Bible Society of South Africa

To The Word – Day 104

Isaiah 48–51, Matthew 14–15

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

U-Isaya 48

Iqiniso nobumnene bukaNkulunkulu

1“Yizwa lokhu wena ndlu kaJakobe

obiziwe ngegama lika-Israyeli,

waphuma emanzini akwaJuda,

ofunga igama likaJehova,

odumisa uNkulunkulu ka-Israyeli,

kungengaqiniso nakulunga kodwa.

2Ngokuba bazibiza ngomuzi ongcwele,

bencika kuNkulunkulu ka-Israyeli,

nguJehova Sebawoti igama lakhe.

3Ngimemezele izinto zakuqala zamandulo,

zaphuma emlonyeni wami, ngazizwakalisa;

ngazenza ngokuzumayo, zenzeka.

4Ngokuba bengazi ukuthi unenkani,

nentamo yakho ingumsipha wensimbi,

nebunzi lakho liyithusi,

5ngazimemezela kwasendulo,

ngazizwisa kungakenzeki,

funa usho uthi: ‘Isithombe sami sizenzile,

isithombe sami esibaziweyo,

nesithombe sami esibunjiweyo siziyalezile.’

6Wawukuzwile konke lokho; wakubona;

awuyikukumemezela na?

“Ngikuzwisile okusha kusukela namuhla,

yebo, nokusithekileyo ongakwazanga.

7Kudaliwe manje, kungesendulo;

awukuzwanga ngaphambi kwalolu suku,

funa uthi: ‘Bheka, bengikwazi.’

8Yebo, awuzwanga, awazanga,

kwasendulo indlebe yakho ayivulwanga,

ngokuba bengazi ukuthi wawukhohlisa nokukhohlisa,

wabizwa ngokuthi umhlubuki kwasekuzalweni.

9Ngenxa yegama lami

ngiyakulibazisa intukuthelo yami,

ngizibambele wena ngodumo lwami

ukuba ngingakunqumi.

10Bheka, ngikucwengisisile,

kungavelanga isiliva kodwa;

ngikuvivinyile esithandweni sezinhlupheko.

11Ngenxa yami, ngenxa yami ngiyakwenza,

ngokuba igama lami lingcoliselwani na?

Anginiki omunye inkazimulo yami.

12“Ngilalele, Jakobe,

wena Israyeli, obiziweyo wami;

ngisenguye, ngingowokuqala,

futhi ngingowokugcina.

13Yebo, isandla sami sisibekile isisekelo somhlaba,

nesokunene sami silenekile izulu;

lapho ngikubizayo,

kuma ndawonye.

14“Buthanani nina nonke, nizwe;

ngubani phakathi kwabo omemezela lezi zinto na?

Amthandayo uJehova uyakuyifeza intando yakhe ngeBabele,

nengalo yakhe iyakuba phezu kwamaKaledi.

15Mina, mina ngikhulumile,

yebo, ngimbizile,

ngimlethile, uyakuphumelela endleleni yakhe.

16“Sondelani kimi, nizwe lokhu;

angikhulumanga ekusithekeni kwasekuqaleni;

kusukela esikhathini sokuba kwenzeke, ngangikhona.”

Manje uJehova uNkulunkulu ungithumile kanye noMoya wakhe.

17Usho kanje uJehova uMhlengi wakho,

oNgcwele ka-Israyeli, uthi:

“NginguJehova uNkulunkulu wakho

okufundisile okukusizayo,

okuholile ngendlela omelwe ukuhamba ngayo.

18Sengathi nga ulalele imiyalo yami!

Khona ukuthula kwakho kwakuyakuba njengomfula,

nokulunga kwakho njengamaza olwandle;

19nenzalo yakho yayiyakuba ngangesihlabathi,

nabantwana bezibilini zakho njengezinhlamvu zaso;

igama lakhe nga linganqunywanga,

lachithwa ngaphambi kwami.”

Isiyalezo sokuphuma eBabele

20Phumani eBabele,

nibalekele amaKaledi,

nimemezele lokhu ngezwi lokujabula,

nikuzwakalise lokhu,

nikuphumisele nasemikhawulweni yomhlaba, ngokuthi:

“UJehova uhlengile inceku yakhe uJakobe.”

21Kabomanga lapho ebahola emahlane,

wenza ukuba amanzi abagobhozele edwaleni;

futhi waliqhekeza idwala,

amanzi ampompoza.

22“Akukho ukuthula kwababi,” usho uJehova.

U-Isaya 48ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

U-Isaya 49

Inceku kaJehova

1Ngilaleleni nina ziqhingi,

niqaphele nina bantu abakude;

uJehova ungibizile kwasekuzalweni,

waqamba igama lami kwasezibilinini zikamame.

2Wawenza umlomo wami njengenkemba ebukhali,

wangithukusa ethunzini lesandla sakhe,

wangenza umcibisholo ophucuziweyo,

wangithukusa esambweni sakhe.

3Wathi kimi: “Uyinceku yami,

u-Israyeli, engiyakuzidumisa kuye.”

4Kepha ngase ngithi mina:

“Ngikhandlekele ize,

amandla ami ngiwachithele okuyize

nokungelutho;

nokho ilungelo lami likuJehova,

nomvuzo wami ukuNkulunkulu wami.”

5Manje uthi uJehova

owangibumba kwasekuzalweni ukuba

ngibe yinceku yakhe

yokubuyisela kuye uJakobe,

kubuthelwe kuye no-Israyeli futhi

ngidunyisiwe emehlweni kaJehova,

uNkulunkulu wami waba ngamandla ami

6yebo, uthi:

“Kuyinto elula ukuba ube yinceku yami

ukuvusa izizwe zakwaJakobe,

nokubuyisa abaseleyo bakwa-Israyeli;

ngalokho ngiyakukubeka ube ngukukhanya kwabezizwe,

ube yinsindiso yami kuze kube semkhawulweni womhlaba.”

7Usho kanje uJehova,

uMhlengi ka-Israyeli noNgcwele wakhe,

kodelelwa nokudelelwa noyisinengiso esizweni,

koyinceku yababusi, uthi:

“Amakhosi ayakubona, asukume,

izikhulu zibone, zikhothame

ngenxa kaJehova othembekile,

oNgcwele ka-Israyeli okukhethileyo.”

8Usho kanje uJehova, uthi:

“Ngiyakuphendula ngesikhathi somusa,

ngosuku lokusindiswa ngiyakusiza;

ngiyakukulondoloza, ngikubeke

ube yisivumelwano sabantu

sokubuyisa izwe

nokubenza badle amafa achithekileyo,

9uthi kwababoshiweyo: ‘Phumani,’

nakwabasebumnyameni: ‘Velani.’

“Bayakuklaba ngasezindleleni,

amadlelo abo abe semagqumeni onke.

10Abayikulamba, abayikoma,

abayikushaywa yisifudumezi nelanga,

ngokuba yena onomusa kubo uyakubahola,

abayise emithonjeni yamanzi.

11Ngiyakuzenza zonke izintaba zami zibe yizindlela,

imendo yami iphakame.

12Bheka, laba bayakuvela kude;

bheka, laba bayakuvela enyakatho nasentshonalanga,

nalaba ezweni laseSinimi.”

13Jabulani nina mazulu,

uthokoze nawe mhlaba,

niqhumuke ngokuhlabelela nina zintaba,

ngokuba uJehova ududuza abantu bakhe,

abe nomusa kwabahluphekileyo bakhe.

Isikhathi somusa

14Kepha iSiyoni lithi:

“UJehova ungishiyile,

iNkosi ingikhohliwe.”

15“Owesifazane angakhohlwa umntwana wakhe oncelayo

ukuba angabi namusa kuyo indodana yesizalo sakhe na?

Yebo, bona bangakhohlwa,

kodwa mina anginakukukhohlwa wena.

16Bheka, ezandleni zami ngikubhalile,

izingange zakho ziphambi kwami njalo.

17Abantwana bakho bayashesha;

abakuchithayo nabakwenza ize baphuma kuwe.

18Phakamisa amehlo akho nxazonke, ubone:

bonke bayabuthana, bafika kuwe.

Kuphila kwami,” usho uJehova,

“impela uyakubembatha bonke njengemvunulo,

uzibhince ngabo njengomakoti.

19“Ngokuba izindawo zakho ezichithekileyo neziyize

nezwe lakho eliqothuliweyo

kuyakuminyana ngabakhileyo khona,

nabakugwinyileyo bayakuba kude.

20Abantwana bokusweziselwa kwakho

basayakusho ezindlebeni zakho ukuthi:

Indawo ingumcingo kimi;

sukani kimi ukuba ngihlale.

21Bese wusho enhliziyweni yakho ukuthi:

‘Ngubani ongizalele laba,

lokhu ngaphuciwe abantwana bami,

ngingenalutho,

ngingumthunjwa, ngingozulazulayo, na?

Ngubani okhulise laba na?

Bheka, ngasala ngedwa;

laba babephi na?’ ”

22Isho kanje iNkosi uNkulunkulu, ithi:

“Bheka, ngiyakuphakamisela izizwe izandla zami,

ngimisele abantu ibhanela* lami;

bayakuletha amadodana akho esifubeni sabo,

namadodakazi akho ayakuthwalwa emahlombe.

23Amakhosi ayakuba ngabazanyana bakho,

namakhosikazi awo ayakuba ngabancelisi bakho;

bayakukukhothamela ubuso bubheke phansi,

bakhothe uthuli lwezinyawo zakho;

uyakwazi ukuthi nginguJehova,

abethemba kimi abayikujabha.”

24Impango ingasuswa kuwo amaqhawe,

nabathunjwa bangophulwa kubacindezeli, na?

25Noma kunjalo, uJehova uthi:

“Yebo, abathunjwa bamaqhawe bangasuswa,

nempango yabacindezeli iyakophulwa,

kepha mina ngiyakulwa naye olwa nawe,

ngisindise abantwana bakho.

26Ngiyakudlisa abacindezeli bakho inyama yabo,

badakwe yigazi labo njengangewayini elimnandi;

inyama yonke iyakwazi

ukuthi mina Jehova

nginguMsindisi wakho,

noMhlengi wakho,

uMninimandla kaJakobe.”

U-Isaya 49ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

U-Isaya 50

1Usho kanje uJehova, uthi:

“Iphi incwadi yesahlukaniso

engimlahlile ngayo,

noma ngumuphi enginesikwenetu kuye

engithengisile ngani kuye na?

Bhekani, nathengiswa ngobubi benu,

nangeziphambeko zenu,

unyoko walahlwa.

2Ngalokho ekufikeni kwami

kwaba ngani ukuba kungabikho muntu,

nasekubizeni kungabikho ophendulayo, na?

Isandla sami sifinyeziwe nokufinyezwa,

ukuze singahlengi na?

Noma angisenamandla okophula na?

Bheka, ngokukhuza kwami ngiyomisa ulwandle,

ngenze imifula ibe yihlane;

izinhlanzi zalo ziyanuka,

ngokuba awakho amanzi,

ziyafa ukoma.

3Ngiyembathisa amazulu ubumnyama,

ngenze indwangu yamasaka ibe yisimbozo sawo.”

Umsebenzi Wenceku

4INkosi uJehova inginikile ulimi lwabafundi

ukuba ngazi ukuvuselela oyethileyo ngamazwi ahlumelelayo;

ivusa njalo indlebe yami ekuseni imihla ngemihla

ukuba ngizwe njengabafundi.

5INkosi uJehova iyivulile indlebe yami,

mina angihlubukanga,

angihlehlanga nyovane.

6Nganika abashayi umhlane,

nezihlathi zami kubo abahluthula isilevu;

angibusithelisanga ubuso bami

ekuhlazisweni nasekufelweni amathe.

7Ngokuba iNkosi uJehova iyakungisiza;

ngalokho angijabhanga,

ngalokho ngibumisile ubuso bami njengensengetsha;

ngiyazi ukuthi angiyikujabha.

8Ongithethayo useduze;

ngubani ongamelana nami na?

Masivuke kanyekanye;

ngubani omangalelana nami na?

Makasondele kimi.

9Bheka, iNkosi uJehova iyakungisiza;

ngubani oyakungilahla na?

Bheka, bonke bayakuguga njengengubo,

badliwe njengezinundu.

10Ngubani phakathi kwenu omesabayo uJehova?

Makalilalele izwi lenceku yakhe

ehambile ebumnyameni,

ethembile egameni likaJehova,

noma ingenakukhanya,

yencika kuNkulunkulu wakhe.

11Bhekani nina nonke eniphemba umlilo,

enibhinca izikhuni,

manihambe ekukhanyeni komlilo wenu

naphakathi kwezikhuni eniziphembileyo.

Lokhu kuyakuba phezu kwenu kuvela

esandleni sami;

niyakulala phansi ngobuhlungu.

U-Isaya 50ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

U-Isaya 51

Ukukhululwa kuyasondela

1“Ngilaleleni nina enilandela ukulunga,

nina enimfunayo uJehova;

bhekani kulo idwala eniqhezulwe kulo,

nakuyo imibhobo yomgodi enakhishwa kuyo.

2Bhekani ku-Abrahama uyihlo,

nakuSara owanizalayo,

ngokuba eseyedwa ngambiza,

ngambusisa, ngamandisa.

3Ngokuba uJehova uyakuliduduza iSiyoni,

aziduduze zonke izindawo zalo ezichithekileyo,

enze ihlane lalo libe njenge-Edene,

noqwathule lwalo lube njengensimu kaJehova;

injabulo nentokozo kuyakufunyanwa khona,

ukubonga nezwi lokuhlabelela.

4“Ngizweni, bantu bami,

ningibekele indlebe nina sizwe sami,

ngokuba kuyakuphuma kimi umthetho,

ngibeke ukwahlulela kwami kube ngukukhanya kwabantu.

5Ukulunga kwami kuseduze,

insindiso yami iphumile,

izingalo zami ziyakubahlulela abantu;

iziqhingi ziyangihlalela,

zilindela umkhono wami.

6Phakamiselani amehlo enu ezulwini,

niwubheke umhlaba phansi,

ngokuba izulu liyakunyamalala njengomusi,

umhlaba uguge njengengubo,

nabakhileyo kuwo bafe njengezinsensane,

kepha insindiso yami iyakuma

kuze kube phakade,

nokulunga kwami akuyikuphela.

7“Ngilaleleni nina enazi ukulunga,

abantu abamthetho wami usezinhliziyweni zabo;

ningesabi ukusolwa ngabantu,

ningapheli amandla ngezithuko zabo.

8Ngokuba inundu iyakubadla njengengubo,

nebhu libadle njengoboya bezimvu,

kodwa ukulunga kwami kuyakuma kuze kube phakade,

nensindiso yami ezizukulwaneni ngezizukulwane.”

9Vuka, vuka,

wembathe amandla wena mkhono kaJehova,

vuka njengasezinsukwini zasendulo,

ezizukulwaneni zamandulo.

Akusuwe owamnquma kabili uRahabi,

wamgwaza udrako,* na?

10Akusuwe owomisa ulwandle,

amanzi asotweni olujulileyo,

owenza izinzulu zolwandle zaba yindlela

yokuba kuwele abahlengiweyo, na?

11Abahlawulelweyo bakaJehova bayakubuya,

bafike eSiyoni bejabula;

intokozo engapheliyo iyakuba semakhanda abo,

bathole injabulo nentokozo,

usizi nokububula kubaleke.

12“Yimina, yimi enginguye oniduduzayo;

ungubani wena ukuba wesabe umuntu ofayo,

nendodana yomuntu eyakwenziwa ibe njengotshani, na?

13Ukhohliwe uJehova uMenzi wakho

owaleneka izulu nowasibeka isisekelo somhlaba;

uthuthumele njalo izinsuku zonke

ngokufutheka komcindezeli

njengokungathi ozilungiselela ukuchitha;

kuphi ukufutheka komcindezeli na?

14Othotshisiweyo uyakushesha ukukhululwa;

kayikufa, kayikwehlela egodini,

kayikuswela isinkwa sakhe.

15NginguJehova uNkulunkulu wakho

ovusa ulwandle, ukuze amaza alo ahlokome;

nguJehova Sebawoti igama lakhe.

16Ngiwabekile amazwi ami emlonyeni wakho,

ngikusibekele emthunzini wesandla sami,

ukuze ngiwatshale amazulu,

ngisibeke isisekelo somhlaba,

ngithi kulo iSiyoni:

‘Wena uyisizwe sami.’ ”

17Vuka, vuka,

usukume wena Jerusalema

ophuzile esandleni sikaJehova

indebe yokufutheka kwakhe;

uphuzile isitsha sendebe yokutengezela,

wasiminya.

18Akakho ongalihola phakathi kwawo

onke amadodana eliwazalileyo.

Akakho ongalibamba ngesandla

kuwo onke amadodana eliwakhulisileyo.

19Lokhu kokubili kukwehlele;

ngubani okukhalelayo na?

Lapho kukhona incithakalo nokubhujiswa,

ukulamba nenkemba,

ngubani ongakududuza na?

20Amadodana akho adangele,

alala ezihlokweni zezitaladi zonke,

njengewula esihibeni;

agcwele ukufutheka kukaJehova

nokukhuza kukaNkulunkulu wakho.

21Ngalokho ake uzwe lokhu wena ohluphekayo

nodakiweyo, kungengewayini kodwa;

22isho kanje iNkosi yakho

uJehova noNkulunkulu wakho

emela indaba yabantu, ithi:

“Bheka, ngiyithathile esandleni sakho

indebe yokutengezela;

yebo, isitsha sendebe yokufutheka kwami

awusayikusiphuza.

23Ngiyakusibeka esandleni sabakuhluphayo,

abashoyo emphefumulweni wakho ukuthi:

‘Khothama, sidlule phezu kwakho;’

wawusuwubeka umhlane wakho

waba njengomhlabathi nesitaladi kwabadlulayo.”

U-Isaya 51ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

NgokukaMathewu 14

Ukubulawa kukaJohane uMbhapathizi

(Mark. 6:14; Luk. 9:7)

1Ngaleso sikhathi uHerode umtetrarki* waluzwa udumo lukaJesu, 2waze wathi ezincekwini zakhe: “Lo nguJohane uMbhapathizi; yena uvukile kwabafileyo; kungalokho lawa mandla asebenza kuye.”

3Ngokuba uHerode wayembambile uJohane, wambopha, wamfaka etilongweni ngenxa kaHerodiya umkaFiliphu umfowabo, 4lokhu uJohane wayethe kuye: “Awuvunyelwe ube naye.” 5Kuthe efuna ukumbulala, wesaba abantu, ngokuba bathi ungumprofethi.

6Kepha ngosuku lokuzalwa kukaHerode indodakazi kaHerodiya yasina phambi kwabo, yamjabulisa uHerode, 7kwenzeka ukuba ayithembise ngesifungo ukuyipha lokho engakucela. 8Yona isifundisiwe ngunina yathi: “Ngiphe lapha ngoqwembe ikhanda likaJohane uMbhapathizi.” 9Inkosi yadabuka, kepha ngenxa yezifungo zayo nangenxa yababehlezi nayo ekudleni yayaleza ukuba inikwe, 10yathuma yamnquma uJohane ikhanda etilongweni. 11Ikhanda lakhe lalethwa ngoqwembe, lanikwa intombazana; yaliyisa kunina. 12Kwafika abafundi bakhe, bathabatha isidumbu, basimbela; baya bambikela uJesu.

UJesu usuthisa amadoda ayizinkulungwane eziyisihlanu

(Mark. 6:30; Luk. 9:12; Joh. 6:1)

13Wathi uJesu esekuzwile lokho, wamuka lapho ngomkhumbi, waya endaweni eyihlane eyedwa. Kepha izixuku zathi sezikuzwile, zamlandela ngezinyawo ziphuma emizini. 14Waphuma, wabona isixuku esikhulu; waba nesihe ngaso, waphulukisa abagulayo babo.

15Selishonile, abafundi bakhe beza kuye, bathi: “Le ndawo iyihlane, isikhathi sesihambile; mukisa izixuku ukuba ziye emizaneni, zizithengele ukudla.”

16Kepha uJesu wathi kubo: “Akuswelekile ukuba bamuke; bapheni nina ukudla.”

17Bathi kuye: “Asinalutho lapha, kuphela izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili.”

18Wayesethi: “Ziletheni lapha kimi.” 19Wayeseyala izixuku ukuba zihlale phansi etshanini, wazithabatha izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka ngasezulwini, wazibusisa, wazihlephula, wabanika abafundi izinkwa, abafundi baphakela izixuku. 20Badla bonke, basutha, babutha imvuthuluka eseleyo, iziqabetho eziyishumi nambili ezigcwele. 21Kepha abadlayo kwakungathi amadoda ayizinkulungwane eziyisihlanu ngaphandle kwabesifazane nabantwana.

UJesu uhamba phezu kolwandle

(Mark. 6:45; Joh. 6:16)

22Wayesecindezela masinyane abafundi ukuba bangene emkhunjini, bamandulele ukuya phesheya, aze amukise izixuku. 23Esezimukisile izixuku wenyukela entabeni eyedwa ukuyokhuleka; sekuhlwile, wayeyedwa lapho. 24Kepha umkhumbi wawususukile amastadiyu* amaningi emhlabathini, ushukunyiswa ngamaza, ngokuba umoya wawuphambene nabo.

25Ngomlindo wesine wobusuku weza kubo ehamba phezu kolwandle. 26Kepha abafundi sebembonile ehamba phezu kolwandle bashaywa luvalo, bethi yisithunzi; bakhala ngokwesaba.

27Kodwa uJesu wakhuluma kubo masinyane, wathi: “Yimani isibindi; yimina, ningesabi.”

28UPetru wayesephendula, wathi kuye: “Nkosi, uma kunguwe, yisho ukuba ngize kuwe phezu kwamanzi.”

29Wayesethi: “Woza.”

Wehla-ke uPetru emkhunjini, wahamba phezu kwamanzi, weza kuJesu. 30Kepha ebona umoya wesaba; eseqala ukushona wakhala wathi: “Nkosi, ngisindise!”

31Masinyane uJesu welula isandla, wambamba, wathi kuye: “Awu, wena onokukholwa okuncinyane, ungabazeleni na?”

32Sebekhwele emkhunjini, umoya wanqamuka. 33Abasemkhunjini bakhuleka kuye, bathi: “Ngempela uyiNdodana kaNkulunkulu.”

34Sebewelile bafika ezweni laseGenesaretha. 35Athi ukumazi amadoda aleyo ndawo, athuma izigijimi kulo lonke izwe langakhona; baletha kuye bonke abagulayo. 36Bamncenga ukuba bathinte nje umphetho wengubo yakhe; bonke abawuthinta basindiswa.

NgokukaMathewu 14ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

NgokukaMathewu 15

AbaFarisi nababhali basolwa ngenxa yezimiso zabo

(Mark. 7:1)

1Khona abaFarisi nababhali bafika kuJesu bevela eJerusalema, bathi: 2“Yini ukuba abafundi bakho beqe isiko labadala na? Ngokuba abahlambi izandla nxa bedla isinkwa.”

3Kepha waphendula, wathi kubo: “Nani, yini ukuba neqe umyalo kaNkulunkulu ngenxa yesiko lenu na? 4Ngokuba uNkulunkulu wathi: ‘Yazisa uyihlo nonyoko,’ nokuthi: ‘Othuka uyise noma unina makafe nokufa.’ 5Kepha nina nithi: ‘Oshoyo kuyise noma kunina ukuthi: Kungumnikelo lokho ongabe usizwe yimi ngakho,’ 6akayikwazisa uyise noma unina; kanjalo nilenze laba yize izwi likaNkulunkulu ngesiko lenu. 7Bazenzisi, waprofetha kahle ngani u-Isaya, ethi: 8‘Lesi sizwe singidumisa ngezindebe zomlomo, kepha inhliziyo yaso ikude nami; 9kodwa bangikhonza ngeze befundisa izifundiso eziyimiyalo yabantu.’ ”

10Wayesebabiza abantu, wathi kubo: “Yizwani, niqonde. 11Akusikho okungena emlonyeni okungcolisa umuntu; kepha okuphuma emlonyeni lokhu kungcolisa umuntu.”

12Khona kwasondela abafundi bakhe, bathi kuye: “Uyazi ukuthi abaFarisi bathe bezwa lelo zwi, bakhubeka na?”

13Kepha waphendula wathi: “Yileso naleso sithombo esingatshalwanga nguBaba wasezulwini siyakusishulwa. 14Bayekeni; bangabaholi abayizimpumputhe; kepha nxa impumputhe ihola impumputhe, ziyakuyela emgodini zombili.”

15UPetru waphendula, wathi kuye: “Sichasisele lo mfanekiso.”

16Wayesethi: “Kanti nani nisengabangaqondiyo na? 17Anikaqondi yini ukuthi konke okungena emlonyeni kuya esiswini, kuze kulahlelwe ngaphandle na? 18Kepha okuphuma emlonyeni kuvela enhliziyweni; lokho-ke kuyamngcolisa umuntu. 19Ngokuba enhliziyweni kuvela izizindlo ezimbi, ukubulala, ukuphinga, ubufebe, ukweba, ukufakaza amanga, ukuhlambalaza. 20Yilezo zinto ezimngcolisayo umuntu; kodwa ukudla ngezandla ezingahlanjiwe akumngcolisi umuntu.”

Owesifazane waseKhanani

(Mark. 7:24)

21UJesu ephuma lapho wamuka, waya emaphandleni aseTire naseSidoni. 22Bheka, kwavela emikhawulweni yakhona owesifazane waseKhanani, wakhala wathi: “Ngihawukele, Nkosi, Ndodana kaDavide! Indodakazi yami ikhwelwe kabi yidemoni.”

23Kepha akamphendulanga ngazwi. Base besondela kuye abafundi bakhe, bamncenga, bathi: “Mmukise ngokuba uyakhala emva kwethu.” 24Kodwa waphendula wathi: “Angithunyelwanga kwabanye, kuphela ezimvini ezilahlekileyo zendlu yakwa-Israyeli.” 25Kepha wayeseza, wakhuleka kuye wathi: “Nkosi ngisize.”

26Waphendula wathi: “Akukuhle ukuthatha isinkwa sabantwana, usiphonse ezinjaneni.”

27Yena wathi: “Yebo, Nkosi; kepha nezinjana zidla imvuthuluka ewa etafuleni labaninizo.” 28Khona uJesu waphendula, wathi kuye: “O mame, kukhulu ukukholwa kwakho; makube kuwe njengokuthanda kwakho.” Indodakazi yakhe yasinda kusukela kuleso sikhathi.

UJesu uphulukisa iziguli; usuthisa amadoda ayizinkulungwane ezine

(Mark. 7:31; 8:1)

29Wasuka lapho uJesu, wafika ngaselwandle lwaseGalile, wenyukela entabeni, wahlala phansi khona. 30Kwase kusondela kuye izixuku eziningi zinezinyonga, nezimpumputhe, nezimungulu, nezilima, nabanye abaningi, zababeka ngasezinyaweni zakhe; wabaphulukisa, 31baze bamangala abantu bebona izimungulu zikhuluma, izilima zisindile, izinyonga zihamba, izimpumputhe zibona; bamdumisa uNkulunkulu ka-Israyeli.

32UJesu wayesebabiza abafundi bakhe, wathi: “Ngiyasihawukela isixuku, ngokuba sekuyizinsuku ezintathu sihlezi kimi, singenanto yokudla; angithandi ukubamukisa belambile, funa mhlawumbe baphele amandla endleleni.”

33Bathi kuye abafundi: “Singazitholaphi ehlane izinkwa ezingaka zokuba kusuthe isixuku esingaka na?”

34Wathi kubo uJesu: “Ninezinkwa ezingaki na?”

Bathi: “Eziyisikhombisa, nezinhlanzana eziyingcosana.”

35Wayala isixuku ukuba sihlale phansi; 36wazithabatha izinkwa eziyisikhombisa nezinhlanzi, wabonga, wazihlephula, wanika abafundi, abafundi baphakela izixuku. 37Badla bonke, basutha, babutha imvuthuluka eseleyo, amaqoma ayisikhombisa agcwele. 38Kepha abadlayo babe yizinkulungwane ezine zamadoda ngaphandle kwabesifazane nabantwana. 39Esezimukisile izixuku wangena emkhunjini, wafika emikhawulweni yaseMagadana.

NgokukaMathewu 15ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU