Bible Society of South Africa

Induduzo evela eZwini – Day 18

Ukulahlwa nokudangala

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

Ihubo 22

Isiprofetho ngenhlupheko nenkazimulo yolungileyo

Kumholi wokuhlabelela. Indlela: Indluzelekazi yokusa. Ihubo likaDavide.

1Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami,

ungishiyeleni na?

Ukude namazwi okubububula kwami nokusindiswa kwami.

2Nkulunkulu wami,

ngikhala emini, kepha awuphenduli,

nasebusuku, ngingabi nakuthula.

Ihubo 22:1-2ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 22

4Obaba bethu babekwethemba;

babethemba, wena wabakhulula.

5Bakhala kuwe, bakhululwa;

bethemba wena, abaze bajabha.

Ihubo 22:4-5ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 22

24Ngokuba akadelelanga,

akanengwanga yinhlupheko yohluphekayo;

akamfihlelanga ubuso bakhe,

kepha nalapha ekhala kuye, wezwa.

Ihubo 22:24ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 69

Ukuhlupheka kolungileyo

Kumholi wokuhlabelela. Indlela: Iminduze. ElikaDavide.

1Ngisindise, Nkulunkulu,

ngokuba amanzi afikile emphefumulweni.

2Ngishone odakeni lobishi olujulileyo, kungekho kuma;

ngingene emanzini alutwa;

imisinga iyangicwilisa.

3Ngikhathele ukukhala kwami, umphimbo wami ushile;

amehlo ami ayafiphala ekulindeleni uNkulunkulu wami.

Ihubo 69:1-3ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 69

29Mina kodwa ngihluphekile, ngibuhlungu;

insindiso yakho,

Nkulunkulu mayingilondoloze.

30Ngiyakulibonga ngehubo igama likaNkulunkulu,

ngimphakamise ngokubonga.

31Kuyakuthandeka kuJehova kunenkomo,

kunenkunzi enezimpondo nezinselo.

32Kuyakuthi abayizivi bekubona, bajabule;

nina enifuna uNkulunkulu,

inhliziyo yenu mayiphile.

33Ngokuba uJehova uyabalalela abampofu,

neziboshwa zakhe akazideleli.

Ihubo 69:29-33ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 31

9Yiba nomusa kimi, Jehova,

ngokuba ngiyahlupheka;

iso lami liyafa usizi,

nomphefumulo wami nomzimba wami.

10Ngokuba ukuphila kwami kuphelela osizini,

neminyaka yami ekububuleni;

amandla ami aphelile ngokona kwami,

namathambo ami ancunzekile.

11Ngenxa yezitha zami zonke sengaba yisihlamba,

ikakhulu kubakhelwane bami ngaba ngobesabisayo abangane bami;

abangibona endleleni bayangibalekela.

12Sengakhohlakala enhliziyweni njengofileyo;

nginjengesitsha esifileyo.

13Ngokuba ngikuzwile ukuhleba kwabaningi

ngokwesabisayo nxazonke;

besenza icebo ngami

bahlosa ukubulala umphefumulo wami.

Ihubo 31:9-13ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 130

Umkhuleko wokuthethelelwa nokukhululwa

Igama lokukhuphuka.

1Ngikhala kuwe Jehova

ngisotweni phansi.

2Nkosi, yizwa izwi lami;

izindlebe zakho mazilalele izwi lokuncenga kwami.

3Uma wena Jehova uqaphela iziphambeko,

Nkosi, ngubani ongema na?

4Kepha ukuthethelela kukuwe,

ukuze wesatshwe.

5Ngiyalindela uJehova,

umphefumulo wami uyalinda;

ngiyalethemba izwi lakhe.

6Umphefumulo wami uyalindela iNkosi

kunabalindi belindela ukusa.

7U-Israyeli makamethembe uJehova,

ngokuba umusa ukuJehova,

nokukhulula okuningi kukuye.

8Uyakumhlenga u-Israyeli

eziphambekweni zakhe zonke.

Uma umuntu engaphansi kwengcindezi futhi edinga amandla kanye nenduduzo evela eNkosini, kuvamise ukuba azizwe ephelelwa amandla. Lezi zingxenye zeZifundo ezitholakala kuMahubo zibekwe ndawonye ngaphansi kwezihloko ukukusiza ukuba uthole amavesi eSifundo esifanelekile ezimweni zakho ezithile.

Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU