Bible Society of South Africa
Gawie van Jaarsveld

Book of Philippians – Day 7

Joy means being positive about life

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

KwabaseFilipi 1

UPawulu ulanda ngokuhlala kwakhe eboshiwe eRoma

12Kepha ngithanda ukuba nazi, bazalwane, ukuthi lokho okwangehlelayo kugcine kwaveza ukuqhubeka kwevangeli, 13kwaze kwathi izibopho zami zabonakala enqabeni yonke nakubo bonke abanye ukuthi zingenxa kaKristu 14nokuthi iningi labazalwane eNkosini betholile ithemba ngezibopho zami bazuzile kakhulu isibindi sokukhuluma izwi likaNkulunkulu ngokungesabi.

15Abanye kambe bashumayela uKristu ngomhawu nangombango kepha abanye ngenhliziyo enhle; 16laba bashumayela ngothando, bazi ukuthi ngimiselwe ukuvikela ivangeli, 17kepha labo bamemezela uKristu ngombango kungenganhliziyo emhlophe, bethi bazakungivusela ukukhathazeka ekuboshweni kwami. 18Kunani pho? Nokho uKristu uyamenyezelwa ngezindlela zonke, noma ngokuzenzisa noma ngesiminya; kulokho-ke ngiyathokoza, yebo, ngiyakuthokoza, 19ngokuba ngiyazi ukuthi lokhu kuyakungenzela ukusindiswa ngokunxusa kwenu nangokusiza kukaMoya kaJesu Kristu,

KwabaseFilipi 1:12-19ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

• Which verse or word would you like to reflect about more?
• What do we learn about (a) courage and (b) unselfishness in this passage?

Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU