Bible Society of South Africa

To The Word – Day 140

1 Chronicles 16–20, Psalm 29

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

1 iziKronike 16

Iminikelo namahubo ekungenisweni komphongolo eJerusalema

1Bawungenisa umphongolo kaNkulunkulu, bawubeka phakathi netende uDavide ayelimisele wona; banikela ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yokuthula phambi kukaNkulunkulu. 2UDavide eseqedile ukunikela ngomnikelo wokushiswa nangeminikelo yokuthula wababusisa abantu egameni likaJehova. 3Wabela bonke abantu bakwa-Israyeli, abesilisa nabesifazane, isinkwa saba sinye, nesicubu senyama, nesigaxa sezithelo zomvini ezomileyo.

4Wabela amaLevi athile ukukhonza phambi komphongolo kaJehova ukuba amkhumbule, ambonge, amdumise uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli: 5ngu-Asafa inhloko nabesigaba sakhe sesibili, oZakariya, noJehiyeli, noShemiramoti, noJehiyeli, noMatithiya, no-Eliyabe, noBenaya, no-Obede Edomi, noJehiyeli, benezingubhu namahabhu,* kanye no-Asafa ephethe amasimbali,* ewabetha, 6noBenaya noJahaziyeli abapristi, benamacilongo njalo phambi komphongolo wesivumelwano sikaNkulunkulu.

Ihubo likaDavide

7Ngalolo suku uDavide wayeseqala ukuhlela ukuba uJehova abongwe ngesandla sika-Asafa nabafowabo.

8Bongani uJehova,

nibize igama lakhe,

nizazise phakathi kwabantu izenzo zakhe.

9Hlabelelani kuye, nimhubele,

nikhulume ngezimangaliso zakhe zonke.

10Zibongeni egameni lakhe elingcwele;

mazithokoze izinhliziyo zabamfuna uJehova.

11Funani uJehova namandla akhe,

nifunisise ubuso bakhe njalo.

12Khumbulani izimangaliso zakhe azenzileyo,

nezibonakaliso zakhe,

nezahlulelo zomlomo wakhe,

13nina nzalo ka-Israyeli, inceku yakhe,

nina bantwana bakaJakobe,

abakhethiweyo bakhe.

14Yena unguJehova uNkulunkulu wethu;

izahlulelo zakhe zisemhlabeni wonke.

15Khumbulani isivumelwano sakhe kuze kube phakade,

izwi ayala ngalo izizukulwane eziyinkulungwane,

16avumelana kuso no-Abrahama,

nesifungo sakhe ku-Isaka;

17wasiqinisa kuJakobe,

saba ngumthetho,

naku-Israyeli,

saba yisivumelwano esiphakade,

18ethi: “Ngizakukunika izwe laseKhanani

libe yisabelo sefa lakho,

19lapho naniyingcosana ngomumo,

yebo, lapho naniyingcosana,

futhi naniyizihambi kulo.”

20Bazulazula ezizweni ngezizwe,

besuka kulo mbuso,

beya kwabanye abantu.

21Akavumelanga muntu ukubahlupha,

wajezisa amakhosi ngenxa yabo,

22ethi: “Ningathinti abagcotshiweyo bami,

ningoni abaprofethi bami.”

23Hlabelelani kuJehova,

mhlaba wonke,

nimemeze insindiso yakhe imihla ngemihla.

24Landani inkazimulo yakhe phakathi kwabezizwe,

izimangaliso zakhe phakathi kwabantu bonke.

25Ngokuba mkhulu uJehova,

udumisekile kakhulu;

uyesabeka phezu kwabo bonke onkulunkulu.

26Ngokuba bonke onkulunkulu babezizwe bayizithombe,

kepha uJehova walenza izulu.

27Udumo nobukhosi kusebusweni bakhe;

amandla nokuthokoza kusendaweni yakhe.

28Mnikeni uJehova nina mindeni yabantu,

mnikeni uJehova inkazimulo namandla.

29Mnikeni uJehova inkazimulo yegama lakhe,

nilethe umnikelo,

nize phambi kwakhe,

nikhuleke kuJehova ngobuhle bobungcwele.

30Thuthumelani ebusweni bakhe,

mhlaba wonke;

izwe lihlala liqinile,

alinakushukunyiswa.

31Malijabule izulu, umhlaba uthokoze;

makuthiwe ezizweni:

UJehova uyinkosi.

32Maluhlokome ulwandle nokugcwala kwalo,

amasimu ename nakho konke okukuwo.

33Khona imithi yehlathi iyakuhuba ngokujabula

ebusweni bukaJehova,

ngokuba uyeza ukwahlulela umhlaba.

34Bongani uJehova, ngokuba muhle,

ngokuba umusa wakhe umi phakade.

35Thanini: “Sisindise,

Nkulunkulu wokusindiswa kwethu,

usibuthe, usophule kwabezizwe

ukuba sidumise igama lakho elingcwele,

sethabe ekukudumiseni.”

36Makabongwe uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli,

kusukela phakade kuze kube phakade.

Bonke abantu bathi: “Amen,” bamdumisa uJehova.

37Wayeseshiya khona ngaphambi komphongolo wesivumelwano sikaJehova u-Asafa nabafowabo ukuba bakhonze phambi komphongolo njalo ngokomsebenzi wemihla ngemihla, 38kanye no-Obede Edomi nabafowabo abangamashumi ayisithupha nesishiyagalombili u-Obede Edomi indodana kaJeduthuni noHosa babe ngabalindisango 39noSadoki umpristi nabafowabo abapristi ngaphambi kwetabernakele* likaJehova endaweni ephakemeyo eyayiseGibeyoni 40ukuba banikele njalo ngeminikelo yokushiswa phezu kwe-altare lomnikelo wokushiswa ekuseni nakusihlwa njengakho konke okulotshiweyo emthethweni kaJehova ayala ngawo u-Israyeli, 41bekanye nabo oHemani noJeduthuni nensali yabakhethiweyo abakhonjwa ngamagama ukuba bambonge uJehova, ngokuba umusa wakhe umi phakade; 42kwakukhona kubo, oHemani noJeduthuni, amacilongo namasimbali* alabo abayakuwakhalisa, nezinto zokubethwa kuNkulunkulu; amadodana kaJeduthuni ayengasesangweni.

43Base behamba baya, kwaba yilowo nalowo endlini yakhe; uDavide wabuya ukubusisa indlu yakhe.

1 iziKronike 16ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

1 iziKronike 17

Inhloso kaDavide yokwakha ithempeli

1Kwathi lapho uDavide esehlezi endlini yakhe, uDavide wathi kuNathani umprofethi: “Bheka, mina ngihlala endlini yemisedari,* kepha umphongolo wesivumelwano sikaJehova uphansi kwezilenge.”

2UNathani wathi kuDavide: “Yenza konke okusenhliziyweni yakho, ngokuba uNkulunkulu unawe.”

3Kepha kwathi ngalobo busuku izwi likaNkulunkulu lafika kuNathani, lathi:

4“Hamba utshele uDavide inceku yami ukuthi: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Awuyikungakhela indlu ukuba ngihlale kuyo, 5ngokuba angihlalanga ndlu kusukela osukwini engakhuphula ngalo u-Israyeli kuze kube namuhla, kepha ngangisematendeni, nasematabernakele* ngamatabernakele. 6Ezindaweni zonke engihambahambe kuzo naye wonke u-Israyeli ngake ngakhuluma yini izwi nakoyedwa wabahluleli bakwa-Israyeli engabayala ukuba baluse abantu bami, ngathi: “Aningakhelanga ngani indlu yemisedari* na?” ’

7“Ngalokho uyakusho kanje encekwini yami uDavide, uthi: ‘Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: Mina ngakuthatha edlelweni ekwaluseni izimvu ukuba ube ngumbusi wabantu bami u-Israyeli; 8nganginawe nomaphi lapho wawuya khona, nganquma zonke izitha zakho ngaphambi kwakho; ngiyakukwenza igama njengamagama abakhulu abasemhlabeni. 9Ngiyakumisela abantu bami u-Israyeli indawo, ngibatshale ukuba bahlale endaweni yabo, bangabe besanyakaziswa; futhi abantu ababi abasayikubachitha njengakuqala, 10kusukela emihleni engayaleza ngayo abahluleli ukuba babe phezu kwabantu bami u-Israyeli; ngiyakunqoba zonke izitha zakho. Futhi ngiyakutshela ukuthi uJehova uyakukwakhela indlu. 11Kuyakuthi lapho izinsuku zakho seziphelele ukuba uye koyihlo, ngiyakumisa inzalo yakho emva kwakho, eyakuba ngeyamadodana akho; ngiyakuqinisa umbuso wayo. 12Yiyo eyakungakhela indlu; ngiyakuqinisa isihlalo sayo sobukhosi kuze kube phakade. 13Mina ngiyakuba nguyise, yona ibe yindodana yami; angiyikuyaphuca umusa wami, njengalokho ngamaphuca owayephambi kwakho. 14Ngiyakuyiqinisa endlini yami nasembusweni wami kuze kube phakade, isihlalo sayo sobukhosi siqiniswe kuze kube phakade.’ ”

15Njengawo onke lawo mazwi nanjengawo wonke lowo mbono uNathani wakhuluma kuDavide.

Umkhuleko kaDavide

16UDavide inkosi wayesengena, wahlala phambi kukaJehova, wathi:

“Ngingubani, Jehova Nkulunkulu, nendlu yami iyini ukuba ungilethe kuze kube lapha na? 17Lokho kwakuyinto encane emehlweni akho, Nkulunkulu; usukhulumile ngendlu yenceku yakho isekude, wangibuka kungathi ngingumuntu ophakemeyo, Jehova Nkulunkulu.

18“UDavide angenezela ngokuthini kuwe ngodumo inceku yakho elwenzelweyo na? Wena uyayazi inceku yakho. 19Jehova, ngenxa yenceku yakho nanjengokwenhliziyo yakho wenzile konke lokho okukhulu ukuba kwaziswe bonke lobu bukhulu.

20“Jehova, akakho onjengawe, akukho Nkulunkulu ngaphandle kwakho njengakho konke esikuzwileyo ngezindlebe zethu. 21Yisiphi isizwe emhlabeni esinjengabantu bakho u-Israyeli, uNkulunkulu aya ukuzihlengela bona babe ngabantu bakhe, ukukwenzela igama ngezinto ezinkulu nezesabekayo ngokuxosha abezizwe ebusweni babantu bakho owabahlenga eGibithe, na? 22Ngokuba abantu bakho u-Israyeli wabenza babe ngabantu bakho kuze kube phakade, wena Jehova ube nguNkulunkulu wabo.

23“Manje, Jehova, izwi olikhulumile ngenceku yakho nangendlu yayo kuze kube phakade maliqiniswe, wenze njengokukhuluma kwakho. 24Maliqiniseke, libe likhulu igama lakho kuze kube phakade, ukuze kuthiwe: ‘UJehova Sebawoti unguNkulunkulu ka-Israyeli, yebo, uNkulunkulu ka-Israyeli,’ nendlu kaDavide inceku yakho iqinisiwe phambi kwakho.

25“Ngokuba wena Nkulunkulu wami wambulele endlebeni yenceku yakho ukuthi uyakuyakhela indlu; ngalokho inceku yakho ifike kulokhu ukuba ikhuleke phambi kwakho. 26Manje, Jehova, wena unguNkulunkulu, ukhulumile lokho okuhle encekwini yakho; 27kalokhu mawuvume ukubusisa indlu yenceku yakho ukuba ibe sebusweni bakho kuze kube phakade, ngokuba okubusisile wena Jehova kuyahlala kubusisekile kuze kube phakade.”

1 iziKronike 17ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

1 iziKronike 18

Ukunqoba kukaDavide

1Kwathi emva kwalokho uDavide wawashaya amaFilisti, wawahlula, walithatha iGati nemizana yalo esandleni samaFilisti.

2Wanqoba noMowabi; abakwaMowabi baba yizinceku zikaDavide, bathela intela.

3UDavide washaya noHadarezeri, inkosi yaseSoba ngaseHamati, ekuhambeni kwakhe ukuqinisa isandla sakhe ngasemfuleni u-Ewufrathe. 4UDavide wamaphuca izinqola eziyinkulungwane, nabamahhashi abayizinkulungwane eziyisikhombisa, nemigundatshani eyizinkulungwane ezingamashumi amabili; uDavide wanquma imisipha yawo onke amahhashi ezinqola, washiya awezinqola eziyikhulu kodwa.

5Ama-Aramu aseDamaseku esefika ukumsiza uHadarezeri inkosi yaseSoba, uDavide wabulala kuma-Aramu abantu abayizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili. 6UDavide wamisa amakhanda e-Aramu laseDamaseku; ama-Aramu aba yizinceku zikaDavide, athela intela. UJehova wamnqobisa uDavide nomaphi lapho eya khona.

7UDavide wathatha izihlangu zegolide ezazisezincekwini zikaHadarezeri, waziletha eJerusalema. 8EThibahati naseKhuni imizi kaHadarezeri, uDavide wathatha ithusi eliningi kakhulu uSolomoni enza ngalo ulwandle lwethusi, nezinsika nezitsha zethusi.

9Lapho uThowu inkosi yaseHamati ezwa ukuthi uDavide ushayile yonke impi kaHadarezeri inkosi yaseSoba, 10wathuma uHadoramu, indodana yakhe, enkosini uDavide ukuyibingelela nokuyibusisa, ngokuba yayilwile noHadarezeri, yamnqoba, ngokuba uHadarezeri wayelokhu elwa noThowu; wathuma izinhlobo zonke zezitsha zegolide nezesiliva nezethusi.

11Nalezo inkosi uDavide yayizingcwelisela uJehova kanye nesiliva negolide alisusa ezizweni zonke: ku-Edomi, nakuMowabi, nakubantwana bakwa-Amoni, nakumaFilisti, nakuma-Amaleki.

12U-Abishayi, indodana kaSeruya, wabulala kwabakwa-Edomi esiGodini sikaSawoti, izinkulungwane eziyishumi nesishiyagalombili. 13Wamisa amakhanda kwa-Edomi; bonke abakwa-Edomi baba yizinceku zikaDavide. UJehova wamnqobisa uDavide nomaphi lapho eya khona.

Izinduna zikaDavide

14UDavide wabusa phezu kuka-Israyeli wonke, waphatha ukwahlulela nokulunga kubo bonke abantu bakhe. 15UJowabe indodana kaSeruya wayephezu kwempi; uJehoshafati, indodana ka-Ahiludi, wayengumabhalana; 16uSadoki, indodana ka-Ahithubi, no-Abimeleki indodana ka-Abiyathara, babe ngabapristi; noShawusha wayengumbhali; 17uBenaya, indodana kaJehoyada wayephezu kwamaKhereti namaPheleti; amadodana kaDavide ayengabokuqala ngasenkosini.

1 iziKronike 18ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

1 iziKronike 19

UDavide uyabulala abakwa-Amoni ngenxa yokuphathwa kabi kwezithunywa zakhe

1Kwathi emva kwalokho uNahashi inkosi yabantwana bakwa-Amoni wafa, indodana yakhe yaba yinkosi esikhundleni sakhe. 2UDavide wathi: “Ngiyakumenzela umusa uHanuni, indodana kaNahashi, ngokuba uyise wangenzela umusa.” UDavide wayesethuma izithunywa ukumduduza ngoyise. Zafika-ke izinceku zikaDavide ezweni labantwana bakwa-Amoni kuHanuni ukumduduza. 3Kepha izikhulu zabantwana bakwa-Amoni zathi kuHanuni: “Imbala ngokubona kwakho uthume abaduduzi kuwe ukuba atuse uyihlo na? Azifikanga yini izinceku zakhe kuwe ukuba ziphenye umuzi, ziwuchithe, ziwuhlole, na?” 4UHanuni wayesebamba izinceku zikaDavide, waziphucula, wahina izingubo zazo phakathi, kwaze kwaba sezinqeni zazo, wazimukisa.

5Bahamba, bamtshela uDavide ngalawo madoda. Wathuma ukuwahlangabeza, ngokuba ayenamahloni kakhulu lawo madoda. Yathi inkosi: “Hlalani eJeriko, zize zihlume izilevu zenu, bese nibuya.”

6Abantwana bakwa-Amoni sebebone ukuthi bazenzile ukuba banengeke kuDavide, uHanuni nabantwana bakwa-Amoni bathuma amatalenta* ayinkulungwane esiliva ukuziqashela izinqola nabamahhashi e-Aramu Naharayimi, nase-Aramu Mahakha, naseSoba. 7Base beziqashela izinqola eziyizinkulungwane ezingamashumi amathathu nambili kanye nenkosi yaseMahakha nabantu bayo abeza ukumisa ngaphambi kweMedeba. Abantwana bakwa-Amoni babuthana ndawonye bephuma emizini yabo; baya ukulwa.

8UDavide esezwile lokho wamthuma uJowabe nempi yonke yamaqhawe. 9Abantwana bakwa-Amoni baphuma, bahlela impi ngasesangweni lomuzi; kepha amakhosi ayefikile ayewodwa endle.

10UJowabe esebona ukuthi impi ibhekene naye ngaphambili nangasemuva, wakhetha kwabakhethekileyo bonke bakwa-Israyeli, wabahlela ukuba balwe nama-Aramu; 11abantu abaseleyo wababeka esandleni sika-Abishayi umfowabo, bazihlela ukulwa nabantwana bakwa-Amoni. 12Wathi: “Uma ama-Aramu engahlula, uyakungisiza; kepha uma abantwana bakwa-Amoni bekwahlula, ngiyakukusiza. 13Qinani, masiziqinise ngenxa yabantu bakithi nangenxa yemizi kaNkulunkulu wethu; uJehova makenze okuhle emehlweni akhe.”

14UJowabe nabantu ababe naye base besondela kuwo ama-Aramu ukuba balwe; kepha abaleka phambi kwakhe. 15Lapho abantwana bakwa-Amoni bebona ukuthi ama-Aramu abalekile, babaleka nabo phambi kuka-Abishayi umfowabo, bangena emzini; kepha uJowabe waya eJerusalema.

16Ama-Aramu esebonile ukuthi anqotshiwe phambi kuka-Israyeli, athuma izithunywa, akhipha ama-Aramu ayephesheya koMfula* noShofaki induna yempi kaHadarezeri phambi kwawo.

17UDavide watshelwa, wabutha wonke u-Israyeli, wawela iJordani, wawafikela, wahlela impi ukulwa nawo. UDavide esehlelile impi ukulwa nama-Aramu, alwa naye. 18Ama-Aramu abaleka phambi kuka-Israyeli; uDavide wabulala kuma-Aramu izinqola eziyizinkulungwane eziyisikhombisa nemigundatshani eyizinkulungwane ezingamashumi amane, wabulala noShofaki induna yempi.

19Lapho izinceku zikaHadarezeri zibonile ukuthi zinqotshiwe phambi kuka-Israyeli, zenza ukuthula noDavide, zamkhonza; ama-Aramu awathandanga ukusiza abantwana bakwa-Amoni futhi.

1 iziKronike 19ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

1 iziKronike 20

Ukuvinjezelwa kweRaba. Ukulwa namaFilisti

1Emva komnyaka ngesikhathi sokuhlasela kwamakhosi, uJowabe wahola amaqhawe empi, wachitha izwe labantwana bakwa-Amoni, weza wavimbezela iRaba; kepha uDavide wahlala eJerusalema. UJowabe walinqoba iRaba, walidiliza. 2UDavide wathatha umqhele wenkosi yabo ekhanda layo, wafumana isisindo sawo ukuthi sasiyitalenta* legolide, itshe eliyigugu likuwo; wabekwa ekhanda likaDavide; wakhipha emzini impango eningi kakhulu. 3Wakhipha nabantu ababe phakathi kwawo, wabanquma ngamasaha, nangezibhuqo zensimbi, nangamazembe; wenze njalo uDavide kuyo yonke imizi yabantwana bakwa-Amoni. UDavide nabo bonke abantu babuyela eJerusalema.

4Emva kwalokho kwavuka impi namaFilisti eGezeri; khona uSibekayi, umHushati, wabulala uSiphayi wamadodana amaRefa; anqotshwa.

5Kwabuye kwaba khona impi namaFilisti; u-Elihanani, indodana kaJayire, wabulala uLahimi umfowabo kaGoliyati, umGiti, oluthi lomkhonto wakhe lwalunjengogongolo lomaluki.

6Kwabuye kwaba khona impi eGati, lapho kwakukhona umuntu omude; iminwe yakhe nezinzwani zakhe kwakungamashumi amabili nane, isithupha esandleni sisinye, nesithupha onyaweni lulunye; naye wazalwa yiRefa. 7Wameyisa u-Israyeli; ngalokho uJonathani indodana kaShimeya umfowabo kaDavide wambulala.

8Labo bazalwa ngamaRefa eGati, bawa ngesandla sikaDavide nangesandla sezinceku zakhe.

1 iziKronike 20ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 29

Izwi likaJehova esivunguvungwini

Ihubo likaDavide.

1Mnikeni uJehova,

nina madodana kaNkulunkulu,

mnikeni uJehova udumo namandla.

2Mnikeni uJehova udumo lwegama lakhe,

nikhuleke kuJehova emvunulweni engcwele.

3Izwi likaJehova liphezu kwamanzi,

uNkulunkulu wenkazimulo uyaduma;

uJehova uphezu kwamanzi amakhulu.

4Izwi likaJehova linamandla;

izwi likaJehova linenkazimulo.

5Izwi likaJehova liyaphula imisedari;*

uJehova waphula imisedari yaseLebanoni.

6ILebanoni ulitshekulisisa okwenkonyane,

neSiriyoni njengethole lenyathi.

7Izwi likaJehova lidabula amalangabi omlilo.

8Izwi likaJehova lizamazamisa ihlane;

uJehova uzamazamisa ihlane laseKadeshi.

9Izwi likaJehova liphunzisa izimbabala;

lihluba amahlathi;

nasethempelini lakhe konke kuthi: “Udumo!”

10UJehova wayehlezi ebusa phezu kukazamcolo;

uJehova uhlezi eyinkosi kuze kube phakade.

11UJehova uzakunika abantu bakhe amandla;

uJehova uzakubusisa abantu bakhe ngokuthula.

Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU