihlazo nenhlekiso kimi usuku lonke.

9Lapho ngithi:

“Angisayikumkhumbula,

ngingasakhulumi egameni lakhe,”

kusenhliziyweni yami njengomlilo oshisayo,

uvalelwe emathanjeni ami;

ngikhathele ukubekezela, angikwazi.

10Ngizwile ukuhleba kwabaningi:

“Luvalo nxazonke.

Mmangalele! Masimmangalele!”

Bonke abangane bami bayalinda ukuwa kwami.

“Mhlawumbe angayengwa, simahlule,

siziphindisele kuye.”

11Kepha uJehova unami njengeqhawe elesabisayo;

ngalokho abangizingelayo bayakukhubeka,

bangangahluli;

bayakuba namahloni kakhulu,

ngokuba abenzanga ngokuhlakanipha,

nehlazo labo eliphakade aliyikukhohlakala.

12Kepha, Jehova Sebawoti,

ovivinya olungileyo,

obona izinso nenhliziyo,

mangibone ukuphindisela kwakho kubo,

ngokuba ngikwambulele indaba yami.

13Hlabelelani kuJehova,

nimdumise uJehova,

ngokuba wophula umphefumulo wompofu esandleni sababi.

14Maluqalekiswe usuku engazalwa ngalo;

usuku umame angizala ngalo malungabusiswa.

15Makaqalekiswe umuntu owabika kubaba, ethi:

“Uzalelwe umntwana wesilisa,”

emthokozisa nokumthokozisa.

16Lowo muntu makabe njengemizi

uJehova ayigumbuqela engazisoli,

ezwe ukukhala ekuseni

nokumemeza ngesikhathi sasemini,

17ngokuba akangibulalanga esiswini,

umame waze waba yithuna lami,

nesisu sakhe saba sikhulelwe njalo.

18Ngaphumelani esiswini

ukuba ngibone umshikashika nosizi,

ukuze izinsuku zami ziphele ngamahloni na?

UJeremiya 20ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UJeremiya 21

Ukuxwayiswa kwenkosi uSedekiya

1Izwi elafika kuJeremiya, livela kuJehova, ekuthumeni kwenkosi uSedekiya uPhashuri indodana kaMalikhiya noZefaniya indodana kaMahaseya, umpristi, kuye ethi: 2“Ake usibuzele kuJehova, ngokuba uNebukadinesari inkosi yaseBabele usihlasele; mhlawumbe uJehova angenza kithi njengazo zonke izimangaliso zakhe ukuba akhuphuke, asuke kithi.”

3UJeremiya wathi kubo: “Niyakusho kanje kuSedekiya, nithi: 4‘Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Bheka, ngiyakubuyisa izikhali zokulwa ezisezandleni zenu, enilwa ngazo nenkosi yaseBabele namaKaledi anivimbezelayo ngaphandle kogange, ngizibuthe phakathi nalo muzi. 5Mina ngiyakulwa nani ngesandla eseluliweyo, nangengalo enamandla, nangentukuthelo, nangokufutheka, nangolaka olukhulu. 6Ngiyakubashaya abakhileyo kulo muzi, abantu nezilwane; bayakufa ngesifo esikhulu. 7Ngasemuva, usho uJehova, ngiyakunikela uSedekiya inkosi yakwaJuda, nezinceku zakhe, nabantu abasele kulo muzi esifweni, nasenkembeni, nasendlaleni, nasesandleni sikaNebukadinesari inkosi yaseBabele, nasesandleni sezitha zabo, nasesandleni sabafuna ukuphila kwabo, abashaye ngosiko lwenkemba, angabasindisi, angabahawukeli, angabi namusa kubo.’

8“Uyakusho kulaba bantu, uthi: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Bheka, ngibeka phambi kwakho indlela yokuphila nendlela yokufa. 9Osala kulo muzi uyakufa ngenkemba, nangendlala, nangesifo, kepha ophumayo, aye kumaKaledi anivimbezelayo, uyakuphila, ukuphila kwakhe kube yimpango yakhe. 10Ngokuba ngibhekise ubuso bami kulo muzi kube kubi, kungabi kuhle, usho uJehova; uyakunikelwa esandleni senkosi yaseBabele, iwushise ngomlilo.’

11“Yisho endlini yenkosi yakwaJuda, uthi: ‘Zwanini izwi likaJehova lokuthi: 12O, ndlu kaDavide, usho kanje uJehova, uthi:

“ ‘Yenzani izahlulelo ekuseni,

nophule ophangiweyo esandleni somcindezeli,

funa ukufutheka kwami kuphume njengomlilo,

kushise, kuze kungabikho owucimayo

ngenxa yobubi bezenzo zenu.

13Bheka, ngimelene nawe,

wena owakhileyo esigodini,

wena litshe lasethafeni, usho uJehova,

nina enithi:

“Ngubani oyakusehlela,

ngubani oyakungena ezindlini zethu, na?”

14Ngiyakunihambela njengezithelo zezenzo zenu, usho uJehova,

ngiphembe umlilo ehlathini labo,

uqede konke okungakhona.’ ”

UJeremiya 21ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UJeremiya 22

Iziprofetho ngamakhosi akwaJuda

1Usho kanje uJehova, uthi: “Yehlela endlini yenkosi yakwaJuda, ukhulume khona leli zwi, 2uthi: ‘Yizwa izwi likaJehova, nkosi yakwaJuda, ohlezi esihlalweni sobukhosi sikaDavide, wena nezinceku zakho nabantu bakho abangena ngalawa masango. 3Usho kanje uJehova, uthi: Yenzani izahlulelo nokulunga, nophule ophangiweyo esandleni somcindezeli, ningoni, ningadluzuli abafokazi, nezintandane, nabafelokazi, ningachithi igazi elingenacala kule ndawo. 4Ngokuba uma nenza lokhu impela, kuyakungena ngamasango ale ndlu amakhosi ahlezi esihlalweni sobukhosi sikaDavide, ekhwele izinqola namahhashi, wona nezinceku zawo nabantu bawo. 5Kepha uma ningalaleli lawa mazwi, ngiyazifunga, usho uJehova, ukuthi le ndlu iyakuba yincithakalo.’ ”

6Ngokuba usho kanje uJehova ngendlu yenkosi yakwaJuda, uthi:

“UyiGileyadi kimi,

nekhanda laseLebanoni;

impela ngiyakukwenza ube yihlane

nemizi engahlalwa muntu.

7Ngiyakukulungisela abachithi,

yilowo nalowo abe nezikhali zakhe,

bagawule imisedari* yakho ekhethekileyo,

bayiphonse emlilweni.

8“Izizwe eziningi ziyakudlula kulo muzi, zisho, kube yileso naleso kwesinye, ukuthi: ‘UJehova wenzeleni okunje kulo muzi omkhulu na?’ 9Bayakuthi: ‘Ngokuba basishiya isivumelwano sikaJehova uNkulunkulu wabo, bakhuleka kwabanye onkulunkulu, babakhonza.’ ”

10Ningakhaleli ofileyo,

ningamlileli,

kepha nimkhalele nokumkhalela omukayo,

ngokuba akasayikubuya,

kasayikubona izwe lokuzalwa kwakhe.

11Ngokuba usho kanje uJehova ngoShalumi indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, owaba yinkosi esikhundleni sikaJosiya uyise, waphuma kule ndawo, ukuthi: “Akasayikubuyela lapha, 12kepha uyakufela kuleyo ndawo lapho bemthumbele khona; naleli zwe kasayikulibona.”

13“Wo koyakha indlu yakhe ngokungalungi,

namakamelo akhe ngokungafanele,

osebenzisa umakhelwane wakhe engamholeli,

angamniki lutho ngomsebenzi wakhe,

14othi: ‘Ngiyakuzakhela indlu enkulu

namakamelo abanzi,’

ayibhobozele amafasitele,

bese yembeswa ngemisedari,*

ibhecwe ngebomvu!

15“Uyinkosi ngokuba ushisekela imisedari* na?

Angithi uyihlo wadla, waphuza,

wenza ukwahlulela nokulunga,

kwaba kuhle kuye, na?

16Wahlulela abaswelayo nabampofu,

kwaba kuhle;

angithi lokhu kungukungazi mina na?” usho uJehova.

17“Amehlo akho nenhliziyo yakho

kusekuphangeni kuphela,

nasekuchitheni igazi elingenacala,

nasekucindezeleni,

nasekudloveni ukuba ukwenze.”

18Ngalokho usho kanje uJehova ngoJehoyakimi indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, uthi:

“Abayikumkhalela ngokuthi:

‘Hhawu, mfowethu,’

noma, ‘hhawu, dadewethu!’

futhi bangamkhaleli ngokuthi:

‘Hhawu, nkosi,’

noma, ‘hhawu, bukhosi bakhe!’

19Uyakumbelwa ngokumbelwa kwembongolo,

ahudulwe alahlwe ngale kwamasango aseJerusalema.

20“Khuphukela eLebanoni, ukhale;

phakamisa izwi lakho eBashani,

ukhale use-Abarimi,

ngokuba zonke izithandwa zakho zibulewe.

21Ngakhuluma kuwe usenenhlanhla,

kepha wathi: ‘Angizwa.’

Lokhu kuyindlela yakho kwasebusheni bakho

ukuthi awulizwa izwi lami.

22Umoya uyakubalusa bonke abelusi bakho,

nezithandwa zakho ziyakuthunjwa;

impela uyakuba namahloni,

ujabhe ngabo bonke ububi bakho.

23Wena ohlala eLebanoni,

owakha isidleke sakho kuyo imisedari,*

uyakuhawukelwa kangakanani

ngokufikelwa kwakho yimihelo,

imihelo enjengeyobelethayo!

24“Kuphila kwami,” usho uJehova, “noma uKhoniya indodana kaJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, ebe yindandatho esandleni sami sokunene, nokho bengiyakukuhluthula khona, 25ngikunikele esandleni sabafuna ukuphila kwakho nasesandleni salabo obesabayo, ngithi esandleni sikaNebukadinesari, inkosi yaseBabele, nasesandleni samaKaledi. 26Ngiyakukuzwibela kwelinye izwe, wena nonyoko owakuzalayo, lapho ningazalelwanga khona; niyakufela khona. 27Kepha abayikubuyela ezweni abalangazelela ukubuyela kulo.”

28Lo muntu uKhoniya uyisitsha esidelelweyo nesaphukileyo na? Uyindebe okungekho kuyo intokozo na? Uzwitshelweni yena nenzalo yakhe, balahlelwa ezweni abangalaziyo, na? 29Lizwe, lizwe, lizwe, yizwa izwi likaJehova. 30Usho kanje uJehova, uthi: “Lobani lo muntu ukuthi akanamntwana, umuntu ongayikuba nampumelelo ezinsukwini zakhe, ngokuba umuntu ohlezi esihlalweni sobukhosi sikaDavide akayikuba nampumelelo yokuba abe esabusa kwaJuda.”

UJeremiya 22ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 52

Ukukhala ngobubi bomkhapheli ozigabisayo

Kumholi wokuhlabelela. IMaskili* likaDavide ekufikeni kukaDowegi wakwa-Edomi emazisa uSawule, ethi kuye: “UDavide ufikile endlini ka-Ahimeleki.”

1Uzigabiselani ngokubi wena siqhwaga na?

Umusa kaNkulunkulu umi njalo.

2Ulimi lwakho lusongoza okubi njengempuco eloliweyo,

wena owenza amacebo.

3Uthanda okubi kunokuhle,

namanga kunokukhuluma ukulunga. Sela*

4Uthanda onke amazwi okubhubhisa wena lulimi lwenkohliso.

5Ngakho-ke uNkulunkulu uyakukubhidliza kuze kube phakade;

uyakukubamba, akukhiphe etendeni lakho,

akusiphule ezweni labaphilayo. Sela*

6Abalungileyo bayakukubona, besabe;

bayakumhleka, bathi:

7“Bheka, nasi isiqhwaga esingamenzanga uNkulunkulu abe yinqaba yaso,

kepha sethemba ingcebo yaso enkulu, siziqinisa ebubini baso.”

8Kepha mina nginjengomnqumo oluhlaza

endlini kaNkulunkulu;

ngithemba umusa kaNkulunkulu njalonjalo

kuze kube phakade naphakade.

9Ngizakukudumisa kuze kube phakade, ngokuba ukwenzile;

ngizakulindela igama lakho,

ngokuba lihle phambi kwabangcwele bakho.

Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU