Bible Society of South Africa

Induduzo evela eZwini – Day 4

Ukukhathazeka

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

Ihubo 116

Ukudumisa kosindisiweyo

1Ngiyamthanda uJehova,

ngokuba uyezwa izwi lokukhuleka kwami.

2Ngokuba ubekile indlebe kimi

ngiyakukhuleka kuye zonke izinsuku zami.

3Izintambo zokufa zangizungeza,

nobuhlungu bendawo yabafileyo bangibamba;

ngafumana ukuhlupheka nosizi.

4Kepha ngabiza igama likaJehova, ngathi:

“Ngiyakuncenga, Jehova,

khulula umphefumulo wami.”

5Unomusa uJehova, ulungile;

uNkulunkulu wethu unobubele.

6UJehova uyalondoloza ongenabuqili;

ngithotshisiwe phansi wangisindisa.

Ihubo 116:1-6ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 22

Isiprofetho ngenhlupheko nenkazimulo yolungileyo

Kumholi wokuhlabelela. Indlela: Indluzelekazi yokusa. Ihubo likaDavide.

1Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami,

ungishiyeleni na?

Ukude namazwi okubububula kwami nokusindiswa kwami.

2Nkulunkulu wami,

ngikhala emini, kepha awuphenduli,

nasebusuku, ngingabi nakuthula.

3Kepha wena ungoNgcwele

ohlezi ezibongweni zika-Israyeli.

Ihubo 22:1-3ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 22

24Ngokuba akadelelanga,

akanengwanga yinhlupheko yohluphekayo;

akamfihlelanga ubuso bakhe,

kepha nalapha ekhala kuye, wezwa.

25Kuyakuvela kuwe ukudumisa kwami ebandleni elikhulu;

izithembiso zami ngiyakuzigcwalisa

phambi kwabamesabayo.

Ihubo 22:24-25ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 119

137Wena Jehova ulungile;

izahlulelo zakho ziqotho.

138Uyalezile ubufakazi bakho ngokulunga

ngokuthembeka okukhulu.

139Ukushisekela kwami kungidlile,

ngokuba izitha zami zikhohliwe amazwi akho.

140Izwi lakho licwebile kakhulu;

ngalokho inceku yakho iyalithanda.

141Ngimncane, ngidelelekile;

iziyalezo zakho angizikhohlwa.

142Ukulunga kwakho kungukulunga okuphakade;

umthetho wakho uyiqiniso.

143Ukuhlupheka nosizi kungehlele;

imiyalo yakho iyintokozo yami.

144Ukulunga kobufakazi bakho kumi phakade;

ngiphe ukuqonda ukuba ngiphile.

Ihubo 119:137-144ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 34

5Babheka kuye phezulu, bakhanya;

ubuso babo abusoze bajabha.

6Nasi isihlupheki esakhala,

uJehova wezwa,

wasikhulula kuzo zonke izinhlupheko zaso.

7Ingelosi kaJehova iyamisa nxazonke kubo abamesabayo, ibakhulule.

Ihubo 34:5-7ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 25

16Phendukela kimi, ube nomusa kimi,

ngokuba nginesizungu, ngihluphekile.

17Izinsizi zenhliziyo yami zikhulile;

ngikhiphe ezinhluphekweni zami.

18Bheka ukuhlupheka kwami nosizi lwami,

ungithethelele zonke izono zami.

19Bheka izitha zami, ngokuba ziningi;

ziyangizonda ngenzondo yonya.

20Londoloza umphefumulo wami, ungikhulule;

mawungangijabhisi,

ngokuba ngiphephela kuwe.

21Ukulunga nobuqotho makungilondoloze,

ngokuba ngilindele wena.

22Nkulunkulu, hlenga u-Israyeli

kuzo zonke izinkathazo zakhe.

Ihubo 25:16-22ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 27:16-17ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 31

10Ngokuba ukuphila kwami kuphelela osizini,

neminyaka yami ekububuleni;

amandla ami aphelile ngokona kwami,

namathambo ami ancunzekile.

11Ngenxa yezitha zami zonke sengaba yisihlamba,

ikakhulu kubakhelwane bami ngaba ngobesabisayo abangane bami;

abangibona endleleni bayangibalekela.

12Sengakhohlakala enhliziyweni njengofileyo;

nginjengesitsha esifileyo.

13Ngokuba ngikuzwile ukuhleba kwabaningi

ngokwesabisayo nxazonke;

besenza icebo ngami

bahlosa ukubulala umphefumulo wami.

14Kepha mina ngithemba wena Jehova;

ngithi: “UnguNkulunkulu wami.”

Ihubo 31:10-14ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 69

Ukuhlupheka kolungileyo

Kumholi wokuhlabelela. Indlela: Iminduze. ElikaDavide.

1Ngisindise, Nkulunkulu,

ngokuba amanzi afikile emphefumulweni.

2Ngishone odakeni lobishi olujulileyo, kungekho kuma;

ngingene emanzini alutwa;

imisinga iyangicwilisa.

3Ngikhathele ukukhala kwami, umphimbo wami ushile;

amehlo ami ayafiphala ekulindeleni uNkulunkulu wami.

Ihubo 69:1-3ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 69

14Ngikhiphe odakeni, mangingashoni;

mangisindiswe kubo abangizondayo,

nasemanzini alutwa.

15Isikhukhula samanzi masingangicwilisi,

utwa lungangigwinyi,

umgodi ungangivaleli emlonyeni wawo.

16Ngiphendule, Jehova,

ngokuba umusa wakho ulungile;

uphendukele kimi ngokobubele bakho obukhulu.

17Ungayifihleli inceku yakho ubuso bakho,

ngokuba ngiyahlupheka;

shesha ungiphendule.

18Sondela kuwo umphefumulo wami, uwuhlenge,

ngikhulule ngenxa yezitha zami.

Ihubo 69:14-18ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 69

29Mina kodwa ngihluphekile, ngibuhlungu;

insindiso yakho,

Nkulunkulu mayingilondoloze.

30Ngiyakulibonga ngehubo igama likaNkulunkulu,

ngimphakamise ngokubonga.

31Kuyakuthandeka kuJehova kunenkomo,

kunenkunzi enezimpondo nezinselo.

32Kuyakuthi abayizivi bekubona, bajabule;

nina enifuna uNkulunkulu,

inhliziyo yenu mayiphile.

33Ngokuba uJehova uyabalalela abampofu,

neziboshwa zakhe akazideleli.

34Uyakubongwa yizulu nomhlaba,

yizilwandle nakho konke okuphila kuzo.

35Ngokuba uNkulunkulu uzakulisindisa iSiyoni,

akhe imizi yakwaJuda;

bazakuhlala khona, ibe yifa labo.

36Inzalo yezinceku zakhe iyakulidla ifa;

abathanda igama lakhe bayakuhlala kuyo.

Ihubo 69:29-36ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Uma umuntu engaphansi kwengcindezi futhi edinga amandla kanye nenduduzo evela eNkosini, kuvamise ukuba azizwe ephelelwa amandla. Lezi zingxenye zeZifundo ezitholakala kuMahubo zibekwe ndawonye ngaphansi kwezihloko ukukusiza ukuba uthole amavesi eSifundo esifanelekile ezimweni zakho ezithile.

Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU