Bible Society of South Africa

Induduzo evela eZwini – Day 5

Ukuvikeleka

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

Ihubo 63

Ukulangazelela uNkulunkulu

Ihubo likaDavide esehlane lakwaJuda.

1Nkulunkulu, wena unguNkulunkulu wami,

ngiyakufuna ekuseni;

umphefumulo wami womele wena;

inyama yami ilangazelela wena

ezweni elomileyo eligagadekileyo,

lapho amanzi engekho khona.

2Kanjalo ngikubheka endlini engcwele,

ngibone amandla akho nenkazimulo yakho.

3Ngokuba umusa wakho umnandi kunokuphila;

izindebe zami ziyakukudumisa.

4Ngiyakukubonga ngisaphila;

ngiyakuphakamisa izandla zami egameni lakho.

5Umphefumulo wami uyakusutha kungathi ngamanoni namafutha;

umlomo wami uyakudumisa ngezindebe ezethabayo.

6Nxa ngikukhumbula ecansini lami,

ngizindla ngawe emilindweni yasebusuku.

7Ngokuba ungisizile;

ngiyakwethaba ethunzini lamaphiko akho.

8Umphefumulo wami ubambelele kuwe;

esokunene sakho siyangiphasa.

Ihubo 63:1-8ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 91

UJehova ungumlondolozi

1Yena owakhile ekusithekeni koPhezukonke

nohlezi emthunzini kaSomandla

2uthi kuJehova: “Uyisiphephelo sami nenqaba yami

noNkulunkulu wami engimethembayo.”

3Ngokuba yena uyakukhipha ogibeni lomcuphi

nasobhadaneni olubhubhisayo.

4Ngezimpaphe zakhe uyakukusibekela,

uphephele phansi kwamaphiko akhe;

ukuthembeka kwakhe kuyisihlangu nehawu.

5Awuyikwesaba ivuso lasebusuku,

nomcibisholo ondizayo emini,

6nobhadane oluhamba ebumnyameni,

nesifo esibhubhisayo emini enkulu.

Ihubo 91:1-6ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 94

15Ngokuba ukulunga kuyakubuyela ekwahluleleni,

bonke abaqotho ngenhliziyo bakulandele.

Ihubo 94:15ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 84

Izindlu zikaJehova ziyathandeka

Kumholi wokuhlabelela. NgeGititi.* Elamadodana kaKora. Ihubo.

1Zithandeka kangaka izindlu zakho, Jehova Sebawoti.

2Umphefumulo wami ulangazelela,

womela amagceke kaJehova;

inhliziyo yami nomzimba wami kuyahuba ngokwethaba kuNkulunkulu ophilayo.

3Ngokuba umzwilili ufumene indlu,

nenkonjane isidleke sayo,

lapho ibeka khona amazinyane ayo,

ngisho ama-altare akho,

Jehova Sebawoti,

Nkosi yami, Nkulunkulu wami.

4Babusisiwe abahlala endlini yakho;

bayakuhlala bebonga wena. Sela*

Ihubo 84:1-4ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 84

11Ngokuba uJehova uNkulunkulu uyilanga nesihlangu;

uJehova uyakupha umusa nodumo;

akayikubenqabela okuhle abahamba ngobuqotho.

12Jehova Sebawoti,

ubusisiwe umuntu okwethembayo.

Ihubo 84:11-12ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 121

Ukwethemba ukulondoloza kukaNkulunkulu

Igama lokukhuphuka.

1Ngiphakamisela amehlo ami ezintabeni;

usizo lwami luvelaphi na?

2Usizo lwami luvela kuJehova

owenzile izulu nomhlaba.

3Akayikuvuma ukuba unyawo lwakho lushelele;

okulondolozayo akayikozela.

4Bheka, olonda u-Israyeli akozeli,

akalali.

5UJehova ungumlondi wakho;

uJehova ungumthunzi wakho ngasesandleni sakho sokunene.

6Ilanga aliyikukushaya emini nenyanga ebusuku.

7UJehova uyakukulondoloza ebubini bonke;

uyakulonda umphefumulo wakho.

8UJehova uyakulondoloza ukuphuma kwakho nokungena kwakho

kusukela kulesi sikhathi kuze kube phakade.

Ihubo 92

Ukubonga ubumnene nokulunga kukaJehova

Ihubo. Igama losuku lwesabatha.

1Kuhle ukumbonga uJehova nokuhubela igama lakho wena oPhezukonke;

2ukushumayela umusa wakho ekuseni nokuthembeka kwakho ebusuku,

3ngokubetha ugubhu olunezintambo eziyishumi,

nomqangala, kanye nehabhu* elizwakala kamnandi.

4Ngokuba ungithokozisile, Jehova, ngezenzo zakho;

ngiyakumemeza ngokujabula.

5Yeka ubukhulu bezenzo zakho, Jehova.

Imicabango yakho ijulile kakhulu.

6Umuntu oyisilima angekucabange,

nesiwula asikuboni.

7Noma ababi behluma njengotshani,

nezigangi noma ziqhakaza zonke,

kuyenzeka ukuba babhujiswe kuze kube phakade.

8Kepha wena Jehova uphakeme kuze kube phakade.

9Ngokuba bheka, izitha zakho, Jehova,

bheka, izitha zakho, ziyakubhubha;

bonke abenza okubi bayakuhlakazwa.

10Kepha uphondo lwami uyaluphakamisa njengolwenyathi,

ngigcotshwa ngamafutha amasha.

11Iso lami liyakubona ngokujabula izitha zami,

nezindlebe zami ziyakuzwa ngokuthokoza ngababi abangivukelayo.

12Olungileyo uyahluma njengesundu,

uyakhula njengomsedari* eLebanoni.

13Batshaliwe endlini kaJehova,

bamila emagcekeni kaNkulunkulu wethu.

14Nasebudaleni bayakuthela izithelo,

bahlume babe luhlaza,

15ukuze bashumayele ukuthi uJehova ulungile;

uyidwala lami okungekho kuye ukungalungi.

Ihubo 144

Ukubonga nokucela ukusindiswa nempumelelo

ElikaDavide.

1Makabongwe uJehova, idwala lami,

ofundisa izandla zami ukuhlasela

neminwe yami ukulwa,

2umusa wami nenqaba yami,

umbhoshongo wami ophakemeyo nomkhululi wami,

isihlangu sami, nengiphephela kuye,

nothobisa abantu bami phansi kwami.

3Jehova, uyini umuntu ukuba umazi,

nendodana yomuntu ukuba uyikhumbule, na?

4Umuntu ufana nomoya;

izinsuku zakhe zinjengethunzi elidlulayo.

5Thobisa amazulu akho, Jehova, wehle;

thinta izintaba, zithunqe.

6Imibani mayinyazime, ubahlakaze;

thuma imicibisholo yakho, ubaphithizise.

7Yelula isandla sakho phezulu,

ungikhulule, ungophule emanzini amakhulu

nasesandleni sabafokazi

8abamlomo wabo ukhuluma inkohliso,

nesandla sabo sokunene singesokunene samanga.

9Ngiyakuhlabelela kuwe Nkulunkulu isihlabelelo esisha;

ngogubhu olunezintambo eziyishumi ngiyakukuhubela.

10Nguye onika amakhosi insindiso,

okhulula inceku yakhe uDavide enkembeni elimazayo.

11Ngikhulule, ungophule esandleni sabafokazi

abamlomo wabo ukhuluma inkohliso,

nesandla sabo sokunene singesokunene samanga.

12Lapho amadodana ethu enjengezithombo ezikhulileyo ebusheni bazo,

namadodakazi ethu enjengamatshe amagumbi abaziwe ngendlela yokwakhiwa kwezindlu zamakhosi;

13lapho izingobo zethu zigcwele,

ziveza izinhlobo ngezinhlobo,

nezimvu zethu zizala ngezinkulungwane,

yebo, ngezinkulungwane eziyishumi emadlelweni ethu;

14lapho izinkabi zethu zithweswe kakhulu,

nalapho kungekho ukufohla kwesitha nokungena empini nezikhalo ezitaladini zethu,

15babusisiwe abantu abanjalo;

babusisiwe abantu abaNkulunkulu

wabo unguJehova.

Ihubo 139

5Ungizungezile ngasemuva nangaphambili,

wabeka isandla sakho phezu kwami.

6Ukwazi okunjalo kuyangimangalisa;

kuphakeme, anginakufinyelela kukho.

7Ngiyakuyaphi,

ngisuke emoyeni wakho, na?

Ngiyakubalekelaphi,

ngimuke ebusweni bakho, na?

8Uma ngikhuphukela ezulwini,

wena ulapho;

uma ngendlala icansi lami endaweni yabafileyo, nangu wena.

9Uma ngithabatha amaphiko okusa,

ngiye ngihlale emikhawulweni yolwandle,

10nalapho isandla sakho siyakungihola,

esokunene sakho singibambe.

Ihubo 139:5-10ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Uma umuntu engaphansi kwengcindezi futhi edinga amandla kanye nenduduzo evela eNkosini, kuvamise ukuba azizwe ephelelwa amandla. Lezi zingxenye zeZifundo ezitholakala kuMahubo zibekwe ndawonye ngaphansi kwezihloko ukukusiza ukuba uthole amavesi eSifundo esifanelekile ezimweni zakho ezithile.

Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU