Bible Society of South Africa

To The Word – Day 139

1 Chronicles 11–15, Psalm 28

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

1 iziKronike 11

UDavide uyinkosi kwa-Israyeli wonke; uthatha iJerusalema

1Wonke u-Israyeli wabuthana kuDavide, wathi: “Bheka, thina siyithambo lakho nenyama yakho. 2Nangesikhathi esidlulileyo uSawule eseyinkosi, nguwe owakhipha nowangenisa u-Israyeli; uJehova uNkulunkulu wakho wathi kuwe: ‘Wena uyakwalusa abantu bami u-Israyeli, wena uyakuba ngumbusi wabantu bami u-Israyeli.’ ”

3Kwase kufika onke amalunga akwa-Israyeli enkosini eHebroni; uDavide wenza isivumelwano nawo eHebroni phambi kukaJehova; amgcoba uDavide ukuba abe yinkosi kwa-Israyeli njengezwi likaJehova ngesandla sikaSamuweli.

4UDavide naye wonke u-Israyeli baya eJerusalema eliyiJebusi; amaJebusi ayakhe kulelo zwe ayeselapho. 5Abakhileyo eJebusi bathi kuDavide: “Awuyikungena lapha.” UDavide wathatha nokho inqaba yaseSiyoni engumuzi kaDavide.

6UDavide wathi: “Lowo ochitha amaJebusi kuqala uyakuba yinhloko nenduna.” Kwenyuka kuqala uJowabe indodana kaSeruya, waba yinhloko.

7UDavide wahlala enqabeni; ngalokho bayibiza ngokuthi umuzi kaDavide. 8Wakha umuzi nxazonke kusukela eMilo kuya nxazonke; uJowabe wavusa okuseleyo komuzi. 9UDavide waqhubeka njalo ngokukhula, ngokuba uJehova Sebawoti wayenaye.

Amaqhawe kaDavide

10Yilaba abayizinhloko zamaqhawe uDavide ayenazo, zibambelela kuye ngamandla ebukhosini bakhe kanye naye wonke u-Israyeli ukumbeka inkosi njengezwi likaJehova ngo-Israyeli. 11Nanku umumo wamaqhawe uDavide ayenawo: uJashobehamu indodana yomHakimoni, inhloko yamashumi amathathu; waphakamisela abangamakhulu amathathu umkhonto wakhe, wababulala ngasikhathi sinye.

12Emva kwakhe ngu-Eleyazare indodana kaDodo umAhohi owayengomunye wamaqhawe amathathu. 13WayenoDavide ePhasi Damimi; amaFilisti abuthana khona ukuyokulwa, lapho kwakukhona isiqephu sezwe esigcwele ibhali;* abantu babaleka ebusweni bamaFilisti. 14Bema phakathi nesiqephu sezwe, basophula, bawabulala amaFilisti; uJehova wabasindisa ngokusindisa okukhulu.

15Kwehla abathathu kwabayizinhloko ezingamashumi amathathu, baya etsheni kuDavide emhumeni wase-Adulamu; impi yamaFilisti yayimise esiGodini samaRefa. 16UDavide wayesesenqabeni, ikhanda lamaFilisti laliseBetlehema. 17UDavide wanxanela, wathi: “Hawu, sengathi ngingaphuziswa amanzi asemthonjeni waseBetlehema owawungasesangweni.” 18Labo abathathu bafohla ikamu* lamaFilisti, bakha amanzi emthonjeni waseBetlehema owawungasesangweni, bawathatha, bawaletha kuDavide; kepha uDavide akavumanga ukuwaphuza, kodwa wawathululela uJehova, wathi: 19“UNkulunkulu wami makangenqabele ukuba ngenze lokhu; ngiyakuphuza igazi lalaba bantu ababe sengozini na?” Ngokuba bawaletha besengozini; akavumanga ukuwaphuza. Lezo zinto zenziwa yilawa maqhawe amathathu.

20U-Abishayi umfowabo kaJowabe wayeyinhloko yabathathu, ngokuba waphakamisela abangamakhulu amathathu umkhonto wakhe, wababulala, waba negama phakathi kwalaba abathathu. 21Kulaba abathathu wayetusekile kunababili, waba yisikhulu sabo, kepha akafinyelelanga kwabathathu bokuqala.

22NoBenaya indodana kaJehoyada, indodana yendoda enamandla, owayenze imisebenzi emikhulu, owaseKabiseyeli, wabulala amaqhawe amabili akwaMowabi; futhi wehla, wabulala ingonyama phakathi komgodi ngosuku lweqhwa. 23Wabulala nowaseGibithe, umuntu omude, eyizingalo eziyisihlanu; esandleni sowaseGibithe kwakukhona umkhonto onjengogongolo lomaluki; wehlela kuye ephethe induku nje, wawuhlwitha umkhonto esandleni sowaseGibithe, wambulala ngomkhonto wakhe. 24Lezo zinto wazenza uBenaya indodana kaJehoyada, waba negama phakathi kwalawo maqhawe amathathu. 25Bheka, wayetusekile kunabangamashumi amathathu, kepha akafinyelelanga kwabathathu bokuqala; uDavide wambeka phezu kwabalindi bakhe.

26Amaqhawe anamandla nanka: u-Asaheli umfowabo kaJowabe, no-Elihanani indodana kaDodo waseBetlehema, 27noShamoti waseHarori, noHelesi wasePheloni, 28no-Ira indodana ka-Ikheshi waseThekhowa, no-Abiyezeri wase-Anathoti, 29noSibekayi umHushati, no-Ilayi umAhohi, 30noMaharayi waseNethofa, noHeledi indodana kaBahana waseNethofa, 31no-Ithayi indodana kaRibayi waseGibeya labantwana bakwaBenjamini, noBenaya wasePirathoni, 32noHurayi wangasemifudlaneni yakwaGahashi, no-Abiyeli wase-Araba, 33no-Azimaveti waseBaharumi, no-Eliyaba waseShahaliboni, 34namadodana kaHashemi waseGizoni, noJonathani indodana kaShage waseHarari, 35no-Ahiyamu indodana kaSakri waseHarari, no-Elifali indodana ka-Uri, 36noHeferi waseMekeri, no-Ahiya wasePheloni, 37noHesiro waseKarmeli, noNaharayi indodana ka-Ezibayi, 38noJoweli umfowabo kaNathani, noMibihari indodana kaHagiri, 39noSeleki wakwa-Amoni, noNaharayi waseBeroti, udibi lukaJowabe indodana kaSeruya, 40no-Ira waseJetheri, noGarebi waseJetheri, 41no-Uriya umHeti, noZabadi indodana ka-Ahilayi, 42no-Adina indodana kaShiza wakwaRubeni, inhloko yakwaRubeni, enabangamashumi amathathu, 43noHanani indodana kaMahakha, noJeshoshafati umMiteni, 44no-Uziya wase-Ashitaroti, noShama noJehiyeli amadodana kaHothamu wase-Aroweri, 45noJediyayeli indodana kaShimri, noJoha umfowabo umThisi, 46no-Eliyeli umMahavi, noJeribayi noJoshaviya amadodana ka-Elinahama, no-Itima wakwaMowabi, 47no-Eliyeli, no-Obede, noJahashiyeli umMesoba.

1 iziKronike 11ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

1 iziKronike 12

Amaqhawe kaDavide afika kuye ekuzingelweni kwakhe nguSawule

1Nampa abafika kuDavide eSikilagi esagogobele ebusweni bukaSawule indodana kaKishi; babe phakathi kwamaqhawe, abasizi bakhe empini. 2Babehlomile iminsalo, besebenzisa isandla sokunene nesokhohlo ekuphonseni amatshe nasekucibisheleni imicibisholo ngomnsalo; ababe kubafowabo bakaSawule kwaBenjamini kwakuyilaba: 3inhloko u-Ahiyezeri noJowashi amadodana kaShemaha waseGibeya, noJeziyeli noPheleti amadodana ka-Azimaveti, noBerakha, noJehu wase-Anathoti, 4no-Ishmaya waseGibeyoni, iqhawe phakathi kwabangamashumi amathathu, ebaphethe abangamashumi amathathu, noJeremiya, noJahaziyeli, noJohanani, noJozabadi waseGedera, 5no-Eluzayi, noJerimoti, noBehaliya, noShemariya, noShefathiya umHarufi, 6no-Elkana, noJishiya, no-Azareli, noJohezeri, noJashobehamu, amaKora, 7noJowela noZebadiya, amadodana kaJerohamu waseGedori. 8KwabakwaGadi abanye bazahlukanisa baya kuDavide enqabeni ehlane, amaqhawe anamandla, abantu abazilungiselele ukulwa, abakwazi ukuphatha isihlangu nomkhonto, ababuso babo bafana nobuso bezingonyama, abanejubane njengezinsephe ezintabeni: 9ngu-Ezeri inhloko, no-Obadiya owesibili, no-Eliyabe owesithathu, 10noMishimana owesine, noJeremiya owesihlanu, 11no-Athayi owesithupha, no-Eliyeli owesikhombisa, 12noJohanani owesishiyagalombili, no-Elizabadi owesishiyagalolunye, 13noJeremiya oweshumi, noMakibanayi oweshumi nanye.

14Lawo madodana kaGadi ayeyizinhloko zempi; encinyane kuwo yayilingana nekhulu, yalingana nenkulungwane. 15Yilabo ababewela iJordani ngenyanga yokuqala, ligcwele liphuphuma zonke izingu zalo; baxosha bonke abasezigodini ngasempumalanga nangasentshonalanga.

16Kwafika nabantwana bakwaBenjamini noJuda enqabeni kuDavide. 17UDavide waphuma ukubahlangabeza, wathatha, wathi kubo: “Uma nize nokuthula kimi ukungisiza, inhliziyo yami iyakuba nye nani, kepha uma kungukungikhohlisa ezitheni zami, lokhu kungekho okubi ezandleni zami, uNkulunkulu wawobaba makakubheke, akujezise.”

18Kwase kwehla umoya phezu kuka-Amasayi owayeyinhloko yabangamashumi amathathu, wathi:

“Singabakho thina, Davide,

sinawe, wena ndodana kaJese;

ukuthula, ukuthula makube nawe,

ukuthula makube nabakusizayo,

ngokuba uNkulunkulu wakho uyakusiza.”

Wayesebamukela uDavide, wabenza izinhloko zeviyo.

19Kwafika abanye kwabakwaManase kuDavide, lapho efika namaFilisti ukulwa noSawule, kepha abawasizanga, ngokuba izinduna zamaFilisti sezilulekene zammukisa, zathi: “Uyakuhlubukela enkosini yakhe uSawule, amakhanda ethu abe sengozini.” 20Ekuyeni kwakhe eSikilagi kwahlubukela kuye kwabakwaManase o-Adina, noJozabadi, noJediyayeli, noMikayeli, noJozabadi, no-Elihu, noSilethayi, izinhloko zezinkulungwane zabakwaManase. 21Bamsiza uDavide eviyweni, ngokuba babe ngamaqhawe anamandla bonke, beyizinduna zempi. 22Ngokuba imihla ngemihla bafika kuDavide ukumsiza, kwaze kwaba yimpi enkulu njengempi kaNkulunkulu.

Umumo wabantu abambeka uDavide inkosi eHebroni

23Nazi izibalo zezinhloko zababehlomele ukulwa abeza kuDavide eHebroni ukuba baguqulele umbuso kaSawule kuye njengezwi likaJehova. 24Abantwana bakwaJuda ababephethe izihlangu nemikhonto babeyizinkulungwane eziyisithupha namakhulu ayisishiyagalombili, behlomele ukulwa. 25Kubantwana bakwaSimeyoni amaqhawe anamandla okulwa yizinkulungwane eziyisikhombisa nekhulu. 26Kubantwana bakwaLevi yizinkulungwane ezine namakhulu ayisithupha. 27UJehoyada wayengumholi wakwa-Aroni, enezinkulungwane ezintathu namakhulu ayisikhombisa, 28noSadoki insizwa eyiqhawe elinamandla, nasendlini kayise izinduna ezingamashumi amabili nambili. 29Kubantwana bakwaBenjamini, abafowabo bakaSawule, yizinkulungwane ezintathu, ngokuba kuze kube manje imvama yabo yayithembekile endlini kaSawule. 30Kubantwana bakwa-Efrayimi yizinkulungwane ezingamashumi amabili namakhulu ayisishiyagalombili, amaqhawe anamandla, abantu abanegama ezindlini zawoyise. 31Kuyo inxenye yesizwe sakwaManase yizinkulungwane eziyishumi nesishiyagalombili, ezabizwa ngamagama ukuba zize zimbeke uDavide inkosi. 32Kubantwana bakwa-Isakare ngabazi ukuqonda izikhathi ukuba bazi okufanele ukwenziwa ngu-Israyeli; izinhloko zabo zazingamakhulu amabili; bonke abafowabo balalela izwi labo. 33KuZebuloni abangaphuma impi, bayihlele impi benezikhali zonke zokulwa, yizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu, bezihlela nganhliziyonye. 34KuNafetali yizinduna eziyinkulungwane, zinezinkulungwane ezingamashumi amathathu nesikhombisa eziphethe isihlangu nomkhonto. 35KwabakwaDani abangahlela impi yizinkulungwane ezingamashumi amabili nesishiyagalombili namakhulu ayisithupha. 36Ku-Asheri abangaphuma impi, bayihlele impi, yizinkulungwane ezingamashumi amane. 37Ngaphesheya kweJordani kwabakwaGadi nasenxenyeni yesizwe sakwaManase, benezikhali zonke zempi zokulwa, yizinkulungwane eziyikhulu namashumi amabili.

38Onke lawo madoda empi, angahlela impi, afika eHebroni ngezinhliziyo ezipheleleyo ukubeka uDavide inkosi kwa-Israyeli; nabo bonke abaseleyo bakwa-Israyeli babenhliziyonye ukumbeka uDavide inkosi. 39Babe lapho noDavide izinsuku ezintathu, bedla, bephuza, ngokuba abafowabo babebalungisele. 40Ababe seduze nabo kuze kube kwa-Isakare, nakwaZebuloni, nakwaNafetali baletha isinkwa ngezimbongolo, nangamakamela, nangeminyuzi,* nangezinkabi, nokudla kwempuphu, nezigaxa zamakhiwane, nezigaxa zezithelo zomvini ezomileyo, newayini, namafutha, nezinkabi, nezimvu eziningi, ngokuba kwakukhona ukuthokoza kwa-Israyeli.

1 iziKronike 12ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

1 iziKronike 13

Umphongolo kaNkulunkulu ususwa eKiriyati Jeharimi

1UDavide welulekana nezinduna zezinkulungwane nezamakhulu, nabaholi bonke. 2UDavide wathi kulo lonke ibandla lakwa-Israyeli: “Uma kukuhle kini, uma kuvela kuJehova uNkulunkulu wethu, masihlakazeke sithumele kubafowethu abasele ezweni lonke lakwa-Israyeli kanye nabapristi namaLevi emizini yabo enamadlelo ukuba babuthane kithi, 3sibuyisele kithi umphongolo kaNkulunkulu wethu, ngokuba asiwufunanga ezinsukwini zikaSawule.” 4Lonke ibandla lathi liyakwenze njalo, ngokuba leyo nto yayilungile emehlweni abo bonke abantu.

5UDavide wayesebutha wonke u-Israyeli kusukela eSihori laseGibithe kuze kube sekuyeni eHamati ukususa umphongolo kaNkulunkulu eKiriyati Jeharimi. 6UDavide wenyukela kanye naye wonke u-Israyeli eBahala, okungukuthi iKiriyati Jeharimi elalingelakwaJuda, ukukhuphula khona umphongolo kaNkulunkulu uJehova ohlezi phezu kwamakherubi,* owawubizwa ngegama lakhe.

7Bawuhambisa umphongolo kaNkulunkulu ngengqukumbane entsha, bewukhipha endlini ka-Abinadaba; o-Uza no-Ahiyo bashayela ingqukumbane. 8UDavide naye wonke u-Israyeli bathokoza ebusweni bukaNkulunkulu ngamandla onke ngamahubo, nangamahabhu,* nangezingubhu, nangezigubhu, nangamasimbali,* nangamacilongo.

9Ekufikeni kwabo esibuyeni sikaKidoni u-Uza welula isandla sakhe ukubamba umphongolo, ngokuba izinkabi zashelela. 10Intukuthelo kaJehova yamvuthela u-Uza, wamshaya, ngokuba welulela isandla emphongolweni; wafela khona lapho phambi kukaNkulunkulu.

11UDavide wadabuka ngokuba uJehova emhlasele u-Uza, wayibiza leyo ndawo ngokuthi iPheresi-Uza* kuze kube namuhla.

12UDavide wamesaba uNkulunkulu ngalolo suku; wathi: “Ngizakuletha kanjani umphongolo kaNkulunkulu kimi na?” 13UDavide akawuyisanga umphongolo kuye emzini kaDavide, kepha wawubuyisela eceleni endlini ka-Obede Edomi umGiti. 14Umphongolo kaNkulunkulu wahlala nabendlu ka-Obede Edomi endlini yakhe izinyanga ezintathu; uJehova wayibusisa indlu ka-Obede Edomi nakho konke anakho.

1 iziKronike 13ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

1 iziKronike 14

Isivumelwano sikaDavide noHiramu. Abafazi bakhe namadodana akhe. Ukunqotshwa kwamaFilisti

1UHiramu inkosi yaseTire wathuma izithunywa kuDavide, nemisedari,* nabakhi, nababazi ukuba bamakhele indlu. 2UDavide waqonda ukuthi uJehova wayemmisile impela ukuba abe yinkosi kwa-Israyeli, ngokuba umbuso wakhe waphakanyiselwa phezulu ngenxa yabantu bakhe u-Israyeli.

3UDavide wathatha abanye abafazi eJerusalema, uDavide wazala amanye amadodana namadodakazi. 4Nanka amagama abantwana ayenabo eJerusalema: oShamuvwa, noShobabi, noNathani, noSolomoni, 5noJibari, no-Elishuwa, no-Elipheleti, 6noNoga, noNefegi, noJafiya, 7no-Elishama, noBeyeliyada, no-Elifeleti.

8AmaFilisti esezwile ukuthi uDavide ugcotshiwe ukuba abe yinkosi kwa-Israyeli wonke, onke amaFilisti enyuka ukumfuna uDavide; uDavide wakuzwa, waphuma ukuwahlasela. 9AmaFilisti esefikile ukungenela isiGodi samaRefa, 10uDavide wabuza kuNkulunkulu, wathi: “Ngenyukele ukuhlasela amaFilisti na? Uyakuwanikela esandleni sami na?”

UJehova wathi kuye: “Yenyuka, ngokuba ngiyakuwanikela esandleni sakho.”

11Base benyukela eBali Pherasimi, uDavide wawachitha; uDavide wathi: “UNkulunkulu ufohlele izitha zami ngesandla sami njengokufohla kwamanzi.” Ngalokho baqamba igama laleyo ndawo ngokuthi iBali Pherasimi.* 12Ashiya khona onkulunkulu bawo; uDavide wathi mabashiswe ngomlilo.

13AmaFilisti abuye angenela isigodi. 14UDavide waphinda wabuza kuNkulunkulu; uNkulunkulu wathi kuye: “Ungenyuki emva kwawo; wagwegwesele, uwafikele malungana namajikijolo. 15Kuyakuthi lapho usuzwa umsindo wokuhamba ezihlokweni zamajikijolo, uphume impi, ngokuba uNkulunkulu uphumile ngaphambi kwakho ukuchitha impi yamaFilisti.” 16UDavide wenza njengokumyala kukaNkulunkulu, bachitha impi yamaFilisti kusukela eGibeyoni kuze kube seGezeri.

17Igama likaDavide laphumela emazweni onke; uJehova wehlisela izizwe zonke ingebhe ngaye.

1 iziKronike 14ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

1 iziKronike 15

Ukuyiswa komphongolo kaJehova eJerusalema

1Wazakhela izindlu emzini kaDavide; walungisela umphongolo kaNkulunkulu indawo, wawumisela itende. 2Khona uDavide wathi: “Umphongolo kaNkulunkulu nga ungathwalwa muntu, ngamaLevi kuphela, ngokuba yiwona akhethwe nguJehova ukuthwala umphongolo kaNkulunkulu nokumkhonza kuze kube phakade.”

3UDavide wabuthela wonke u-Israyeli eJerusalema ukukhuphulela umphongolo kaJehova endaweni yawo awulungisele yona. 4UDavide wabutha amadodana ka-Aroni namaLevi; 5kumadodana kaKohati: ngu-Uriyeli inhloko nabafowabo, beyikhulu namashumi amabili; 6kumadodana kaMerari: ngu-Asaya inhloko nabafowabo, bengamakhulu amabili namashumi amabili; 7kumadodana kaGereshomu: nguJoweli inhloko nabafowabo, beyikhulu namashumi amathathu; 8kumadodana ka-Elisafani: nguShemaya inhloko nabafowabo, bengamakhulu amabili; 9kumadodana kaHebroni: ngu-Eliyeli inhloko nabafowabo, bengamashumi ayisihiyagalombili; 10kumadodana ka-Uziyeli: ngu-Aminadaba inhloko nabafowabo, beyikhulu neshumi nambili.

11UDavide wabiza oSadoki no-Abiyathara abapristi, namaLevi o-Uriyeli, no-Asaya, noJoweli, noShemaya, no-Eliyeli, no-Aminadaba, wathi kubo: 12“Nina niyizinhloko zezindlu zawoyise bamaLevi; zingcweliseni nina nabafowenu ukuba niwukhuphulele umphongolo kaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli endaweni engiyilungisele wona. 13Ngokuba ngenxa yokungawuthwali kwenu kuqala uJehova uNkulunkulu wethu wafohla kithina, ngokuba singamfunanga njengomthetho.” 14Base bezingcwelisa abapristi namaLevi ukuba bawukhuphule umphongolo kaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli. 15Abantwana bamaLevi bawuthwala umphongolo kaNkulunkulu emahlombe abo ngezinti zawo njengokuyala kukaMose ngezwi likaJehova.

16UDavide washo ezinduneni zamaLevi ukuba zibeke abafowabo abahlabeleli, benezinto zokubetha, izingubhu, namahabhu,* namasimbali,* bakubethe, baphakamise izwi labo ngokuthokoza.

17AmaLevi ayesebeka uHemani indodana kaJoweli, nakubafowabo u-Asafa indodana kaBerekiya, nakumadodana kaMerari, abafowabo, u-Ethani indodana kaKushaya, 18bekanye nabo abafowabo besigaba sesibili: oZakariya, noBeni, noJahaziyeli, noShemiramoti, noJehiyeli, no-Uni, no-Eliyabe, noBenaya, noMahaseya, noMatithiya, no-Elifelehu, noMikineya, no-Obede Edomi, noJehiyeli, abalindisango, 19nabahlabeleli oHemani no-Asafa no-Ethani ukuba bakhalise amasimbali* ethusi, 20noZakariya, no-Aziyeli, noShemiramoti, noJehiyeli, no-Uni, no-Eliyabe, noMahaseya, noBenaya ukuba babe nezingubhu ezilungiselwe i-Alamoti,* 21noMatithiya, no-Elifelehu, noMikineya, no-Obede Edomi, noJehiyeli, no-Azaziya ukuba babe namahabhu* alungiselwe iSheminiti* ukuba bahole. 22UKhenaniya induna yamaLevi wayephethe umsebenzi wokuthwala; wayefundisa ukuthwala ngokuba wayekwazi.

23OBerekiya no-Elkana babe ngabalindisango bomphongolo. 24OShebaniya, noJehoshafati, noNethaneli, no-Amasayi, noZakariya, noBenaya, no-Eliyezeri, abapristi, bashaya amacilongo phambi komphongolo kaNkulunkulu; o-Obede Edomi noJehiya babe ngabalindisango bomphongolo.

25UDavide namalunga akwa-Israyeli nezinduna zezinkulungwane baya ukuwukhuphula umphongolo wesivumelwano sikaJehova endlini ka-Obede Edomi ngokuthokoza; 26kwathi lapho uNkulunkulu esesizile amaLevi awuthwala umphongolo wesivumelwano sikaJehova, anikela ngezinkunzi eziyisikhombisa nangezinqama eziyisikhombisa. 27UDavide wayembethe ingubo yelineni elicolekileyo kanye nawo onke amaLevi ayethwala umphongolo, nabahlabeleli, noKhenaniya induna yokuthwala kwabahlabeleli; uDavide wayenengubo yamahlombe yelineni. 28Wonke u-Israyeli wawukhuphula kanjalo umphongolo wesivumelwano sikaJehova ngokukhamuluka nangezwi lomtshingo, nangamacilongo, nangamasimbali,* ebetha izingubhu namahabhu.*

29Kwathi lapho umphongolo wesivumelwano sikaJehova usungena emzini kaDavide, uMikhali indodakazi kaSawule walunguza efasiteleni, wabona inkosi uDavide isina, idlala; wayidelela enhliziyweni yakhe.

1 iziKronike 15ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 28

Umkhuleko wocela ukusizwa esandleni sababi

ElikaDavide.

1Ngikhala kuwe Jehova;

Dwala lami, ungabi yisithulu kimi,

funa kuthi, uma uthula kimi,

ngifane nabashona emgodini.

2Yizwa izwi lokunxusa kwami,

nxa ngikhala kuwe,

ngiphakamisela izandla zami endaweni yakho engcwelengcwele.

3Ungangimukisi kanye nababi nabenza okubi

abakhuluma ukuthula nabakhelwane babo,

kanti kukhona okubi ezinhliziyweni zabo.

4Banike njengokwenza kwabo nanjengobubi bemisebenzi yabo;

banike njengokwenza kwezandla zabo,

baphindisele abakwenzileyo.

5Ngokuba abayinaki imisebenzi kaJehova

nokwenza kwezandla zakhe;

uyakubadiliza, angabakhi.

6Makabongwe uJehova,

ngokuba ulizwile izwi lokunxusa kwami.

7UJehova ungamandla ami nesihlangu sami;

inhliziyo yami ithembe kuye, ngasizwa;

ngakho-ke inhliziyo yami iyethaba;

ngizakumdumisa ngesihlabelelo sami.

8UJehova ungamandla abantu bakhe;

uyinqaba yensindiso yogcotshiweyo wakhe.

9Sindisa abantu bakho,

ubusise ifa lakho,

ubaluse,

ubathwale kuze kube phakade.

Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU