Bible Society of South Africa

To The Word – Day 113

1 Kings 6–10, Proverbs 2

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

1 AmaKhosi 6

Ithempeli

1Kwathi ngomnyaka wamakhulu amane namashumi ayisishiyagalombili emva kokuphuma kwabantwana bakwa-Israyeli ezweni laseGibithe, ngomnyaka wesine wokubusa kukaSolomoni phezu kwabakwa-Israyeli, ngenyanga kaZivi eyinyanga yesibili, waqala ukwakha indlu kaJehova.

2Indlu inkosi uSolomoni eyayakhela uJehova, ubude bayo babuyizingalo ezingamashumi ayisithupha, nobubanzi bayo babungezingamashumi amabili, nokuphakama kwayo kwakuyizingalo ezingamashumi amathathu. 3Umpheme ngaphambili kwendlu yethempeli wawuyizingalo ezingamashumi amabili ubude bawo maqondana nobubanzi bendlu; ububanzi bawo babuyizingalo eziyishumi ngaphambi kwendlu. 4Wenzela indlu amafasitele anamahele angenakususwa. 5Ngasodongeni lwendlu wakha izimpondo nxazonke ngasezindongeni zendlu nxazonke, ethempelini nasegumbini; wenza amakamelo asezinhlangothini nxazonke; 6uphondo lwangaphansi lwaluyizingalo eziyisihlanu ububanzi balo, noluphakathi lwaluyizingalo eziyisithupha ububanzi balo, nolwesithathu lwaluyizingalo eziyisikhombisa ububanzi balo; ngokuba ngaphandle wenza uqaqa endlini nxazonke, ukuze imishayo ingangeni ezindongeni zendlu.

7Indlu isakhiwa yakhiwa ngamatshe alungiswa enkwalini; akuzwakalanga sando nazembe naphiki* nanto yensimbi, isakhiwa.

8Umnyango wekamelo lohlangothi eliphakathi wawuseceleni lokunene lendlu; kwakhushukwa ngezikhwelo ezishwilayo ukuya ophondweni olungaphakathi, kuphunywe kolungaphakathi kuyiwe kolwesithathu. 9Wakha-ke kanjalo indlu, wayiqeda, wayifulela indlu ngemishayo nangamapulangwe emisedari.* 10Wakha izimpondo zangasendlini yonke, yilolo nalolo lwaba yizingalo eziyisihlanu ukuphakama kwalo; zanamathela endlini ngemithi yemisedari.*

11Izwi likaJehova lafika kuSolomoni, lathi: 12“Kumi kanje maqondana nale ndlu oyakhayo: uma uyakuhamba ngezimiso zami, wenze izahlulelo zami, ugcine yonke imiyalo yami ukuba uhambe ngayo, ngiyakugcwalisa kuwe izwi engalikhuluma kuDavide uyihlo: 13ngiyakuhlala phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, ngingabashiyi abantu bami u-Israyeli.”

14Wakha-ke uSolomoni indlu, wayiqeda. 15Wakha izindonga zendlu ngaphakathi ngamapulangwe emisedari;* kusukela phansi endlini kuze kufike emishayweni yophahla wembesa ngamapulangwe ngaphakathi, wendlala phansi endlini ngamapulangwe emisayipuresi.* 16Wakha futhi izingalo ezingamashumi amabili ngaseceleni lendlu lasemuva ngamapulangwe emisedari* kusukela phansi kuze kufike emishayweni, wazakhela phakathi okwaba yigumbi, okuyindawo engcwelengcwele. 17Indlu yangaphambili yethempeli yayiyizingalo ezingamashumi amane. 18Kwakungumsedari* ngaphakathi endlini, kubaziwe ngezintangazane nangezimbali eziqhakazileyo; konke kwakungumsedari, akubonakalanga tshe khona.

19Walungisa igumbi phakathi endlini ukuba kubekwe khona umphongolo wesivumelwano sikaJehova. 20Phambi kwegumbi kwakuyizingalo ezingamashumi amabili ubude, nezingalo ezingamashumi amabili ngobubanzi, nezingalo ezingamashumi amabili ngokuphakama; wakunameka ngegolide elicwengekileyo, walembesa i-altare imisedari.* 21USolomoni wayinameka indlu phakathi ngegolide elicwengekileyo, walivalela igumbi ngamaketanga egolide; walinameka nalo ngegolide. 22Wanameka-ke yonke indlu ngegolide, yaze yaphelela indlu yonke; ne-altare lonke elalisegumbini walinameka ngegolide.

23Egumbini wenza amakherubi* amabili ngomnqumo, yilelo nalelo liyizingalo eziyishumi ukuphakama kwalo. 24Elinye iphiko lekherubi laliyizingalo eziyisihlanu, nelinye iphiko lekherubi laliyizingalo eziyisihlanu; kusukela esihlokweni selinye iphiko kuze kufike esihlokweni selinye kwakuyizingalo eziyishumi. 25Elinye ikherubi laliyizingalo eziyishumi nalo; amakherubi omabili ayeyisilinganiso sinye nesimo sinye. 26Ukuphakama kwelinye ikherubi kwakuyizingalo eziyishumi, nelinye ikherubi lalinjalo. 27Wawabeka amakherubi phakathi nendlu engaphakathi; amakherubi awelula amaphiko, iphiko lelinye lathinta odongeni, nephiko lelinye ikherubi lathinta odongeni olunye; amaphiko awo athintana phakathi nendlu. 28Wawanameka amakherubi ngegolide.

29Wafekethisa zonke izindonga zendlu nxazonke ngezithombe ezibaziweyo zamakherubi, nangamasundu, nangezimbali eziqhakazileyo ngaphakathi nangaphandle. 30Naphansi endlini wanameka ngegolide, ngaphakathi nangaphandle.

31Wenzela umnyango wegumbi izivalo zomnqumo; ikhothamo nezinsika zomnyango kwakuyizinhlangothi eziyisihlanu. 32Wenza-ke izivalo ezimbili ngomnqumo, wazifekethisa ngamakherubi abaziweyo, nangamasundu, nangezimbali eziqhakazileyo, wazinameka ngegolide, wembesa amakherubi namasundu igolide. 33Wenzela futhi umnyango wethempeli izinsika zomnyango ngomnqumo, ziyizinhlangothi ezine, 34nezivalo ezimbili ngomsayipuresi;* izinxenye zombili zaleso naleso sivalo zasongwa. 35Wazifekethisa ngamakherubi, nangamasundu, nangezimbali eziqhakazileyo, wazinameka ngegolide kukho okubaziweyo.

36Wakha igceke elingaphakathi ngezinhla ezintathu zamatshe abaziweyo, nohla lwemishayo yemisedari.*

37Ngomnyaka wesine isisekelo sendlu kaJehova sase sibekiwe ngenyanga kaZivi. 38Ngomnyaka weshumi nanye ngenyanga kaBuli eyinyanga yesishiyagalombili indlu yaqedwa kukho konke okwayo ngayo yonke imithetho yayo. Wayelokhu akha iminyaka eyisikhombisa.

1 AmaKhosi 6ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

1 AmaKhosi 7

Indlu kaSolomoni

1Kepha uSolomoni wakha indlu yakhe iminyaka eyishumi nantathu, wayiqeda indlu yakhe yonke. 2Wakha nendlu yehlathi laseLebanoni; ubude bayo babuyizingalo eziyikhulu, nobubanzi bayo babuyizingalo ezingamashumi ayisihlanu, nokuphakama kwayo kwakuyizingalo ezingamashumi amathathu phezu kwezinhla ezine zezinsika zemisedari,* imishayo yemisedari iphezu kwezinsika. 3Yafulelwa ngemisedari* phezu kwemishayo engamashumi amane nanhlanu eyayiphezu kwezinsika eziyishumi nanhlanu, uhla lulunye. 4Kwakukhona amahele ayizinhla ezintathu; ifasitele lalibhekene nefasitele izinhla ezintathu. 5Yonke iminyango nezinsika kwakuyizinhlangothi ezine ngemishayo; ifasitele lalibhekene nefasitele izinhla ezintathu.

6Wenza indlu yezinsika; ubude bayo babuyizingalo ezingamashumi ayisihlanu; nobubanzi bayo babuyizingalo ezingamashumi amathathu, inompheme nezinsika phambi kwayo, naphambi kwazo yisikhwelo.

7Wenza umpheme wesihlalo sobukhosi lapho ebeyakwahlulela khona, umpheme wokwahlulela; wawembeswe imisedari* kusukela phansi kuze kufike phezulu. 8Indlu yakhe lapho ebeyakuhlala khona kwelinye igceke phakathi kompheme yayenziwe kanjalo. Wenzela nendodakazi kaFaro abeyithathile uSolomoni indlu eyafana nalwo mpheme.

9Konke lokho kwakhiwa ngamatshe anenani elikhulu, amatshe abaziwe ngezilinganiso, asahwe ngamasaha, ngaphakathi nangaphandle, kusukela esisekelweni kuze kufike phezulu, nangaphandle kuze kube segcekeni elikhulu. 10Nesisekelo sasingamatshe anenani elikhulu, amatshe amakhulu, amatshe ayizingalo eziyishumi, namatshe ayizingalo eziyisishiyagalombili. 11Naphezulu kwakungamatshe anenani elikhulu, amatshe abaziweyo ngezilinganiso, nemisedari.* 12Igceke elikhulu nxazonke lalinezinhla ezintathu zamatshe abaziweyo nohla lwemisedari* njengegceke elingaphakathi lendlu kaJehova nompheme wendlu.

Umsebenzi kaHiramu ethempelini

13Inkosi uSolomoni yathumela yamlanda uHiramu eTire. 14Wayeyindodana yomfelokazi wesizwe sakwaNafetali; uyise wayengumuntu ogcwele ukuhlakanipha, nengqondo, nokwazi ukwenza yonke imisebenzi yethusi. Wafika enkosini uSolomoni, wasebenza wonke umsebenzi wayo.

15Wakhanda izinsika ezimbili zethusi, yileyo naleyo iyizingalo eziyishumi nesishiyagalombili ubude bayo, nomucu oyizingalo eziyishumi nambili wazungeza enye insika. 16Wenza izihloko ezimbili ngethusi elibunjiweyo ukuba zibekwe phezu kwezinsika; ubude besinye isihloko babuyizingalo eziyisihlanu, nobude besinye isihloko babuyizingalo eziyisihlanu. 17Kwakukhona ezihlokweni ezaziphezu kwezinsika imihlobiso yamanetha amahele, nezinsephe ezenziwe njengamaketanga, kuyisikhombisa kwesinye isihloko, nesikhombisa kwesinye. 18Wenza amapomegranati;* kwakuyizinhla ezimbili nxazonke kwelinye inetha ukwembesa izihloko ezaziphezu kwezinsika; wenze njalo nakwesinye isihloko. 19Izihloko ezaziphezu kwezinsika zasemphemeni zafaniswa neminduze; zaziyizingalo ezine. 20Kwakukhona izihloko naphezu kwezinsika zombili eduze nesisu esasiseceleni kwenetha; amapomegranati* ayengamakhulu amabili, eyizinhla nxazonke phezu kwesinye isihloko. 21Wazimisa izinsika ngasemphemeni wethempeli; wayimisa insika yokunene, waqamba igama layo ngokuthi uJakini, wayimisa nensika yasokhohlo, waqamba igama layo ngokuthi uBowazi. 22Ezihlokweni zezinsika kwakukhona okufanisiwe neminduze; kwaphela kanjalo umsebenzi wezinsika.

23Wenza nolwandle olubunjiweyo; lwaluyizingalo eziyishumi kusukela kolunye udini kuze kufike kolunye, lwaluyisiyingelezi; ukuphakama kwalo kwakuyizingalo eziyisihlanu; umucu oyizingalo ezingamashumi amathathu waluzungeza nxazonke. 24Phansi kodini lwalo nxazonke kwakukhona izintangazane ezaluzungezayo izingalo eziyishumi, zizungeza ulwandle nxazonke; izintangazane zazisezinhleni ezimbili, zibunjiwe ekubunjweni kwalo.

25Lwalumi phezu kwezinkabi eziyishumi nambili, ezintathu zibheke ngasenyakatho, ezintathu zibheke ngasentshonalanga, ezintathu zibheke ngaseningizimu, ezintathu zibheke ngasempumalanga; ulwandle lwalumiswe phezu kwazo, zonke zifulathelene. 26Uhlonze lwalo lwalungangobubanzi besandla; udini lwalo lwalwenziwe njengodini lwendebe lunjengembali yomnduze; lwalulingene namabhati* ayizinkulungwane ezimbili.

27Wenza izinqe eziyishumi zethusi; ubude besinqe sisinye babuyizingalo ezine, nobubanzi baso babuyizingalo ezine, nokuphakama kwaso kwakuyizingalo ezintathu. 28Lezo zinqe zazenziwe kanje: zazinezindini; izindini zaziphakathi kwezinsiko; 29kuzo izindini ezaziphakathi kwezinsiko kwakukhona izingonyama, nezinkabi, namakherubi;* kwakunjalo nakuzo izinsiko phezulu; phansi kwezingonyama nezinkabi kwakukhona imigexo elengayo yezimbali. 30Yileso naleso sinqe sasinamasondo amane ethusi, nama-asi ethusi; lezi zinyawo ezine zazinamahlombe okuthwala; lawo mahlombe ayebunjiwe phansi komcengezi, enemigexo yezimbali ebhekene nawo onke. 31Umlomo waso wawuphakathi kwesihloko; ukuphakama kwawo kwakuyingalo; umlomo wawo wawuyisiyingelezi njengokwenziwa kwesinqe, uyingalo nenxenye; nasemlonyeni kwakukhona okubaziweyo; izindini zawo zaziyizinhlangothi ezine, zingesiso isiyingelezi. 32Lawo masondo amane ayephansi kwezindini; imbambelela yama-asi amasondo yayisesinqeni; ukuphakama kwesondo kwakuyingalo nenxenye. 33Amasondo ayenziwe njengesondo lenqola; izimbambelela zawo zama-asi, namabhande* awo, nezipokwe* zawo, namanamfu* awo kwakubunjiwe konke.

34Kwakukhona amahlombe okuthwala emagumbini omane aleso naleso sinqe, izingalo zihlangene nesinqe. 35Phezu kwesinqe kwakukhona okuyisiyingelezi nxazonke; ukuphakama kwakho kwakuyinxenye yengalo, nezimbambelela zakho nezindini zakho zazihlangene nakho. 36Ezibhebheni zezimbambelela zakho nasezindinini zakho waqopha amakherubi,* nezingonyama, namasundu njengendawo yakho konke ngakunye, kanye nemigexo yezimbali nxazonke. 37Wenza kanjalo izinqe eziyishumi; zonke zazikubunjwa kunye, nesilinganiso sinye, nesimo sinye.

38Wenza imicengezi eyishumi ngethusi; umcengezi munye wawulingene namabhati* angamashumi amane; yilowo nalowo mcengezi wawuyizingalo ezine, naphezu kwezinqe eziyishumi ngazinye kwakukhona umcengezi munye. 39Wazibeka izinqe eziyisihlanu ngaseceleni lokunene lendlu neziyisihlanu ngaseceleni lasokhohlo lendlu; walubeka ulwandle ngaseceleni lokunene lendlu ngasempumalanga yangaseningizimu. 40UHiramu wayenza leyo micengezi, namafosholo, nezitsha. UHiramu wayeseqeda ukwenza wonke umsebenzi abewenzela inkosi uSolomoni endlini kaNkulunkulu: 41izinsika ezimbili, nezihloko ezimbili ezinjengezinkamba ezaziphezu kwezinsika, namanetha amabili okwembesa izihloko ezimbili ezinjengezinkamba ezaziphezu kwezinsika, 42namapomegranati* angamakhulu amane amanetha omabili, izinhla ezimbili zamapomegranati kulelo nalelo netha, okwembesa izihloko zombili ezazinjengezinkamba ezaziphezu kwezinsika, 43nezinqe eziyishumi, nemicengezi eyishumi ezinqeni, 44nolwandle lunye, nezinkabi eziyishumi nambili phansi kolwandle, 45namakhanzi, namafosholo, nezitsha; zonke lezo zinto uHiramu azenzela inkosi uSolomoni endlini kaJehova zaziyithusi eliphucuziweyo.

46Inkosi yazibumba ethafeni laseJordani emhlabathini webumba phakathi kweSukoti neSaretani. 47USolomoni waziyeka zonke izinto zingalinganiswanga ngenxa yobuningi bazo obukhulu kakhulu; nesisindo sethusi sasingenakutholwa.

48USolomoni wenza-ke zonke izinto ezazisendlini kaJehova: i-altare legolide, netafula legolide okwakukhona kulo izinkwa zokubukwa, 49nezinti zezibani zegolide elicwengekileyo eziyisihlanu ngakwesokunene neziyisihlanu ngakwesokhohlo phambi kwegumbi, nezimbali, nezibani, nezindlawu, ngegolide, 50nezindebe, nezizenze, nezitsha, nezinkezo, nemicengezi yomlilo, ngegolide elicwengekileyo, nezingibe zegolide zezivalo zendlu engaphakathi, indawo engcwelengcwele, nezivalo zendlu yethempeli.

51Sekuphelile wonke umsebenzi inkosi uSolomoni eyawenzayo endlini kaJehova, uSolomoni wangenisa izinto uyise uDavide ayezingcwelisile, isiliva, negolide, nezitsha, wakubeka engcebeni yendlu kaJehova.

1 AmaKhosi 7ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

1 AmaKhosi 8

Ukungeniswa komphongolo kaJehova ethempelini

1Khona uSolomoni wabutha amalunga akwa-Israyeli nezinhloko zezizwe, izikhulu zawoyise babantwana bakwa-Israyeli enkosini uSolomoni eJerusalema, ukuba bakhuphule umphongolo wesivumelwano sikaJehova emzini kaDavide oyiSiyoni. 2Onke amadoda akwa-Israyeli abuthana enkosini uSolomoni emkhosini wasenyangeni ka-Ethanimi eyinyanga yesikhombisa.

3Esefikile onke amalunga akwa-Israyeli, abapristi baphakamisa umphongolo. 4Bakhuphula umphongolo kaJehova, netende lokuhlangana, nazo zonke izinto ezingcwele ezazisetendeni, kwakhushulwa ngabapristi namaLevi. 5Inkosi uSolomoni nayo yonke inhlangano yakwa-Israyeli eyayihlangene kuyo babenayo phambi komphongolo, behlaba izimvu nezinkabi ezingenakulotshwa, zingenakubalwa ngobuningi bazo.

6Abapristi bawungenisa umphongolo wesivumelwano sikaJehova endaweni yawo egumbini lendlu, indawo engcwelengcwele, phansi kwamaphiko amakherubi.* 7Ngokuba amakherubi ayewelula amaphiko awo phezu kwendawo yomphongolo, amakherubi asibekela umphongolo nezinti zawo ngaphezulu. 8Izinti zazizinde kangako ukuba izihloko zezinti zibonakale endaweni engcwele phambi kwegumbi; kepha zazingabonakali ngaphandle; zisekhona lapho kuze kube namuhla. 9Kwakungekho lutho emphongolweni, kuphela izibhebhe ezimbili zamatshe ezabekwa khona nguMose eHorebe, lapho uJehova enza isivumelwano nabantwana bakwa-Israyeli ekuphumeni kwabo eGibithe.

10Kwathi lapho abapristi sebephumile endaweni engcwele, ifu lagcwalisa indlu kaJehova, 11abapristi baze bangema ukukhonza ngenxa yefu, ngokuba inkazimulo kaJehova yagcwalisa indlu kaJehova.

12Khona wakhuluma uSolomoni, wathi: “UJehova ushilo ukuthi uyakuhlala esigayegayeni. 13Ngikwakhele nokukwakhela indlu yokuhlala, indawo yokuhlala kwakho kuze kube phakade.”

14Inkosi yayisiphenduka, yalibusisa lonke ibandla lakwa-Israyeli, lonke ibandla lakwa-Israyeli, lalimi. 15Yathi:

“Makabongwe uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli owakhuluma ngomlomo wakhe kuDavide ubaba, ukugcwalisile ngesandla sakhe, ethi: 16‘Kusukela osukwini engakhipha ngalo abantu bami u-Israyeli eGibithe angikhethanga muzi ezizweni zonke zakwa-Israyeli ukwakha indlu ukuba igama lami libe khona lapho, kepha ngamkhetha uDavide abe phezu kwabantu bami u-Israyeli.’

17“Kwakusenhliziyweni kaDavide ubaba ukwakhela igama likaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli indlu. 18Kepha uJehova wathi kuDavide ubaba: ‘Njengokuba kwakusenhliziyweni yakho ukwakhela igama lami indlu, wenza kahle, ngokuba kwakusenhliziyweni yakho lokho; 19kepha wena awuyikuyakha indlu, kodwa indodana yakho eyakuphuma okhalweni lwakho yiyona eyakwakhela igama lami indlu.’

20“UJehova uliqinsisile izwi alikhulumayo, ngokuba mina ngivelile esikhundleni sikaDavide ubaba, ngihlezi esihlalweni sobukhosi sakwa-Israyeli njengokusho kukaJehova, ngakhele igama likaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli indlu. 21Ngimisile lapho indawo yomphongolo okukuwo isivumelwano sikaJehova asenza nawobaba ekubakhipheni ezweni laseGibithe.”

Ukuhlanjululwa kwethempeli

22USolomoni wema phambi kwe-altare likaJehova ebusweni balo lonke ibandla lakwa-Israyeli, welulela izandla zakhe ngasezulwini, 23wathi: “Jehova Nkulunkulu ka-Israyeli, akakho unkulunkulu onjengawe phezulu ezulwini nasemhlabeni phansi, ogcina isivumelwano nomusa nezinceku zakho ezihamba phambi kwakho ngayo yonke inhliziyo yazo, 24ogcine nenceku yakho uDavide ubaba lokho owakusho kuyo; yebo, owakukhuluma ngomlomo wakho ukugcwalisile ngesandla sakho njengokuba kunjalo namuhla.

25“Ngalokho, Jehova Nkulunkulu ka-Israyeli, gcina nenceku yakho uDavide ubaba lokho owakusho kuyo ukuthi: ‘Akuyikunqunywa muntu kuwe emehlweni ami ukuhlala esihlalweni sobukhosi sakwa-Israyeli, uma kuphela abantwana bakho beqaphela indlela yabo ukuba bahambe phambi kwami, njengalokho wena uhambe phambi kwami.’ 26Ngalokho, Nkulunkulu ka-Israyeli, maliqiniseke izwi lakho owalikhuluma encekwini yakho uDavide ubaba.

27“Kepha uNkulunkulu uyakuhlala impela emhlabeni na? Bheka, izulu nezulu lamazulu alinakukwanela; pho, kakhulu kangakanani le ndlu encane engiyakhileyo na? 28Mawubheke umkhuleko wenceku yakho nokunxusa kwayo, Jehova Nkulunkulu wami, uzwe ukukhala nokukhuleka inceku yakho ekukhuleka phambi kwakho namuhla 29ukuba amehlo akho avulekele le ndlu ubusuku nemini, indawo owathi ngayo: ‘Igama lami liyakuba khona lapho,’ uze ulalele umkhuleko inceku yakho eyakuwukhuleka ibhekene nale ndawo. 30Kulalele ukunxusa kwenceku yakho nokwabantu bakho u-Israyeli abayakukukhuleka bebhekene nale ndawo, ukuzwe usendaweni yakho yokuhlala ezulwini, nalapho usuzwile, uthethelele.

31“Uma umuntu ona umakhelwane wakhe, athweswe isifungo sokumfungisa, abeseza ukufunga phambi kwe-altare lakho kule ndlu, 32mawuzwe wena ezulwini, wenze, wahlulele izinceku zakho, kulahlwe onecala, ubeke indlela yakhe phezu kwekhanda lakhe, uthethelele olungileyo, umnike njengokulunga kwakhe.

33“Lapho abantu bakho u-Israyeli benqotshwa yisitha, ngokuba bonile kuwe, kepha bese bebuya bephindela kuwe, balivume igama lakho, bakhuleke, banxuse kuwe kule ndlu, 34mawuzwe wena ezulwini, uthethelele isono sabantu bakho u-Israyeli, ubabuyisele ezweni owalinika oyise.

35“Lapho izulu livaliwe, imvula ingekho, ngokuba bonile kuwe, kepha bese bekhuleka bebhekene nale ndawo, balivume igama lakho, baphenduke esonweni sabo, ngokuba uyabajezisa, 36mawuzwe wena ezulwini, uthethelele isono sezinceku zakho nesabantu bakho u-Israyeli, lapho ubafundisa indlela enhle abayakuhamba ngayo, uthume imvula ezweni lakho obanike abantu bakho libe yifa labo.

37“Uma kukhona indlala ezweni, noma kukhona isifo, noma kukhona ukuhamuka, nesikhutha, nesikhonyane, nemiswenya, noma isitha sabo sibavimbezela ezweni lemizi yabo, noma kuyiphi inhlupheko nasiphi isifo, 38bese kuzwakala namuphi umkhuleko nakuphi ukunxusa noma ngumuphi umuntu noma yibo bonke abantu bakho u-Israyeli abayakwazi, kube yilowo nalowo inhlupheko yasenhliziyweni yakhe, elulele izandla zakhe kule ndlu, 39mawuzwe wena ezulwini, indawo yakho yokuhlala, uthethelele, wenze, unike yilowo nalowo njengezindlela zakhe, wena owaziyo inhliziyo yakhe ngokuba wena kuphela uyazi izinhliziyo zabo bonke abantwana babantu 40ukuba bakwesabe zonke izinsuku zokuhlala kwabo ezweni owalinika obaba.

41“Futhi owezizwe ongesiye owabantu bakho u-Israyeli, lapho evela ezweni elikude ngenxa yegama lakho 42ngokuba bayakuzwa ngegama lakho elikhulu, nangesandla sakho esinamandla, nangengalo yakho eyeluliweyo lapho ebeseza ukukhuleka kule ndlu, 43mawuzwe wena ezulwini, indawo yakho yokuhlala, wenze njengakho konke lo wezizwe akhala ngakho kuwe, ukuze bonke abantu bomhlaba bazi igama lakho, bakwesabe wena njengabantu bakho u-Israyeli nokuze bazi ukuthi le ndlu engiyakhileyo ibiziwe ngegama lakho.

44“Uma abantu bakho bephuma impi ukulwa nesitha sabo ngendlela obathuma ngayo, bese bekhuleka kuJehova bebhekene nalo muzi owukhethileyo nale ndlu engiyakhele igama lakho, 45mawuzwe wena ezulwini umkhuleko wabo nokunxusa kwabo, ubavume.

46“Uma bona kuwe – ngokuba akukho muntu ongoniyo – bese wubathukuthelela wena, ubanikele esitheni, ukuze ababathumbayo babamukisele ezweni lesitha, likude noma liseduze, 47kepha bese becabanga ezweni lapho bethunjelwe khona, baphenduke, banxuse kuwe ezweni lababathumbayo ngokuthi: ‘Sonile, senzile ngokuphambeneyo, saziphatha kabi;’ 48uma bephendukela kuwe ngayo yonke inhliziyo yabo nangawo wonke umphefumulo wabo ezweni lezitha zabo ezabathumba, bakhuleke kuwe bebhekene nezwe lakubo owalinika oyise, umuzi owukhethileyo, nendlu engiyakhele igama lakho, 49mawuzwe wena ezulwini, indawo yakho yokuhlala, umkhuleko wabo nokunxusa kwabo, ubavume, 50uthethelele abantu bakho abonile kuwe nazo zonke iziphambeko zabo abaphambeke kuwe ngazo, ubanike ukuba bathole isihe phambi kwababathumbayo ukuba babaphathe ngesihe. 51Ngokuba bangabantu bakho nefa lakho owalikhipha ezweni laseGibithe nasesithandweni sensimbi, 52ukuba amehlo akho avulekele ukunxusa kwenceku yakho nokunxusa kwabantu bakho u-Israyeli ukubezwa kukho konke abakhala ngakho kuwe. 53Ngokuba wena wabahlukanisa nabantu bonke bomhlaba, babe yifa lakho, njengalokho wakhuluma ngesandla sikaMose inceku yakho ekukhipheni obaba eGibithe, Nkosi Jehova.”

54Kwathi uSolomoni eseqedile ukukhuleka wonke lo mkhuleko nalokho kunxusa kuJehova, wasuka e-altare likaJehova ekuguqeni ngamadolo akhe, izandla zakhe zelulelwe ngasezulwini. 55Wema, wabusisa lonke ibandla lakwa-Israyeli ngezwi elikhulu, wathi:

56“Makabongwe uJehova onike abantu bakhe u-Israyeli ukuphumula njengakho konke akushiloyo; akuwanga izwi elilodwa lakho konke ukukhuluma kwakhe okuhle akusho ngesandla sikaMose inceku yakhe. 57UJehova uNkulunkulu wethu makabe nathi njengalokho ayenawobaba; makangasishiyi, angasilahli, 58ukuze adonsele izinhliziyo zethu kuye ukuba sihambe ngezindlela zakhe zonke, sigcine imiyalo yakhe, nezimiso zakhe, nezahlulelo zakhe ayala ngakho obaba. 59Lawo mazwi ami enginxuse ngawo phambi kukaJehova mawabe seduze noJehova uNkulunkulu wethu imini nobusuku ukuba avume inceku yakhe, avume nabantu bakhe u-Israyeli njengokudingeka kwemihla ngemihla, 60ukuba abantu bonke bomhlaba bazi ukuthi uJehova nguye onguNkulunkulu; akakho omunye. 61Inhliziyo mayibe kuJehova uNkulunkulu wethu ngokupheleleyo, nihambe ngezimiso zakhe, nigcine imiyalo yakhe njenganamuhla.”

62Inkosi naye wonke u-Israyeli enayo banikela ngomhlatshelo phambi kukaJehova. 63USolomoni wanikela kube ngumhlatshelo weminikelo yokuthula, owanikela ngawo kuJehova, izinkunzi eziyizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili nezimvu eziyizinkulungwane eziyikhulu namashumi amabili. Inkosi nabo bonke abantwana bakwa-Israyeli bahlambulula-ke indlu kaJehova.

64Ngalona lolo suku inkosi yangcwelisa ingaphakathi legceke elalingaphambi kwendlu kaJehova, ngokuba wanikela lapho ngomnikelo wokushiswa, nangomnikelo wempuphu, nangamanoni eminikelo yokuthula, lokhu i-altare lethusi elaliphambi kukaJehova lalilincane ukuba liwamukele umnikelo wokushiswa, nomnikelo wempuphu, namanoni eminikelo yokuthula.

65USolomoni wagubha-ke umkhosi ngaleso sikhathi naye wonke u-Israyeli enaye, ibandla elikhulu, kusukela ekuyeni eHamati kuze semfuleni waseGibithe, ngaphambi kukaJehova uNkulunkulu wethu izinsuku eziyisikhombisa nezinsuku eziyisikhombisa, okungukuthi izinsuku eziyishumi nane. 66Ngosuku lwesishiyagalombili wabamukisa abantu, bayibusisa inkosi, baya ematendeni abo bejabula, bethokoza ngenhliziyo ngakho konke okuhle uJehova akwenzile kuDavide inceku yakhe naku-Israyeli abantu bakhe.

1 AmaKhosi 8ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

1 AmaKhosi 9

UJehova uyabonakala kuSolomoni

1Kwathi uSolomoni eseqedile ukwakha indlu kaJehova, nendlu yenkosi, nakho konke ukufisa kukaSolomoni ayefune ukukwenza, 2uJehova wabonakala kuSolomoni ngokwesibili, njengalokho ayebonakele kuye eGibeyoni. 3UJehova wathi kuye: “Ngiwuzwile umkhuleko wakho nokunxusa kwakho onxuse ngakho phambi kwami; ngiyingcwelisile le ndlu oyakhileyo ukuba ngibeke khona igama lami kuze kube phakade; amehlo ami nenhliziyo yami kuyakuba khona izinsuku zonke.

4“Wena-ke, uma uyakuhamba phambi kwami njengokuhamba kukaDavide uyihlo, ngenhliziyo engenacala nangobuqotho, ukuba wenze konke engikuyale ngakho, ugcine izimiso zami nezahlulelo zami, 5ngiyakusimisa isihlalo sobukhosi sombuso wakho kwa-Israyeli kuze kube phakade, njengalokho ngasho kuDavide uyihlo ukuthi: ‘Akuyikunqunywa muntu kuwe esihlalweni sobukhosi sakwa-Israyeli.’

6“Kodwa uma nibuya ekungilandeleni, nina noma abantwana benu, ningagcini imiyalo yami nezimiso zami engikubeke phambi kwenu, kepha nihambe nikhonze abanye onkulunkulu, nikhuleke kubo, 7ngiyakumnquma u-Israyeli ezweni engimnike lona; nale ndlu engiyingcwelisele igama lami ngiyakuyilahla ebusweni bami, u-Israyeli abe yisaga nesifenqo phakathi kwabantu bonke. 8Noma le ndlu iphakeme kangaka, bonke abadlula kuyo bayakumangala, banximfe, bathi: ‘UJehova wenzeleni kanje kuleli zwe nakule ndlu na?’ 9Bayakuphendula ngokuthi: ‘Kungokuba bamshiya uJehova uNkulunkulu wabo owakhipha oyise ezweni laseGibithe, banamathela kwabanye onkulunkulu, bakhuleka kubo, babakhonza; ngalokho uJehova ubehlisele konke lokho okubi.’ ”

UHiramu uphiwa imizi

10Kwathi ngasekupheleni kweminyaka engamashumi amabili uSolomoni akhe ngayo izindlu zombili, indlu kaJehova nendlu yenkosi, 11uHiramu inkosi yaseTire owayemsizile uSolomoni ngemisedari* nangemisayipuresi* nangegolide njengokufisa kwakhe konke wanikwa yinkosi uSolomoni imizi engamashumi amabili ezweni laseGalile. 12UHiramu waphuma eTire ukuyobona imizi uSolomoni amnike yona, ayimthokozisanga. 13Wathi: “Iyini le mizi onginike yona, mfowethu, na?” Wayibiza ngokuthi izwe laseKabuli* kuze kube namuhla. 14UHiramu wayesethuma enkosini amatalenta* ayikhulu namashumi amabili egolide.

Izisebenzi nezindlu zikaSolomoni. Iminikelo yakhe

15Indaba yezisebenzi ezabizwa yinkosi uSolomoni ukwakha indlu kaJehova, nendlu yakhe, neMilo, nogange lwaseJerusalema, neHasori, neMegido, neGezeri inje: 16uFaro inkosi yaseGibithe wayenyukile wathatha iGezeri, walishisa ngomlilo, wabulala amaKhanani ayehlezi emzini, walinika umkaSolomoni indodakazi yakhe, libe yisipho sakhe. 17USolomoni wakha iGezeri neBeti Horoni laseNzansi, 18neBalati, neTamari lasehlane lalelo zwe, 19nayo yonke imizi yokubekelela uSolomoni ayenayo, nemizi yezinqola zakhe, nemizi yabamahhashi bakhe, nalokhu uSolomoni ayefisa ukwakha khona eJerusalema, naseLebanoni, nasezweni lonke lapho ebusa khona.

20Abantu bonke abaseleyo kuma Amori, namaHeti, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi, abangesibo abantwana bakwa-Israyeli, 21abantwana babo abasala ezweni emva kwabo, abantwana bakwa-Israyeli ababengenamandla okubaqeda, kubona uSolomoni wabiza izisebenzi eziyizigqila kuze kube namuhla. 22Kodwa kubantwana bakwa-Israyeli uSolomoni akakhiphanga izigqila ngokuba bona babe ngamadoda empi, nezinceku zakhe, nezikhulu zakhe, nezinduna zakhe, nabaphathi bezinqola zakhe, nabamahhashi bakhe. 23Izinduna ezinkulu ezaziphethe umsebenzi kaSolomoni zazingamakhulu ayisihlanu namashumi ayisihlanu; zaziphethe abantu ababesebenza emsebenzini.

24Kodwa indodakazi kaFaro yenyuka emzini kaDavide, yaya endlini yayo ayakhele yona; wayeselakha iMilo.

25Kathathu ngomnyaka uSolomoni wanikela ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yokuthula e-altare ayelakhele uJehova, eshisa impepho kanye nayo phambi kukaJehova. Wayeseyiqedile indlu.

Imikhumbi kaSolomoni

26Inkosi uSolomoni yenza imikhumbi e-Esiyoni Geberi elingaseceleni kwe-Eloti ogwini loLwandle Olubomvu ezweni lakwa-Edomi. 27UHiramu wathuma ngale mikhumbi izinceku zakhe, amadoda emikhumbi ayelwazi ulwandle, kanye nezinceku zikaSolomoni. 28Zafika e-Ofiri, zalanda khona igolide, amatalenta* angamakhulu amane namashumi amabili, zaliletha enkosini uSolomoni.

1 AmaKhosi 9ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

1 AmaKhosi 10

Inkosikazi yaseSheba

1Inkosikazi yaseSheba isizwile udumo lukaSolomoni ngegama likaJehova yeza ukumvivinya ngezimfumbe. 2Yeza eJerusalema inehele elikhulu kakhulu, namakamela ethwele amakha, negolide eliningi kakhulu, namatshe ayigugu; isifikile kuSolomoni yakhuluma naye ngakho konke okusenhliziyweni yayo. 3USolomoni wayiphendula ezindabeni zayo zonke. Kwakungekho nto eyayifihlelwe inkosi, engayitshelanga yona. 4Inkosikazi yaseSheba isibonile konke ukuhlakanipha kukaSolomoni, nendlu ayakhileyo, 5nokudla kwasetafuleni lakhe, nokuhlala kwezinceku zakhe, nokuma kwezikhonzi zakhe, nezambatho zazo, nabaphathizitsha bakhe, nomnikelo wakhe wokushiswa owanikela ngawo endlini kaJehova, akwabe kusabakho moya kuyo.

6Yathi enkosini: “Yayiqinisile indaba engayizwa ezweni lami ngamazwi akho nangokuhlakanipha kwakho. 7Kepha angikholwanga ngamazwi ngaze ngafika, kwabona amehlo ami; bheka, angitshelwanga nanxenye; udlula ngokuhlakanipha nenhlanhla udumo engaluzwa. 8Babusisiwe abantu bakho, zibusisiwe lezi zinceku zakho ezimi njalo phambi kwakho, zizwa ukuhlakanipha kwakho. 9Makabongwe uJehova uNkulunkulu wakho owenamele wena ukuba akubeke esihlalweni sobukhosi sakwa-Israyeli; ngokuba uJehova wamthanda u-Israyeli kuze kube phakade, ngalokho wakubeka inkosi ukuba wenze ukwahlulela nokulunga.”

10Yanika inkosi amatalenta* ayikhulu namashumi amabili egolide, namakha amaningi kakhulu, namatshe ayigugu; akuzange kusafika amakha amaningi kangaka njengalawo inkosi uSolomoni eyaphiwa wona yinkosikazi yaseSheba.

11Nemikhumbi kaHiramu eyathwala igolide livela e-Ofiri yathutha futhi e-Ofiri imi-alimugi* namatshe ayigugu. 12Ngemi-alimugi* inkosi yenzela indlu kaJehova nendlu yenkosi izinsika kanye namahabhu* nezingubhu zabahlabeleli; imi-alimugi eminingi kangaka ayizange isafika, kayibonwanga futhi, kuze kube namuhla.

13Inkosi uSolomoni yanika inkosikazi yaseSheba konke ekufunayo nekucelayo ngaphandle kwalokho uSolomoni ayinika khona ngokuphana kwenkosi. Yayisibuya, yaya ezweni layo, yona nezinceku zayo.

Ukuceba kukaSolomoni nobukhosi bakhe; ukuhlakanipha kwakhe nobukhulu bakhe

14Isisindo segolide elalifika kuSolomoni iminyaka yonke sasingamatalenta* angamakhulu ayisithupha namashumi ayisithupha nesithupha egolide 15ngaphandle kokuvela kubahwebi, nasenzuzweni yabathengisi, nasemakhosini ase-Arabiya, nakubabusi bezwe.

16Inkosi uSolomoni yenza izihlangu ezingamakhulu amabili zegolide elikhandiweyo, kwaba ngamashekeli* angamakhulu ayisithupha egolide elikhandiweyo kuso isihlangu sisinye, 17kanjalo namahawu angamakhulu amathathu egolide elikhandiweyo, amamane* amathathu egolide kulo ihawu lilinye; inkosi yawabeka endlini yehlathi laseLebanoni.

18Inkosi yenza nesihlalo sobukhosi esikhulu sezimpondo zendlovu, yasinameka ngegolide elicwengekileyo. 19Isihlalo sobukhosi sasinezikhwelo eziyisithupha, isihloko saso sasiyisiyingelezi emuva; kwakukhona imikhono ngalapha nangalapha kwendawo yokuhlala, kumi izingonyama ezimbili ngaseceleni kwemikhono. 20Kwakumi izingonyama eziyishumi nambili ngalapha nangalapha ezikhwelweni eziyisithupha. Okunjalo akwenziwanga komunye umbuso. 21Zonke izitsha zokuphuza zenkosi uSolomoni zaziyigolide, nazo zonke izitsha zendlu yehlathi laseLebanoni zaziyigolide elicwengekileyo, kungekho ezesiliva, lona lingento yalutho emihleni kaSolomoni. 22Ngokuba inkosi yayinemikhumbi yaseTharishishi elwandle kanye nemikhumbi kaHiramu; kanye ngeminyaka emithathu yafika imikhumbi yaseTharishishi iletha igolide, nesiliva, nezimpondo zendlovu, nezimfene, namapikoko.*

23Inkosi uSolomoni yaba nkulu kunawo onke amakhosi omhlaba ngengcebo nangokuhlakanipha. 24Wonke umhlaba wafuna ukubona ubuso bukaSolomoni ukuba uzwe ukuhlakanipha kwakhe, uNkulunkulu akubekile enhliziyweni yakhe. 25Baletha, kwaba yilowo nalowo isipho sakhe, izitsha zesiliva, nezitsha zegolide, nezingubo, nezikhali, namakha, namahhashi, neminyuzi,* okwenziwa iminyaka ngeminyaka.

26USolomoni wabutha izinqola nabamahhashi; wayenezinqola eziyinkulungwane namakhulu amane nabamahhashi abayizinkulungwane eziyishumi nambili owakubeka emizini yezinqola nasenkosini eJerusalema. 27Inkosi yenza isiliva livame eJerusalema njengamatshe, nemisedari* yayenza ibe njengemithombe esigodini ngobuningi. 28Amahhashi uSolomoni ayenawo ayekhishwe eGibithe naseKuwe; abathengi benkosi bawamukela eKuwe ngemali yawo. 29Inqola yenyuka yaphuma eGibithe ngamashekeli* angamakhulu ayisithupha esiliva nehhashi ngayikhulu namashumi ayisihlanu; bawakhiphela kanjalo onke amakhosi amaHeti namakhosi ase-Aramu ngezandla zabo.

1 AmaKhosi 10ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

IzAga 2

Isibusiso sokuhlakanipha

1Ndodana yami, uma wamukela amazwi ami,

uzibekelele imiyalo yami,

2ukuze ubeke indlebe yakho ekuhlakanipheni,

uthobisele ekuqondeni inhliziyo yakho,

3yebo, uma ukhala ngengqondo,

uzwakalisa izwi lakho ngokuqonda,

4uma ukufuna njengesiliva,

ukuphenya njengamagugu afihliweyo,

5khona uyakuqonda ukumesaba uJehova,

ufumane ukumazi uNkulunkulu.

6Ngokuba uJehova uyanika ukuhlakanipha;

emlonyeni wakhe kuphuma ukwazi nokuqonda.

7Uyabekela abaqotho isibusiso,

uyihawu kwabahamba bengenacala,

8egcina izindlela zokulunga,

elondoloza imikhondo yabathembekileyo bakhe.

9Khona uyakuqonda ukulunga nokwahlulela,

neqiniso,

yebo, nezindlela zonke ezinhle.

10Ngokuba ukuhlakanipha

kuyakungena enhliziyweni yakho,

ukwazi kube mnandi emphefumulweni wakho.

11Amasu ayakukulinda,

ukuqonda kukugcine,

12ukuze wophulwe endleleni yobubi

nakubantu abakhuluma okuphambeneyo,

13abashiya imikhondo yobuqotho,

ukuze bahambe ngezindlela zobumnyama;

14abathokoza ngokwenza okubi,

bajabulele ukuphambana kobubi;

15abazindlela zabo ziyisigwegwe,

nemikhondo yabo iphambene,

16ukuba wophulwe kowesifazane ondindayo

nakuye owezizwe onamazwi athophayo,

17oshiya umngane wobusha bakhe,

akhohlwe isivumelwano sikaNkulunkulu wakhe,

18ngokuba indlu yakhe ishonela ekufeni,

nasezithunzini izindlela zakhe.

19Bonke abangena kuye ababuyi,

bangafinyeleli ezindleleni zokuphila.

20Kanjalo uyakuhamba ezindleleni zabahle,

ugcine imikhondo yabalungileyo.

21Ngokuba abaqotho bayakuhlala ezweni,

abapheleleyo basale kulo.

22Kepha ababi bayakunqunywa ezweni,

nabambuluzayo bayakusishulwa kulo.

Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU