Ukukhululwa kuyasondela
1“Ngilaleleni nina enilandela ukulunga,
nina enimfunayo uJehova;
bhekani kulo idwala eniqhezulwe kulo,
nakuyo imibhobo yomgodi enakhishwa kuyo.
2Bhekani ku-Abrahama uyihlo,
nakuSara owanizalayo,
ngokuba eseyedwa ngambiza,
ngambusisa, ngamandisa.
3Ngokuba uJehova uyakuliduduza iSiyoni,
aziduduze zonke izindawo zalo ezichithekileyo,
enze ihlane lalo libe njenge-Edene,
noqwathule lwalo lube njengensimu kaJehova;
injabulo nentokozo kuyakufunyanwa khona,
ukubonga nezwi lokuhlabelela.
4“Ngizweni, bantu bami,
ningibekele indlebe nina sizwe sami,
ngokuba kuyakuphuma kimi umthetho,
ngibeke ukwahlulela kwami kube ngukukhanya kwabantu.
5Ukulunga kwami kuseduze,
insindiso yami iphumile,
izingalo zami ziyakubahlulela abantu;
iziqhingi ziyangihlalela,
zilindela umkhono wami.
6Phakamiselani amehlo enu ezulwini,
niwubheke umhlaba phansi,
ngokuba izulu liyakunyamalala njengomusi,
umhlaba uguge njengengubo,
nabakhileyo kuwo bafe njengezinsensane,
kepha insindiso yami iyakuma
kuze kube phakade,
nokulunga kwami akuyikuphela.
7“Ngilaleleni nina enazi ukulunga,
abantu abamthetho wami usezinhliziyweni zabo;
ningesabi ukusolwa ngabantu,
ningapheli amandla ngezithuko zabo.
8Ngokuba inundu iyakubadla njengengubo,
nebhu libadle njengoboya bezimvu,
kodwa ukulunga kwami kuyakuma kuze kube phakade,
nensindiso yami ezizukulwaneni ngezizukulwane.”
9Vuka, vuka,
wembathe amandla wena mkhono kaJehova,
vuka njengasezinsukwini zasendulo,
ezizukulwaneni zamandulo.
Akusuwe owamnquma kabili uRahabi,
wamgwaza udrako,* na?
10Akusuwe owomisa ulwandle,
amanzi asotweni olujulileyo,
owenza izinzulu zolwandle zaba yindlela
yokuba kuwele abahlengiweyo, na?
11Abahlawulelweyo bakaJehova bayakubuya,
bafike eSiyoni bejabula;
intokozo engapheliyo iyakuba semakhanda abo,
bathole injabulo nentokozo,
usizi nokububula kubaleke.
12“Yimina, yimi enginguye oniduduzayo;
ungubani wena ukuba wesabe umuntu ofayo,
nendodana yomuntu eyakwenziwa ibe njengotshani, na?
13Ukhohliwe uJehova uMenzi wakho
owaleneka izulu nowasibeka isisekelo somhlaba;
uthuthumele njalo izinsuku zonke
ngokufutheka komcindezeli
njengokungathi ozilungiselela ukuchitha;
kuphi ukufutheka komcindezeli na?
14Othotshisiweyo uyakushesha ukukhululwa;
kayikufa, kayikwehlela egodini,
kayikuswela isinkwa sakhe.
15NginguJehova uNkulunkulu wakho
ovusa ulwandle, ukuze amaza alo ahlokome;
nguJehova Sebawoti igama lakhe.
16Ngiwabekile amazwi ami emlonyeni wakho,
ngikusibekele emthunzini wesandla sami,
ukuze ngiwatshale amazulu,
ngisibeke isisekelo somhlaba,
ngithi kulo iSiyoni:
‘Wena uyisizwe sami.’ ”
17Vuka, vuka,
usukume wena Jerusalema
ophuzile esandleni sikaJehova
indebe yokufutheka kwakhe;
uphuzile isitsha sendebe yokutengezela,
wasiminya.
18Akakho ongalihola phakathi kwawo
onke amadodana eliwazalileyo.
Akakho ongalibamba ngesandla
kuwo onke amadodana eliwakhulisileyo.
19Lokhu kokubili kukwehlele;
ngubani okukhalelayo na?
Lapho kukhona incithakalo nokubhujiswa,
ukulamba nenkemba,
ngubani ongakududuza na?
20Amadodana akho adangele,
alala ezihlokweni zezitaladi zonke,
njengewula esihibeni;
agcwele ukufutheka kukaJehova
nokukhuza kukaNkulunkulu wakho.
21Ngalokho ake uzwe lokhu wena ohluphekayo
nodakiweyo, kungengewayini kodwa;
22isho kanje iNkosi yakho
uJehova noNkulunkulu wakho
emela indaba yabantu, ithi:
“Bheka, ngiyithathile esandleni sakho
indebe yokutengezela;
yebo, isitsha sendebe yokufutheka kwami
awusayikusiphuza.
23Ngiyakusibeka esandleni sabakuhluphayo,
abashoyo emphefumulweni wakho ukuthi:
‘Khothama, sidlule phezu kwakho;’
wawusuwubeka umhlane wakho
waba njengomhlabathi nesitaladi kwabadlulayo.”