Bible Society of South Africa

To The Word – Day 180

Jeremiah 13–17, Psalm 49

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

UJeremiya 13

Ibhande* lelineni

1Usho kanje uJehova kimi, uthi: “Hamba uzithengele ibhande* lelineni, ulibeke ezinkalweni zakho, ungalingenisi emanzini.” 2Ngalithenga ibhande njengezwi likaJehova, ngalibeka ezinkalweni zami.

3Lase lifika izwi likaJehova ngokwesibili, lithi: 4“Thatha ibhande olithengileyo, elisezinkalweni zakho, uvuke uhambe, uye e-Ewufrathe, ulifihle emfantwini wesiwa.” 5Ngase ngihamba, ngalifihla ngase-Ewufrathe njengokungiyala kukaJehova.

6Kwathi ngasekugcineni kwezinsuku eziningi uJehova wathi kimi: “Suka uye e-Ewufrathe, ulilande khona ibhande engakuyala ngalo ukuba ulifihle khona.” 7Ngaya e-Ewufrathe, ngemba, ngalilanda ibhande, lapho ngangilifihle khona; bheka, ibhande lalonakele, lalingasenamsebenzi.

8Lase lifika izwi likaJehova, lithi: 9“Usho kanje uJehova: ‘Ngale ndlela ngiyakukuchitha ukuziqhenya kukaJuda nokuziphakamisa okukhulu kweJerusalema. 10Laba bantu ababi abala ukuzwa amazwi ami, abahamba ngobulukhuni bezinhliziyo zabo, balandela abanye onkulunkulu ukuba babakhonze, bakhuleke kubo, bayakuba njengaleli bhande elingasenamsebenzi. 11Ngokuba njengalokhu ibhande linamathela okhalweni lomuntu, kanjalo ngiyinamathelisile kimi yonke indlu yakwa-Israyeli nayo yonke indlu yakwaJuda,’ usho uJehova, ‘ukuba babe ngabantu bami, negama, nodumo, nendumiso, kepha kabalalelanga.’

Izimvaba ezaphukileyo

12“Uyakukhuluma kubo leli zwi lokuthi: ‘Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Zonke izimvaba ziyagcwaliswa ngewayini.’ Bayakusho kuwe ukuthi: ‘Impela asazi yini ukuthi zonke izimvaba zigcwaliswa ngewayini na?’ 13Uyakusho kubo, uthi: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Bheka, ngiyakugcwalisa ngokudakwa bonke abakhileyo kuleli zwe, namakhosi ahlala esihlalweni sobukhosi sikaDavide, nabapristi, nabaprofethi, nabo bonke abakhileyo eJerusalema. 14Ngiyakubaphahlaza omunye komunye, oyise nabantwana ndawonye, usho uJehova; angiyikubahawukela, angiyikubasindisa, angiyikuba nasihe kubo sokuba ngingabachithi.’ ”

15Zwanini, nibeke indlebe;

ningaziqhenyi, ngokuba uJehova ukhulumile.

16Mnikeni uJehova uNkulunkulu wenu udumo,

engakalihlwisi,

futhi zingakakhubeki izinyawo zenu

ezintabeni zokuhwelela,

nothi nisabheka ukukhanya,

akuphendule ithunzi lokufa,

akwenze kube yisigayegaye.

17Kepha uma ningalaleli,

umphefumulo wami uyakukhala

ngasese ngokuzidla kwenu;

iso lami liyakukhala nokukhala,

limululeka izinyembezi,

ngokuba umhlambi kaJehova uthunjiwe.

18Yisho kuyo inkosi

nakuyo indlovukazi ukuthi:

“Hlalani phansi ngokuzithoba,

ngokuba izigqoko zenu ziwile phansi,

umqhele wodumo lwenu.”

19Imizi yaseningizimu ivaliwe,

akakho ovulayo;

wonke uJuda uthunjiwe,

uthunjiwe ngokupheleleyo.

20Phakamisani amehlo enu,

nibone abavela enyakatho;

uphi umhlambi owaphiwa wona,

izimvu zakho ezinhle, na?

21Uyakuthini lapho emisa phezu kwakho

labo okade ubafundisile

ukuba babe ngabangane bakho,

babe yinhloko, na?

Awuyikubanjwa lusizi

njengowesifazane obelethayo na?

22Uma uthi enhliziyweni yakho:

Ngehlelelweni yilezi zinto na?

Ngobukhulu bokona kwakho

imiphetho yakho iphakanyisiwe,

nezithende zakho ziyadlovulwa.

23UmKushe angasiguqula isikhumba sakhe,

nengwe amabala ayo, na?

Khona ningenza okuhle

nina enifundisiwe ukwenza okubi.

24“Ngalokho ngiyakubasakaza njengamabibi

adlula ngomoya wasehlane.

25Lokhu kungokwenkatho yakho,

isabelo osilinganiselwe yimi,” usho uJehova,

“ngokuba wangikhohlwa,

wethemba emangeni.

26Ngiyakuphakamisa imiphetho yakho ebusweni bakho,

kubonakale ihlazo lakho.

27Ukuphinga kwakho nokuyiyiza kwakho,

ukukhanuka kobufebe bakho nezinengiso zakho,

ngikubonile emagqumeni asendle.

Maye kuwe Jerusalema!

Awuyikuhlambuluka

koze kube nini na?”

UJeremiya 13ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UJeremiya 14

Isiprofetho ngesigagadu

1Izwi likaJehova elafika kuJeremiya ngesigagadu.

2“UJuda uyalila,

amasango akhe adangele,

ahlezi emhlabathini edabukile,

nokukhala kweJerusalema kwenyukile.

3Abakhulu babo bathuma abancane babo emanzini;

bafika emigodini, kepha abafumani manzi,

babuya, izitsha zabo zingenalutho;

banamahloni, bajabhile,

bamboza amakhanda abo.

4Ngenxa yomhlabathi odabukileyo,

ngokuba akubangakho mvula ezweni,

abalimi banamahloni,

bamboza amakhanda abo.

5Yebo, nendluzele izalela endle,

ilishiye izinyane,

ngokuba utshani abukho.

6Izimbongolo zasendle ziyema emadulini angenalutho,

zihogela umoya njengamakhanka;

amehlo azo ayaphela,

ngokuba kungekho tshani.”

7Noma izono zethu zifakaza ngathi,

sebenza, Jehova, ngenxa yegama lakho;

ngokuba ukuhlehla kwethu kuningi,

sonile kuwe.

8Themba lika-Israyeli,

msindisi wakhe ngesikhathi sokuhlupheka,

yini ukuba ube njengomfokazi ezweni

nanjengesihambi esingenisayo

ukuba silale ubusuku nje na?

9Yini ukuba ube ngumuntu odidekileyo,

njengeqhawe elingenakusindisa, na?

Nokho uphakathi kwethu, Jehova,

sibiziwe ngegama lakho;

ungasishiyi.

10Usho kanje uJehova ngalaba bantu, uthi:

“Bathanda ukuzula kanjalo,

abazibambi izinyawo zabo;

uJehova akathokozi ngabo;

manje uyakubukhumbula ububi babo,

azihambele izono zabo.”

11UJehova wathi kimi: “Ungabakhulekeli laba bantu ukuba baphiwe okuhle. 12Noma bezila ukudla, angiyikuzwa ukumemeza kwabo; noma benikela ngomnikelo wokushiswa nangowempuphu, angiyikuthokoza ngabo, kepha ngiyakubaqeda ngenkemba, nangendlala, nangesifo.”

13Ngase ngithi: “E, Nkosi Jehova, bheka, abaprofethi bathi kubo: ‘Aniyikubona inkemba, nendlala ayiyikunehlela, kepha ngiyakuninika ukuthula okuqinisileyo kule ndawo.’ ”

14Wayesethi uJehova kimi: “Abaprofethi baprofetha amanga egameni lami; angibathumanga, angibayalanga, angikhulumanga kubo; baprofetha imibono yamanga, nokubhula, nokuyize, nenkohliso yenhliziyo yabo. 15Ngalokho usho kanje uJehova ngabaprofethi abaprofetha ngegama lami, ngingabathumanga, bathi: ‘Akuyikubakho inkemba nendlala kuleli zwe,’ uthi: Ngenkemba nangendlala bayakuphela laba baprofethi. 16Abantu abaprofetha kubo bayakuphonswa ezitaladini zaseJerusalema ngenxa yendlala nenkemba; abayikuba namuntu wokubembela, bona nawomkabo, namadodana abo, namadodakazi abo; ngiyakuthela okubi kwabo phezu kwabo.

17“Kepha uyakusho leli zwi kubo lokuthi:

“ ‘Amehlo ami mahlengezele izinyembezi imini nobusuku,

zinganqamuki,

ngokuba intombi,

indodakazi yabantu bami,

ilimele ngokulimala okukhulu,

ngokushaywa okunzima kakhulu.

18Uma ngiphumela endle,

bheka, nampo ababuleweyo ngenkemba,

nalapho ngingena emzini, bheka,

nampo abaphethwe yindlala,

ngokuba umprofethi nompristi bahamba izwe

bengazi lutho.’ ”

19Umlahlile nokumlahla uJuda na?

Umphefumulo wakho unengiwe yiSiyoni na?

Usishayeleni, singabi nakuphulukiswa, na?

Sihlalela ukuthula,

kepha okuhle akukho;

nesikhathi sokuphulukiswa,

kepha luvalo.

20Jehova,

siyazi ububi bethu nokona kwawobaba,

ngokuba sonile kuwe.

21Ungasideleli ngenxa yegama lakho,

ungaseyisi isihlalo sobukhosi sodumo lwakho;

sikhumbule, ungasaphuli isivumelwano sakho nathi.

22Kukhona yini phakathi kwawonkulunkulu

babezizwe abayize onganisa imvula?

Amazulu angaletha izihlambi na?

Akusuwe Jehova esiyakukuhlalela na?

Ngokuba wena wenzile konke lokhu.

UJeremiya 14ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UJeremiya 15

1Wayesethi uJehova kimi: “Noma bekumi phambi kwami oMose noSamuweli, inhliziyo yami ibingebe kulaba bantu; balahle ebusweni bami, baphume. 2Kuyakuthi lapho bethi kuwe: ‘Siyakuphuma siyephi na?’ usho kubo ukuthi: ‘Usho kanje uJehova, uthi:

“ ‘Abokufa, mabaye ekufeni,

nabenkemba, enkembeni,

nabendlala, endlaleni,

nabokuthunjwa, ekuthunjweni.’

3“Ngiyakubamisela izinhlobo ezine,” usho uJehova: “inkemba yokubulala, nezinja zokudonsa, nezinyoni zezulu nezilwane zomhlaba zokudla nezokuchitha. 4Ngiyakubenza ukuba bahlupheke emibusweni yonke yomhlaba ngenxa kaManase indodana kaHezekiya, inkosi yakwaJuda, ngalokho akwenza eJerusalema.

5“Ngokuba ngubani oyakukuhawukela

wena Jerusalema na?

Ngubani oyakukukhalela?

Ngubani oyakuphambukela

ukubuza ngempilo yakho na?

6Wena ungishiyile,” usho uJehova,

“wabuyela emuva;

ngiselulele isandla sami kuwe,

ngakuchitha;

sengikhathele ukuhawukela.

7Ngibelile ngembenge emasangweni ezwe,

ngabaphuca abantwana,

ngachitha abantu bami;

ababuyanga ezindleleni zabo.

8Abafelokazi babo bandile kimi

kunesihlabathi solwandle,

ngehlisele phezu kwawonina

bezinsizwa umchithi emini,

ngehlisele ukwesaba nengebhe phezu kwabo.

9Owazala abayisikhombisa usedangele,

waphuma umoya;

ilanga lakhe lishonile kuse semini;

ujabhile, wayangaza;

insali yabo ngiyakuyinikela enkembeni

ngaphambi kwezitha zabo,” usho uJehova.

Ukukhala kukaJeremiya

10Maye kimina, mame,

ukuthi ungizalile,

ngibe ngumuntu wokuphikisana

nokuxabana emhlabeni wonke!

Angibizanga inzalo,

futhi akubizwanga inzalo kimi,

nokho bayangiqalekisa bonke.

11Wathi uJehova:

“Ngiyakukukhulula

kube kuhle;

impela ngiyakwenza ukuba isitha sikunxuse

ngesikhathi esibi nangesikhathi sokuhlupheka.

12“Umuntu angaphula insimbi yini,

insimbi yasenyakatho, nethusi, na?

13Ngiyakunikela imfuyo yakho

nengcebo yakho kube yimpango

kungengantengo,

ngazo zonke izono zakho

emikhawulweni yakho yonke.

14Ngiyakwenza ukuba uzikhonze izitha zakho

ezweni ongalaziyo,

ngokuba kuphenjiwe umlilo olakeni lwami

oyakuvutha kini.”

15Uyazi wena Jehova;

ngikhumbule, ngihambele,

ungiphindisele kwabangizingelayo;

ungangisusi ngokubekezela kwakho;

yazi ukuthi ngenxa yakho ngithwale ihlazo.

16Amazwi akho afunyanwa, ngawadla;

amazwi akho aba ngukujabula kimi

nokuthokoza kwenhliziyo yami,

ngokuba ngibizwa ngegama lakho,

Jehova Nkulunkulu Sebawoti.

17Angihlalanga emhlanganweni wabahlekayo,

angithokozanga;

ngahlala ngedwa ngenxa yesandla sakho,

ngokuba ungigcwalisile ngokufutheka.

18Yini ukuba ubuhlungu bami

bube khona njalonjalo,

nesilonda sami singapholiswa,

sala ukuphulukiswa, na?

Impela uyakuba ngamanzi aphuthayo kimi,

amanzi angathembekile, na?

19Ngalokho usho kanje uJehova, uthi:

“Uma ubuya, ngiyakukubuyisa,

ume phambi kwami;

uma ukhipha okuyigugu kokungamanyala,

uyakuba ngumlomo wami;

laba bayakubuyela kuwe,

kepha wena awuyikubuyela kubo.

20Ngiyakukwenza ukuba ube lugange

lwethusi oluqinileyo kulaba bantu;

bayakulwa nawe,

kepha abayikukwahlula,

ngokuba mina nginawe ukukusindisa nokukophula,” usho uJehova.

21“Ngiyakukophula esandleni sababi,

ngikuhlenge esandleni sabacindezeli.”

UJeremiya 15ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UJeremiya 16

1Izwi likaJehova lafika kimi, lathi: 2“Awuyikuzithathela umfazi, ungabi namadodana namadodakazi kule ndawo.” 3Ngokuba usho kanje uJehova ngamadodana nangamadodakazi azalwa kule ndawo, nangawonina abawabelethayo, nangawoyise abawazalayo kuleli zwe, uthi: 4“Bayakuba nokufa okwesabekayo, abayikulilelwa, abayikumbelwa; bayakuba ngumquba emhlabathini, baqedwe ngenkemba nangendlala, izidumbu zabo zibe ngukudla kwezinyoni zezulu nokwezilwane zasemhlabeni.”

5Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: “Ungangeni endlini yesililo, ungayi ukulila, ungabakhaleli, ngokuba ngikususile ukuthula kwami kulaba bantu,” usho uJehova, “kanye nomusa nobumnene. 6Abakhulu nabancane bayakufela kuleli zwe, abayikumbelwa, abayikulilelwa; abantu abayikuzisika, abayikuziphucula ngenxa yabo; 7abayikubahlephulela isinkwa sokulila ukuba babaduduze ngabafileyo, bangabaphuzisi indebe yokududuza ngoyise nangonina.

8“Awuyikungena endlini yedili ukuba uhlale nabo, udle, uphuze. 9Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Bheka, ngiyakulenza ukuba liphele kule ndawo phambi kwamehlo enu nasezinsukwini zenu izwi lokujabula nezwi lokuthokoza, izwi lo myeni nezwi lomakoti.

10“Kuyakuthi lapho ubatshela laba bantu onke lawa mazwi, basho kuwe ukuthi: ‘UJehova ukhulumeleni phezu kwethu konke lokhu okubi na? Ububi bethu buyini? Yisiphi isono esone ngaso kuJehova uNkulunkulu wethu na?’ 11Usuyakusho kubo ukuthi: ‘Ngenxa yokuba oyihlo bangishiyile,’ usho uJehova, ‘balandela abanye onkulunkulu, babakhonza, bakhuleka kubo, bangishiya, abagcinanga umthetho wami, 12nani nenza okubi kunawoyihlo, ngokuba bhekani, niyalandela, kube yilowo nalowo inkani yenhliziyo yakhe embi, ningangilaleli, 13ngalokho ngiyakunizwiba nisuke kuleli zwe, niye ezweni eningalaziyo, nina nawoyihlo; niyakukhonza khona abanye onkulunkulu imini nobusuku, ngokuba angiyikuniphatha ngesihe.’

14“Ngalokho bheka, izinsuku ziyeza, lapho kungasayikuthiwa: ‘Kuphila kukaJehova owabakhuphula abantwana bakwa-Israyeli ezweni laseGibithe,’ 15kepha: ‘Kuphila kukaJehova owabakhuphula abantwana bakwa-Israyeli ezweni lasenyakatho nasemazweni onke lapho ebebaxoshele khona;’ kepha ngiyakubabuyisela ezweni lakubo engalinika oyise.

16“Bheka, ngiyakuthumela kubadobi abaningi,” usho uJehova, “babadobe; besengithumela kubazingeli abaningi, babazingele kuzo zonke izintaba, nakuwo onke amagquma, nakuyo imifantu yeziwa. 17Ngokuba amehlo ami akuzo zonke izindlela zabo; abasithele ebusweni bami, nobubi babo abufihlekile emehlweni ami. 18Kuqala ngiyakuphindisela ngokuphindiweyo ububi babo nezono zabo, ngokuba balingcolisile izwe lami ngezidumbu zezinto zabo ezizondekayo, baligcwalisa ifa lami ngezinengiso zabo.”

19Jehova, mandla ami nenqaba yami,

siphephelo sami ngosuku lokuhlupheka,

bayakuza kuwe abezizwe,

bevela emajukujukwini omhlaba, bathi:

“Obaba badlile ifa lamanga kuphela,

okuyize, engekho kukho insizakalo.

20Umuntu angazenzela onkulunkulu na?

Labo abasibo onkulunkulu.”

21“Ngalokho bheka, ngiyakubazisa,

ngibazise ngalesi sikhathi

isandla sami namandla ami,

baze bazi ukuthi igama lami linguJehova.

UJeremiya 16ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UJeremiya 17

Isono sakwaJuda

1“Isono sakwaJuda silotshiwe ngothi lwensimbi lokuloba; ngesihloko sedayimani* siqoshiwe ezibhebheni zezinhliziyo zabo nasezimpondweni zama-altare enu, 2abantwana babo besakhumbula ama-altare abo nawo-Ashera* babo ngasemithini eluhlaza emagqumeni aphakemeyo. 3Intaba yami yasendle, impahla yakho nengcebo yakho yonke ngiyakukunikela kube yimpango kanye nezindawo zakho eziphakemeyo ngenxa yezono emikhawulweni yakho yonke. 4Uyakuyeka ngokwakho ifa lakho engakunika lona, ngikwenze ukuba ukhonze izitha zakho ezweni ongalaziyo, ngokuba niphembile umlilo olakeni lwami oyakuvutha kuze kube phakade.”

5Usho kanje uJehova, uthi:

“Uqalekisiwe umuntu othemba kubantu,

ayenze inyama ibe yingalo yakhe,

nonhliziyo yakhe isuka kuJehova.

6Uyakuba njengesihlahla esiyize ehlane,

angaboni ukuthi kuyeza okuhle,

uyakuhlala ezindaweni ezishileyo ehlane,

ezweni likasawoti elingahlalwa muntu.

7“Ubusisiwe umuntu othemba kuJehova,

nothemba lakhe linguJehova.

8Ngokuba uyakuba njengomuthi otshalwe ngasemanzini,

ozenabisa izimpande zawo ngasemfuleni,

ongesabi lapho kufika ukushisa,

amaqabunga awo abe luhlaza,

angabi naluvalo ngomnyaka wesigagadu,

anganqamuki ukuthela izithelo.”

9Inhliziyo iyakhohlisa ngaphezu kwakho konke,

futhi imbi;

ngubani ongayazi na?

10“Mina Jehova ngivivinya inhliziyo,

ngihlola izinso ukuba nginike,

kube yilowo nalowo

njengezindlela zakhe,

njengezithelo zezenzo zakhe.”

11Intendele efukamela ingazalanga,

unjalo owenza ingcebo ngokungalungi;

iyakumshiya phakathi nezinsuku zakhe,

abe yisiwula ngasekugcineni.

12Indawo yendlu yethu engcwele

iyisihlalo sobukhosi esinenkazimulo

esiphakemeyo.

13O, themba lika-Israyeli, Jehova,

bonke abakushiyayo bayakujabha;

abachezuka kimi bayakulotshwa

emhlabathini,

ngokuba bamshiyile uJehova,

umthombo wamanzi aphilayo.

14Ngiphulukise, Jehova, ngiphuluke;

ngisindise, ngisindiswe,

ngokuba uludumo lwami.

15Bheka, bathi kimi:

“Liphi izwi likaJehova na?

Malize phela.”

16Mina-ke angiyekanga ukwalusa ngokukulandela,

futhi angilufisanga usuku olwesabekayo;

wena uyazi;

okwaphuma emlonyeni wami

kwakuphambi kobuso bakho.

17Ungabi luvalo kimi;

uyisiphephelo sami ngosuku lobubi.

18Mababe namahloni abangizingelayo,

kepha mina mangingabi nawo;

baphele amandla bona,

mina ngingapheli wona kodwa;

behlisele usuku lobubi,

ubaphule ngokwaphula okuphindiweyo.

Isabatha

19Usho kanje kimi uJehova, uthi: “Hamba ume esangweni lamadodana abantu, angena ngalo amakhosi akwaJuda, aphuma ngalo futhi, nasemasangweni onke aseJerusalema, 20uthi kuwo: ‘Zwanini izwi likaJehova nina makhosi akwaJuda, noJuda wonke, nani nonke enakhileyo eJerusalema eningena ngalawa masango; 21usho kanje uJehova, uthi: Xwayani ngenxa yemiphefumulo yenu ukuba ningathwali mthwalo ngosuku lwesabatha, ningawungenisi ngamasango aseJerusalema; 22futhi ningakhiphi mthwalo ezindlini zenu ngosuku lwesabatha, ningasebenzi msebenzi, kepha lungcweliseni usuku lwesabatha njengokuyala kwami oyihlo, 23nakuba bengalalelanga, bengabekanga izindlebe, kepha benza lukhuni intamo yabo, ukuze bangezwa, balaywe. 24Kuyakuthi uma ningilalela nokungilalela, usho uJehova, ukuba ningangenisi mthwalo ngamasango alo muzi ngosuku lwesabatha, nilungcwelise usuku lwesabatha ukuze ningenzi ngalo umsebenzi, 25kungene ngamasango alo muzi amakhosi nezikhulu abahlala esihlalweni sobukhosi sikaDavide bekhwele izinqola namahhashi, bona nezikhulu zabo, abantu bakwaJuda nabakhileyo eJerusalema, nalo muzi uyakuhlala kuze kube phakade. 26Bayakufika bephuma emizini yakwaJuda, nasemaphandleni aseJerusalema, nasezweni lakwaBenjamini, nasehlanzeni, nasezintabeni, naseningizimu, beletha iminikelo yokushiswa, nemihlatshelo, neminikelo yempuphu, nenhlaka, befika neminikelo yokubonga endlini kaJehova. 27Kepha uma ningalaleli ukuba nilungcwelise usuku lwesabatha, ningathwali mthwalo lapho ningena ngamasango aseJerusalema ngosuku lwesabatha, ngiyakuphemba umlilo emasangweni alo, uqede izindlu zamakhosi zaseJerusalema, ungacinywa.’ ”

UJeremiya 17ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 49

Ubuze benhlanhla yababi

Kumholi wokuhlabelela. Elamadodana kaKora. Ihubo.

1Yizwani lokhu nonke nina bantu;

bekani indlebe nina nonke enakhileyo ezweni,

2abantukazana nezikhulu,

abacebileyo nabampofu.

3Umlomo wami uzakukhuluma ukuhlakanipha,

ukuzindla kwenhliziyo yami kuzakuba ngokokuqonda.

4Ngizakubeka indlebe yami kuso isaga,

ngiphenye imfumbe yami ngehabhu.*

5Bengizakwesabelani ezinsukwini ezimbi,

lapha ububi babangizingelayo bungihaqa,

6labo abathemba imfuyo yabo

bezigabisa ngomcebo wabo omkhulu, na?

7Umuntu angemhlenge umfowabo,

angemnike uNkulunkulu ihlawulo ngaye.

8Ngokuba ukuhlengwa komphefumulo wabo kubiza kakhulu;

akunakuphela nanini

9ukuba aphile njalo, angaboni ukubola.

10Qha, uyakubona ukuthi abahlakaniphileyo bayafa

nokuthi isiwula kanye nesiphukuphuku ziyabhubha,

imfuyo yabo bayishiyele abanye.

11Ukucabanga kwabo kuthi izindlu zabo

zizakuma kuze kube phakade,

nemizi yabo ezizukulwaneni ngezizukulwane;

amazwe abo bawabiza ngamagama abo.

12Kepha umuntu, nokuba enodumo, akayikuma;

ufana nezilwane ezibhubhayo.

13Le ndlela yabo ingubuwula babo,

balandelwa ngabavumela umlomo wabo. Sela*

14Baqhutshelwa endaweni yabafileyo njengezimvu;

ukufa kuyakubalusa,

abaqotho babuse phezu kwabo ngakusasa,

isimo sabo siqedwe yindawo yabafileyo,

bangabe besaba nandlu.

15Kepha uNkulunkulu uyakuwukhulula umphefumulo wami

esandleni sendawo yabafileyo, ngokuba uyakungamukela. Sela*

16Ungesabi, nxa umuntu eceba,

nxa ubukhosi bendlu yakhe banda.

17Ngokuba ekufeni kwakhe akayikuphatha lutho;

ubukhosi bakhe abuyikwehla naye.

18Noma ebusisa umphefumulo wakhe esaphila,

futhi abantu bekudumisa,

ngokuba uzondle kahle,

19nokho uyakuya esizukulwaneni sawoyise;

abayikukubona ukukhanya naphakade.

20Umuntu onodumo engenakuqonda unjengezilwane ezibhubhayo.

Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU