Bible Society of South Africa

Induduzo evela eZwini – Day 28

Ukuvuma ukuba necala

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

Ihubo 32

2Ubusisiwe umuntu uJehova angambaleli isiphambeko,

kungekho nkohliso emoyeni wakhe.

3Kwathi ngithule, amathambo ami aguga

ngokububula kwami usuku lonke.

4Ngokuba imini nobusuku isandla sakho sasinzima phezu kwami,

uloya lwami loma njengokomisa kwehlobo. Sela*

5Ngasivuma isono sami kuwe,

angisifihlanga isiphambeko sami;

ngathi: “Ngizakuzivuma izono zami kuJehova,”

wena wathethelela icala lesono sami. Sela*

Ihubo 32:2-5ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 38

3Akukho ukuphila enyameni yami ngenxa yentukuthelo yakho;

akukho ukuthula emathanjeni ami ngenxa yesono sami.

4Ngokuba iziphambeko zami zeqile phezu kwekhanda lami;

njengomthwalo osindayo ziyangisinda.

5Izilonda zami ziyanuka,

zichicha ubovu

ngenxa yobuwula bami.

6Ngikhonkobele, ngithotshisiwe kakhulu;

usuku lonke ngihamba ngilila.

7Ngokuba ukhalo lwami lutshutshumba kakhulu;

akukho ukuphila enyameni yami.

8Ngibuthakathaka, ngidubekile kabi;

ngiyakhala ngenxa yokugqiha kwenhliziyo yami.

9Nkosi, ukufisa kwami konke kuphambi kwakho;

ukububula kwami akufihlekile kuwe.

10Inhliziyo yami iyagquma kakhulu;

amandla ami angishiyile,

ngisho nokukhanya kwamehlo ami akusekho kimi.

11Abathandekayo bami nabahlobo bami

bemi kude nokuhlupheka kwami;

abakwethu bemi kude laphaya.

Ihubo 38:3-11ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 38

18Ngokuba ngiyabika ukona kwami;

ngiyadabuka ngesono sami.

Ihubo 38:18ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 38

22Phuthuma, ungisize,

Nkosi, nsindiso yami.

Ihubo 38:22ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 65

Ukubonga izipho zikaNkulunkulu

Kumholi wokuhlabelela. Ihubo likaDavide. Igama.

1Udumiso luhlalela wena Nkulunkulu eSiyoni,

nesithembiso siyakugcwaliswa kuwe.

2Wena ozwayo imikhuleko,

beza kuwe bonke abantu.

3Izenzo ezimbi zangahlula;

iziphambeko zethu uyaziyekela.

Ihubo 65:1-3ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Uma umuntu engaphansi kwengcindezi futhi edinga amandla kanye nenduduzo evela eNkosini, kuvamise ukuba azizwe ephelelwa amandla. Lezi zingxenye zeZifundo ezitholakala kuMahubo zibekwe ndawonye ngaphansi kwezihloko ukukusiza ukuba uthole amavesi eSifundo esifanelekile ezimweni zakho ezithile.

Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU