Bible Society of South Africa

Induduzo evela eZwini – Day 27

Ukulunga

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

Ihubo 94

17Uma uJehova ebengesilo usizo lwami,

umphefumulo wami ubuyakushesha ukuhlala ekuthuleni kokufa.

18Lapho ngithe unyawo lwami luyashelela,

umusa wakho, Jehova, wangiphasa.

19Kubo ubuninginingi bemicabango yenhliziyo yami

ukududuza kwakho kwathokozisa umphefumulo wami.

20Isihlalo sobubi singahlanganyela nawe yini,

leso esisebenza okubi kungathi ngomthetho na?

21Bahlangana ukuvukela umphefumulo wolungileyo;

igazi elingenacala bayalilahla.

22Kepha uJehova waba yinqaba yami,

uNkulunkulu wami waba yiwa engiphephela kulo.

Ihubo 94:17-22ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 119

137Wena Jehova ulungile;

izahlulelo zakho ziqotho.

138Uyalezile ubufakazi bakho ngokulunga

ngokuthembeka okukhulu.

Ihubo 119:137-138ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 103

9Akathethi njalonjalo;

akagcini intukuthelo yakhe kuze kube phakade.

10Akasiphathi njengokufanele izono zethu,

akasivuzi njengokwamacala ethu.

11Ngokuba njengokuphakama kwezulu phezu komhlaba

unjalo umusa wakhe phezu kwabamesabayo.

Ihubo 103:9-11ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Uma umuntu engaphansi kwengcindezi futhi edinga amandla kanye nenduduzo evela eNkosini, kuvamise ukuba azizwe ephelelwa amandla. Lezi zingxenye zeZifundo ezitholakala kuMahubo zibekwe ndawonye ngaphansi kwezihloko ukukusiza ukuba uthole amavesi eSifundo esifanelekile ezimweni zakho ezithile.

Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU