Bible Society of South Africa

To The Word – Day 148

2 Chronicles 22–26, Psalm 121

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

2 iziKronike 22

U-Ahaziya uyinkosi kwaJuda

1Abakhileyo eJerusalema babeka u-Ahaziya indodana yakhe encane inkosi esikhundleni sakhe, ngokuba iviyo lababefike ekamu* nabase-Arabiya lalibulele bonke abokuqala. Wayesebusa-ke u-Ahaziya indodana kaJehoramu inkosi yakwaJuda.

2U-Ahaziya wayeneminyaka engamashumi amane nambili ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa umnyaka eJerusalema; igama likanina lalingu-Athaliya indodakazi ka-Omri.

3Naye wahamba ngezindlela zendlu ka-Ahabi, ngokuba unina wayengomeluleka ukwenza okubi. 4Wenza okubi emehlweni kaJehova njengokwenza kwendlu ka-Ahabi, ngokuba bona babengabamelulekayo emva kokufa kukayise, kwaba ngukuchithwa kwakhe. 5Futhi wahamba ngeziluleko zabo, lapho ehamba noJehoramu, indodana ka-Ahabi, inkosi yakwa-Israyeli, ukulwa noHazayeli inkosi yase-Aramu eRamoti Gileyadi; ama-Aramu amlimaza uJoramu. 6Wabuyela ukwelashwa eJizreyeli ngenxa yamanxeba ayemlimaze wona eRama ekulweni kwakhe noHazayeli inkosi yase-Aramu. U-Azariya indodana kaJehoramu, inkosi yakwaJuda, wehla ukumbona uJehoramu indodana ka-Ahabi eJizreyeli, ngokuba wayegula.

7Ukubhubha kuka-Ahaziya kwavela kuNkulunkulu ekuyeni kwakhe kuJoramu, ngokuba lapho esefikile khona waphuma noJehoramu ukulwa noJehu indodana kaNimishi, amgcobileyo uJehova ukuba anqume indlu ka-Ahabi. 8Kwathi lapho uJehu ahlulela indlu ka-Ahabi, wafumanisa izikhulu zakwaJuda namadodana abafowabo baka-Ahaziya ababekhonza u-Ahaziya; wababulala. 9Wamfuna u-Ahaziya, bambamba; wayecashile eSamariya bamletha kuJehu, bambulala; bammbela, ngokuba bathi: “Uyindodana kaJehoshafati owamfuna uJehova ngenhliziyo yakhe yonke.” Indlu ka-Ahaziya yayingasenamandla okuwugcina umbuso.

U-Athaliya ungumbusi

10Kepha u-Athaliya, unina ka-Ahaziya, esebonile ukuthi indodana yakhe ifile wasuka wachitha yonke imbewu yobukhosi yendlu kaJuda. 11Kodwa uJehoshabeyati, indodakazi yenkosi, wamthatha uJowashi indodana ka-Ahaziya, wameba phakathi kwamadodana enkosi abulawayo, wambeka nomzanyana wakhe ekamelweni lokulala. UJehoshabeyati, indodakazi yenkosi uJehoramu, umkaJehoyada umpristi – ngokuba wayengudadewabo ka-Ahaziya – wamfihla ebusweni buka-Athaliya, ukuze angambulali. 12Wayenabo ethukusiwe endlini kaNkulunkulu iminyaka eyisithupha; u-Athaliya wabusa ezweni.

2 iziKronike 22ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

2 iziKronike 23

UJowashi uyinkosi. U-Athaliya uyabulawa

1Ngomnyaka wesikhombisa uJehoyada waziqinisa, wazithathela izinduna zamakhulu, u-Azariya indodana kaJerohamu, no-Ishmayeli indodana kaJehohanani, no-Azariya indodana ka-Obede, noMahaseya indodana ka-Adaya, no-Elishafati indodana kaZikiri, zenza isivumelwano naye. 2Zazungeza kwaJuda, zabutha amaLevi emizini yonke yakwaJuda, nezinhloko zawoyise bakwa-Israyeli, bafika eJerusalema. 3Lonke ibandla lenza isivumelwano nenkosi endlini kaNkulunkulu; uJehoyada wathi: “Bhekani, indodana yenkosi iyakubusa njengokukhuluma kukaJehova ngamadodana kaDavide. 4Nansi into eniyakuyenza: abesithathu kini abangena ngesabatha, ababapristi nabamaLevi, bayakuba ngabalindisango, 5abesithathu babe sendlini yenkosi, abesithathu babe seSangweni Lesisekelo, bonke abantu babe semagcekeni endlu kaJehova. 6Makungangeni muntu endlini kaJehova ngaphandle kwabapristi namaLevi akhonzayo; bona bangangena, ngokuba bangcwele; kepha bonke abantu bayakugcina izimfanelo zikaJehova. 7AmaLevi ayakuyizungeza inkosi nxazonke, yilowo nalowo abe nezikhali zakhe esandleni sakhe; ongena endlini makabulawe; yibani nenkosi ekungeneni kwayo nasekuphumeni kwayo.”

8AmaLevi naye wonke uJuda benza njengakho konke uJehoyada umpristi ayale ngakho, bathatha, kwaba yilowo nalowo abantu bakhe ababeyakungena ngesabatha kanye nababeyakuphuma ngesabatha, ngokuba uJehoyada umpristi akamukisanga izigaba. 9UJehoyada umpristi wanikela ezinduneni zamakhulu imikhonto namahawu nezihlangu okwakungokwenkosi uDavide, kusendlini kaNkulunkulu. 10Wamisa abantu bonke, kwaba yilowo nalowo enesikhali sakhe esandleni sakhe, kusukela ohlangothini lokunene lwendlu kuze kube sohlangothini lwesokhohlo lwendlu, ngase-altare nasendlini nxazonke zenkosi.

11Base beyikhipha indodana yenkosi, wayifaka umqhele, wayinika ubufakazi, bayibeka inkosi; uJehoyada namadodana akhe bayigcoba bathi: “Mana njalo, nkosi.”

12U-Athaliya esezwa ukumemeza kwabantu begijima beyidumisa inkosi, waya kubantu endlini kaJehova, 13wabuka; bheka, inkosi yayimi ngasensikeni yayo ekungeneni, izikhulu nabamacilongo bengasenkosini; bonke abantu bezwe bathokoza, bakhalisa amacilongo; abahlabeleli babetha izinto zokubethwa, bahola ukuhlabelela kwendumiso. U-Athaliya wayeseklebhula izingubo zakhe, wathi: “Ngugobe! Ngugobe!”

14UJehoyada wayesezikhipha izinduna zamakhulu ezazibekwe phezu kwempi, wathi kuzo: “Mkhipheni endlini, nimngenise phakathi kwezinhla; omlandelayo nimbulale ngenkemba;” ngokuba umpristi wathi: “Ningambulali endlini kaJehova.” 15Base bemdedela nxazombili, waya ekungeneni kwesango lamahhashi endlini yenkosi; bambulala khona.

16UJehoyada wenza isivumelwano phakathi kwakhe nabantu bonke nenkosi ukuba babe ngabantu bakaJehova. 17Bonke abantu baya endlini kaBali, bayibhidliza, baphahlaza ama-altare akhe nezithombe zakhe, babulala uMathani umpristi kaBali phambi kwama-altare.

18UJehoyada wamisa ababonisi bendlu kaJehova ngesandla sabapristi bamaLevi uDavide abahlukanisile endlini kaJehova bokunikela ngeminikelo yokushiswa kuJehova njengokulotshiweyo emthethweni kaMose, ngentokozo nangokuhlabelela, njengokuhlela kukaDavide. 19Wamisa abalindisango emasangweni endlu kaJehova ukuba kungangeni ongcolile noma ngantoni.

20Wazithatha izinduna zamakhulu, nabakhulu, nababusi babantu, nabo bonke abantu bezwe, wayehlisa inkosi endlini kaJehova, bafika ngesango lasenhla endlini yenkosi, bayibeka inkosi esihlalweni sobukhosi sombuso. 21Bonke abantu bezwe bathokoza; umuzi wazola; bambulala u-Athaliya ngenkemba.

2 iziKronike 23ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

2 iziKronike 24

UJowashi uyinkosi kwaJuda. Ukulungiswa kwethempeli

1UJowashi wayeneminyaka eyisikhombisa ekuqaleni kwakhe ukubusa; wabusa iminyaka engamashumi amane eJerusalema; igama likanina lalinguSibiya waseBeri Sheba. 2UJowashi wenza okulungile emehlweni kaJehova zonke izinsuku zikaJehoyada umpristi. 3UJehoyada wamthathela abafazi ababili; wazala amadodana namadodakazi.

4Kwathi emva kwalokho kwakusenhliziyweni kaJowashi ukuvusa indlu kaJehova. 5Wabutha abapristi namaLevi, wathi kubo: “Phumani niye emizini yakwaJuda, niqoqe ku-Israyeli wonke imali yokulungisa indlu kaNkulunkulu wenu iminyaka ngeminyaka, niyisheshise le ndaba.” Kepha amaLevi awasheshanga.

6Inkosi yayisibiza uJehoyada inhloko, yathi kuye: “Awubizanga ngani kumaLevi ukuba alethe kwaJuda naseJerusalema intela kaMose inceku kaJehova neyebandla lika-Israyeli, ibe ngeyetende lobufakazi na?”

7Ngokuba amadodana ka-Athaliya, owesifazane lowo omubi, ayeyichithile indlu kaNkulunkulu, nezinto zonke ezingcwele zendlu kaJehova azenza ukuba zibe ngezikaBali.

8Yayisikhuluma inkosi, benza umphongolo, bawubeka ngaphandle ngasesangweni lendlu kaJehova. 9Kwase kumenyezelwa kwaJuda naseJerusalema ukuba balethe kuJehova intela uMose inceku kaNkulunkulu ayibeke phezu kuka-Israyeli ehlane. 10Zonke izikhulu nabo bonke abantu bathokoza, bayiletha, bayiphonsa emphongolweni, baze baqeda. 11Kwathi ngesikhathi umphongolo owayiswa ngaso ezinduneni zenkosi ngesandla samaLevi, nalapho zibona ukuthi imali iningi, umbhali wenkosi nenduna yompristi omkhulu beza, bawuthulula umphongolo, bawuthatha, bawubuyisela endaweni yawo. Benze njalo imihla ngemihla, baqoqa imali eningi. 12Inkosi noJehoyada bayinika abenza umsebenzi wenkonzo endlini kaNkulunkulu, baqasha abakhi nababazi ukuvusa indlu kaJehova, nabasebenza ngensimbi nethusi ukuba baqinise indlu kaJehova.

13Zase zisebenza-ke izisebenzi, zalungisa zaqeda ngezandla zazo, zayimisa indlu kaNkulunkulu ngezilinganiso zayo, zayiqinisa. 14Sebeqedile baletha imali eseleyo phambi kwenkosi noJehoyada, benza ngayo izitsha zendlu kaJehova, izitsha zokukhonzela nezokunikelela, nezinkezo, nezinye izitsha zegolide nezesiliva. Banikela ngeminikelo yokushiswa endlini kaJehova njalo zonke izinsuku zikaJehoyada.

15Kodwa uJehoyada waguga, wafa esanelisiwe yizinsuku; wayeneminyaka eyikhulu namashumi amathathu ekufeni kwakhe. 16Bammbela emzini kaDavide phakathi kwamakhosi, ngokuba wayenze okuhle kwa-Israyeli, nakuNkulunkulu, nasendlini yakhe.

17Emva kokufa kukaJehoyada kwafika izikhulu zakwaJuda, zakhuleka enkosini; khona inkosi yazilalela. 18Bayishiya indlu kaJehova uNkulunkulu wawoyise, bakhonza o-Ashera* nezithombe; uJuda neJerusalema kwehlelwa yintukuthelo ngaleli cala labo. 19Kepha wathuma abaprofethi kubo ukuba bababuyisele kuJehova; babaxwayisa, kepha kababekanga ndlebe.

20UMoya kaNkulunkulu wembesa uZakariya indodana kaJehoyada umpristi; wema ngaphezu kwabantu, wathi kubo: “Usho kanje uNkulunkulu, uthi: ‘Neqelani imiyalo kaJehova ukuba ningabi nampumelelo na? Ngokuba nimshiyile uJehova, naye unishiyile nina.’ ”

21Bamenzela ugobe, bamkhanda ngamatshe ngesiyalezo senkosi egcekeni lendlu kaJehova. 22UJowashi, inkosi, akakhumbulanga umusa uJehoyada amenzele wona, wabulala indodana yakhe. Ekufeni kwakhe wathi: “UJehova makakubone lokhu, akuphindisele.”

23Kwathi ngasekupheleni komnyaka impi yase-Aramu yakhuphukela kuye, yafika kwaJuda naseJerusalema, yabhubhisa zonke izikhulu zabantu phakathi kwabantu, yathuma yonke impango yazo enkosini yaseDamaseku. 24Ngokuba impi yase-Aramu yafika neviyo elincane labantu, nokho uJehova wanikela impi enkulu kakhulu esandleni sabo, ngokuba babemshiyile uJehova uNkulunkulu wawoyise. Base bemahlulela uJowashi. 25Lapho sebemukile kuye ngokuba bamshiya egula kakhulu izinceku zakhe zamenzela ugobe ngenxa yegazi lamadodana kaJehoyada umpristi, zambulala embhedeni wakhe, wafa; bammbela emzini kaDavide, kodwa abammbelanga emathuneni amakhosi.

26Nampa ababemenzela ugobe: nguZabadi indodana kaShimeyati umAmonikazi noJehozabadi indodana kaShimriti umMowabikazi. 27Ngamadodana akhe, nangobukhulu bemithwalo phezu kwakhe, nangokuvuswa kwendlu kaNkulunkulu, bheka, kulotshiwe esichasiselweni sencwadi yamakhosi. U-Amasiya indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.

2 iziKronike 24ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

2 iziKronike 25

U-Amasiya uyinkosi kwaJuda. Unqoba abakwa-Edomi. Unqotshwa nguJowashi inkosi yakwa-Israyeli

1U-Amasiya wayeneminyaka engamashumi amabili nanhlanu ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka engamashumi amabili nesishiyagalolunye eJerusalema; igama likanina lalinguJehohadani waseJerusalema. 2Wenza okulungile emehlweni kaJehova, kungenganhliziyo epheleleyo kodwa. 3Kwathi lapho umbuso usuqinisiwe kuye, wazibulala izinceku zakhe ezaziyibulele inkosi uyise. 4Kodwa akabulalanga abantwana bazo, kepha wenza njengokulotshiweyo emthethweni encwadini kaMose njengokuyala kukaJehova ngokuthi: “Oyise abayikubulawa ngenxa yabantwana, nabantwana abayikubulawa ngenxa yawoyise, kepha yilowo nalowo uyakufa ngesakhe isono.”

5Futhi u-Amasiya wabutha uJuda, wabamisa ngokwezindlu zawoyise phansi kwezinduna zezinkulungwane nezinduna zamakhulu, oJuda wonke noBenjamini; wababala kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, wabafumana beyizinkulungwane ezingamakhulu amathathu abakhethekileyo abangaphuma impi nabangaphatha umkhonto nesihlangu. 6Waqasha kwa-Israyeli amaqhawe anamandla ayizinkulungwane eziyikhulu ngamatalenta* ayikhulu esiliva.

7Kepha kwafika kuye umuntu kaNkulunkulu, wathi: “Nkosi, impi yakwa-Israyeli mayingahambi nawe, ngokuba uJehova akasenaye u-Israyeli nabo bonke abantwana bakwa-Efrayimi, 8kepha noma kuhamba wena, ukwenza, uziqinisela impi; uNkulunkulu uyakukuwisa phansi ebusweni bezitha. Ngokuba uNkulunkulu unamandla okuwisa phansi nokusiza.”

9U-Amasiya wayesethi kulowo muntu kaNkulunkulu: “Kepha siyakwenze njani ngamatalenta* ayikhulu engiwanike impi yakwa-Israyeli na?”

Umuntu kaNkulunkulu wathi: “UJehova unamandla okukunika okuningi kunalokho.”

10U-Amasiya wayeseyahlukanisa impi ebifike kuye ivela kwa-Efrayimi ukuba iye ekhaya; ngalokho ulaka lwabo lwavuthela kakhulu uJuda, babuyela ekhaya bevutha ulaka.

11U-Amasiya waziqinisa, wahola abantu bakhe, waya esiGodini Sikasawoti, wabulala abantwana baseSeyiri abayizinkulungwane eziyishumi. 12Abayizinkulungwane eziyishumi bathunjwa ngabantwana bakwaJuda besezwa, babayisa esiqongweni sesiwa, babaphonsa phansi besesiqongweni sesiwa, baphihlizeka bonke.

13Kepha abantu bempi ababebuyiselwe emuva ngu-Amasiya ukuba bangaphumi impi naye baphundla imizi yakwaJuda kusukela eSamariya kuze kube seBeti Horoni, babulala kuyo izinkulungwane ezintathu, bathatha impango eningi.

14Kwathi u-Amasiya esebuyile ekubulaleni abakwa-Edomi, waletha onkulunkulu babantwana baseSeyiri, wabamisa babe ngonkulunkulu bakhe, wakhothama phambi kwabo, wabashisela impepho. 15Ngalokho intukuthelo kaJehova yamvuthela u-Amasiya, wathuma umprofethi kuye owathi kuye: “Ufuneleni onkulunkulu babantu abangophulanga abantu babo esandleni sakho na?”

16Kwathi esakhuluma naye, wathi kuye: “Sikubeke umluleki wenkosi na? Yeka, ubuyakubulawelani na?”

Wayeseyeka umprofethi, wathi: “Ngiyazi ukuthi uNkulunkulu unqumile ukukubhubhisa, ngokuba wenzile lokho, ungalalelanga isiluleko sami.”

17U-Amasiya, inkosi yakwaJuda, eselulekiwe wathumela kuJowashi indodana kaJehowahazi kaJehu, inkosi yakwa-Israyeli, wathi: “Woza sibhekane ubuso nobuso.”

18UJowashi, inkosi yakwa-Israyeli, wathumela ku-Amasiya inkosi yakwaJuda, wathi: “Isihlahla somkhaya saseLebanoni sathumela kumsedari* waseLebanoni, sathi: ‘Nika indodana yami indodakazi yakho ibe ngumkayo.’ Kwadlula isilo sasendle saseLebanoni, sanyathela phansi isihlahla somkhaya. 19Uthi: ‘Bheka, ngichithile u-Edomi;’ inhliziyo yakho iyakuphakamisa ukuba uzidumise; hlala ekhaya manje; uzilebelani ukuba uwe wena, noJuda ekanye nawe, na?”

20Kepha u-Amasiya akalalelanga, ngokuba kwavela kuNkulunkulu ukuba abanikele esandleni sezitha zabo, ngokuba babefunile onkulunkulu bakwa-Edomi. 21Wayesekhuphuka uJowashi inkosi yakwa-Israyeli; yena no-Amasiya inkosi yakwaJuda babhekana ubuso nobuso eBeti Shemeshi elingelakwaJuda. 22UJuda wahlulwa phambi kuka-Israyeli; babaleka, kwaba yilowo nalowo etendeni lakhe. 23UJowashi inkosi yakwa-Israyeli wambamba u-Amasiya inkosi yakwaJuda indodana kaJowashi kaJehowahazi eBeti Shemeshi, wamyisa eJerusalema, wadiliza ugange lwaseJerusalema kusukela eSangweni lakwa-Efrayimi kuze kube seSangweni Lasegumbini, izingalo ezingamakhulu amane. 24Wathatha lonke igolide nesiliva, nazo zonke izitsha ezafunyanwa endlini kaJehova ku-Obede Edomi, nengcebo yendlu yenkosi, nabayisibambiso, wabuyela eSamariya.

25U-Amasiya indodana kaJowashi, inkosi yakwaJuda, wayesekhona emva kokufa kukaJowashi indodana kaJehowahazi, inkosi yakwa-Israyeli, iminyaka eyishumi nanhlanu.

26Ezinye izindaba zika-Amasiya, ezokuqala nezokugcina, bheka, angithi zilotshiwe encwadini yamakhosi akwaJuda nakwa-Israyeli na? 27Kusukela esikhathini u-Amasiya aphambuka ngaso ekumlandeleni uJehova bamenzela ugobe eJerusalema; wabalekela eLakishi, kepha bathumela bamlanda eLakishi, bambulala khona. 28Bamthwala ngamahhashi, bammbela koyise emzini wakwaJuda.

2 iziKronike 25ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

2 iziKronike 26

U-Uziya uyinkosi kwaJuda. Impi yakhe namandla akhe. Uchoko lwakhe

1Bonke abantu bakwaJuda bathatha u-Uziya owayeneminyaka eyishumi nesithupha, bambeka inkosi esikhundleni sikayise u-Amasiya. 2Yena wakha i-Eloti, walibuyisela kuJuda, inkosi isilele koyise.

3U-Uziya wayeneminyaka eyishumi nesithuha ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka engamashumi ayisihlanu nambili eJerusalema; igama likanina lalinguJekoliya waseJerusalema. 4Wenza okulungile emehlweni kaJehova njengakho konke akwenzileyo uyise u-Amasiya. 5Wayelokhu emfuna uNkulunkulu emihleni kaZakariya owafundisa ekumesabeni uJehova; emihleni yokumfuna kwakhe uJehova, uNkulunkulu wamhlahlamelisa.

6Waphuma walwa namaFilisti, wadiliza ugange lwaseGati, nogange lwaseJabine, nogange lwase-Ashidodi; wakha imizi kwelase-Ashidodi naphakathi kwamaFilisti. 7UNkulunkulu wamsiza kumaFilisti, nakwabase-Arabiya ababehlala eGuri Bali, nakumaMehuni. 8Abakwa-Amoni bathela intela ku-Uziya; igama lakhe lahamba laze lafika nasekuyeni eGibithe, ngokuba waba namandla kakhulu.

9U-Uziya wakha nemibhoshongo eJerusalema ngaseSangweni Lasegumbini, nangaseSangweni Lasesigodini, nangaseNqutshini, wayiqinisa. 10Wakha imibhoshongo ehlane, wemba imigodi eminingi yamanzi, ngokuba wayenezinkomo eziningi ehlanzeni nasethafeni, wayenabalimi nabaphathi bezivini ezintabeni naseKarmeli, ngokuba wayengothanda umhlabathi.

11U-Uziya wayenempi elwayo eyaphuma ukulwa ngamaviyo njengomumo wokubalwa kwabo ngesandla sikaJehiyeli, umbhali, noMahaseya, umbusi phansi kwesandla sikaHananiya, enye yezinduna zenkosi. 12Umumo wonke wezinhloko zawoyise, amaqhawe anamandla, wawuyizinkulungwane ezimbili namakhulu ayisithupha. 13Phansi kwezandla zabo kwakukhona impi enamandla eyizinkulungwane ezingamakhulu amathathu nezinkulungwane eziyisikhombisa namakhulu ayisihlanu, eyalwa ngamandla amakhulu ukuba isize inkosi ezitheni. 14U-Uziya walungisela impi yonke izihlangu, nemikhonto, nezigqoko, namabhantshi, neminsalo, namatshe endwayimana. 15Wenza eJerusalema imishini eyaqanjwa ngokuhlakanipha ukuba ibe phezu kwemibhoshongo nasezingosini, kuphonswe ngayo imicibisholo namatshe amakhulu. Igama lakhe laphumela ekudeni, ngokuba wasizwa ngokumangalisayo waze waba namandla.

16Kepha lapho eseziqinisile, inhliziyo yakhe yazikhukhumeza kwaze kwaba ngukubhubha kwakhe, waphambuka kuJehova uNkulunkulu wakhe, wangena ethempelini likaNkulunkulu ukuba ashise impepho e-altare lempepho. 17U-Azariya umpristi wangena emva kwakhe, bekhona kanye naye abapristi bakaJehova abangamashumi ayisishiyagalombili, amadoda anamandla; 18bamelana no-Uziya inkosi, bathi kuye: “Akusikho okwakho, Uziya, ukushisela uJehova impepho, kungokwabapristi, amadodana ka-Aroni, abangcweliselwe ukushisa impepho; phuma endlini engcwele, ngokuba wenze isiphambeko; futhi awuyikuba nodumo oluvela kuJehova uNkulunkulu.”

19Wayesethukuthela u-Uziya; wayenomcengezi womlilo esandleni sakhe ukuba ashise impepho; esabathukuthelele abapristi, kwaqhamuka uchoko ebunzini lakhe phambi kwabapristi endlini kaJehova eceleni kwe-altare lempepho. 20U-Azariya, umpristi omkhulu, nabo bonke abapristi bambuka; bheka, wayenochoko ebunzini lakhe; bashesha bamkhipha khona; naye waphuthuma ukuphuma, ngokuba uJehova wayemshayile.

21U-Uziya, inkosi, wayesengonochoko kwaze kwafika usuku lokufa kwakhe, wahlala endlini eyahlukanisiweyo, lokhu engonochoko, ngokuba wanqunywa endlini kaJehova. UJothamu indodana yakhe wayephezu kwendlu yenkosi, ahlulela abantu bezwe.

22Ezinye izindaba zika-Uziya, ezokuqala nezokugcina, zalotshwa ngu-Isaya umprofethi, indodana ka-Amose. 23U-Uziya wayeselala koyise; bammbela koyise ngaphandle kwamathuna amakhosi, ngokuba bathi: “Ungonochoko.” UJothamu, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe.

2 iziKronike 26ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 121

Ukwethemba ukulondoloza kukaNkulunkulu

Igama lokukhuphuka.

1Ngiphakamisela amehlo ami ezintabeni;

usizo lwami luvelaphi na?

2Usizo lwami luvela kuJehova

owenzile izulu nomhlaba.

3Akayikuvuma ukuba unyawo lwakho lushelele;

okulondolozayo akayikozela.

4Bheka, olonda u-Israyeli akozeli,

akalali.

5UJehova ungumlondi wakho;

uJehova ungumthunzi wakho ngasesandleni sakho sokunene.

6Ilanga aliyikukushaya emini nenyanga ebusuku.

7UJehova uyakukulondoloza ebubini bonke;

uyakulonda umphefumulo wakho.

8UJehova uyakulondoloza ukuphuma kwakho nokungena kwakho

kusukela kulesi sikhathi kuze kube phakade.

Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU