Bible Society of South Africa

To The Word – Day 147

2 Chronicles 17–21, Proverbs 14

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

2 iziKronike 17

UJehoshafati uyinkosi kwaJuda. Amandla akhe

1UJehoshafati indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe, waziqinisa ukulwa no-Israyeli. 2Wabeka amabutho emizini yonke ebiyelweyo yakwaJuda, wabeka amakhanda ezweni lakwaJuda, nasemizini yakwa-Efrayimi u-Asa uyise ayithathileyo.

3UJehova wayenaye uJehoshafati, ngokuba wahamba ngezindlela zokuqala zikayise uDavide, akafunanga oBali, 4kepha wafuna uNkulunkulu kayise, wahamba ngemiyalo yakhe, kungengakwenza kuka-Israyeli. 5Ngalokho uJehova wawuqinisa umbuso esandleni sakhe; wonke uJuda wathela intela kuJehoshafati, wayenengcebo nodumo olukhulu. 6Inhliziyo yakhe yaphakanyiswa ezindleleni zikaJehova; futhi wasusa izindawo eziphakemeyo nawo-Ashera* kwaJuda.

7Ngomnyaka wesithathu wokubusa kwakhe wathuma izikhulu zakhe oBeni Hayili, no-Obadiya, noZakariya, noNethaneli, noMikhaya ukuba zifundise emizini yakwaJuda, 8zinamaLevi oShemaya, noNethaniya, noZebadiya, no-Asaheli, noShemiramoti, noJehonathani, no-Adoniya, noThobiya, noThobi Adoniya, amaLevi, beno-Elishama noJehoramu, abapristi. 9Base befundisa kwaJuda benencwadi yomthetho kaJehova; bazungeza baya emizini yonke yakwaJuda, bafundisa phakathi kwabantu.

10Kwehlela ingebhe ngoJehova phezu kwayo yonke imibuso yamazwe eyayinxazonke zakwaJuda, ayilwanga noJehoshafati. 11AmaFilisti athile aletha izipho kuJehoshafati, nesiliva lentela; nabase-Arabiya baletha kuye imihlambi, izinqama eziyizinkulungwane eziyisikhombisa namakhulu ayisikhombisa nezimpongo eziyizinkulungwane eziyisikhombisa namakhulu ayisikhombisa.

12UJehoshafati wayelokhu ekhula njalo, waze waba mkhulu kakhulu; wakha izinqaba nemizi yokubekelela kwaJuda. 13Wayenemisebenzi eminingi emizini yakwaJuda kanye namadoda empi, amaqhawe anamandla, eJerusalema. 14Nakhu ukubalwa kwabo njengezindlu zawoyise: kwaJuda: izinduna zezinkulungwane: ngu-Adina induna, enamaqhawe anamandla ayizinkulungwane ezingamakhulu amathathu; 15emva kwakhe kwakunguJehohanani induna, enezinkulungwane ezingamakhulu amabili namashumi ayisihiyagalombili; 16emva kwakhe kwakungu-Amasiya indodana kaZikiri, owazinikela ngenhliziyo kuJehova, enamaqhawe anamandla ayizinkulungwane ezingamakhulu amabili; 17kwaBenjamini: ngu-Eliyada, iqhawe elinamandla, enabahlome iminsalo nezihlangu abayizinkulungwane ezingamakhulu amabili; 18emva kwakhe kwakunguJehozabadi, enabahlomele impi abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisishiyagalombili. 19Yilabo ababekhonza inkosi ngaphandle kwalabo inkosi eyababeka emizini ebiyelweyo kulo lonke lakwaJuda.

2 iziKronike 17ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

2 iziKronike 18

O-Ahabi noJehoshafati bahlasela i-Aramu. Ukufa kuka-Ahabi

1UJehoshafati wayenengcebo nodumo olukhulu, wahlangana ngobuhlobo no-Ahabi. 2Ngasekugcineni kweminyaka ethile wehlela ku-Ahabi eSamariya. U-Ahabi wamhlabela yena nabantu ababenaye izimvu nezinkabi eziningi, wamncenga ukuba akhuphukele eRamoti Gileyadi. 3U-Ahabi inkosi yakwa-Israyeli wathi kuJehoshafati inkosi yakwaJuda: “Uyakuhamba nami, siye eRamoti Gileyadi, na?”

Wathi kuye: “Mina nginjengawe, abantu bami banjengabantu bakho; siyakuba nawe empini.” 4UJehoshafati wathi enkosini yakwa-Israyeli: “Ake ubuze namuhla izwi likaJehova.”

5Inkosi yakwa-Israyeli yayisibutha abaprofethi, amadoda angamakhulu amane, yathi kubo: “Sihambe siye yini eRamoti Gileyadi ukulwa, noma ngiliyeke na?”

Bathi: “Khuphukani, ngokuba uNkulunkulu uyakulinikela esandleni senkosi.”

6Kepha uJehoshafati wathi: “Akusekho mprofethi kaJehova lapha ukuba sibuze kuye na?”

7Inkosi yakwa-Israyeli yathi kuJehoshafati: “Kusekhona umuntu munye esingabuza ngaye kuJehova, kodwa ngiyamzonda, ngokuba akazange aprofethe okuhle ngami, kepha okubi njalo; nguMikhaya indodana kaJimila.”

Wathi uJehoshafati: “Inkosi mayingasho njalo.”

8Inkosi yakwa-Israyeli yayisibiza induna, yathi: “Landa masinyane uMikhaya indodana kaJimila.”

9Inkosi yakwa-Israyeli noJehoshafati inkosi yakwaJuda babehlezi, kwaba yilowo nalowo esihlalweni sakhe sobukhosi, bembethe izambatho zabo, behlezi esibuyeni ngasesikhaleni sesango laseSamariya; bonke abaprofethi baprofetha phambi kwabo. 10USedekiya indodana kaKhenahana wazenzela izimpondo zensimbi, wathi: “Usho kanje uJehova, uthi: ‘Ngalezi uyakuqhubukusha ama-Aramu aze aphele.’ ”

11Bonke abaprofethi baprofetha kanje, bathi: “Khuphukela eRamoti Gileyadi, ube nempumelelo, ngokuba uJehova uyakulinikela esandleni senkosi.”

12Isithunywa ebesihambile ukumbiza uMikhaya sakhuluma kuye, sathi: “Bheka, amazwi abaprofethi mahle enkosini ngamlomo munye; ngalokho izwi lakho malibe njengelinye labo, ukhulume okuhle.”

13Kepha uMikhaya wathi: “Kuphila kukaJehova, lokhu uNkulunkulu wami akushoyo, lokhu ngiyakukhuluma khona.”

14Esefikile enkosini, inkosi yathi kuye: “Mikhaya, sihambe silwe neRamoti Gileyadi, noma ngiliyeke na?”

Wathi: “Khuphukani, nibe nempumelelo; bayakunikelwa esandleni senu.”

15Yayisithi kuye inkosi: “Ngiyakukufungisa izikhathi ezingaki ukuba ungakhulumi lutho kimi ngaphandle kweqiniso egameni likaJehova na?”

16Wayesethi: “Ngabona wonke u-Israyeli ehlakazekile ezintabeni njengezimvu ezingenamalusi; uJehova wathi: ‘Laba abasenankosi; mababuyele, kube yilowo nalowo endlini yakhe ngokuthula.’ ”

17Yayisithi inkosi yakwa-Israyeli kuJehoshafati: “Angishongo yini kuwe ukuthi akayikuprofetha okuhle ngami, okubi kuphela, na?”

18UMikhaya wathi: “Ngalokho yizwani izwi likaJehova: Ngambona uJehova ehlezi esihlalweni sakhe sobukhosi, nebandla lonke lasezulwini limi ngakwesokunene nangakwesokhohlo sakhe. 19UJehova wathi: ‘Ngubani oyakuyenga u-Ahabi inkosi yakwa-Israyeli ukuba akhuphuke, afele eRamoti Gileyadi na?’ Omunye washo ukuthi nomunye ukuthi. 20Kwavela umoya, wema phambi kukaJehova, wathi: ‘Mina ngiyakumyenga.’ UJehova wathi kuye: ‘Ngantoni na?’

21“Wathi: ‘Ngiyakuphuma ngibe ngumoya wamanga emilonyeni yabaprofethi bakhe bonke.’

“Wathi: ‘Uyakumyenga, futhi uyakumahlula; hamba, wenze njalo.’

22“Bheka, ngalokho uJehova ubekile umoya wamanga emilonyeni yalaba baprofethi bakho; uJehova ukhulumile okubi ngawe.”

23USedekiya indodana kaKhenahana wayesesondela, wamshaya uMikhaya esihlathini, wathi: “UMoya kaJehova wasuka kimi ngaphi ukuba akhulume kuwe na?”

24Wathi uMikhaya: “Bheka, uyakukubona ngalolo suku oyakungena ngalo emakamelweni ngamakamelo ukuba ucashe.”

25Inkosi yakwa-Israyeli yathi: “Mthatheni uMikhaya, nimbuyisele ku-Amoni umbusi womuzi nakuJowashi indodana yenkosi, 26nithi: ‘Isho kanje inkosi, ithi: Fakani lona etilongweni, nimuphe isinkwa sokuhlupheka namanzi okuhlupheka, ngize ngibuye ngokuphila.’ ”

27Wayesethi uMikhaya: “Uma ubuya impela ngokuphila, uyakube engakhulumanga ngami uJehova.” Wathi futhi: “Yizwani nina bantu bonke.”

28Inkosi yakwa-Israyeli noJehoshafati inkosi yakwaJuda base bekhuphukela eRamoti Gileyadi. 29Inkosi yakwa-Israyeli yathi kuJehoshafati: “Ngiyakuziguqula, ngingene ekulweni, kepha wena wembathe izambatho zakho.” Yayisiziguqula inkosi yakwa-Israyeli, bangena ekulweni.

30Kepha inkosi yase-Aramu ibiyalile izinduna zezinqola zayo ngokuthi: “Ningalwi namuntu, omncane noma omkhulu, kuphela nenkosi yakwa-Israyeli yodwa.” 31Kwathi lapho izinduna zezinqola sezibonile uJehoshafati, zathi: “Yena uyinkosi yakwa-Israyeli;” zase ziphenduka ukuba zilwe nayo, kepha uJehoshafati wamemeza, uJehova wamsiza; uNkulunkulu wazimukisa kuye. 32Kwathi sezibonile izinduna zezinqola ukuthi yena akasiyo inkosi yakwa-Israyeli, zabuya ekumlandeleni.

33Kepha umuntu othile wansala umnsalo wakhe ngokungazeleli nje, wayihlaba inkosi yakwa-Israyeli enhlanganisweni yebhantshi lensimbi; yathi kumshayeli: “Phenduka, ungikhiphe empini, ngokuba ngikhutshaziwe.” 34Ukulwa kwaqina ngalolo suku; inkosi yakwa-Israyeli yasekelwa enqoleni yayo malungana nama-Aramu kwaze kwaba kusihlwa, yafa ngesikhathi sokushona kwelanga.

2 iziKronike 18ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

2 iziKronike 19

Amazwi omprofethi uJehu

1UJehoshafati inkosi yakwaJuda wabuyela ngokuphila endlini yakhe eJerusalema. 2UJehu, indodana kaHanani umboni, waphuma ukumhlangabeza, wathi enkosini uJehoshafati: “Usiza yini ababi, uthanda abamzondayo uJehova na? Ngalokho intukuthelo iphezu kwakho ivela kuJehova. 3Nokho kufunyaniswa kuwe nezinto ezinhle, ngokuba ususile o-Ashera* ezweni, wabhekisa inhliziyo yakho ukuba ifune uNkulunkulu.”

UJehoshafati umisa abahluleli

4UJehoshafati wahlala eJerusalema, kepha wabuye waphuma, wahamba phakathi kwabantu, kusukela eBeri Sheba kuze kube sezintabeni, wababuyisela kuJehova uNkulunkulu wawoyise. 5Wamisa abahluleli ezweni emizini yonke ebiyelweyo yakwaJuda, imizi ngemizi, wathi kubahluleli: 6“Bhekani enikwenzayo, ngokuba anahluleleli umuntu kepha uNkulunkulu, onani ekwahluleleni. 7Ngalokho ingebhe ngoJehova mayibe phezu kwenu; qaphelani nikwenze, ngokuba ukungalungi akukho kuJehova uNkulunkulu wethu, nokukhetha ubuso, nokwamukela umvuzo.”

8Futhi uJehoshafati wamisa eJerusalema kumaLevi nakubapristi nasezinhlokweni zawoyise bakwa-Israyeli abokwahlulela kukaJehova nabombango. Sebebuyela eJerusalema, 9wabayala wathi: “Niyakwenze njalo ngokumesaba uJehova, ngeqiniso nangenhliziyo epheleleyo. 10Yonke imibango efika kini ivela kubafowenu abahlala emizini yabo phakathi kwegazi negazi, noma phakathi komthetho nomyalo, noma phakathi kwezimiso nezahlulelo, niyakubaxwayisa ngayo ukuba bangabi nacala kuJehova, nehlelwe yintukuthelo nina nabafowenu; yenzani njalo, aniyikuba nacala.

11“Bheka, u-Amariya umpristi omkhulu uphezu kwenu kuzo zonke izindaba zikaJehova, noZebadiya indodana ka-Ishmayeli, umbusi wendlu yakwaJuda, kuzo zonke izindaba zenkosi; namaLevi ayakuba yizinduna ngaphambi kwenu. Yibani namandla ekwenzeni kwenu, uJehova uyakuba nabalungileyo.”

2 iziKronike 19ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

2 iziKronike 20

Ukunqoba kukaJehoshafati izitha zakhe

1Kwathi emva kwalokho kwafika abantwana bakwaMowabi nabantwana bakwa-Amoni benabanye bamaMehuni kuJehoshafati, beyokulwa.

2Kwafika abanye, bamtshela uJehoshafati, bathi: “Kusondela kuwe isixuku esikhulu sivela phesheya kolwandle e-Aramu; bheka, sebeseHasasoni Thamari eliyi-Eni Gedi.” 3UJehoshafati wayeseshaywa luvalo, wabhekisa ubuso bakhe ukumfuna uJehova, wamemezela ukuzila ukudla kulo lonke lwakwaJuda. 4UJuda wabuthana ukucela ukusizwa nguJehova; baphuma emizini yonke yakwaJuda, bafika ukumfuna uJehova.

5UJehoshafati wema ebandleni lakwaJuda nelaseJerusalema endlini kaJehova phambi kwegceke elisha, 6wathi: “Jehova Nkulunkulu wawobaba, wena awusiye uNkulunkulu ezulwini, awusiye umbusi wemibuso yonke yabezizwe, na? Esandleni sakho kukhona amandla negunya, akakho ongamelana nawe. 7Awuxoshanga yini, Nkulunkulu wethu, abakhileyo kuleli zwe phambi kwabantu bakho u-Israyeli, wanika lona inzalo ka-Abrahama umngane wakho kuze kube phakade, na? 8Bahlala kulo, bakwakhela kulo indlu engcwele ibe ngeyegama lakho, bethi: 9‘Uma sehlelwa ngokubi, inkemba, nokwahlulelwa, nesifo, nendlala, siyakuma phambi kwale ndlu naphambi kwakho, ngokuba igama lakho likule ndlu, sikhale kuwe ekuhluphekeni kwethu, uyakuzwa, usisindise.’

10“Bheka, manje abantwana bakwa-Amoni nabakwaMowabi nabasentabeni yaseSeyiri, ongavumelanga u-Israyeli ukubangenela ekuphumeni kwakhe ezweni laseGibithe, kepha wabachezukela, akabachithanga, 11bheka, ukusivuza kwabo ukuba bafike ukusixosha efeni lakho osinike lona ukuba silidle. 12Nkulunkulu wethu, awuyikubahlulela na? Ngokuba asinamandla ebusweni balesi sixuku esikhulu esisifikelayo; futhi asazi ukuthi siyakwenze njani, kodwa amehlo ethu akuwe.”

13Wonke uJuda wayemi phambi kukaJehova, nezingane zabo, nawomkabo, namadodana abo.

14Kwase kufika uMoya kaJehova phezu kukaJahaziyeli kaZakariya kaBenaya kaJehiyeli kaMathaniya umLevi, emadodaneni ka-Asafa phakathi kwebandla, 15wathi: “Yizwani nina nonke bakwaJuda, nabakhileyo eJerusalema, nawe nkosi Jehoshafati: usho kanje kini uJehova, uthi: ‘Ningesabi, ningapheli amandla ngenxa yalesi sixuku esikhulu, ngokuba impi ayisiyo eyenu, ngekaNkulunkulu. 16Yehlelani kubo kusasa; bhekani, bayakukhuphuka ngommango waseSisi; niyakubafumana ekugcineni kwesigodi ngaphambi kwehlane laseJeruweli. 17Akusikho okwenu ukulwa kule mpi; zihleleni, nime, nibone ukunisindisa kukaJehova, nina Juda neJerusalema; ningesabi, ningapheli amandla; phumelani kubo kusasa, ngokuba uJehova unani.’ ”

18Wayesekhothama uJehoshafati, ubuso bakhe bubheke phansi; wonke uJuda nabakhileyo eJerusalema bawa phambi kukaJehova bekhuleka kuJehova. 19AmaLevi abantwana bamaKohati nawabantwana bamaKorahi asukuma ukumdumisa uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ngezwi elikhulu kakhulu.

20Bavuka ekuseni, baphuma baya ehlane laseThekhowa; ekuphumeni kwabo uJehoshafati wema, wathi: “Ngizweni, Juda nani bakhileyo eJerusalema! Kholwani nguJehova uNkulunkulu wenu, niyakuqiniswa; kholwani ngabaprofethi bakhe, niyakuphumelela.” 21Eselulekene nabantu wamisa abayakuhlabelela kuJehova ukuba bamdumise behlotshisiwe ngobungcwele, besaphuma ngaphambi kwempi, bathi: “Bongani uJehova, ngokuba umusa wakhe umi phakade.”

22Lapho sebeqala ukuhalalisa nokudumisa, uJehova wabeka abaqamekeli babantwana bakwa-Amoni, nabakwaMowabi, nabaseSeyiri, ababefikele uJuda, banqotshwa. 23Abantwana bakwa-Amoni nabakwaMowabi bamelana nabakhileyo entabeni yaseSeyiri ukuba babachithe, babaqothule; sebebaqedile abakhileyo eSeyiri basiza, kwaba yilowo nalowo, ngokubulalana bodwa.

24UJuda esefike embonisweni wasehlane, babheka isixuku; bheka, babe yizidumbu nje eziwele phansi, akusindanga noyedwa. 25Lapho uJehoshafati nabantu bakhe befika ukuqoqa impango kubo, bafumanisa phakathi kwabo ubuningi bengcebo nezidumbu nezinto ezinxanelekayo, bazihlubulela zona, kwaze kwangabakho ongazithwala; kwaba yizinsuku ezintathu beqoqa impango, ngokuba yayiningi kangaka. 26Ngosuku lwesine babuthana esiGodini saseBerakha,* ngokuba bambonga uJehova khona; ngalokho igama laleyo ndawo labizwa ngokuthi isiGodi saseBerakha kuze kube namuhla.

27Base bebuya bonke abantu bakwaJuda nabaseJerusalema, uJehoshafati ephambi kwabo, ukuba babuyele eJerusalema ngentokozo, ngokuba uJehova wayesebathokozisile phezu kwezitha zabo. 28Bafika-ke eJerusalema benezingubhu namahabhu* namacilongo endlini kaJehova.

29Ingebhe ngoNkulunkulu yaba phezu kwayo yonke imibuso yamazwe, lapho isizwile ukuthi uJehova wayelwile nezitha zakwa-Israyeli. 30Umbuso kaJehoshafati wawusuzola, ngokuba uNkulunkulu wakhe wamnika ukuphumula nxazonke.

31UJehoshafati wabusa-ke phezu kukaJuda; wayeneminyaka engamashumi amathathu nanhlanu ekuqaleni kwakhe ukubusa; wabusa iminyaka engamashumi amabili nanhlanu eJerusalema; igama likanina lalingu-Azuba indodakazi kaShilehi. 32Wahamba ngendlela ka-Asa uyise, kaphambukanga kuyo, ekwenza okulungile emehlweni kaJehova. 33Kepha izindawo eziphakemeyo azisuswanga; futhi abantu babengabhekisanga izinhliziyo zabo kuNkulunkulu wawoyise.

34Ezinye izindaba zikaJehoshafati, ezokuqala nezokugcina, bheka, zilotshiwe ezindabeni zikaJehu indodana kaHanani ezifakwe encwadini yamakhosi akwa-Israyeli.

35Emva kwalokho uJehoshafati, inkosi yakwaJuda, wazihlanganisa no-Ahaziya inkosi yakwa-Israyeli; yena wayekwenza okubi impela; 36wazihlanangisa naye ukwenza imikhumbi yokuya eTharishishi; bayenza imikhumbi e-Esiyoni Geberi. 37U-Eliyezeri indodana kaDodavahu waseMaresha waprofetha ngoJehoshafati ngokuthi: “Ngenxa yokuba uzihlanganisile no-Ahaziya, uJehova uyakudiliza imisebenzi yakho.” Yaphuka-ke imikhumbi, yathiyeka ukuya eTharishishi.

2 iziKronike 20ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

2 iziKronike 21

UJehoramu uyinkosi kwaJuda

1UJehoshafati wayeselala koyise, wembelwa koyise emzini kaDavide; uJehoramu, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe. 2Wayenabafowabo, amadodana kaJehoshafati: ngo-Azariya, noJehiyeli, noZakariya, no-Azariyahu, noMikayeli, noShefathiya; bonke labo babengamadodana kaJehoshafati inkosi yakwa-Israyeli. 3Uyise wabanika izipho ezinkulu zesiliva nezegolide, namagugu kanye nemizi ebiyelweyo kwaJuda, kepha umbuso wawunika uJehoramu, ngokuba wayeyizibulo.

4UJehoramu esemile embusweni kayise, eseziqinisile, wabulala bonke abafowabo ngenkemba kanye nabathile bezikhulu zakwa-Israyeli. 5UJehoramu wayeneminyaka engamashumi amathathu nambili ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyisishiyagalombili eJerusalema. 6Wahamba ngendlela yamakhosi akwa-Israyeli njengokwenza kwendlu ka-Ahabi, ngokuba indodakazi ka-Ahabi yayingumkakhe; wenza okubi emehlweni kaJehova. 7Kepha uJehova akathandanga ukuchitha indlu kaDavide ngenxa yesivumelwano asenzayo noDavide, njengokusho kwakhe ukuthi uyakumnika yena nabantwana bakhe isibani izinsuku zonke.

8Emihleni yakhe u-Edomi wahlubuka phansi kwesandla sakwaJuda, wazibekela inkosi. 9Wayesewela uJehoramu nezinduna zakhe, nazo zonke izinqola zakhe zinaye; wavuka ebusuku, wabachitha abakwa-Edomi abamhaqileyo kanye nezinduna zezinqola. 10Wahlubuka-ke u-Edomi phansi kwesandla sakwaJuda kuze kube namuhla; khona lahlubuka neLibina ngasona leso sikhathi phansi kwesandla sakhe, ngokuba wayemshiyile uJehova uNkulunkulu wawoyise. 11Futhi wenza izindawo eziphakemeyo ezindaweni zakwaJuda, wenza ukuba abakhileyo eJerusalema baphinge, wayenga uJuda.

12Kwafika kuye incwadi iphuma ku-Eliya umprofethi, ithi: “Usho kanje uJehova uNkulunkulu kaDavide uyihlo, uthi: ‘Ngokuba ungahambanga ngezindlela zikaJehoshafati uyihlo nangezindlela zika-Asa inkosi yakwaJuda, 13kepha uhambe ngendlela yamakhosi akwa-Israyeli, wenza uJuda nabakhileyo eJerusalema ukuba baphinge njengokwenza kwendlu ka-Ahabi, futhi wabulala abafowenu bendlu kayihlo abahle kunawe, 14bheka, uJehova uyakushaya ngokushaya okukhulu abantu bakho nabantwana bakho, nawomkakho, nayo yonke impahla yakho, 15wena wehlelwe yisifo esikhulu, isifo sezibilini, ukuze izibilini zakho ziphume ngesifo ekuhambeni kwezinsuku.’ ”

16UJehova wavusa umoya wamaFilisti nowabase-Arabiya abaseceleni kwamaKushe ngoJehoramu; 17bakhuphukela ukulwa noJuda, bafohlela kuye, basusa yonke impahla eyayifumaniseka endlini yenkosi kanye namadodana akhe nawomkakhe; akusalanga ndodana kuyo, uJehowahazi omncane emadodaneni ayo kuphela.

18Emva kwakho konke lokho uJehova wamshaya ezibilinini zakhe ngesifo esingenakwelashwa. 19Kwathi ekuhambeni kwezinsuku ngesikhathi sokufika ekugcineni kweminyaka emibili, izibilini zakhe zaphuma kuye ngesifo sakhe, wafa ngobuhlungu obukhulu. Abantu bakhe abamshiselanga lutho njengokushiselwa kwawoyise.

20Wayeneminyaka engamashumi amathathu nambili ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyisihiyagalombili eJerusalema, wamuka engakhalelwanga muntu; bammbela emzini kaDavide, kepha kungesemathuneni amakhosi.

2 iziKronike 21ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

IzAga 14

1Owesifazane ohlakaniphileyo uyakha indlu yakhe,

kepha oyisiwula uyayidiliza ngezandla zakhe.

2Ohamba ngobuqotho uyamesaba uJehova,

kepha ophambanisa izindlela zakhe uyamdelela.

3Emlonyeni wesiwula kukhona induku yokuziqhenya kwaso,

kepha izindebe zabahlakaniphileyo ziyabalondoloza.

4Lapho kungekho khona izinkomo,

umkhombe awunalutho,

kepha inzuzo inkulu ngamandla ezinkabi.

5Ufakazi oqinisileyo akaqambi amanga,

kepha ufakazi ongaqinisile uyaphafuza amanga.

6Isideleli siyafuna ukuhlakanipha singakutholi,

kepha ukwazi kulula koqondayo.

7Suka phambi komuntu oyisiwula,

ngokuba lapho awuboni izindebe zokwazi.

8Ukuhlakanipha koqondileyo kungukuqonda indlela yakhe,

kepha ubuwula beziwula buyinkohliso.

9Iziwula ziyadelela umnikelo wecala,

kepha phakathi kwabaqotho wamukelekile.

10Inhliziyo iyazi ubumunyu bayo;

umfokazi akahlanganyeli intokozo yayo.

11Indlu yababi iyachithwa,

kepha itende labaqotho liyahluma.

12Kukhona indlela ebonakala sengathi ilungile kumuntu,

kepha ukuphela kwayo kuyindlela yokufa.

13Nasekuhlekeni inhliziyo inobuhlungu,

nokuphela kwentokozo kulusizi.

14Ohlehla ngenhliziyo uyasutha ngezindlela zakhe,

nomuntu omuhle ngemisebenzi yakhe.

15Ongenalwazi uyakholwa ngamazwi onke,

kepha oqondileyo uyaqaphela ukunyathela kwakhe.

16Ohlakaniphileyo uyesaba,

udeda ebubini,

kepha isiwula siyaqhosha,

singanaki lutho.

17Isififane siyenza ubuwula,

kepha umuntu wamasu unokuthula.

18Abangenalwazi badla ifa lobuwula,

kepha abaqondileyo baqheliswa ngokwazi.

19Ababi bakhothama phambi kwabalungileyo,

namashinga ngasemasangweni abalungileyo.

20Ompofu uyazondwa nangumakhelwane wakhe,

kepha ocebileyo unabaningi abamthandayo.

21Odelela umakhelwane wakhe uyona,

kepha onomusa kwabampofu ubusisiwe.

22Angithi bayaduka abaceba okubi na?

Umusa neqiniso kuyakuba ngokwabaqamba okuhle.

23Wonke umshikashika unenzuzo,

kepha amazwi omlomo abanga ukuswela kuphela.

24Umqhele wabahlakaniphileyo uyingcebo yabo,

umgexo weziwula ungubuwula.

25Ufakazi oqinisileyo uyophula imiphefumulo,

kepha ophafuza amanga unenkohliso.

26Ekumesabeni uJehova kukhona ithemba elinamandla;

abantwana bakhe bayakuba nesiphephelo.

27Ukumesaba uJehova kungumthombo wokuphila,

ukuze kudedwe ezingibeni zokufa.

28Udumo lwenkosi lungobuningi babantu,

kepha ukuswela abantu kungukuchithwa kwesikhulu.

29Owephuza ukuthukuthela unokuqonda okuningi,

kepha isififane siyaphakamisa ubuwula.

30Inhliziyo ezolileyo ingukuphila kwenyama,

kepha umhawu ungukubola kwamathambo.

31Ocindezela ompofu usola uMenzi wakhe,

kepha onomusa koswelayo uyamdumisa.

32Omubi uwiswa phansi ngobubi bakhe,

kepha olungileyo unethemba ekufeni kwakhe.

33Ukuhlakanipha kuhlezi enhliziyweni yonokuqonda,

kepha phakathi kweziwula akwaziwa.

34Ukulunga kuyaphakamisa isizwe,

kepha ukona kuyihlazo kubantu.

35Isisa senkosi sikuyo inceku enokuqonda,

kepha intukuthelo yayo iyakuba kwehlazisayo.

Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU