Bible Society of South Africa

To The Word – Day 112

1 Kings 1–5, Proverbs 1

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

1 AmaKhosi 1

Ukuguga kukaDavide

1Inkosi uDavide yayisindala, ineminyaka eminingi; bayembesa ngezingubo, kepha ayifudumalanga. 2Zase zithi kuyo izinceku zayo: “Inkosi yami, inkosi, mayifunelwe intombi esentsha ukuba ime phambi kwenkosi, iyiphathe, ilale ngasesifubeni sayo ukuba inkosi yami, inkosi, ifudumale.”

3Base befuna intombi enhle phakathi kwemikhawulo yonke yakwa-Israyeli, bathola u-Abishagi waseShunemi, bamletha enkosini. 4Intombi yayiyinhle kakhulu, yayiphatha inkosi, yayikhonza, kepha inkosi ayiyazanga.

5U-Adoniya indodana kaHagiti waziphakamisa, wathi: “Mina ngiyakuba yinkosi.” Wazilungiselela izinqola, nabamahhashi, nabantu abangamashumi ayisihlanu ukugijima phambi kwakhe. 6Uyise wayengamdabukisanga nakanye ngokuthi: “Wenzeleni lokhu na?” Futhi wayebukeka emuhle kakhulu, wayelama u-Abisalomu.

7Wacebisana noJowabe indodana kaSeruya no-Abiyathara umpristi; bamsiza u-Adoniya, bamlandela. 8Kepha uSadoki umpristi, noBenaya indodana kaJehoyada, noNathani umprofethi, noShimeyi, noReyi, namaqhawe kaDavide abamlandelanga u-Adoniya.

9U-Adoniya wahlaba izimvu, nezinkabi, namathole akhuluphalisiweyo ngasetsheni laseZoheleti eliseceleni kwe-Eni Rogeli; wamema bonke abafowabo, amadodana enkosi, nabantu bonke bakwaJuda, izinceku zenkosi; 10kepha uNathani umprofethi, noBenaya, namaqhawe, noSolomoni umfowabo, kabamemanga.

11UNathani wathi kuBati Sheba unina kaSolomoni: “Awuzwanga yini ukuthi u-Adoniya indodana kaHagiti uyabusa, uDavide inkosi yethu engakwazi, na? 12Ngalokho woza ngikululeke ukuba usindise ukuphila kwakho nokuphila kwendodana yakho uSolomoni. 13Hamba ungene enkosini uDavide, uthi kuyo: ‘Wena nkosi yami, nkosi, awufunganga yini kuyo incekukazi yakho ngokuthi: “USolomoni indodana yakho uyakuba yinkosi emva kwami, ahlale esihlalweni sami sobukhosi,” na? Pho, kungani ukuba kubuse u-Adoniya na?’ 14Bheka, usakhuluma lapho nenkosi, nami ngiyakungena emva kwakho, ngiqinise amazwi akho.”

15UBati Sheba wayesengena enkosini ekamelweni; inkosi yayisindala; u-Abishagi waseShunemi wayikhonza inkosi. 16UBati Sheba wakhothama, wakhuleka enkosini. Yathi inkosi: “Ubabeleni na?”

17Wathi kuyo: “Nkosi yami, wafunga uJehova uNkulunkulu wakho kuyo incekukazi yakho ngokuthi: ‘Ngempela uSolomoni indodana yakho uyakuba yinkosi emva kwami, ahlale esihlalweni sami sobukhosi.’ 18Bheka, manje kubusa u-Adoniya; wena nkosi yami, nkosi, awukwazi; 19usehlabile izinkabi, namathole akhuluphalisiweyo, nezimvu eziningi, umemile onke amadodana enkosi, no-Abiyathara umpristi, noJowabe induna yempi; kepha uSolomoni inceku yakho kammemanga. 20Wena nkosi yami, nkosi, amehlo abo bonke abakwa-Israyeli akuwe ukuba ubatshele ukuthi ngubani ozakuhlala esihlalweni sobukhosi senkosi yami, inkosi, emva kwayo, 21funa, lapho inkosi yami, inkosi, isilele koyise, mina nendodana yami uSolomoni kuthiwe sinecala.”

22Bheka, esakhuluma nenkosi, wangena uNathani umprofethi. 23Bayitshela inkosi, bathi: “Bheka, nangu uNathani umprofethi.” Lapho esengene enkosini wakhothama phambi kwenkosi, ubuso bakhe bubheke phansi.

24UNathani wathi: “Nkosi yami, nkosi, wena ushilo yini ukuthi: ‘U-Adoniya uyakuba yinkosi emva kwami, ahlale esihlalweni sami sobukhosi,’ na? 25Ngokuba wehlile namuhla; uhlabile izinkabi, namathole akhuluphalisiweyo, nezimvu eziningi, umemile onke amadodana enkosi, nezinduna zempi, no-Abiyathara umpristi; bheka, bayadla, bephuza phambi kwakhe, bathi: ‘Mana njalo, nkosi Adoniya.’ 26Kodwa mina, mina nceku yakho, noSadoki umpristi, noBenaya indodana kaJehoyada, nenceku yakho uSolomoni, kasimemanga. 27Le nto yenziwe yini yinkosi yami, inkosi, ungazazisanga izinceku zakho ukuthi ngubani oyakuhlala esihlalweni sobukhosi senkosi yami, inkosi, emva kwayo, na?”

Ukubekwa kukaSolomoni abe yinkosi

28Yayisiphendula inkosi uDavide, yathi: “Ngibizele uBati Sheba.” Wafika ebusweni benkosi, wema phambi kwenkosi.

29Inkosi yayisifunga ngokuthi: “Kuphila kukaJehova ohlengile umphefumulo wami ekuhluphekeni kwami konke, 30njengalokho ngafunga kuwe uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, ngathi: USolomoni indodana yakho uyakuba yinkosi emva kwami, ahlale esihlalweni sami sobukhosi esikhundleni sami, ngiyakwenze njalo impela namuhla.”

31Wayesekhothama uBati Sheba, ubuso bakhe bubheke phansi, wakhuluma enkosini, wathi: “Mana njalo, nkosi yami, nkosi Davide.”

32Inkosi uDavide yayisithi: “Ngibizele uSadoki umpristi, noNathani umprofethi, noBenaya indodana kaJehoyada.” Bafika phambi kwenkosi. 33Inkosi yathi kubo: “Thathani izinceku zenkosi yenu, nimkhwelise uSolomoni indodana yami kuwo umnyuzi* wami, nimehlisele eGihoni, 34uSadoki umpristi noNathani umprofethi bamgcobe khona abe yinkosi phezu kuka-Israyeli; bese nibetha amacilongo, nithi: ‘Mana njalo, nkosi Solomoni.’ 35Bese nenyuka emva kwakhe, afike ahlale esihlalweni sami sobukhosi, ngokuba uyakuba yinkosi esikhundleni sami; ngimbekile ukuba abe ngumbusi phezu kuka-Israyeli noJuda.”

36UBenaya indodana kaJehoyada wayiphendula inkosi, wathi: “Amen; uJehova uNkulunkulu wenkosi yami, inkosi, makasho njalo naye. 37Njengalokho uJehova waba nenkosi yami, inkosi, makabe naye uSolomoni, asenze isihlalo sakhe sobukhosi sibe sikhulu kunesihlalo sobukhosi senkosi yami, inkosi uDavide.”

38Base behla uSadoki umpristi, noNathani umprofethi, noBenaya indodana kaJehoyada, namaKhereti namaPheleti, bamkhwelisa uSolomoni kuwo umnyuzi* wenkosi uDavide, bamyisa eGihoni. 39USadoki umpristi wathatha uphondo lwamafutha etendeni, wamgcoba uSolomoni. Babetha amacilongo, bonke abantu bathi: “Mana njalo, nkosi Solomoni.” 40Bonke abantu benyuka emva kwakhe, abantu babetha imitshingo. Bathokoza ngokuthokoza okukhulu, kwaze kwangathi kuqhekezeka umhlaba ngomsindo wabo.

41U-Adoniya nabo bonke abamenyiweyo ababe naye bawuzwa sebeqedile ukudla. UJowabe esezwa ukukhala kwecilongo wathi: “Ngowani lo msindo wokuxokozela emzini na?”

42Esakhuluma, bheka, kwafika uJonathani indodana ka-Abiyathara umpristi; u-Adoniya wathi: “Ngena, ngokuba wena uyindoda enamandla; uze nodaba oluhle.”

43UJonathani waphendula, wathi ku-Adoniya: “Qha, inkosi yethu, inkosi uDavide, imbekile uSolomoni inkosi; 44inkosi ithumile naye uSadoki umpristi, noNathani umprofethi, noBenaya indodana kaJehoyada, namaKhereti namaPheleti, bamkhwelisa kuwo umnyuzi* wenkosi; 45uSadoki umpristi noNathani umprofethi bamgcobile eGihoni abe yinkosi; sebenyukile khona bejabula, ngangokuba kwakhamuluka umuzi. Yiwo umsindo eniwuzwile. 46Futhi uSolomoni usehlezi esihlalweni sobukhosi sombuso. 47Nezinceku zenkosi zafika ukuyibusisa inkosi yethu, inkosi uDavide, ngokuthi: ‘UNkulunkulu wakho makenze igama likaSolomoni libe lihle kunegama lakho, asenze isihlalo sakhe sobukhosi sibe sikhulu kunesihlalo sakho sobukhosi; inkosi yakhothama embhedeni wayo.’ 48Futhi yasho kanje inkosi, yathi: ‘Makabusiswe uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli omisile namuhla oyakuhlala esihlalweni sami sobukhosi, ekubona amehlo ami.’ ”

49Abamenyiweyo bonke baka-Adoniya besaba, basuka, bahamba bonke, kwaba yilowo nalowo ngendlela yakhe. 50U-Adoniya wesaba ngenxa kaSolomoni; wasuka wahamba, wabamba izimpondo ze-altare. 51Kwabikwa kuSolomoni ukuthi: “Bheka, u-Adoniya uyayesaba inkosi uSolomoni; ngalokho ubambile izimpondo ze-altare, ethi: ‘Inkosi uSolomoni mayifunge kimi namuhla ukuthi ayiyikubulala inceku yayo ngenkemba.’ ”

52Wathi uSolomoni: “Uma eyakuba yindoda enamandla, akuyikuwela emhlabathini nolulodwa unwele lwakhe, kepha uma okubi kufumaniseka kuye, uyakufa.” 53Yayisithumela inkosi uSolomoni, bamehlisa e-altare. Wafika, wakhuleka enkosini uSolomoni; uSolomoni wathi kuye: “Hamba, uye endlini yakho.”

1 AmaKhosi 1ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

1 AmaKhosi 2

Amazwi okugcina kaDavide. Ukufa nokumbelwa kwakhe

1Izinsuku zikaDavide zasondela ekufeni; wayesemyala uSolomoni indodana yakhe, ethi:

2“Mina sengihamba indlela yawo wonke umhlaba; ngalokho qina, ube yindoda, 3ugcine isiyalezo sikaJehova uNkulunkulu wakho ukuba uhambe ezindleleni zakhe, ugcine izimiso zakhe, nemiyalo yakhe, nezahlulelo zakhe, nobufakazi bakhe njengokulotshiweyo emthethweni kaMose, ukuze uphumelele kukho konke okwenzayo nakukho konke okubhekayo, 4ukuze uJehova aqinise izwi lakhe alikhuluma ngami ngokuthi: ‘Uma abantwana bakho begcina indlela yabo ukuba bahambe phambi kwami eqinisweni ngayo yonke inhliziyo yabo nangawo wonke umphefumulo wabo, awuyikuntula muntu – washo njalo – esihlalweni sobukhosi sakwa-Israyeli.’

5“Futhi wena uyazi okwenziwayo kimi nguJowabe indodana kaSeruya, nalokho akwenzayo kuzo izinduna ezimbili zezimpi zakwa-Israyeli, o-Abineri indodana kaNeri no-Amasa indodana kaJetheri, owababulala, wachitha igazi lokulwa ngesikhathi sokuthula, wabeka igazi lokulwa kulo ibhande* lakhe elalisokhalweni lwakhe nasezicathulweni zakhe ezazisezinyaweni zakhe. 6Yenza njengokuhlakanipha kwakho, ungayehlisi impunga ngokuthula endaweni yabafileyo.

7“Kepha yiba nomusa kumadodana kaBarizilayi wakwaGileyadi, abe khona phakathi kwabadla ngasetafuleni lakho, ngokuba enza kanjalo kimi mhla ngabalekela u-Abisalomu umfowenu.

8“Bheka, ukhona nawe uShimeyi indodana kaGera wakwaBenjamini waseBahurimi, owangithuka ngokuthuka okwesabekayo mhla ngiya eMahanayimi; kepha wehla ukungihlangabeza ngaseJordani, ngafunga kuye uJehova ngokuthi: ‘Angiyikukubulala ngenkemba.’ 9Ngalokho ungamyeki abe ngongenacala, ngokuba wena ungumuntu ohlakaniphileyo, uyakwazi okufanele ukuba ukwenze kuye, wehlise impunga endaweni yabafileyo inegazi.”

10UDavide wayeselala koyise, wembelwa emzini kaDavide. 11Izinsuku uDavide abusa ngazo phezu kuka-Israyeli zaziyiminyaka engamashumi amane; iminyaka eyisikhombisa wabusa eHebroni, iminyaka engamashumi amathathu nantathu wabusa eJerusalema.

Izijeziso zika-Adoniya, no-Abiyathara, noJowabe, noShimeyi

12USolomoni wayesehlala esihlalweni sobukhosi sikaDavide uyise; umbuso wakhe waqiniswa kakhulu.

13Wayesefika u-Adoniya indodana kaHagiti kuBati Sheba unina kaSolomoni. Wathi: “Uze nokuthula na?”

Wathi yena: “Yebo, ngize nokuthula.”

14Wayesethi: “Nginendaba kuwe.”

Wathi: “Khuluma.”

15Wathi-ke: “Uyazi wena ukuthi umbuso wawungowami nokuthi wonke u-Israyeli wabhekisa kimi ubuso bakhe ukuba ngibuse; kepha umbuso usuguquliwe, sewaba ngowomfowethu, ngokuba wawuthola kuJehova. 16Sengicela into inye kuwe, ungangifulatheli.”

Wathi kuye: “Khuluma.”

17Wayesethi: “Ake ukhulume kuSolomoni inkosi, ngokuba akayikukufulathela wena, ukuba anginike u-Abishagi waseShunemi abe ngumkami.”

18UBati Sheba wathi: “Kulungile; ngizakukukhulumela enkosini.”

19Wayesehamba uBati Sheba, waya enkosini uSolomoni ukuba amkhulumele u-Adoniya kuyo. Inkosi yasukuma ukumhlangabeza, yamkhothamela, yahlala esihlalweni sayo sobukhosi, yambekela unina wenkosi isihlalo, wahlala ngakwesokunene sayo.

20Wayesethi kuyo: “Nginesicelo sinye nje esincane kuwe; ungangifulatheli.”

Inkosi yathi kuye: “Cela-ke, mame ngokuba angiyikukufulathela.”

21Wathi-ke: “U-Abishagi waseShunemi makanikwe ku-Adoniya umfowenu, abe ngumkakhe.”

22Inkosi uSolomoni yaphendula, yathi kunina: “Umcelelelani u-Adoniya u-Abishagi waseShunemi na? Mcelele nombuso futhi, ngokuba ungumnewethu; yebo, mcelele yena no-Abiyathara umpristi, noJowabe indodana kaSeruya.”

23Inkosi uSolomoni yayisifunga uJehova ngokuthi: “UNkulunkulu makenze njalo kimi, enezele futhi, uma u-Adoniya engakhulumanga leli zwi libe ngelokufa kwakhe. 24Ngalokho, kuphila kukaJehova ongiqinisileyo, wangibeka esihlalweni sobukhosi sikaDavide ubaba, wangenza indlu njengokukhuluma kwakhe; namhla nje uyakubulawa u-Adoniya.” 25Inkosi uSolomoni yayisithumela ngesandla sikaBenaya indodana kaJehoyada: wamsukela; wafa.

26Inkosi yathi ku-Abiyathara umpristi: “Hamba uye e-Anathoti emasimini akho, lokhu ungowokufa, kepha angiyikukubulala namuhla, ngokuba wawuwuthwala umphongolo weNkosi uJehova phambi kukaDavide ubaba, wahlupheka ngakho konke ubaba ahlupheka ngakho.” 27USolomoni wayesemxosha u-Abiyathara, angabe esaba ngumpristi kuJehova, ukuba agcwalise izwi likaJehova alikhuluma ngendlu ka-Eli eShilo.

28Lapho kufika umbiko kuJowabe ngokuba uJowabe – wayemlandele u-Adoniya noma engamlandelanga u-Abisalomu uJowabe – wabaleka, waya etendeni likaJehova, wabamba izimpondo ze-altare. 29Inkosi uSolomoni yatshelwa ukuthi: “UJowabe ubalekele etendeni likaJehova; bheka, ungase-altare.” USolomoni wayesethuma uBenaya indodana kaJehoyada ngokuthi: “Hamba, umsukele.”

30UBenaya wafika etendeni likaJehova, wathi kuye: “Isho kanje inkosi, ithi: ‘Phuma.’ ”

Wathi: “Qha, ngiyakufela lapha.”

UBenaya wabuyisela enkosini izwi lokuthi: “Washo njalo uJowabe, wangiphendula kanjalo.”

31Inkosi yathi kuye: “Yenza njengokusho kwakhe, umsukele, ummbele, ukuba ususe kimi nakuyo indlu kababa igazi elachithwa ngeze nguJowabe. 32UJehova uyakulibuyisela igazi lakhe ekhanda lakhe, ngokuba wasukela amadoda amabili alungileyo amahle kunaye, wawabulala ngenkemba, ubaba uDavide engazi: u-Abineri indodana kaNeri, induna yempi yakwa-Israyeli, no-Amasa indodana kaJetheri, induna yempi yakwaJuda. 33Igazi labo liyakubuyela ekhanda likaJowabe nasekhanda lenzalo yakhe kuze kube phakade; kepha kuDavide, nakuyo inzalo yakhe, nakuyo indlu yakhe, nakuso isihlalo sakhe sobukhosi kuyakuba ngukuthula kuze kube phakade, kuvela kuJehova.”

34Wayesenyuka uBenaya indodana kaJehoyada, wamsukela, wambulala; wembelwa endlini yakhe ehlane. 35Inkosi yayisimbeka uBenaya indodana kaJehoyada phezu kwempi esikhundleni sakhe; uSadoki umpristi inkosi yambeka esikhundleni sika-Abiyathara.

36Inkosi yathuma yambiza uShimeyi, yathi kuye: “Zakhele indlu eJerusalema, uhlale khona, ungaphumi lapho ukuya ndawo. 37Ngokuba mhla uphuma, uwele umfudlana iKidroni, yazisisa ukuthi uyakufa nokufa; igazi lakho liyakuba sekhanda lakho.”

38Wayesethi uShimeyi enkosini: “Lelo zwi lilungile; inceku yakho iyakwenza njengokusho kwenkosi yami, inkosi.” UShimeyi wahlala eJerusalema izinsuku eziningi.

39Kwathi ngasekupheleni kweminyaka emithathu izinceku ezimbili zikaShimeyi zabaleka, zaya ku-Akhishi indodana kaMahakha inkosi yaseGati. UShimeyi watshelwa ukuthi: “Bheka, izinceku zakho ziseGati.” 40Wayesesuka uShimeyi, wabophela imbongolo yakhe, waya eGati ku-Akhishi ukuba afune izinceku zakhe; wahamba uShimeyi, wazibuyisa izinceku zakhe eGati.

41Kwabikelwa uSolomoni ukuthi uShimeyi wayesukile eJerusalema ukuya eGati nokuthi ubuyile. 42Inkosi yayisithuma yambiza uShimeyi, yathi kuye: “Angithi ngikufungisile uJehova, ngaqinisa kuwe ukuthi: ‘Mhla uphuma uye nomaphi, yazisisa ukuthi uyakufa nokufa,’ na? Wathi kimi: ‘Izwi engilizwileyo lihle.’ 43Pho, awugcinanga ngani isifungo sikaJehova nomyalo engakuyala ngakho na?”

44Inkosi yathi futhi kuShimeyi: “Wena uyazi konke okubi okwaziwa yinhliziyo yakho, owakwenza kuDavide ubaba; ngalokho uJehova uyakubuyisela ububi bakho ekhanda lakho. 45Kepha inkosi uSolomoni iyakubusiswa, nesihlalo sobukhosi sikaDavide siyakuqiniswa phambi kukaJehova kuze kube phakade.”

46Ngokuyala kwenkosi uBenaya indodana kaJehoyada waphuma wamsukela; wafa. Umbuso wawusulokhu uqiniswa njalo esandleni sikaSolomoni.

1 AmaKhosi 2ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

1 AmaKhosi 3

Ukuganwa kukaSolomoni

1USolomoni wahlangana ngobuhlobo noFaro inkosi yaseGibithe, wathatha indodakazi kaFaro, wayingenisa emzini kaDavide, waze waqeda ukwakha indlu yakhe, nendlu kaJehova, nogange lwaseJerusalema nxazonke. 2Nokho abantu babehlaba ezindaweni eziphakemeyo, ngokuba kwakungakhelwanga igama likaJehova indlu kwaze kwaba yilezo zinsuku. 3USolomoni wamthanda uJehova, wahamba ngezimiso zikaDavide uyise; kepha wahlaba, washisa impepho ezindaweni eziphakemeyo.

Ukuhlaba kukaSolomoni nephupho lakhe eGibeyoni

4Inkosi yaya eGibeyoni ukuhlabela khona, ngokuba kwakuyindawo ephakemeyo enkulu; uSolomoni wanikela ngeminikelo yokushiswa eyinkulungwane e-altare lelo. 5EGibeyoni uJehova wabonakala kuSolomoni ngephupho ebusuku; uNkulunkulu wathi: “Cela lokhu othanda ukuba ngikunike khona.”

6USolomoni wathi: “Wenzele inceku yakho uDavide ubaba umusa omkhulu njengokuhamba kwakhe phambi kwakho ngeqiniso, nangokulunga, nangobuqotho benhliziyo kuwe, wamgcinela futhi lowo musa omkhulu, wamnika indodana ukuba ihlale esihlalweni sakhe sobukhosi, njengokuba kunjalo namuhla.

7“Manje, Jehova Nkulunkulu wami, ubekile inceku yakho inkosi esikhundleni sikaDavide ubaba; ngingumntwana omncane nje, angikwazi nokungena nokuphuma. 8Inceku yakho iphakathi kwabantu bakho obakhethileyo, isizwe esikhulu, esingenakubalwa, esingenakuthathwa umumo waso ngobuningi. 9Ngalokho yiphe inceku yakho inhliziyo elalelayo ukwahlulela abantu bakho ukuba ngahlukanise okuhle nokubi, ngokuba ngubani ongahlulela laba bantu bakho abakhulu kangaka na?”

10Leyo nkulumo yaba nhle emehlweni eNkosi ukuba uSolomoni wayecele leyo nto. 11Wathi uNkulunkulu kuye: “Ngokuba ucele leyo nto, ungazicelelanga izinsuku eziningi, ungazicelelanga namfuyo, ungacelanga futhi ukufa kwezitha zakho, uzicelele ukwahlukanisa lokho okuzwayo ekwahluleleni, 12bheka, ngenzile njengezwi lakho: nakhu, ngikunika inhliziyo enokuhlakanipha nokuqonda, okungazange kube khona okunjengakho ngaphambi kwakho nokungayikuvela futhi okunjengakho nangasemva kwakho. 13Ngikunika futhi nalokho ongakucelanga, imfuyo nodumo, ngangokuba kungayikubakho onjengawe phakathi kwamakhosi zonke izinsuku zakho. 14Uma uhamba ngezindlela zami, ugcine izimiso zami nemiyalo yami, njengalokho uyihlo uDavide wahamba, ngiyakwandisa izinsuku zakho.” 15USolomoni wayesephaphama; bheka, kwakuyiphupho; waya eJerusalema, wema phambi komphongolo wesivumelwano sikaJehova, wanikela ngeminikelo yokushiswa, wanikela ngeminikelo yokuthula, wazenzela izinceku zakhe zonke idili.

Ukuhlakanipha kukaSolomoni ekwahluleleni

16Khona kwafika enkosini abesifazane ababili abayizifebe, bema phambi kwayo. 17Omunye owesifazane wathi: “E nkosi, mina nalo wesifazane sihlala ndlininye; ngabeletha nginaye endlini. 18Kwathi ngosuku lwesithathu sengibelethile, lo wesifazane wabeletha naye; sasindawonye, kwakungekho mfokazi nathi endlini, kuyithina sobabili kuphela.

19“Umfana walo wesifazane wafa ebusuku, ngokuba walala phezu kwakhe. 20Wavuka phakathi kwamabili, wathatha umfana wami eceleni kwami, incekukazi yakho ilele ubuthongo, wambeka esifubeni sakhe, wabeka umfana wakhe ofileyo esifubeni sami. 21Lapho sengivuka ekuseni ukuba ngimncelise umfana wami, bheka, wayesefile; kepha sengimbhekisisa ekuseni, bheka, kwakungesiye umfana wami engimzeleyo.”

22Wayesethi omunye owesifazane: “Qha, ophilayo ungumfana wami, ofileyo ngumfana wakho.”

Kepha yena wathi: “Qhabo, ofileyo ungumfana wakho, ophilayo ngumfana wami.” Bakhuluma kanjalo phambi kwenkosi.

23Yayisithi inkosi: “Omunye uthi: ‘Ngowami lo mfana ophilayo, ngumfana wakho ofileyo;’ omunye uthi: ‘Qha, ngumfana wakho ofileyo, ngumfana wami ophilayo.’ ”

24Yathi inkosi: “Ngiletheleni inkemba.” Baletha inkemba enkosini. 25Yathi-ke inkosi: “Mdabuleni kabili umntwana ophilayo, ninike omunye inxenye nomunye inxenye.”

26Wayesekhuluma enkosini owesifazane ongowakhe umntwana ophilayo, ngokuba izibilini zakhe zavutha ngomntanakhe, wathi: “E nkosi, mnike yena umntwana ophilayo, ungambulali nakanye,” kepha omunye wathi: “Makangabi ngowami nangowakho; mdabuleni.”

27Yayisithatha inkosi, yathi: “Mnikeni lowo umntwana ophilayo, ningamdabuli nakanye; nguye ongunina.”

28U-Israyeli wonke wezwa leso sahlulelo esenziwe yinkosi; bayesaba inkosi, ngokuba babona ukuthi ukuhlakanipha kukaNkulunkulu kwakukuyo ekwahluleleni kwayo.

1 AmaKhosi 3ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

1 AmaKhosi 4

Izinduna nezinceku zikaSolomoni

1Inkosi uSolomoni yabusa u-Israyeli wonke. 2Yilezi izikhulu eyayinazo:

    u-Azariya indodana kaSadoki wayengumpristi;
    3o-Elihorefi no-Ahiya amadodana kaShisha babe ngababhali,
    noJehoshafati indodana ka-Ahiludi wayengumabhalana;
    4uBenaya indodana kaJehoyada wayephezu kwempi;
    oSadoki no-Abiyathara babe ngabapristi;
    5u-Azariya indodana kaNathani wayephezu kwezinduna;
    uZabudi indodana kaNathani wayengumpristi nomngane wenkosi;
    6u-Ahishari wayephezu kwabendlu;
    u-Adoniramu indodana ka-Abida wayephethe ezemali.

7USolomoni wayenezinduna eziyishumi nambili phezu kwabo bonke abakwa-Israyeli ezazifunela inkosi nabendlu yayo ukudla; yileyo naleyo yayifuna ukudla inyanga inye ngomnyaka. 8Nanka amagama azo:

    oBeni-Huri ezintabeni zakwa-Efrayimi,
    9noBeni-Dekeri eMakhasi,
    naseShahalabimi, naseBeti Shemeshi,
    nase-Eloni Beti Hanani,
    10noBeni Hesedi e-Aruboti,
    okwakungelakhe iSoko nalo lonke izwe laseHeferi,
    11noBeni Abinadaba kulo lonke iNafati Dori; uThafati indodakazi kaSolomoni wayengumkakhe;
    12uBahana indodana ka-Ahiludi eThahanaki, naseMegido, nakulo lonke iBeti Sheyani elingaseceleni kweSaretani, ngenzansi kwaseJizreyeli, kusukela eBeti Sheyani kuze kube se-Abela Mehola nangaphesheya kweJokimeyamu,
    13noBeni Geberi eRamoti Gileyadi,
    okwakungeyakhe imizi kaJayire indodana kaManase ekwaGileyadi,
    nezwe lase-Arigobi eliseBashani, imizi engamashumi ayisithupha enezingange nemigoqo yethusi,
    14no-Ahinadaba indodana ka-Ido eMahanayimi,
    15no-Ahimahasi kwaNafetali, yena owathatha uBasemati indodakazi kaSolomoni abe ngumkakhe,
    16noBahana indodana kaHushayi kwa-Asheri nase-Aloti,
    17noJehoshafati indodana kaPharuwa kwa-Isakare,
    18noShimeyi indodana ka-Ela kwaBenjamini,
    19noGeberi indodana ka-Uri ezweni lakwaGileyadi, izwe likaSihoni inkosi yama-Amori no-Ogi inkosi yaseBashani, ngokuba kwakuyinduna eyodwa kulelo zwe.

20OJuda no-Israyeli babe baningi ngangesihlabathi solwandle ngobuningi, bedla, bephuza, bejabula.

21USolomoni wabusa phezu kwemibuso yonke kusukela eMfuleni* kuze kube sezweni lamaFilisti nasemkhawulweni waseGibithe; bathela intela, bamkhonza uSolomoni zonke izinsuku zokuhamba kwakhe.

22Ukudla kukaSolomoni ngosuku olulodwa kwakungamakhora* angamashumi amathathu empuphu ecolekileyo, namakhora angamashumi ayisithupha empuphu, 23nezinkabi eziyishumi ezikhuluphalisiweyo, nezinkabi ezingamashumi amabili zasemadlelweni, nezimvu eziyikhulu ngaphandle kwezindluzele, namanxala, nezinsephe, nezinkuku ezikhuluphalisiweyo. 24Wabusa ezweni lonke ngaphesheya koMfula* kusukela eThifisa kuze kube seGaza phezu kwawo onke amakhosi ngaphesheya koMfula; wayenokuthula nxazonke zakhe. 25OJuda no-Israyeli bahlala belondekile, kwaba yilowo nalowo phansi komvini wakhe nomkhiwane wakhe, kusukela kwaDani kuze kube seBeri Sheba, zonke izinsuku zikaSolomoni.

26USolomoni wayenezipani* eziyizinkulungwane ezingamashumi amane zamahhashi ezinqola zakhe nabamahhashi abayizinkulungwane eziyishumi nambili.

27Izinduna lezo zafunela ukudla inkosi uSolomoni nabo bonke abasondela etafuleni lenkosi uSolomoni, kwaba yileyo naleyo ngenyanga yayo; kwakungasweleki lutho. 28Nebhali,* nefoliji* lamahhashi, namahhashi anejubane zakuletha endaweni lapho zikhona, kwaba yileyo naleyo njengokunqunyelwe yona.

Ukuhlakanipha kukaSolomoni

29UNkulunkulu wamnika uSolomoni ukuhlakanipha nengqondo ebanzi kakhulu, nenhliziyo enkulu ngangesihlabathi esisogwini lolwandle. 30Ukuhlakanipha kukaSolomoni kwadlula ukuhlakanipha kwabantu bonke basempumalanga nakho konke ukuhlakanipha kwaseGibithe. 31Ngokuba wayehlakaniphile kunabo bonke abantu: kuno-Ethani umEzra, noHemani, noKalikoli, noDarda amadodana kaMaholi, negama lakhe lalisezizweni zonke nxazonke. 32Waqamba izaga eziyizinkulungwane ezintathu; amaculo akhe ayeyinkulungwane nanhlanu. 33Wakhuluma ngemithi kusukela kuwo umsedari* oseLebanoni kuze kube kulo ihisopi* elimila odongeni; wakhuluma nangezinkomo, nangezinyoni, nangezilwanyana ezinwabuzelayo, nangezinhlanzi. 34Kwafika abantu basezizweni zonke ukuzwa ukuhlakanipha kukaSolomoni bevela emakhosini onke abezwile ukuhlakanipha kwakhe.

1 AmaKhosi 4ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

1 AmaKhosi 5

Isivumelwano sikaSolomoni noHiramu

1UHiramu inkosi yaseTire wathuma izinceku zakhe kuSolomoni, ngokuba wayezwile ukuthi ugcotshiwe abe yinkosi esikhundleni sikayise, ngokuba uHiramu wayengumngane kaDavide njalo. 2USolomoni wathumela kuHiramu, wathi:

3“Wena uyazi ukuthi uDavide ubaba wayengenakwakhela igama likaJehova uNkulunkulu wakhe indlu ngenxa yezimpi ezazimzungeza nxazonke, uJehova waze wazibeka phansi kwamathe ezinyawo zakhe. 4Kepha manje uJehova uNkulunkulu wami unginike ukuphumula nxazonke; kakho omelana nami, akukho ngozi. 5Bheka, sengicabanga ukwakhela igama likaJehova uNkulunkulu wami indlu, njengalokho uJehova akhuluma kuDavide ubaba, ethi: ‘Indodana yakho, engiyakuyibeka esihlalweni sakho sobukhosi esikhundleni sakho, yona iyakwakhela igama lami indlu.’

6“Ngalokho yaleza ukuba bangigawulele imisedari* eLebanoni, izinceku zami zibe nezakho; ngiyakukunika inkokhelo yezinceku zakho njengakho konke ongakusho, ngokuba wena uyazi ukuthi akukho muntu kithi ongagawula imithi njengamaSidoni.”

7Kwathi uHiramu ezwile amazwi kaSolomoni wathokoza kakhulu, wathi: “Makabusiswe uJehova namuhla omnikile uDavide indodana ehlakaniphileyo phezu kwalabo bantu abakhulu.”

8UHiramu wayesethumela kuSolomoni, wathi:

“Ngizwile lokho okuthume kimi; mina ngiyakwenza konke okufunayo ngemisedari* nangemisayipuresi.* 9Izinceku zami ziyakuyehlisa eLebanoni, ziyiyise elwandle, mina ngiyenze ibe yizihlenga ezihamba elwandle, ziye endaweni oyakungiyalela yona, zihlakazwe khona; wena wozithatha khona, ufeze engikufunayo ngokubapha abendlu yami ukudla.”

10UHiramu wayesenika uSolomoni imisedari* nemisayipuresi* njengakho konke ukufuna kwakhe. 11USolomoni wamnika uHiramu amakhora* ayizinkulungwane ezingamashumi amabili kakolweni, ukudla kwabendlu yakhe, namakhora angamashumi amabili amafutha akhanyiweyo; uSolomoni wamnika kanjalo uHiramu iminyaka ngeminyaka. 12UJehova wamnika uSolomoni ukuhlakanipha njengokusho kwakhe kuye; kwakukhona ukuthula phakathi kukaHiramu noSolomoni; benza isivumelwano bobabili.

Ukwakhiwa kwethempeli kuyalungiswa

13Inkosi uSolomoni yabiza izisebenzi kubo bonke abakwa-Israyeli; izisebenzi zaba ngabantu abayizinkulungwane ezingamashumi amathathu. 14Wabathuma eLebanoni, beyizinkulungwane eziyishumi ngenyanga, bededelana; babe seLebanoni inyanga, babe sekhaya izinyanga ezimbili; u-Adoniramu wayephezu kwezisebenzi. 15USolomoni wayenabathwalayo imithwalo abayizinkulungwane ezingamashumi ayisikhombisa, nababazi bamatshe ezintabeni abayizinkulungwane ezingamashumi ayisishiyagalombili, 16ngaphandle kwezinduna ezinkulu zikaSolomoni ezaziphethe umsebenzi, izinkulungwane ezintathu namakhulu amathathu, ezazibusa abantu ababewenza umsebenzi. 17Inkosi yayala, baqopha amatshe amakhulu, amatshe anenani elikhulu, ukuba babeke isisekelo sendlu ngamatshe abaziweyo. 18Abakhi bakaSolomoni nabakhi bakaHiramu nabaseGebali bawabaza, balungisa imithi namatshe ukwakha indlu.

1 AmaKhosi 5ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

IzAga 1

Umgomo wezaga

1Nazi izaga zika Solomoni indodana kaDavide, inkosi yakwa-Israyeli,

2zokwazi ukuhlakanipha nokulaywa,

nokwahlukanisa amazwi okuqonda,

3nokwamukela ukulaywa kube ngukuhlakanipha,

nokulunga, nokwahlulela, neqiniso,

4nokunika abangenalwazi ukuhlakanipha,

nezinsizwa ukwazi namasu,

5ukuze ohlakaniphileyo ezwe,

aqhubeke ekufundeni,

noqondileyo athole iziluleko ezinhle

6ukuba aqonde izaga nezimfihlakalo,

namazwi abahlakaniphileyo nezimfumbe zabo.

7Ukumesaba uJehova kungukuqala kokuhlakanipha;

iziwula ziyadelela ukuhlakanipha nokulaywa.

8Ndodana yami,

yizwa ukulaya kukayihlo,

ungawushiyi umthetho kanyoko,

9ngokuba kuyakuba ngumqhele omuhle wekhanda lakho,

nemigexo entanyeni yakho.

10Ndodana yami,

uma izoni zikuyenga, ungavumi.

11Uma zithi: “Hamba nathi, siqamekele igazi,

sibhacele ngeze ongenacala,

12sibagwinye besezwa njengendawo yabafileyo,

besaphilile njengabehlela egodini;

13yonke impahla eyigugu siyakuyifumana,

sigcwalise izindlu zethu ngempango;

14yenza inkatho yakho phakathi kwethu,

sibe nesikhwama sinye sonke,”

15ndodana yami,

ungahambi nazo endleleni,

unqande unyawo lwakho emikhondweni yazo,

16ngokuba izinyawo zazo zigijimela ebubini,

zishesha ukuchitha igazi.

17Ngokuba inetha lenekelwe ize emehlweni azo zonke izinyoni.

18Kepha laba baqamekela elabo igazi,

babhacela okwabo ukuphila.

19Zinjalo izindlela zabo bonke abaphanga impango;

iyasusa ukuphila komniniyo.

20Ukuhlakanipha kuyamemeza emigwaqweni,

kuyezwakalisa izwi lakho ezigcawini;

21emashashalazini emigwaqo kuyaduma;

ngasezikhaleni zamasango omuzi kuyakhuluma amazwi akho okuthi:

22“Koze kube nini iziwula zithanda ubuwula,

nezideleli zijabula ukudelela,

neziwula zizonda ukwazi, na?

23Buyani ngokusola kwami;

bhekani, ngiyakuthulula umoya wami phezu kwenu,

nginazise amazwi ami.

24Ngokuba ngibizile, nala nina;

ngelula isandla sami,

akubangakho onakayo;

25kepha nichithile konke ukululeka kwami,

anivumanga ukusola kwami;

26nami ngiyakuhleka ingozi yenu,

ngiklolodele ukufika kwenikwesabayo,

27lapho kufika njengesivunguvungu lokho enikwesabayo,

nengozi yenu iza njengesikhwishikhwishi,

lapho nehlelwa ngukuhlupheka nosizi.

28“Khona bayakungibiza,

kepha angiyikuphendula;

bayakungifunisisa, kepha abayikungifumana

29ngenxa yokuba babezonda ukwazi,

kabakhethanga ukwesaba uJehova,

30bengavumanga ukululeka kwami,

bedelela konke ukusola kwami.

31Ngalokho bayakudla izithelo zendlela yabo,

basuthe ngamacebo abo.

32Ngokuba ukuhlehla kwabangenalwazi kuyakubabulala,

nokunganaki kweziwula kuyakubabhubhisa.

33Kepha ongilalelayo uyakuhlala elondekile,

agcineke, angabi naluvalo ngokubi.”

Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU